Wake Wazibuza Yini?
IYIPHI enye yezinkinga eziyinhloko ehlukanisa amaSulumane namaJuda ezinkolweni zeLobukholwa? Imfundiso “kaZiqu-zintathu Ongcwele.” Ithini lemfundiso engenakuphikiswa? UZiqu-zintathu wachazwa eSivumweni Sokholo Sika-Athanasius ngokuthi ukukhulekelwa “kukaNkulunkulu oyedwa onguZiqu-zintathu . . . UYise unguNkulunkulu, iNdodana inguNkulunkulu, noMoya Ongcwele unguNkulunkulu; kodwa ababona onkulunkulu abathathu, kodwa banguNkulunkulu oyedwa.” Ngamunye kuthiwa ungowaphakade, ungumninimandla onke, akekho omkhulu noma omncane kunomunye; ngamunye kuthiwa unguNkulunkulu, kodwa sebebonke banguNkulunkulu oyedwa kuphela. Izazi zemfundiso yenkolo zikuchaza ngokuthi kuyimfihlakalo.
Kukhona yini iBhayibheli elikushoyo ngoZiqu-zintathu?a Imibuzo elandelayo ingase ikuholele eziphethweni ezithakazelisayo. Izimpendulo zeBhayibheli zitholakala ekhasini 12.
1. Uma uNkulunkulu enguZiqu-zintathu futhi ebelokhu enguye, ingabe amaJuda ayithola leyomfundiso emiBhalweni YesiHeberu (“eTestamenteni Elidala”)?
2. ImiBhalo YesiHeberu ithini ngoNkulunkulu?—Duteronomi 6:4; IHubo 145; Zakariya 14:9.
3. ImiBhalo YesiHeberu iyakhuluma yini ngomoya ongcwele?—AbaHluleli 15:14; Zakariya 4:6.
4. EmiBhalweni YesiHeberu, ingabe umoya ongcwele kuthiwa ungumuntu noma ungamandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku?—AbaHluleli 14:6; Isaya 44:3.
5. Ingabe imiBhalo YesiHeberu iyakhuluma ngoMesiya, noma Ogcotshiwe?—Daniyeli 9:25, 26.
6. Ingabe ukhona umbhalo emiBhalweni YesiHeberu othi uMesiya noNkulunkulu bayalingana?—IHubo 2:2, 4-8; Isaya 45:18; 61:1.
7. Ingabe ukhona umbhalo wesiHeberu onikeza ubufakazi obuphathekayo bokukholelwa ukuthi uJehova ungabantu abathathu kuNkulunkulu oyedwa?—Isaya 44:6; 46:9, 10.
8. Ubani owathumela uJesu emhlabeni? Ngakho-ke ubani omkhulu?—Johane 5:19, 23, 30; 8:42; 14:28; 17:3.
9. Ingabe uJesu wake washo ukuthi unguNkulunkulu?—Johane 7:28, 29; 14:6.
10. Abaningi bambona uJesu, kodwa ingabe ukhona umuntu oke wabona uNkulunkulu?—Johane 1:18; 6:46.
11. Ingabe uJesu wathi ‘uyiNdodana kaNkulunkulu’ noma wathi ‘unguNkulunkulu iNdodana’?—Johane 10:36; 1 Johane 4:15; 5:5, 13.
12. Ingabe uJesu wake wathi uyalingana noYise?—Johane 14:28; 20:17.
13. Ingabe amazwi athi “mina noBaba simunye” afakazela uZiqu-zintathu?—Johane 10:30; 17:21; Mathewu 24:36.
14. Abafundi bokuqala babembheka kanjani uJesu?—Johane 1:29, 34, 41, 49; 6:69; 1 Korinte 11:3.
15. UNkulunkulu wayembheka kanjani uJesu?—Marku 9:7; Luka 2:9-11.
16. Ingabe imiBhalo YesiGreki (“iTestamente Elisha”) iyaphikisana nemiBhalo YesiHeberu mayelana nokuba komoya ongcwele amandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku?—Mathewu 3:11; Luka 1:41; Johane 14:26; IzEnzo 1:8; 4:31; 10:38.
17. Ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, wayekuphi uYise, iNdodana, nomoya ongcwele? Ingabe babebathathu koyedwa?—Mathewu 3:16, 17.
18. Isiphi isikhundla uJesu ovusiwe anaso emazulwini?—IzEnzo 7:55, 56; Roma 8:34; Kolose 3:1; Heberu 12:2.
19. Ngubani owanikeza uJesu lesosikhundla esiphakeme?—Filipi 2:9-11.
20. Ingabe lokho kwenza uJesu abe uNkulunkulu noma abe ongaphansi kukaNkulunkulu kuphela endaweni yonke?—1 Korinte 11:3; Filipi 2:9-11.
21. Ngubani oyiNkosi enguMbusi Wendawo Yonke?—Duteronomi 3:24; IzEnzo 4:24-27; 1 Korinte 15:28.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukuqonda okuningiliziwe ngalendaba, siza ubheke incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo, amakhasi 369-70 no-416-37, ekhishwa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., nencwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, ekhishwa i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.