Ingabe Ukungena Ezikweletini Kuyasiza?
“UNGALOKOTHI usebenzise imali yakho ungakabi nayo.” Njengoba ukungena ezikweletini kuyindlela yokuphila kubantu abaningi namuhla, ingabe lesiseluleko esanikezwa owayengumongameli wase-United States uThomas Jefferson sizwakala sishiywe isikhathi?
Emazweni amaningi iholo liphansi uma liqhathaniswa namanani entengo, futhi ukwehla kwamandla emali kunciphisa imali elondoloziwe. Futhi, isimo sezomnotho sithinta izindinganiso zabantu. Nokho, ukwethembeka kubalulekile. Ngenxa yokuthi izinto ezinjengokukhohlisa ngezintela nokungakhokhi izikweleti zandile, ngempela kuyinselele ukulondoloza unembeza omuhle. Akumangalisi-ke ukuthi umnotho ngokuvamile ungundabamlonyeni, futhi izindaba zokulondoloza noma zokuzuza imali zigcwele emaphephandabeni nakomagazini nakuthelevishini njengoba abantu bezama ukuthola indlela yokubhekana nezinkinga ezingokomnotho. Ngesikhathi esifanayo, ukhathazeke ngokufanele ngendlela yokuzondla wena nomkhaya wakho.—1 Thimothewu 5:8.
Njengoba bembalwa kakhulu abantu abazinzile ngokomnotho, yini ongayenza ukuze ugweme ubunzima obungathinta umkhaya wakho? Phakathi kokunye, kunesifundo esibalulekile okufanele sisikhumbule.
Gwema Izikweleti Eziningi
Kungani abanye bengena ezikweletini? Ukuboleka akubangelwa ngaso sonke isikhathi isimo esibucayi, njengokugula. Isifiso sokuba nezinto ezithile ezibonakalayo singase sibe namandla kakhulu. Ngakolunye uhlangothi, ukuthambekela kokungena ezikweletini kungase kungabi kubi ngokwakho. Eqinisweni, kungase kube ngcono ukukhokha isibambiso sendlu kunokukhokha intela, noma kungase kudingeke ukuba uthenge imoto. Umondli emkhayeni ufuna ukuba umkhaya wakhe ujabule. Ufuna ukuphumelela njengendoda nobaba. Ngokunokwenzeka, unomuzwa wokuthi umkhaya wakhe kufanele ujabulele izinto eziningi ezibonakalayo abanye abanazo.
Kuyavunywa, ungase ulingeke ukuba uboleke imali ukuze uthenge into oyifisayo kodwa engabalulekile. Ukuba nezinto kwenza umuntu ajabule, akunjalo? Ubani ongayijabuleli ingubo enhle, izicathulo ezintsha, noma ngisho okuthile okunjengemoto entsha shá? Futhi ubani ongeke athande ukuba nekhaya likanokusho? Nokho, qaphela! Osomabhizinisi bangakwenza uvumelane nabo, futhi kwenziwa imali eningi ngokuthengisela abantu izinto abangazidingi futhi abangenamali yokuzithenga.
Khumbula futhi ukuthi ukukhokha izikweleti njalo kungabangela ukungezwani ebuhlotsheni bomkhaya. Kungase kuphakame izingxabano nolaka. Umlobi wemidlalo uHenrik Ibsen wayeqinisile lapho ethi: “Ukuphila kwasekhaya kuphelelwa ubumnandi nobuhle bakho lapho nje busekelwa ekubolekeni nasezikweletini.” Uma ungakhokhi izikweleti ngesikhathi, idumela lakho elihle lingase lonakale. Njengoba kulula kakhulu ukuchitha imali ebolekiwe kunokuyikhokha inenzalo, abaningi bathola ukuthi lokho abakuthengile akuyilethi injabulo abebeyilindele.
Ngokuvamile, ohulumeni baphikelela ngokuboleka okwengeziwe, bekhuphula izindleko zabo ezinenzalo. Nakuba lokhu kungase kube into evamile, kungani ulingisa amazwe angene shí ezikweletini? Kunokuba zinikeze abantu umcebo, izikweleti eziningi ngokweqile zingandisa ubumpofu nokungalondeki. Njengoba isaga solimi lwaseDenmark sikubeka, “kunzima ukukhokhela isinkwa esesidliwe.”
Ngokujabulisayo, ukucindezeleka okubangelwa izikweleti ezisindayo kuncipha kakhulu lapho ufunda ukusebenzisa imali ngokuhlakanipha. Ngakho zinike isikhathi sokuhlela izinto oyozithenga ngokucophelela ukuze ugweme ukucindezela kokuba uboleke. Ngisho nasemazweni anokwehla kwamandla emali okukhulu, zikhona izindlela zokulondoloza imali—ngokuthenga izinto eziyimititilizo nezinto ezidingekayo kuphela. Kudinga ukuphila ngalokho onakho, ukulungele ukulinda noma ukudela into ongenayo.
Zibuze: Ingabe ukungena kwami ezikweletini kuyobangela umkhaya wami ubunzima? Kuthiwani ngedumela lami uma ngihluleka ukukhokha imali engiyibolekile? Kungase kuthathe isikhathi eside ukuphinde uthenjwe! Kulesisici, iseluleko esiwusizo, esinamandla siyatholakala. Kungani ungahloli iBhayibheli ukuze ubone ukuthi lingakusiza yini wena nomkhaya wakho ukuba nibhekane nendaba yezikweleti?
Lingakusiza Yini IBhayibheli?
Okubaluleke kunakho konke, iBhayibheli lingasisiza sonke ukuba sihlakulele ukuthembela kuJehova ngokuphelele. Ngokuqinisekile siyaludinga usizo ‘kulezizikhathi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Siyayalwa: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, kuyilapho naneliswa izinto ezikhona. Ngoba uthe: ‘Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.’ Ukuze sibe nesibindi futhi sithi: ‘UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?’” (Heberu 13:5‚ 6) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuhlakulela ukholo oluqinile kuNkulunkulu njengoMondli wethu!
Nakuba iBhayibheli lingatsheli umuntu ngamunye ukuthi aziphilise kanjani, liyazinikeza iziqondiso ezinengqondo. UJesu Kristu wayala izilaleli zakhe ukuba zinakekele ingokomoya lazo kuqala: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Sitshelwa futhi ukuba sibeke imigomo: “Nikwenze umgomo wenu ukuphila ngokuthula futhi ninake izindaba zenu siqu futhi nisebenze ngezandla zenu, njengoba nje saniyala; ukuze nihambe ngokufaneleyo ngokuqondene nabantu bangaphandle futhi ningadingi lutho.” (1 Thesalonika 4:11, 12) Ukuze siphile sijabulele isilinganiso esithile sokuthula, ingabe akudingeki ukuba siphile ngalokho esinakho?
IZwi likaNkulunkulu lingasisiza ukuba silungise ukucabanga kwethu. Umlobi wezAga wabonisa umbono onokulinganisela lapho ecela uNkulunkulu: “Unganginiki ubumpofu nengcebo, kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo, funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: UJehova ungubani na? funa ngibe-mpofu, ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami.” (IzAga 30:8, 9) Ngakho ungabi namahloni uma kudingeka uphile ngokuncane, okungenani okwesikhashana. Ungalokothi uvumele injabulo yakho ukuba ixhomeke ezintweni ezibonakalayo, njengoba kwenza abaningi, beziqhathanisa nabanye noma bekhathazeka ngokungadingekile ngezinto ezibonakalayo.—Mathewu 6:31-33.
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lingakusiza ukuba uhlakulele imikhuba emihle. Funda ukonga ngaphandle kokuncishana, waneliseke ngezinto okwaziyo ukuzithenga. Uma usemusha, ungalindeli ukukuthola ngokuphazima kweso lokho abantu abadala abaye bakuthola ngokusebenza iminyaka eminingi. Gwema ukugqilazwa ukuthanda izinto ezibonakalayo. Ngokufanelekile, iBhayibheli alisixwayisi ngemali, kodwa ‘ngothando lwemali,’ lithi: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu embubhisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela loluthando abanye baye badukiswa okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba uqaphele umehluko phakathi kwalokho okudingayo ngempela nalokho okufunayo nje!
Nokho, ingabe unomuzwa wokuthi iholo lakho liphansi kakhulu? Yiqiniso, akulula ukubhekana nokuswela ngaphandle kokukhungatheka. Nakuba kunjalo, zimisele ukuphila ngaphandle kwezinye izinto ezingabalulekile kunokuba ungene ezikweletini ngenxa yazo, okungase kukubangele imithwalo esindayo ngisho nokulahlekelwa ngokwezimali. Hlela ngokucophelela, futhi wonge imali. Ungase uthole ukusikisela okuwusizo ngokuxoxa nomngane onolwazi. Kungasiza yini ukufunda ikhono elisha? Khumbula: Ukulandela izimiso zeBhayibheli, ukubeka izinto ezingokomoya kuqala, nokuthembela kuJehova ngokugcwele kubalulekile—kungakhathaliseki ukuthi izimo zinjani.—Filipi 4:11-13.
Yebo, ukungena ezikweletini kungase kungasizi. Kuye kwathiwa: “Indoda enezikweleti ibanjwe enethini.” Umthwalo wezikweleti ungalimaza ukuphila, impilo, nengokomoya lomkhaya. Izikweleti zingase zenze obolekayo abe mpofu nakakhulu. IzAga 22:7 zithi: “Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.” Ngakho, gwema izikweleti ezingadingekile. Sisengazuza esimisweni esihilelekile kulokho umphostoli uPawulu akutusa kumaKristu: “Ningakweleti muntu nento eyodwa, ngaphandle kokuthandana; ngoba lowo othanda omunye umuntu uwugcwalisile umthetho.”—Roma 13:8.
Kungakhathaliseki ukuthi sinjani isimo sezomnotho ezweni lakini, bheka phambili ngokuqiniseka ezweni elisha likaNkulunkulu. Ngokushesha isintu ngeke sisahlukaniswa sibe nababolekisayo nababolekayo. Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, akekho oyoba mpofu. Isethembiso sikaJehova siyogcwaliseka: “Iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.” (IHubo 72:12, 13) Kunokuba bakhandleke ukuze nje baqhubeke bephila, abakhé emhlabeni ngalesosikhathi ‘bayothokoza ngokuthula okukhulu.’—IHubo 37:11.
[Isithombe ekhasini 12]
UThomas Jefferson
[Umthombo]
Painting by Gilbert Stuart. Courtesy Bowdoin College Museum of Art/Dictionary of American Portraits/Dover
[Isithombe ekhasini 13]
Ukungena shí ezikweletini kungacindezela umshado wakho