Ukubuka Okwezwe
Abesifazane Basesimweni Esibucayi
“Abesifazane abampofu basemaphandleni bangabantu abaswele kunabo bonke emhlabeni,” kusho incwadi yeNhlangano Yezizwe Ezihlangene, iUN Chronicle. “Bagula kakhulu futhi abazange balubhade esikoleni kunamadoda futhi bantula amathuba okuzithuthukisa abesilisa abanawo.” Ukuhlola okukhulu okubili ngobumpofu bezwe kwango-1990 okwenziwa izinhlangano ezimbili zezwe zezokuthuthukiswa, Isimiso Sezokuthuthukisa SeNhlangano Yezizwe Ezihlangene kanye neBhange Lomhlaba, kuye kwafinyelela kulesinqumo esiqeda ithemba. “Cishe ingxenye yesigidi yabesifazane, abangamaphesenti angu-99 babo basemazweni asathuthuka, bafa unyaka ngamunye bebeletha,” kubika iUN Chronicle.
Isifungo Ngendawo Ezungezile
“Thina bantu siye saba yingozi kithi ngokwethu. Kumelwe sithathe isinyathelo kungakephuzi.” Lawomazwi anganikezi themba akha ingxenye yesifungo ngendawo ezungezile esenziwe abaphathi basemayunivesithi asemazweni angu-22 eAfrika, eAsia, eYurophu, naseNyakatho kanye neNingizimu Melika. Bafunga ukuthi bazokwenza izikole zabo zifundise okwengeziwe ngezindaba eziphathelene nendawo ezungezile kunasesikhathini esedlule futhi bandise nezinto zesikole ezinikezelwe ekucwaningeni ngendawo ezungezile. Izikhulu, ezahlangana emhlanganweni eTalloires, eFrance, ngo-October wonyaka odlule, nazo zazwakalisa imigomo efanayo “ngekusasa lendawo ezungezile elilondolozekayo.”
Izimangaliso “Ezabiwa Ngokonga”
Isomiso senza kwadingeka ukuba “amanzi ayisimangaliso” avela edamini elidumile laseLourdes eFrance abiwe ngokonga, okwabangela ukushaqeka ezivakashini ezazifuna ukwelashwa ngokuyisimangaliso. Izikhulu zenkolo zavumela izihambeli zalendawo engcwele ukuba ngasinye sithole iqhezu lesine yelitha kuphela yamanzi avela emthonjeni, lowo, ngokwesiko, owaqhuma ngo-1858 ngemva kwesibonakaliso sikaMadonna. Wonke amabhodlela asele bawaphucwa, futhi amanzi athululelwa edanyini. “Kuwo wonke amasonto aseFrance, bathandaza eNcasakazini yeMvula, kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Kodwa-ke kunoma ikuphi, ibingeke inise imvula eLourdes kuphela,” kuphawula iphephandaba iCorriere della Sera.
Izinkinga Zezilwane Zasekhaya
Ukwanda kokuthandwa kwezinja njengezilwane zasekhaya kuye kwaba imbangela yokukhathazeka ezikhulwini zedolobha nezempilo eFrance. Umagazini wesiFulentshi ophuma masonto onke iL’Express ubika ukuthi usuku ngalunye amathani angu-20 endle yezinja abuthwa njalo emigwaqeni nasemaceleni emigwaqo yaseParis ngezindleko ezingaphezu kwama-franc angu-400 (R182) ngekhilogremu ngalinye. Kodwa ngaphezu kwezindleko nokuba yisicefe kwakho, kuvele esinye isici esingesingathi sína ngokwengeziwe. Indle yezinja iwumthombo wesifo esibangelwa isilokazane esithwala amagciwane okuthiwa iToxocara canis. Ingxenye yezindawo zokudlala zezingane kanye namabhokisi anesihlabathi ezidlala ngawo kwaseParis kwatholakala kunamaqanda amancane angafi kalula alesilokazane esithwala amagcinwane, esingena emakhaya ngezicathulo nangezidladla zezilwane zasekhaya. Ukuba khona kwaso kumuntu kuye kwanganakwa neze. Ukukhathala, ubuhlungu besisu, ukuzwela komzimba ezintweni ezithile, izinkinga zenhliziyo nemithambo ehlobene nayo kuyizimpawu zalesisifo.
Ukulahlekelwa Kwesonto
Amalungu amahlelo amakhulu amaProthestani ayaqhubeka ehla ngamanani eUnited States, ngokwe-1990 Yearbook of American and Canadian Churches. Nakuba incwadi yonyaka, eyakhishwa Umkhandlu Wesizwe Wamasonto, ibonisa ukuthi ukuncipha kungaphansi kwephesenti elilodwa ezimweni ezivamile, bekulokhu kuqhubeka kusukela ngawo-1960. Abafundi BakaKresu, iSonto LikaMoya, iSonto laseHabe (U.S.A.), iUnited Church of Christ, iSonto laseWeseli, iSonto lamaLuthela laseMelika, kanye neSonto laseMelika laseBaptist eU.S.A. wonke aye abhekana nokulahlekelwa amalungu. Nokho, umbiko wabala ohlwini oFakazi BakaJehova njengenye yezinkolo eziye zabonisa ukwanda kwamanani. OFakazi BakaJehova eUnited States baba nokwanda kwamaphesenti amathathu ngo-1989 kanye nokwanda kwamaphesenti amane ngo-1990.
Izindaba Ezibuhlungu Ngababhemi Bakagwayi
NgoSeptember 25, 1990, iZikhungo Zokunqanda Izifo eUnited States zakhipha umbiko othi “Izinzuzo Ezingokwempilo Zokuyeka Ukubhema: Umbiko Wango-1990 Kadokotela Omkhulu Wokuhlinza.” Ezinye zeziphetho eziyinhloko okufinyelelwe kuzo yilezi: “1) Ukuyeka ukubhema kunezinzuzo ezinkulu nezisheshayo kubantu babo bonke ubudala . . . ; 2) abantu ababebhema ngaphambili baphila isikhathi eside kunabantu abaqhubeka bebhema; 3) ukuyeka ukubhema kunciphisa izingozi zomdlavuza wamaphaphu kanye neminye, isifo senhliziyo, ukufa kohlangothi, kanye nesifo esingapheli samaphaphu.”
Ukudayiswa Kukagwayi Kubantu BaseSoviet
Muva nje eSoviet Union, isixuku esithukuthele sabantu ababhemayo sacishe sabhikisha ngenxa yokuntuleka kukagwayi kulelozwe. Izinkampani ezimbili zaseUnited States zathembisa ukukulungisa lokhu kuntuleka. Zihlela ukuthengisa isamba esingaphezu kwesenyanga kubantu baseSoviet, okuwugwayi oyizigidi eziyizinkulungwane ezingu-34. Ngokuthakazelisayo, abakhulumeli bezinkampane zaseMelika bathi osikilidi ngeke babe naso isixwayiso sempilo sikadokotela omkhulu ohlinzayo ngomdlavuza kanye nezinye izifo ezihlobene nokusebenzisa ugwayi.
Ukukhotha Uketshezi Lwesele Olunjimbilili Oluwushevu
UDkt. Alan Emery waseMnyuziyamu wezeMvelo waseCanada watshela iGlobe and Mail ukuthi kuye kwaba khona inani eliphakeme lamasele kamoba emhlabeni wonke eminyakeni eyishumi edlule. Isele likamoba, noma iBufo marinus, “linoketshezi olumhlophe okobisi oluwushevu lelo iU.S. Drug Enforcement Agency elubiza ngokuthi ibufotenine.” EQueensland, eAustralia, lamasele aye aba uhlupho kangangokuba uhulumeni “uye wabalula uketshezi olunjimbilili njengento engekho emthethweni ngaphansi koMthetho wayo Onqabela Ukusetshenziswa Kabi Kwezidakamizwa.” Loluketshezi olukhishwa amasele kamoba luwushevu futhi “lubangela ukuhamba komqondo, ukuphalaza kanye nokuhlukumezeka komzimba okunzima.” IGlobe yabika ukuthi abantu baseCanada ababili abakhotha iminwe yabo ngemva kokuthinta isele bagula babangwa nezibi kwaze kwadingeka ukuba balaliswe esibhedlela.
Ukulala Kwengqondo
Kungani sidinga ukulala? Emhlanganweni wamuva eStrasbourg, eFrance, kwaxoxwa ngemfundiso eyimpikiswano kakhulu. Kwathiwa ukulala akuwuzuzisi kangako umzimba njengoba kuzuzisa ingqondo, ngokulala evuselelekayo ekusebenzeni kwaphakathi nosuku. Ukuhlola kubonisa ukuthi lapho “ukusebenza komzimba kuqhubeka kungaphazamiseki ngisho nangemva kwezinsuku eziningana zokungalali,” kubika iZeit, “ingqondo yehlukile.” Kubantu abahlolwa, abantu bahlushwa “ukungakwazwi ukulalelisisa nokugxilisa ingqondo, inkumbulo ephazamisekile, nokufadalala kwenqubo yokucabanga, kanye nezinkinga zokungasebenzi kahle kwezinzwa” lapho bengalalanga.
Ukwakhiwa Kabusha KweBabiloni Kwavinjelwa
IBabiloni lasendulo, umuzi odumile weNkosi uNebukadinesari kanye namasimu awo asendaweni ewummango, kwaphela ngaphansi kokuceka kwabanqobi eminyakeni engaphezu kwengu-2 500 edlule. IBabiloni elincane lasinda kwaze kwaba sekhulwini lesine leminyaka C.E., lapho liba incithakalo ngokuphelele. I-Iraq yanamuhla muva nje yahlela ukwakha kabusha inqaba yamandla okubusa iyibuyisele ebukhazikhazini bayo bakudala. (Bheka iPhaphama! yesiNgisi kaMarch 8, 1988, ikhasi 30.) Nokho, izenzakalo zamuva zezombangazwe eMpumalanga Ephakathi ziye zenza amacebo anjalo okwakha angaphumelela, kubika iNew York Times. UIsaya 13:19, 20 unikeza isiprofetho esithakazelisayo ngokubhujiswa kweBabiloni, ethi “akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane.”
Intela YeSonto LaseJalimane
EFederal Republic yaseJalimane, amasonto athola ukusekelwa okungokwezimali ngentela yesonto, abaqashi abayidonsa emiholweni. Omunye umqashi wenqaba ukuthumela intela yesonto edonswe emiholweni yezisebenzi. Ngani? Ngo-1664 okhokho bakhe basolwa ngokuthi bangabathakathi futhi baphathwa ngesihluku bashiswa baze bafa, futhi ubeka isonto icala ngalokho. Wayiswa enkantolo, eyathola isenzo sakhe singafanele. Umagazini iPolizei ubika ukuthi “ngaphandle kwalokho, noma ubani okwahlushwa okhokho bakhe ngokungafanele . . . angenqaba ngesizathu sikanembeza ukwenza isibopho esibekwa kuye” uMbuso.
Umculo Onensayo Nokuphuza
Ukucwaninga okwenziwa ezinkantini zotshwala ezishaya umculo wesintu waseMelika nowamazwe asentshonalanga kwathola ukuthi “njengoba umculo uya unensa, ukuphuza kuyakhuphuka,” kubika umagazini iPsychology Today. Ukuhlola kwenziwa esikhathini esingaphezu kweminyaka emibili futhi kwahlanganisa amaqembu angu-2 000 abantu abaphuzayo. UJames Schaefer, umcwaningi walokhu, wathi “abantu abaphuza kakhulu bakhetha ukulalela umculo onesigqi esinensayo, wosizi, womzwangedwa, nowokuzidabukela.” Njengoba uSchaefer ekuveza: “Abathengi ngokuvamile kungenzeka baphila ukuphila kwamaculo abafuna adlalwe.”