Ukutubeka—Kuyakunyonyobela?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EJAPANE
“Oweta besifazane eSweden, othisha eJapane, izisebenzi zaseposini eMelika, abashayeli bamabhasi eYurophu nezisebenzi zasemishinini okudlula kuyo imikhiqizo kuyo yonke indawo bonke babonisa izimpawu ezandayo zokucindezelwa umsebenzi.”—MAINICHI DAILY NEWS.
UNOBUAKI wayekhathele kakhulu. Esebenza ubusuku nemini, wayeseqashe izisebenzi ezingu-130 phakathi nezinyanga ezine. Wayeyimenenja yezokuthenga egatsheni elisha lesitolo esikhulu esiyinxanxathela eJapane, futhi emizamweni yakhe ecindezelekile, wayeqashe abantu abehluleka ukufinyelela izindinganiso ayezilindele. Babelwa bekhononda ngesimo sabo sasemsebenzini. Ngaphezu kwalokho, isisebenzi sesilisa seqa nesesifazane. UNobuaki wayephathwa ikhanda nsuku zonke. Ngokushesha wayengasakwazi ukuya emsebenzini, futhi ngezinsuku ayesuke ezihudule ngazo waya emsebenzini, wayebuya masinyane. Wayetubeke eyingcuba.
Amakhosikazi anakekela amakhaya nawo ayatubeka. Ngemva kweminyaka emibili esekhaya nabantwana bakhe abathathu, uSarah wayengasenasineke ngempela kubo. Wathi: “Ngaba nomuzwa wokuthi ngangibenzela izinto ngaso sonke isikhathi, kodwa kwakuwumsebenzi ongapheli.” Lapho umama esebenza emsebenzini wokuziphilisa futhi ekhulisa abantwana, ayanda amathuba okuba atubeke. UBetty, oseminyakeni yawo-40, wathola kudingeka ukuba alinganisele ukuba umama nomsebenzi, ezama ukuzifeza ngokuphelele zombili lezizindima. Wazama ukujabulisa wonke umuntu—umyeni wakhe, abantwana bakhe, umqashi wakhe, nabantu ayesebenza nabo. Umfutho wakhe wegazi waphakama, futhi wayecasulwa ubala. Wayetubekile.
Ukutubeka kuhlasela nezisulu okungalindelekile ukuthi kungazihlasela. UShinzo, isikhonzi esingumKristu esikhuthele, wayenentshiseko nezinhloso ezinhle. Wahamba wayosiza lapho kwakunendingeko enkulu khona yabafundisi abangamaKristu. Nokho, phakathi nezinyanga ezimbalwa wazizwa ekhathele kakhulu, futhi wayezivalela ekamelweni lakhe usuku lonke. Wazizwa sengathi usemhubheni ongenandawo yokuphuma. Kwakunzima ukuba enze izinqumo, ngisho nangokudla ayezokudla emini. Wayengafuni kwenza lutho. Wayetubeke eyingcuba.
Kuyini Ukutubeka?
Kuyini-ke ukutubeka? UHerbert Freudenberger nabanye abacwaningi baqala ukusebenzisa leligama maphakathi nawo-1970, futhi laba igama elichaza “isimo sokukhathala kakhulu esibangelwa ukusebenza nabantu ezimweni ezikhathaza imizwelo.” Futhi, lisho “ukukhathala kakhulu komzimba noma imizwelo, ikakhulukazi okubangelwa ukucindezeleka isikhathi eside noma ukungazithibi.” (American Heritage Dictionary) Nokho, iyahlukahluka incazelo yaleligama kuye ngokomcwaningi.
Nakuba ukutubeka kungenayo incazelo enembile yezokwelapha, izisulu zibonakala ngezimpawu ezinjengokukhathala, ukungabi namdlandla, ukungabi nalusizo, ukungabi nathemba, nokucobeka komzimba. Isisulu sizizwa sikhathele ngokweqile futhi sicasulwa ubala. Akukho okusishukumisela ekutheni senze okuthile. Konke kubonakala kukhungathekisa, futhi singazidela amathambo sifune usizo kunoma ubani ovelayo. Yonke imizamo emsebenzini nasekhaya ingase ibonakale ingenanjongo. Siba nomuzwa wokungabi nathemba. Uma unalezizimpawu ezihambisana nokucobeka komzimba, kungekho lutho olukujabulisayo, khona-ke kungenzeka ukuthi utubekile.
Ukutubeka kungathinta umsebenzi nokuphila komkhaya. Ufuna ukukugwema. Kodwa kanjani? Ukuze sithole, ake siqale sibone ukuthi obani abasengozini yokutubeka futhi ngani.
[Ibhokisi ekhasini 4]
Izimpawu Zokutubeka
“Ukutubeka ngenxa yomsebenzi kubhekisela esimweni esikhinyabeza ingqondo esibangelwa ukucindezeleka kwasemsebenzini okungapheli, okuholela:
1. Ukuntulekeni kwamandla okukhulu
2. Ekungenweni izifo kalula
3. Ekunganelisekini okwandayo nasekungabonini izinto ngeso elihle
4. Ekuphutheni emsebenzini ngokuqhubekayo nasekungasebenzini kahle.
“Lesisimo siyakhinyabeza ngoba sinamandla okwenza buthakathaka, ngisho nokulimaza, ngezinye izikhathi abantu abanempilo, abanamandla, nabanamakhono. Imbangela yaso eyinhloko ukucindezeleka okungapheli, okuqhubeka izinsuku ngezinsuku, izinyanga ngezinyanga, iminyaka ngeminyaka.”—The Work/Stress Connection: How to Cope With Job Burnout, kaRobert L. Veninga noJames P. Spradley.