Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 12/22 k. 25-k. 27 isig. 7
  • Kungani Kufanele Ngilalele Abazali Bami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Ngilalele Abazali Bami?
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Ukuba Ivukele
  • Okwenza Ukuvukela Kube Ubuwula
  • Intengo Ephakeme “Yenkululeko”
  • Ukuphila Ukuphila Okumbaxa-mbili—Kungani Kungafanele?
    I-Phaphama!—1993
  • Basha—Yini Eniyiphishekelayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Kungani Umthetho Wewashi Engiwubekelwe Uqine Kangaka?
    I-Phaphama!—1992
  • Kungani Kunemi-Thetho Eminingi Kangaka?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 12/22 k. 25-k. 27 isig. 7

Intsha Iyabuza . . .

Kungani Kufanele Ngilalele Abazali Bami?

USTAN wakhuliswa abazali abesaba uNkulunkulu. Kodwa lapho eneminyaka engu-16, wavukela. UStan uyachaza: “Ngangifuna ukujwayelana nabantu futhi bangamukele. Ngangifuna ukuba nazo zonke izinto abanye abantu abanazo.” Isu likaStan lokufinyelela lemigomo laliwukuba ashushumbise izidakamizwa. Ngokuvamile, kwakudingeka aqambe amanga ngezenzo zakhe nangayo yonke imali ayeyiletha ekhaya. “Unembeza wami wawusufile,” kukhumbula uStan.

UJohn wabhapathizwa njengomKristu lapho eneminyaka engu-11 ubudala. “Kodwa iqiniso lalingekho ngempela enhliziyweni yami,” uyavuma. “Ngakwenza ngoba umkhaya wakithi wawulindele ukuba ngikwenze. Lapho ngiqala ukufunda esikoleni esiphakeme, ngaqala ukungalawuleki. Umculo we-rock nawo waba nethonya elibi kimi. Ngangenela ukuntweza phezu kolwandle ngezingqwembe futhi ngaqala ukuchitha isikhathi esiningi ogwini nentsha eyayingaqondiswa izimiso zeBhayibheli. Kwakugcwele izidakamizwa lapho.” Esikhathini esingeside kamuva wayesethuthile ekhaya futhi ephila ukuphila okwakushayisana nazo zonke izinto ayezifundisiwe.

Okwenza Ukuba Ivukele

Kungokwemvelo ukuba intsha izame ukuvivinya amakhono ayo ngokugcwele futhi ihlakulele isilinganiso esithile sokuzimela. Kodwa ukuziphatha kokuvukela, okungalawuleki, nokokuzilimaza kuyinto ehluke ngokuphelele. Kubangelwa yini? Izizathu ziningi futhi ziyahlukahluka. “Lapho usemusha,” kuchaza uJohn, “ufuna injabulo. Ufuna ukuzijabulisa.” Nokho, ngenxa yokuthi intula okuhlangenwe nakho ekuphileni, intsha ayenzi izinqumo ezihlakaniphile ngaso sonke isikhathi. (Heberu 5:14) Ngakho-ke, abazali abanengqondo babekela izingane zabo imingcele enengqondo—imingcele enye intsha eyicasukela kakhulu.

Ngokudabukisayo, enye intsha iye yafulathela ngisho nokuqeqeshwa eye yakuthola kubazali abesaba uNkulunkulu. (Efesu 6:1-4) UJesu wathi ubuKristu babuyoba indlela yokuphila ‘encane neyingcingo.’ (Mathewu 7:13, 14) Ngaleyondlela ngokuvamile intsha engamaKristu ayinakuzenza izinto ezenziwa izingane efunda nazo esikoleni. Eningi iyayamukela lemingcele, iqaphela ukuthi imithetho kaNkulunkulu ayiwona neze umthwalo. (1 Johane 5:3) Ngempela, lemithetho ivikela intsha ezinkingeni ezinjengokukhulelwa ingashadile, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, nezifo ezithathelwana ngobulili. (1 Korinte 6:9, 10) Kodwa enye intsha ayifuni ukubheka izinto ngaleyondlela; inomuzwa wokuthi imithetho yeBhayibheli icinanisa ukuphila kwayo.

Kungase kube kukhulu ukucasuka uma osemusha enomuzwa wokuthi abazali bakhe baqine ngokweqile uma kuziwa ezindabeni ezinjengokuyala, ukuzilibazisa, nokuzijabulisa. “Ngicabanga ukuthi abazali bami basiphatha ngengalo eqine ngokweqile,” kukhala enye intombazane eseyintsha. Yiqiniso, kungakudumaza lapho ungavunyelwe ukwenza izinto ezivunyelwa abanye abazali abangamaKristu. (Kolose 3:21) Enye intsha ibonakalisa ukukhungatheka kwayo ngokungalaleli.

Ngakolunye uhlangothi, enye intsha ivukela ngoba abazali bayo bengazihloniphi nakancane izimiso zokwesaba uNkulunkulu. “Ubaba wayengumlutha wotshwala,” kukhumbula uJohn. “Babevame ukuphikisana nomama ngoba ubaba wayephuza ngokweqile. Sathutha kaningana ukuze sidede kuye.” Imilutha yotshwala nabanye abasebenzisa kabi ezinye izinto eziluthayo ngeke nje bazinakekele ngokufanele izidingo zezingane zabo. Emakhaya anjalo, osemusha angase akhacwe ngamazwi futhi ajivazwe nsuku zonke.

Enye intsha ivukela ngoba abazali bayo empeleni abayinakekeli noma bayishaya indiva. Ukuvukela kungase kubonakale kuyindlela yokuthola ukunakekela kwabazali—noma ukubaphatha kabi. “Kusukela kudala, abazali bami babengatholakali ekhaya,” kusho intombazane eseyintsha okuthiwa uTaylor ezalwa emkhayeni ocebile. “Phela, ngangiwukuphela kwengane, futhi njengoba abazali bami babengatholakali njalo ekhaya, babengishiya nenkindlane yemali.” Engenaso isiqondiso, uTaylor waqala ukuya kuma-nightclub nokudakwa. Abazali bakhe abazange baqaphele ukuthi wayenenkinga kwaze kwaba yilapho eboshwa ngenxa yokushayela edakiwe.

Ngaphezu kwalokho, kunesimo esaphawulwa umphostoli uPawulu lapho ebuza iqembu lamaKristu: “Benigijima kahle; pho, nithiywé ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na?” (Galathiya 5:7) Ngokuvamile abangane ababi bayinkinga. (1 Korinte 15:33) “Ngazibandakanya nabangane ababi,” kusho osemusha okuthiwa u-Elizabeth. Uyavuma ukuthi ngenxa yokucindezela kontanga, ‘waqala ukubhema nokusebenzisa kabi izidakamizwa.’ Uyanezela: “Ubufebe babuyinsakavukela.”

Okwenza Ukuvukela Kube Ubuwula

Mhlawumbe nawe uzithola usesimweni esibonakala sikhungathekisa—noma ngisho esicindezelayo. Ungase ulingeke ukuba weyise abazali bakho umane uzenzele lokho okufunayo. Kodwa njengoba indoda elungile uJobe yaxwayiswa, “Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi [ezenzweni zokudelela]. Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini.”—Jobe 36:18-21.

Ukuziphatha kokwedelela nokungalawuleki kungase kubathinte abazali bakho, kodwa kungase kungabathinti kahle. Kunalokho, cishe bayokubekela imingcele eyengeziwe. Ngaphezu kwalokho, ukuziphatha okungalungile kuyobazwisa ubuhlungu obukhulu abazali bakho. (IzAga 10:1) Ingabe lokho kuwukubonisa uthando? Kuyosenza sibe ngcono yini ngempela isimo sakho? Indlela enengqondo kakhulu ukubonisana nabo uma unomuzwa wokuthi unezikhalo ezizwakalayo.a Bangase bavume ukwenza ukulungisa okuthile endleleni abakuphatha ngayo.

Enye indaba okufanele icatshangelwe umphumela izenzo zakho ezingase zibe nawo kuNkulunkulu. ‘KuNkulunkulu?’ ungase ubuze. Yebo, ngoba ukuvukela abazali bakho kufana nokuvukela uNkulunkulu ngokwakhe, njengoba kunguye okuyala ukuba uhloniphe abazali bakho. (Efesu 6:2) Ukungalaleli okunjalo kumenza azizwe kanjani uNkulunkulu? IBhayibheli lithi ngesizwe sakwa-Israyeli: “Kwaba-kaningi kangakanani bephambana naye ehlane.” Kwaba namuphi umphumela? “Bemdabukisa [uNkulunkulu].” (IHubo 78:40) Yiqiniso, ungase ubacasukele abazali bakho, unomuzwa wokuthi bakubekela imingcele eqine ngokweqile. Kodwa uyafuna yini ngempela ukudabukisa uJehova uNkulunkulu—okuthandayo futhi ofuna ukuba uphile phakade?—Johane 17:3; 1 Thimothewu 2:4.

Intengo Ephakeme “Yenkululeko”

Khona-ke, kunesizathu esihle sokuba silalele uBaba wethu wasezulwini onothando. Ungakhohliswa izethembiso zamanga ‘zenkululeko.’ (Qhathanisa neyesi-2 Petru 2:19.) Kungase kubonakale sengathi enye intsha ayisitholi isijeziso sokuziphatha okungafanele. Kodwa umhubi waxwayisa: “Ungazikhathazi ngababi, ungabi-namhawu ngabenza okungalungile. Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza.” (IHubo 37:1, 2) Intsha evukelayo ivame ukukhokha intengo ephakeme ngalokho ekubiza ngokuthi inkululeko. KweyabaseGalathiya 6:7 iBhayibheli lithi: “Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.”

Cabangela uStan, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Njengoba ayelindele, wathandeka kubangane bakhe abangalungile. Uyakhumbula: “Ngazizwa ngamukeleka.” Nokho, ngokushesha izinto zonakala. Uthi: “Ngiye ngadutshulwa, ngavalelwa esitokisini, futhi manje ngigwetshiwe. Engizibuza khona ukuthi, ‘Kwakufanele yini?’”

Kuthiwani ngokufuna kukaJohn “inkululeko”? Ngemva kokuboshelwa ukuphatha izidakamizwa, waxoshwa ebandleni lobuKristu. Kusukela lapho wonakala waya phambili. “Ngangeba izimoto ukuze ngithole imali,” kuvuma uJohn. “Ngangiyisidlwangudlwangu.” UJohn wathola izindodla zemali ngemisebenzi yakhe yobugebengu. Kodwa uyakhumbula: “Ngayisaphaza yonke. Izidakamizwa esasizisebenzisa zazishaqisa.” Futhi lapho uJohn engalwi, engebi, noma engadakiwe, wayebalekela amaphoyisa. “Ngiye ngaboshwa izikhathi ezingaba ngu-50. Ngokuvamile ngangiphunyuka, kodwa ngesinye isikhathi ngavalelwa ejele unyaka wonke.” Yebo, kunokuba abe umuntu okhululekile, uJohn wazithola exhakathiswe “okujulileyo kukaSathane.”—IsAmbulo 2:24.

Kungashiwo okufanayo ngo-Elizabeth. Ukuzibandakanya kwakhe nabangane bezwe ekugcineni kwamfaka ejele. Uyavuma: “Ngaze ngakhulelwa—futhi ngenxa yokusebenzisa izidakamizwa isisu sami saphuphuma. Ngangiphila ngezidakamizwa—kwakubonakala sengathi ngiphilela ukuthola ezinye ezizongidaka. Ekugcineni ngalahlekelwa indawo engangihlala kuyo. Ngangingenakuphindela ekhaya, futhi nganginamahloni okucela nosizo kuJehova.”

Kunganikezwa izibonelo eziningi ezifanayo zentsha eye yenqaba izimiso zokwesaba uNkulunkulu yabe isibhekana nemiphumela eyinhlekelele. IBhayibheli liyaxwayisa: “Lokho ocabanga ukuthi kuyindlela efanele kungase kuholele ekufeni.” (IzAga 14:12, Today’s English Version) Khona-ke, into okuwukuhlakanipha ukuyenza ukuzama ukuba nobuhlobo obuhle nabazali bakho, uxoxe—kunokuba uvukele—nganoma imiphi imingcele onomuzwa wokuthi ayifanele.

Nokho, kuthiwani ngentsha ethola lokhu kwaziswa sekwephuze kakhulu, intsha ezithola isingene shí ekuziphatheni okungalungile? Ikhona yini indlela engalungisa ngayo izindaba nabazali bayo—noNkulunkulu? Isihloko sethu esilandelayo kumagazini olandelayo sizohlola lemibuzo.

[Umbhalo waphansi]

a Izihloko eziningi ziye zanikeza ukwaziswa okuwusizo kulendaba. Ngokwesibonelo, bheka izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” komagazini be-Phaphama! baka-January 8, 1985 (wesiNgisi), August 8, 1992, no-November 8, 1992.

[Isithombe ekhasini 26]

Ukuvukela abazali bakho kungase kukunikeze “inkululeko” eyengeziwe, kodwa uyicabangele yini imiphumela?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela