Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 10/15 kk. 5-8
  • Ukwesaba—Kuvamile Manje Kodwa Ngeke Kuhlale Phakade!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwesaba—Kuvamile Manje Kodwa Ngeke Kuhlale Phakade!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwesaba Impi Okufanelekile
  • Ukoniwa Okwengeziwe Komhlaba Nokuphila Okukuwo
  • Ingabe Kuzoba Kubi Kakhulu Noma Kuzoba Ngcono?
  • Izindleko Zamabhomu Agqitshwayo
    I-Phaphama!—2000
  • Amabhomu Agqitshwayo—Usongo Lwembulunga Yonke
    I-Phaphama!—1994
  • Ukulengela Egodini
    I-Phaphama!—2000
  • Indlela Izingane Ezikhungathekiswa Ngayo Impi
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 10/15 kk. 5-8

Ukwesaba—Kuvamile Manje Kodwa Ngeke Kuhlale Phakade!

ABAFUNDI beZwi likaNkulunkulu akubamangazi ukuthi ukwesaba kuvame kakhulu. Njengoba oFakazi BakaJehova beye bamemezela kabanzi enkonzweni yabo, kunobufakazi obuningi bokuthi siphila esikhathini esiphawuliwe emlandweni wesintu. Uyazi ukuthi lesi sikhathi siphawuleka ngokwesaba okusakazekile. Kodwa kudala uJesu waphawula, noma wakhomba, esikhathini sethu. Wayephendula imibuzo yabaphostoli ephathelene nokuba khona kwakhe nesiphelo sesimiso sezinto, noma ‘ukuphela kwezwe.’—Mathewu 24:3.

Nansi ingxenye yalokho uJesu akubikezela:

“Isizwe siyovukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; futhi kuyoba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, futhi ezindaweni ngezindawo kube khona izifo eziwumshayabhuqe nokuswelakala kokudla; futhi kuyoba khona imibono eyesabekayo futhi ezulwini kube khona izibonakaliso ezinkulu.”—Luka 21:10, 11.

Ukuqaphelile yini ukukhuluma kwakhe ‘ngemibono eyesabekayo’? Kamuva kuleyo mpendulo efanayo, uJesu waphawula okunye okubalulekile okuphathelene nokwesaba okungase kuthinte wena nabathandekayo bakho ngokuqondile nangokuwujuqu. Kodwa ngaphambi kokuba sinakekele lokho, ake sibukeze kafushane obunye ubufakazi obengeziwe bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina.—2 Thimothewu 3:1.

Ukwesaba Impi Okufanelekile

Izingxabano zempi ziye zashiya izingxenye eziningi zomhlaba ziyincithakalo. Ngokwesibonelo, umagazini i-Geo wabiza imithombo kawoyela eyashiywa ivutha ekupheleni kwempi yamuva nje eMpumalanga Ephakathi ngokuthi “inhlekelele yendawo ezungezile enkulu kunazo zonke ezake zabangelwa isandla somuntu.” Izimpi ziye zabulala noma zakhubaza amashumi ezigidi zabantu. Ngaphezu kwezigidi zamabutho nezakhamuzi ezafa eMpini Yezwe I, kwafa izigidi ezingu-55 eMpini Yezwe II. Khumbula ukuthi njengengxenye yesibonakaliso sokuthi ukuphela kwezwe kusondele, uJesu wathi “isizwe [sa]siyovukela isizwe, nombuso uvukele umbuso.”

Futhi asinakuyishaya indiva imizamo yomuntu yokuqothulwa kohlanga—ukubhujiswa kwalo lonke uhlanga noma iqembu elithile labantu. Ukufa kwezigidi zabantu base-Armenia, baseCambodia, amaJuda, abaseRwanda, abase-Ukraine, nabanye kuye kwanezela ecaleni legazi lesintu elishaqisayo phakathi nekhulu lama-20. Ukucekelwa phansi kokuphila kuyaqhubeka emazweni lapho inzondo engokohlanga ikhuthazwa khona izishisekeli zenkolo ezeqisayo. Yebo, izimpi zisabangela ukuchitheka kwegazi labantu okukhulu emhlabeni.

Izimpi zanamuhla ziba nezisulu eziningi ngisho nangemva kokuba ukulwa sekuphelile. Ngokwesibonelo, cabanga ngokutshalwa kwamabhomu agqitshwayo okungakhethi. Ngokombiko wenhlangano yocwaningo i-Human Rights Watch, “iziqhumane ezingaba izigidi ezingu-100 emhlabeni wonke zisongela izakhamuzi.” Iziqhumane ezinjalo ziyaqhubeka ziyingozi emadodeni, abesifazane, nezingane abangenacala isikhathi eside ngemva kokuba isiphelile impi ezazisetshenziswa kuyo. Kuthiwa inyanga ngayinye izinkulungwane zigogwa noma zibulawe amabhomu agqitshwayo emazweni angaphezu kwangu-60. Kungani lolu songo olubulalayo nolugogayo lungasuswa ngendlela ehleliwe? I-New York Times yaphawula: “Kuneziqhumane eziningi kakhulu ezitshalwayo usuku ngalunye kunezithenwa amandla emikhankasweni yokususa iziqhumane, ngakho kancane kancane inani lezisulu liyakhuphuka.”

Leso sihloko sephephandaba lango-1993 sabika ukuthi ukuthengisa lezi ziqhumane kuye kwaba ibhizinisi ‘elikhokhela kuze kufike kuma-dollar ayizigidi ezingu-200 [amaRandi ayizigidi ezingu-725] minyaka yonke.’ Kuhilela “izinkampani nezinhlangano zohulumeni ezingaba ngu-100 emazweni angu-48” ‘ebezilokhu zithumela kwamanye amazwe izinhlobo ezihlukahlukene ezingu-340’ zeziqhumane. Okubonisa ubudeveli ukuthi, ezinye iziqhumane ziklanywe ngendlela yokuba zibukeke njengamathoyizi ukuze zikhange ezinganeni! Cabanga nje, ukuhlosa ukugoga nokubhubhisa izingane ezingenacala ngamabomu! Ingosi yomhleli enesihloko esithi “Iziqhumane Ezithukusiwe Eziyizigidi Ezingu-100” yathi iziqhumane ziye “zabulala noma zagoga abantu abaningi kunempi elwiwa ngezisi ezinamakhemikhali, elwiwa ngamagciwane abulalayo, neyenuzi.”

Kodwa amabhomu agqitshwayo akuwona kuphela awumkhiqizo obulalayo othengiswa ezimakethe zezwe. Abathengisi bezikhali abahahayo baqhuba ibhizinisi elingenisa izigidigidi zamaRandi emhlabeni wonke. I-Defense Monitor, eyanyatheliswa i-Center for Defense Information, iyabika: “Kulo lonke ishumi leminyaka elidlule [izwe elithile elivelele] lathumela kwamanye amazwe izikhali ezinenani elingama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-135 [amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-490].” Lelizwe elinamandla labuye “lagunyaza ukuthengiswa kwezikhali, okokuhlela impi, nokuqeqeshwa kwamazwe angu-142 okungama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-63 [amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-228] ashaqisayo.” Ngaleyo ndlela kutshalwa imbewu yempi nokuhlupheka kwabantu kwesikhathi esizayo. Ngokwe-Defense Monitor, ‘ngo-1990 kuphela, izimpi zagcina abantu abayizigidi ezingu-5 belwa, kwadla ama-dollar angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-50 [amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-180], futhi kwabulala ingxenye eyodwa kwezine yabantu abayisigidi, iningi labo kuyizakhamuzi.’ Ngokuqinisekile ungacabanga ngezimpi eziningi eziye zadlanga kusukela ngalowo nyaka, ziletha ukwesaba nokufa ezigidini eziningi ezengeziwe!

Ukoniwa Okwengeziwe Komhlaba Nokuphila Okukuwo

UProfesa Barry Commoner uyaxwayisa: “Ngikholelwa ukuthi ukungcoliswa komhlaba okuqhubekayo, uma kungavinjwa, ekugcineni kuzokwenza leplanethi ingabe isakufanelekela ukuba indawo yokuphila komuntu.” Uqhubeka athi inkinga ayikona ukungazi kodwa ukuhaha kwangamabomu. Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu wethu onokulunga nothando uyosibekezelela phakade lesi simo, esiyekelela ekwesabeni okwengeziwe ukungcola? Ukuphangwa komhlaba kufuna ukuba abaphangi bawo balandise bese iplanethi ivuselelwa ngokwaphezulu. Lokho kuyingxenye yalokho uJesu akhuluma ngakho empendulweni yakhe kubaphostoli ephathelene ‘nokuphela kwezwe.’

Ngaphambi kokuba sicabangele indlela uNkulunkulu ayokwenza ngayo laba baphangi balandise, ake siqhubeke sihlole umlando womuntu. Ngisho nohlu olungaphelele lokungcolisa komuntu luyadabukisa: imvula ene-acid nemikhuba yokugawula imithi ngokuhaha ebhubhisa amahlathi wonke; ukulahlwa ngokunganaki kwemfucumfucu yenuzi, amakhemikhali anobuthi, nendle engasetshenziwe; ukwenziwa buthaka kongqimba lwe-ozone oluvikelayo; nokusetshenziswa budedengu kwezinto zokubulala ukhula nezinambuzane.

Izithakazelo zezentengiselwano zingcolisa umhlaba ngezinye izindlela ngenxa yenzuzo. Amathani amaningi emikhiqizo engasenamsebenzi alahlwa nsuku zonke emifuleni, ezilwandle, emoyeni, nasemhlabathini. Ososayensi bangcolisa amazulu ngemfucumfucu yasemkhathini, bengacoci lapho bengcolise khona. Ngokushesha kwakheka isiyingi senqwaba yemfucumfucu ezungeza umhlaba. Ukube kwakungengenxa yezinqubo zemvelo uNkulunkulu azenza ukuze umhlaba ukwazi ukuzivuselela, ikhaya lethu elingumhlaba belingeke likusekele ukuphila, futhi cishe umuntu ubeyobe ekade abulawa ukucinaniswa imfucumfucu yakhe siqu.

Umuntu uyazingcolisa ngisho naye ngokwakhe. Ngokwesibonelo, cabanga ngokusetshenziswa kukagwayi nezinye izidakamizwa. E-United States, ukusetshenziswa kabi okunjalo kwalezo zinto kuye kwabizwa ngokuthi “inkinga yezwe eyinhloko engokwempilo.” Kulahlekisela lelozwe ama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-238 (amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-863) minyaka yonke, ama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-34 (amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-123) kulemali asetshenziswa ‘ekunakekelweni kwempilo okungadingekile [okungukuthi, okungase kugwenywe].’ Ucabanga ukuthi ugwayi udla malini futhi ubulala abantu abangaki lapho uhlala khona?

Izindlela zokuphila eziyekelelayo nezinhlanhlathayo, abaningi abaphikelela ngokuthi zilungile, ziye zathela isivuno esethusayo sezifo ezidluliselwa ngobulili ezibulalayo, ezibulala abaningi besebancane. Kuye kwaphawulwa ukuthi manje izingosi zezaziso zabashonile zamaphephandaba amadolobha amakhulu sezibonisa inani elandayo labafa beseminyakeni yawo-30 nawo-40. Ngani? Ngokuvamile kungenxa yokuthi ngokushesha babhekana nemiphumela ebhubhisayo yemikhuba yabo. Ukwanda okunjalo okudabukisayo kwezifo zobulili nezinye nakho kuyangena esiprofethweni sikaJesu, ngoba wathi “ezindaweni ngezindawo [kwakuyoba] khona izifo eziwumshayabhuqe.”

Nokho, ukungcoliswa okubi kunakho konke okwengqondo yomuntu nomoya, noma isimo sakhe sengqondo. Uma ubukeza zonke izinhlobo zokungcola esikhulume ngazo kuze kube manje, akulona yini iqiniso ukuthi iningi lazo liwumphumela wezingqondo ezingcolile? Ake ubheke nje umonakalo izingqondo ezonakele eziwubangelayo ngokubulala, ukudlwengula, ukuphanga, nezinye izinhlobo zobudlova ezenziwa umuntu komunye. Futhi abaningi bayaqaphela ukuthi ukukhishwa kwezisu okuyizigidi okwenziwa minyaka yonke kuwuphawu lokungcola ngokwengqondo nangokomoya.

Sibona okuningi esimweni sengqondo sentsha. Ukungahloniphi igunya labazali namanye amagunya kunengxenye ekuwohlokeni kwemikhaya nokudelelwa komthetho nokuhleleka. Lokhu kuntuleka kokwesaba igunya okunempilo kuhlangene ngokuqondile nokuntula kwentsha ingokomoya. Ngakho-ke, banecala elikhulu labo abafundisa ukuziphendukela kwemvelo, ukungakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, nezinye izinkolelo-mbono ezibulala ukholo. Abanye futhi abanecala abafundisi benkolo abaningi, abaye balifulathela iZwi likaNkulunkulu, ukuze bamukelwe njengabayisimanje ‘nabakahle.’ Bekanye nabanye abathonywe ukuhlakanipha kwezwe bafundisa amafilosofi abantu aphikisayo.

Namuhla imiphumela isobala. Abantu abaqhutshwa neze uthando ngoNkulunkulu nomunye umuntu, kodwa baqhutshwa ukuhaha nenzondo. Izithelo ezimbi ziwukuziphatha okubi, ubudlova, nokungabi nathemba okusakazeke kabanzi. Ngokudabukisayo, lokhu kushiya abantu abathembekile besaba, besaba nokuthi umuntu uzozibhubhisa yena ngokwakhe neplanethi.

Ingabe Kuzoba Kubi Kakhulu Noma Kuzoba Ngcono?

Ikusasa eliseduze lisiphatheleni ngokuphathelene nokwesaba? Ingabe ukwesaba kuzoqhubeka kwanda, noma ingabe kuzonqotshwa? Ake siphinde siphawule lokho uJesu akutshela abaphostoli bakhe.

Wakhomba kokuthile okuzokwenzeka esikhathini esizayo esiseduze—usizi olukhulu. Nanka amazwi akhe: “Masinyane ngemva kosizi lwangalezozinsuku ilanga liyokwenziwa libe mnyama, futhi inyanga ngeke ikunikeze ukukhanya kwayo, futhi izinkanyezi ziyowa ezulwini, namandla amazulu ayonyakaziswa. Khona-ke isibonakaliso seNdodana yomuntu siyobonakala ezulwini, khona-ke zonke izizwana zomhlaba ziyozishaya zilila, futhi ziyobona iNdodana yomuntu iza iphezu kwamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.”—Mathewu 24:29, 30.

Ngakho singalindela ukuthi ngokushesha usizi olukhulu luzoqala. Ezinye iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi ingxenye yalo yokuqala izoba ukuphindisela enkolweni yamanga embulungeni yonke. Khona-ke kuyoba nezenzakalo ezishaqisayo ezisanda kucashunwa, kuhlanganise nezenzakalo ezithile ezingavamile zasemkhathini. Uyoba yini umphumela ezigidini zabantu?

Nokho, cabangela ukulandisa okufanayo kwempendulo kaJesu, lapho sithola khona amazwi esiprofetho acace kakhudlwana:

“Kuyoba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini, futhi emhlabeni kube khona usizi lwezizwe, zingayazi indlela yokuphuma ngenxa yokuduma kolwandle nokuyaluza kwalo, kuyilapho abantu beba nesinxi ngenxa yokwesaba nokulindela izinto ezehlela umhlaba owakhiweyo; ngoba amandla amazulu ayonyakaziswa.”—Luka 21:25, 26.

Lokho kuseza. Kodwa akubona bonke abantu ngaleso sikhathi abayokwesaba kangangokuba babe nesinxi. Ngokuphambene, uJesu wathi: “Njengoba lezizinto ziqala ukwenzeka, yimani niqonde futhi niphakamise amakhanda enu, ngoba ukukhululwa kwenu kuyasondela.”—Luka 21:28.

Wabhekisa lawo mazwi akhuthazayo kubalandeli bakhe beqiniso. Kunokuba babe nesinxi noma bakhonkobaliswe ukwesaba, babeyoba nesizathu sokuphakamisa amakhanda abo ngokungesabi, ngisho noma bazi ukuthi umvuthwandaba wosizi olukhulu wawuseduze kakhulu. Kungani babengeke besabe?

Kungenxa yokuthi iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi kuyoba nabasindayo kulo lonke lolu ‘sizi olukhulu.’ (IsAmbulo 7:14) Ukulandisa okuthembisa lokhu kuthi uma siphakathi kwabayosinda, singajabulela izibusiso ezingenakuqhathaniswa ezivela esandleni sikaNkulunkulu. Kuphetha ngesiqinisekiso sokuthi uJesu ‘uyobelusa, futhi uyobaqondisa emithonjeni yamanzi okuphila. Futhi uNkulunkulu uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo.’—IsAmbulo 7:16, 17.

Labo—nathi singase sihlanganiswe—abajabulela izibusiso ezinjalo ngeke babe nalokhu kwesaba okuhlupha abantu namuhla. Nakuba kunjalo, lokho akusho ukuthi ngeke babe nakho nhlobo ukwesaba, ngoba iBhayibheli liyabonisa ukuthi kukhona ukwesaba okuhle nokunempilo. Isihloko esilandelayo sizocabangela ukuthi kuyini lokhu kwesaba nokuthi kufanele kusithinte kanjani.

[Isithombe ekhasini 8]

Abakhulekeli bakaJehova balindela ngenjabulo izwe elisha elizayo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 7]

Pollution: Photo: Godo-Foto; rocket: U.S. Army photo; trees burning: Richard Bierregaard, Smithsonian Institution

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela