Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 8/8 k. 31
  • Amabhomu Agqitshwayo—Usongo Lwembulunga Yonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amabhomu Agqitshwayo—Usongo Lwembulunga Yonke
  • I-Phaphama!—1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindleko Zamabhomu Agqitshwayo
    I-Phaphama!—2000
  • Ukulengela Egodini
    I-Phaphama!—2000
  • Indlela Izingane Ezikhungathekiswa Ngayo Impi
    I-Phaphama!—1997
  • Ukwesaba—Kuvamile Manje Kodwa Ngeke Kuhlale Phakade!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 8/8 k. 31

Amabhomu Agqitshwayo—Usongo Lwembulunga Yonke

NYANGA zonke emazweni angaphezu kwangu-60 izinkulungwane zamadoda, abesifazane, nezingane ezingenacala ziyagogeka, futhi ezinye zibulawe, amabhomu agqitshwayo. Kulinganiselwa ukuthi amabhomu agqitshwayo enzelwe impi aye abulala noma alimaza abantu abaningi kunezimpi zezikhali zamakhemikhali, ezibulala ukuphila, nezenuzi. Ngokwenhlangano yocwaningo i-Human Rights Watch, abantu abangaba ngu-30 000 baye bagogwa amabhomu agqitshwayo eCambodia kuphela.

Leziziqhumane ezincane ziye zagqitshwa phansi ezimpini ezihlukahlukene, futhi eziningi zazo azikakasuswa. Kulinganiselwa ukuthi kunezingaba izigidi eziyikhulu ezisagqitshwe emazweni angaphezu kuka-60. Zingaqhuma ngokunyathelwa nje kuphela futhi ziyathandwa empini ngoba azibizi futhi zinamandla. Olunye uhlobo lubiza amaRandi ayishumi kuphela. Olunye, oluphehla amabhola ensimbi angu-700 futhi olukwazi ukubulala ebangeni elingamamitha angu-40, lubiza amaRandi angu-93 kuphela. I-New York Times ibika ukuthi lamabhomu afuneka kakhulu kangangokuthi amazwe angu-48 enza futhi athengise izinhlobo zawo ezihlukahlukene ezingu-340. Futhi usuku ngalunye kugqitshwa amaningi ukudlula lawo athenwa amandla emikhankasweni yokuvundulula amabhomu agqitshwayo.

Ukuvundulula amabhomu agqitshwayo kunzima futhi kuyabiza, njengoba amabutho amaningi engenayo imibhalo yezindawo okugqitshwe kuzo lamabhomu; futhi amabhomu amaningi agqitshwayo enziwa ngokhuni, ipulasitiki, nezinye izinto ezingatholakali ngemishini ethungatha insimbi. Isigele sase-United States uPatrick Leahy, esanxusa ukuba kuvinjelwe ukuthunyelwa ngaphandle kwalezizikhali, sathi: “ENetherlands, abantu basabulawa amabhomu agqitshwa iJalimane ngeMpi Yezwe II. Cabanga ukuthi isimo sibi kakhulu kangakanani e-Afghanistan, eCambodia, e-Angola, eBosnia nakuwo wonke amanye amazwe anamabhomu amaningi agqitshiwe.”

Izwe elisha elizayo likaNkulunkulu kuphela eliyoxazulula izinkinga ezinjalo. IZwi lakhe liyathembisa: “[UNkulunkulu] uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.”—IHubo 46:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela