Isinongo Esanqamula Amazwe
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EHUNGARY
“LESI sitshulu sehl’ esiphundu! Usiyolise ngani?” Ungase usabele ngale ndlela lapho uncoma ubumnandi besitshulu saseHungary. Ukunambitheka kwaso okuhlukile kwenziwa i-paprika, isinongo esenziwe ngopelepele, esanqamula amazwe saze sayofika eHungary.
Umlando ubonisa ukuthi upelepele wadabuka eNingizimu Melika. Izitsha zobumba ezatholakala emathuneni ama-Inca—okukholelwa ukuthi sezinezinkulungwane zeminyaka zikhona—zihlotshiswe ngezithombe zesihlahla sikapelepele. Upelepele uphakathi kokudla okwakungcwatshwa nezidumbu ezomisiwe zama-Inca.
Ezinye izazi-mlando zikholelwa ukuthi udokotela owahamba noColumbus ngomkhumbi waya eMelika wabuya nembewu kapelepele lapho esephindela eSpain ngo-1493. Kunoma ikuphi, iSpain yaba yizwe lokuqala elatshala upelepele eYurophu. Ukusuka lapho, izihlahla zikapelepele zafika eBrithani naseningizimu yeFrance, lapho zazithandwa kakhulu khona njengezihlahla zokuhlobisa kunanjengesinongo noma umthombo wokudla! Kamuva, abahwebi abangamaGreki bathatha izihlahla zikapelepele baziyisa emazweni azungeze iMediterranean noLwandle Olumnyama.
Isihlahla sikapelepele saqala ukwaziwa eHungary kusukela ngekhulu le-16 leminyaka. Elinye lamagama aso elithi, “upelepele waseTurkey,” lisikisela ukuthi kungenzeka safika kithi nabaseTurkey. Kunoma ikuphi, kuze kube namuhla lo pelepele waseHungary obomvu ngokunsundu, onephunga elimnandi nohlwabusayo uyintandokazi yabathandi bezinongo emhlabeni wonke.
Izihlahla zikapelepele zithanda izindawo ezingamathafa, ezinesihlabathi nezithola kakhulu ukukhanya kwelanga. Abalimi baqala ukuvukuza inhlabathi ukuze batshale ngasekupheleni kwehlobo, uma nje kuqedwa ukuvunwa owanyakenye. Ezinye izihlahla zikapelepele zitshalwa ngembewu kanti ezinye zitshalwa ziyizithombo. Izithombo ezizotshalwa kudingeka zibe sendaweni enesimo esilawulwayo, njengendlu yezithombo engenisa kahle umoya. Lapho, izithombo ezincane zithelelwa ngokucophelela, zifakwe isivundisi futhi kusishulwe ukhula. Ngaphambi kokuba ziyotshalwa, zijwayelaniswa nezimo zangaphandle kancane kancane.
Ngemva kwamasonto ayisithupha kuya kwangu-8, sekuyisikhathi sokukhipha izithombo zikapelepele ziyotshalwa emasimini. EHungary lokhu kwenzeka ngasekuqaleni kuka-May. Ngalesi sikhathi izithombo zisuke zisadinga ukunakekelwa kahle—abalimi kufanele bazithelele, bazifuthe futhi bazihlakulele uma befuna ukuvuna upelepele omuhle.
Ukuvuna kuqala ekupheleni kuka-August noma ekuqaleni kuka-September. Upelepele oluhlaza uyashintsha ube bomvu uma usuvuthiwe. Ngaphandle kokuba uvuthwe wonke kanyekanye, kufanele uvunwe ngesandla hhayi ngomshini. Kungakhathaliseki ukuthi kusetshenziswa yiphi indlela yokuvuna, upelepele uzodlula ezinqubweni eziningi zokuwushintsha nokuwuthaka ngaphambi kokuba ufike kuwe. Ngokwesibonelo, ngemva kokuwuvuna, upelepele uphelelwa umswakama omningi, futhi ushukela novithamini C wawo uyancipha.a
Ngemva kokuvunwa, upelepele kufanele uyekwe wome futhi uqhubeke uvuthwa. Indlela evamile yokwenza lokhu ukuwuneka entanjeni. Kodwa namuhla sekujwayelekile ukufaka upelepele emasakeni amade enziwe aba nezimbobo ezingenisa umoya. La masaka alengiswa emgibeni noma engotsheni. Uma usuvuthwe ngokuphelele, upelepele ungagaywa ucoliseke wenziwe isinongo esimnandi esaziwa ngegama laseHungary elisho upelepele—i-paprika.
Ezinye izinhlobo ze-paprika zibaba kakhulu, ikakhulukazi ngenxa yesithako samakhemikhali esibizwa ngokuthi i-capsaicin. Lo mkhiqizo wemvelo usetshenziselwa ngisho nezinjongo zokwelapha, njengokwelapha izinkinga zokugayeka kokudla nobuhlungu bamalunga nemisipha. Kunoma ikuphi, ukunambitheka kwe-paprika okuhlukile—okubabayo noma okukahle—kungenye yezici zayo. Ngasohlangothini lobuhle, umbala i-paprika ewunezela ekudleni uyakhanga emehlweni. Uma ifakwa ekudleni kwezinkukhu, i-paprika iye yasiza ngisho nezikhukhukazi ukuba zizalele amaqanda anesikhupha esigqamile!
Ungathanda yini ukuzwa ukudla okuyoliswe nge-paprika? Kungani ungazami le ndlela yokupheka isitshulu eboniswe ngezansi? Njengoba thina baseHungary sisho, jó étvágyat!—ujabulele ukudla kwakho!
[Umbhalo waphansi]
a Upelepele owodwa ungaba novithamini C ophindwe izikhathi ezinhlanu kuya kweziyisithupha kunewolintshi noma ulamula.
[Ibhokisi ekhasini 11]
ISITSHULU SASEHUNGARY
U-1/4 wekhilogremu lenyama yenkomo engenamathambo, eqotshwe yaba amaqatha amancane
Isipuni esisodwa samafutha
Isigaxa esisodwa sika-anyanisi okahle nje ngobukhulu, oqotshiwe
Izigaxa ezimbili zikagaliki ezinkulu, eziqotshisisiwe
Izipuni ezimbili ze-paprika engababi
Amathisipuni amabili kasawoti
Ikota yethisipuni lezinhlamvu ze-caraway (uma uthanda)
Amazambane amabili alingene nje, ageziwe, acwecwa futhi aqotshwa
Isigaxa esincane se-green pepper, ekhishwe okuphakathi yase iyaqotshwa
Otamatisi ababili abancane, abacwecwiwe, bakhishwa izinhlamvu basikwa
Amagremu ayikhulu ama-noodle amaqanda omisiwe
Shisisa amafutha ngebhodwe lesitshulu, bese ufaka u-anyanisi. Wuthose uze uthambe. Faka ugaliki ne-paprika bese uyagoqoza uthele amanzi amancane uma kudingeka ukuze kungashi. Faka inyama nosawoti, ugoqoze. Vala ibhodwe ukuyeke kubhadle kancane. Bese ulokhu ugoqoza, uthele amanzi kuphela uma kudingekile ukuze kungashi. Faka izinhlamvu ze-caraway, uma uthanda. Uma inyama isithambile, faka i-green pepper, utamatisi namalitha amabili amanzi. Vala, ukuyeke kubhadle kancane imizuzu engu-15. Faka amazambane ukuyeke kubhadle kancane kuze kuvuthwe amazambane (imizuzu engu-10 kuya kwengu-15). Vuvuzela usawoti ukuze kube mnandi. Kuphake kushisa nama-noodle amaqanda aphekwe wodwa eceleni. Ungaphakela abantu abane kuya kwabayisithupha.