Intsha Yanamuhla—Ingabe Iyizisulu Ezithonyeka Kalula
Zokukhulekelwa Kukasathane?
“UKUKHULEKELWA kukaSathane kuyanda entsheni,” kubika iphephandaba laseFinland lika-February 27, 1993. Ngokusho kokwaziswa okwatholwa amaphoyisa aseTampere, eFinland, izigebengu ezazihileleke ekuthengisweni kwezidakamizwa zingenisa intsha, ikakhulukazi amantombazane, ekukhulekeleni kobusathane. Ezimweni eziningi lezizisulu kanye nabasanda kujoyina kusuke kuyizingane ezineminyaka esukela kweyishumi kuya kwengu-15 ubudala. “Ukukhulekelwa kukaSathane kuye kwathola umhlabathi uvundile phakathi kwentsha eyeve eshumini nambili,” kubika leliphepha.
“Ukufika okusha kokukhulekelwa kukaSathane akuwona umkhuba wakulendawo (yaseFinland) kuphela,” kuxwayisa leliphepha. “Ngokwesibonelo, umagazini waseNingizimu Afrika i-Star saseGoli usanda kuxwayisa ngokuthi ukukhulekelwa kukaSathane kuthonya intsha yabamhlophe emi kahle yakulelizwe.” Ngempela, ukukhulekela kobusathane kuyimpicabadala yomhlaba wonke kubazali nasezinganeni.
Empeleni, ukukhulekelwa kukaSathane kukuthembisa ngenkohliso ukuthi uzothola okuningi ngokuncane. “Khulekela udeveli; yenza imisebenzi yakhe engamanyala, naye uzokunika lokho okufunayo. Yingakho-ke ezinye izingane zithola ukukhulekelwa kukaSathane kukhanga kangaka,” kuchaza umagazini i-’Teen.
“Mina ngikholelwa ekuphileni ukuphila okugcwele,” kusho omusha oneminyaka eyeve eshumini nambili okuvumayo ukuthi uyilungu leqembu lobusathane. “Ngibona kunamandla akabili emvelweni: amahle namabi. Zonke lezizinto abantu abathi zimbi yizo ezijabulisayo. Izono ziholela ekwanelisekeni ngokomzwelo, ngokwenyama nangokwengqondo,” esho.
Lapho omunye umseshi waseDenver, eColorado, e-U.S.A., onguchwepheshe kwezamahlelo obusathane, ebuzwa ukuthi kungani ecabanga ukuthi intsha ithambekele ekukhulekelweni kukaSathane, waphendula: “Ngeke ngikukhohlwe lokho omunye umkhulekeli kaSathane osemusha angitshela khona. Wathi, ‘Umuntu uphilelani? Sizophilela okwanamhlanje futhi senze esikufunayo. Ikusasa alikho.’”
UDkt. Khalil Ahmad, ongumqondisi wezinkonzo zabasha eNova Scotia Hospital eDartmouth, eCanada, waveza owakhe umbono mayelana nalelihuha lokukhulekelwa kukaSathane. “Intsha ifuna injabulo. Leyo engenazinqumo ekuphileni, ngokuvamile eyizehluleki, yiyo ekhangwa [ubusathane]. Kuyinikeza umuzwa ongamanga wokuthi inamandla.”
Esinye isikhulu samaphoyisa esaziwayo kwezokukhulekelwa kukaSathane, esingumseshi waseSan Francisco, siyihlaba esikhonkosini inkinga: “Izwe esikulo liyindawo engenaluzwela. Sizikhathalela kakhulu thina ngokwethu kunabanye. Siphila emphakathini onobudlova, onenkani. Izingane lokho zikubheka njengendlela evamile yokuphila ngenxa yalokho zibe sezidonsekela ekukhulekelweni kukaSathane.”
Intsha yanamuhla ihileleke kangakanani ekukhulekelweni kukaSathane? “Izingane zizibulala zona zibulale nabangane bazo. Sinenkinga,” kuxwayisa uLarry Jones, umongameli we-Cult Crime Impact Network nongusayitsheni embuthweni wamaphoyisa aseBoise, e-Idaho, e-U.S.A. Esinye isikhulu samaphoyisa, sasezweni lase-Illinois, esiphenya ngokukhulekelwa kukaSathane emkhakheni waso njengomeluleki wasemaphoyiseni, sathi amaphesenti angu-90 entsha egcobhoza ekukhulekelweni kukadeveli ihileleka kukho ngoba kusemfashinini, kodwa amaphesenti ayishumi “abambeka unomphela futhi angena angabe asaphuma.”
Elinye iphephandaba lezikole laseBrooklyn, eNew York, i-School News Nationwide, ka-January-February-March 1994, ohlwini lwalo oluthi “Inkolo,” lakhipha isihloko esasithi “Isizathu Sokuba Ukukhulekelwa KukaSathane Kuhehe Kwabeve Eshumini Nambili.” Labika: “Ngemva kokulwa endaweni yokudlela yesikole, lowo onqobile wagxuma wabheka phezulu washaya uphawu lwendesheni olungavamile, okuyisibhakela esinonkomba nocikicane kubheke phezulu. Uthisha wezobuciko wayehluleka ukuqonda ukuthi kungani izingane eziningi zazidweba izithombe zabantu abanamakhanda ezimbuzi abafana namademoni. Futhi izincwadi ezikhuluma ngemimoya zazilokhu zinyamalala emtatsheni wezincwadi wesikole.
“Eqinisweni, izingane zazichukuluza amandla, umlingo, nokuba yimfihlo kokukhulekelwa kukaSathane. Kwabaningi, kwakujabulisa futhi kumnandi. Kwabanye, kwakungathi sína—kwakungathi sína kangangokuthi uLloyd Gamble oneminyaka engu-17 wafa—walahlekelwa ukuphila kwakhe enziwa umhlatshelo wobusathane.
“Ngemva kokufa kukaLloyd nokuboshwa komfowabo oneminyaka engu-15 ngenxa yalokhu kubulala, abantu abadala baseMonroe county bakwazi ukuziqonda izimpawu ezazikade ziyimfihlo ekuqaleni: ‘uphawu lukadeveli’ lwesandla, izithombe zekhanda lembuzi kanye nezincwadi ezazithuthukisa ukucabanga kwalentsha, nemikhuba nemilingo.”
Kubonakala ingenamkhawulo imibiko yabangakevi eshumini nambili kanye nabevile kulo ababulala abazali babo namanye amalungu emikhaya yabo ngenxa yokukhulekelwa kukaSathane. Izingane ziye zabulawa ezinye izingane ezenzweni ezinjalo. Njengabantu abadala abanobusathane, nezingane ziye zalimaza futhi zabulala izilwane. Izilwane ezifuyiwe ekhaya ziye zenziwa umhlatshelo e-altare lemikhuba yobusathane. Akunasikhala esanele sokuba kubhalwe ngisho nengxenyana yesihluku esenziwa izingane esezamukele lenkolo yokukhulekelwa kukaDeveli.
Ingabe lokhu kumane nje kuyizibonelo zezingane ezizidlalela ngokukhulekelwa kukaSathane? Ingabe labo abangene shí ekukhulekelweni kukaDeveli bambalwa, bayivelakancane? Akunjalo, ngokwempendulo yalabo abaye bahlola ngalababenzi bemilingo. UDavid Toma, owayekade engumseshi osewaba isikhulumi esigqugquzela intsha, wathi kunoma isiphi isikole akhuluma kuso, ubuza umbuzo ofanayo, “Bangaki kini zingane abazi othile noma abake bezwa ngothile ohileleke emikhubeni yokukhulekelwa kukaSathane?” Ulinganisela ekutheni “ingxenye eyodwa egcwele kwezintathu yabafundi iphakamisa izandla.”
Ngokusho kukaShane Westhoelter, umongameli we-National Information Network, kusukela emaphesentini angu-30 kuya kwangu-40 abafundi basesikoleni esiphakeme bahileleke ohlotsheni oluthile lokusetshenziswa kwemimoya. Ngaphezu kwalokho, uWesthoelter uyavuma ukuthi cishe amaphesenti angu-70 abo bonke ubugebengu obenziwa intsha engaphansi kweminyaka engu-17 ashukunyiswa ukuhileleka ekusetshenzisweni kwemimoya.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ukukhulekelwa kukaSathane kuye kwathola umhlabathi uvundile phakathi kwentsha yanamuhla