Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 10/8 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkampani Kajantshi Iphoqeleka Ukuba Ihoxe
  • Isifo SikaChagas Nokuhwebelana Ngegazi
  • Izinto Eziyingozi Kubantwana
  • Impikiswano Yobhapathizo
  • Ukushisekela Unobhutshuzwayo Ngokweqile
  • UbuTao Buyanda
  • Izindleko Zokugwema Inhlekelele
  • Ubani Owambona Kuqala?
  • “Ukubhema Uketshezi Lwesele” Kulandela “Ukukhotha Uketshezi Lwesele”
  • Umdlavuza Uyanda Kwabesifazane BaseFrance
  • Ukuncipha Kwamasonto ENetherlands
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Basakaza Ukufa?
    I-Phaphama!—1988
  • Ugwayi—Ingabe Uyawenqaba?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukuphila Okuyizigidi Kuyabhujiswa
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 10/8 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Inkampani Kajantshi Iphoqeleka Ukuba Ihoxe

Lapho inkampani ethile kajantshi eBrazil isungula isimiso esisha sokuqeqeshela onogada bayo ukusebenzisa izibhamu, ababili bezisebenzi zayo babhekana nenkinga kanembeza. NjengoFakazi BakaJehova abaphila ngesimiso seBhayibheli sokuba ‘bangabe besafunda ukulwa,’ baba nomuzwa onamandla wokuthi kwakuyoba iphutha ukuba bamukele ukuqeqeshelwa ukusebenzisa izikhali ezibulalayo. (Isaya 2:4) Baxoshwa ngokushesha ngenxa “yokungazithobi” kwabo ngokuthatha lokho kuma. Lenkampani kajantshi yenqaba ngisho nesicelo sabo sokuba bagcine izikhundla zabo zangaphambili futhi bayeke lesisimiso sokuqeqeshwa nokukhushulwa esikhundleni okwakuhambisana naso. Nokho, uMthetho-sisekelo waseBrazil uthi: “Inkululeko kanembeza nokukhulekela ayinakwephulwa, kuqinisekiswa ukusebenzisa inkolo ngokukhululekile, ngokomthetho.” I-Regional Labor Court yabeka lenkampani icala lokuxosha lamadoda amabili ngaphandle “kwesizathu esingokomthetho” futhi yaphoqelela lenkampani ukuba iwakhokhele imbuyiselo yawo ewafanele.

Isifo SikaChagas Nokuhwebelana Ngegazi

Isifo sikaChagas, esibangelwa igciwane elithile futhi siholele ekuhlaselweni inhliziyo ngemva kokuthula iminyaka eminingi, manje sihlasela abantu baseLatin America abangaba izigidi ezingu-18. Ngokuvamile sidluliselwa ngokumpontshelwa kwegazi elingahlolisiswanga. I-Bolivian Times yachaza muva nje: “Esinye sezizathu ezenza ukuba leligazi lingahlolwa kuzo zonke izimo kungenxa yokuthengiswa kwalo okwenziwa emhlabeni wonke. Ukuhlolwa nokuhlaziywa kwanoma iziphi izifo ezisegazini kunciphisa inzuzo etholakalayo.” Ngo-December 24, 1993, i-Diario yaseLa Paz yathi: “I-Bolivian Red Cross ixwayisa ngokuthi amaphesenti angu-50 egazi elimpontshelwa kulelizwe anezifo ezilandelayo: esikaChagas, umalaleveva, ukusha kwesibindi, ugcunsula, nengculaza.”

Izinto Eziyingozi Kubantwana

I-Health and Welfare Ministry ibika ukuthi muva nje, eJapane kuye kwaba nokwanda okuphawulekayo kwenani labantwana “abakhasayo” abagwinya ushevu. Cishe ingxenye yazo zonke izinto ezinoshevu ezagwinywa abantwana ngo-1992 zazihilela usikilidi. Abanye baphuza izingxube zezinqamu zikasikilidi nomlotha, okwakushiywe emathinini otshwala noma ezitsheni zomlotha ezinoketshezi. Ezinye izinto eziyingozi ezagwinywa abantwana zihlanganisa, ngokulandelana kokuvama kwazo, imithi, amathoyizi, imali ewuhlweza, imikhiqizo yokudla, nezimonyo. Izimo eziningana zaholela ekuguleni okungathi sína. I-Ministry ixwayisa ngokuthi inani elikhulu ngokumangalisayo lalezizingozi lenzeka phakathi kuka-5:00 ntambama no-9:00 kusihlwa lapho amalungu amaningi omkhaya ekhona futhi kufanele akwazi ukunakekela lababantwana.

Impikiswano Yobhapathizo

IColorado Springs, e-U.S.A., engesinye sezikhungo eziphambili zeLobukholwa zokushumayela, muva nje ingene shí empikiswaneni ngokuphathelene nezindlela zokuguqula abantwana. Ngokwe-Denver Post, iCornerstone Baptist Church isebenzisa uxhaxha lwamabhasi angu-16 ukuzungeza lendawo ifuna abantwana. Ukuthenjiswa uswidi, i-soda, nesikhathi sokungcebeleka kwenza abantwana babe magange ngokugibela lamabhasi. Abazali abaningi bavumela abantwana babo ukuba bahambe kodwa bamangala ngendlela engajabulisi lapho labantwana bebuyela ekhaya bexoxa ukuthi babhapathiziwe. Ngokuvamile “lababashumayeli” basayinisa abazali ifomu elibakhululayo ngaphambi kokuba babhapathize abantwana, kodwa leyonkambiso iye yayekethiswa ngezinye izikhathi. Ngokwe-Post, umfundisi walelisonto uthi ngalelifomu elibakhululayo: “Liyasibambezela.”

Ukushisekela Unobhutshuzwayo Ngokweqile

Abanye abalandeli bakanobhutshuzwayo eNgilandi beqisa ukuzinikela kwabo ngendlela engavamile: Bacela ukuthi lapho sebefile, umlotha wabo usakazwe enkundleni yebhola yeqembu abalithandayo. Elinye iqembu elithandwayo lithola izicelo ezinjalo ezingaba ngu-25 unyaka ngamunye. Lomkhuba usuvame kakhulu kangangokuba kuye kwadingeka ukuba i-English Football Association ikhiphe isixwayiso esiya emaqenjini kanobhutshuzwayo ngokuphathelene nendlela izinsalela ezinjalo zabantu okufanele zithelwe ngayo. Ngokwe-Medical Post, iseluleko sayo sihlanganisa okulandelayo: “Asikho isidingo sokuvuvuzela wonke lowomlotha. Ningamane nje nisakaze omncane. Inqwaba ingabulala utshani. . . . Shanelani lomlotha ukuze unganqwabelani futhi ulingane.”

UbuTao Buyanda

“Mkhulu kunayo yonke emlandweni.” Umagazini i-China Today wakuchaza kanjalo ukugujwa kwe-Luotion Grand Prayer Ceremony, umkhosi wenkolo yobuTao ngo-September 1993. Lomkhosi wagujelwa eWhite Cloud Temple eBeijing, futhi abahlanganyela kuwo babevela emathempelini obuTao ase-Australia, eCanada, eHong Kong, eTaiwan, nase-United States. Ngokwalomagazini, “inhloso eyinhloko” yalomkhosi “yayiwukunxusa izulu ukuba linikeze abantu injabulo kuwo wonke umhlaba.” Kwamiswa ama-altare angu-11, kwaphindaphindwa imibhalo, kwakhulekelwa namakhulu onkulunkulu—kuhlanganise nonkulunkulu “ongumsindisi” okucatshangwa ukuthi usindisa abantu osizini lwabo ekuphileni. Umphathi othile wethempeli laseHong Kong watshela ababebuthene ukuthi ubuTao buphakeme kunokuphishekela okomhlaba futhi kanjalo abuhlangene nakancane nezombangazwe. Usihlalo wethempeli elithile lobuTao eTaiwan watshela izintatheli ukuthi ubuTao busekela ukushisekela izwe nokuzwana.

Izindleko Zokugwema Inhlekelele

Kungabiza malini ukugwema ukushintsha okuyinhlekelele kwesimo sezulu sembulunga yonke okwesatshwa ososayensi abaningi? UKlaus-Peter Möller, umholi we-Eduard Pestel Institute for System Research eHannover, eJalimane, walinganisela ukuthi kungenziwa kusetshenziswa ubuchwepheshe obukhona. Ngokwephephandaba laseJalimane i-Süddeutsche Zeitung, icebo likaMöller beliyodinga ukuncishiswa ngamaphesenti angu-75 kokusetshenziswa kwezinto zokubasa zemvelo njengamalahle, uwoyela, negesi, esikhundleni sazo kusetshenziswe ezinye izinto zokubasa ezingakhiphi isikhutha. Kuthiwani ngezindleko? Ngokwezibalo zikaMöller, lokhu bekungafinyelela emaRandini ayizigidi zezigidi ezingu-81,7, noma cishe amaRandi angu-14 500 kuwo wonke amadoda, abesifazane, nabantwana abaphilayo namuhla. Njengoba leliphephandaba liphetha, lomsebenzi “ubuyodinga sonke isintu ukuze kufezwe umsebenzi omkhulu ngokungavamile.”

Ubani Owambona Kuqala?

UPapa John Paul II usanda kusekela inganekwane ebonisa ukuthi “ngemva kokuvuka kwabafileyo, uJesu wabonakala kuqala kuMadonna ngaphambi kokubonakala kunoma ubani omunye, ngaphambi kokuba ingelosi ikumemezele kwabesifazane,” kusho i-Corriere della Sera. Lombono, ongasekelwa nhlobo amaVangeli, uye wabangela ukudideka okukhulu kwabanye. Ekhuluma ngemibono kapapa nendima kaMaria esikweni lamaKatolika, umlobi wase-Italy ongumKatolika uSergio Quinzio waphawula ukuthi “ukuzinikela okuvamile” kuMariya njalo kuthambekele ekuholeleni amaKatolika “ngisho nangaphezu kwalokho okuye kwadluliselwa kithi imiBhalo Engcwele.” Wanezela ukuthi ‘lamazwi awujuqu amuva nje asho okungaphezu kwalokho okushiwo imibhalo.’

“Ukubhema Uketshezi Lwesele” Kulandela “Ukukhotha Uketshezi Lwesele”

Ngokwemibiko, sekuyisikhathi eside abathile abasebenzisa izidakamizwa bazi ukuthi esikhunjeni samasele athile kuphuma ikhemikhali esanganisayo ebizwa ngokuthi i-bufotenine. Nokho, lekhemikhali inoshevu futhi—kakhulu kangangokuba ngezinye izikhathi ibulala izinja ezibamba lamasele ziwadle. Ngakho-ke, i-Wall Street Journal ibika ukuthi abanye abasebenzisi bezidakamizwa sebeyasaba “ukukhotha uketshezi lwesele” futhi kunalokho sebephendukele “ekulubhemeni.” Bomisa loluketshezi lwesele olunjimbilili olunoshevu bese belubhema, becabanga ukuthi ukushisa kuzoqeda ubuthi balo. Nakuba kunjalo, ukusetshenziswa kabi kwaloluketshezi sekuvinjelwe ngokomthetho. I-bufotenine isohlwini lwezidakamizwa eziyingozi nezivinjelwe umthetho e-United States. Sekuboshwe okungenani umhwebi oyedwa. I-Journal ibika ukuthi amasele akhe athathwa abomthetho.

Umdlavuza Uyanda Kwabesifazane BaseFrance

EFrance kunabesifazane abaningi ababhemayo kunanini ngaphambili. Phakathi kwababhemayo abayintsha, kunamantombazane amaningi kunabafana, futhi inani labesifazane abangamaxhwele kagwayi (osikilidi abangaphezu kuka-20 ngosuku) liye laphindeka izikhathi ezingaphezu kwezimbili kusukela ngo-1977. Akumangalisi ukuthi inani labesifazane ababa nomdlavuza ohlobene nokubhema nalo seliqala ukwanda. Iphephandaba laseParis i-Figaro libika ukuthi kuneziguli ezintsha ezinomdlavuza wamaphaphu ezingu-20 000 ngonyaka eFrance, kanti zingaphezu kuka-800 000 emhlabeni wonke. Ukubulawa kwabesifazane umdlavuza wemithambo yamaphaphu kuye kwaphindeka kathathu e-United States naseCanada futhi kuye kwaphindeka izikhathi ezingaphezu kwezimbili eBrithani, eJapane, naseSweden. Emhlanganweni wamuva nje eParis ophathelene nomdlavuza wemigudu yomoya, odokotela bagcizelele ukuthi ‘isikhali esiphumelela kakhulu sokulwa nomdlavuza ohlobene nokubhema ukuyeka ukubhema.’

Ukuncipha Kwamasonto ENetherlands

Uma izimo zamanje ziqhubeka, abantu baseNetherlands abayizingxenye ezintathu kwezine bayobe bengasasonti nhlobo ngonyaka ka-2020, ngokwe-Staatscourant, iphephandaba elingokomthetho likahulumeni waseNetherlands. Ukuhlola kwamuva okubizwe ngokuthi “Ukufulathelwa Kwenkolo ENetherlands 1966-1991” kuveza amaqembu amane ayinhloko emphakathini waseNetherlands: amaphesenti angu-28 awakhuliselwanga emkhayeni ongokwenkolo; amaphesenti angu-33 akhuliswe kanjalo kodwa alishiya kudala isonto; amaphesenti angu-28 akhuliselwa emkhayeni ongokwenkolo kodwa aseya ngokuqabukela noma awasalubhadi esontweni; futhi amaphesenti angu-11 kuphela aya njalo esontweni. I-Staatscourant iphawula ukuthi ukufulathelwa kwamasonto kukhulu kakhulu phakathi kwamaRoma Katolika futhi ithi: “Imibono yamaRoma Katolika kubonakala ingqubuzana nemibono yabaholi bawo abangokomoya. Umuntu uthola umcabango wokuthi amalungu esonto awalishayi mkhuba igunya labo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela