Ukubolekisana Ngemali Nothando LobuKristu
ESIKHATHINI esithile esidlule, indodakazi yomlimi yayigula ibangwa nezibi. Yayikudinga kakhulu ukwelashwa, kodwa umlimi wayempofu futhi wayengenakukwazi ukuyiyisa kudokotela. Edolobheni ababehlala kulo—njengasemadolobheni amaningi kulelozwe—kwakunobolekisa imali owabolekisa ngemali ngendlela yokuzalanisa. Uboleka amaRandi amahlanu ngenyanga ezayo ukhokha ayisithupha. Lombolekisi wemali wamnikeza umlimi khona lapho, kodwa, yebo, ngenyanga ezayo umlimi kwakumelwe aqale ukukhokha inzalo.
Ubungalibheka kanjani lelilungiselelo? Bekungaba okufanelekile ngomKristu ukubolekisa imali ngenzuzo ngaphansi kwezimo ezinjalo?
Umphostoli uJohane watshela amaKristu akanye naye ukuthi akumelwe ‘avale isihawu sawo’ kubazalwane bawo abaswele. (1 Johane 3:17) Futhi umthetho uNkulunkulu awunikeza amaIsrayeli washo ngokuqondile: “Awuyikuyenza-lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho, kepha umvulele nokumvulela isandla sakho, umtsheleke impela okwanele ukudinga kwakhe akuswelayo.”—Duteronomi 15:7, 8.
Ngakho-ke, umbolekisi wemali wenza kahle ngokukhipha imali ukuze kwelashwe intombazane eyayigula. Okungenani yayithola imithi eyayiyidinga. Kodwa kwakunesinye isici esanikezwa kuIsrayeli. Sasithi: “Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi-nzalo kuye.” (Eksodusi 22:25) Kungani amaJuda ayengenakubolekana ukuze athole inzuzo?
Khumbula ukuthi ekuqaleni iningi lamaJuda lalingabalimi, kungekho-muntu onebhizinisi. Uma umlimi osebenza efeni lokhokho bakhe ecelwa ukuba abolekise, ngokunokwenzeka kwakungenxa yokuthi wayeswele. Umthetho wawuthatha ngokuthi obolekayo wayengo“mpofu.” Mhlawumbe wayenengozi, izitshalo zakhe azivumanga, noma ngezizathu ezithile wayedinga imali kuze kube sesivunweni esilandelayo. Ukufuna inzalo ngaphansi kwezimo ezinjalo kwakuyoba ukufuna inzuzo ngosizi lomfowabo. Kwakungenakubonisa uthando, futhi amaIsrayeli ayeyaliwe: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”—Levitikusi 19:18.
Nakuba amaKristu namuhla engekho ngaphansi kwalowomthetho wasendulo, asenesibopho sokuthandana. UJesu wathi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Ngakho-ke, umKristu, naye akumelwe afune inzuzo ngosizi lomzalwane wakhe ngokufuna inzuzo uma umzalwane wakhe eswele futhi ecela ukubolekwa.
Iqiniso liwukuthi, ezikhathini zobunzima amaKristu asizana ngaphezu kokubolekana. Ayaphana. Ekhulwini lokuqala uPawulu noBarnaba baphathiswa iminikelo ngamaKristu aseAsiya ukuba bayiyise kubazalwane ababephethwe yindlala eJudiya. (IzEnzo 11:29, 30) Ngokufanayo namuhla, lapho kuvela inhlekelele ethile, amaKristu athumela izipho ukuze asize abazalwane bawo.
Ngalomoya ofanayo, uJesu wanxusa: “Ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.” (Mathewu 5:42) Kanjalo umKristu ubheka ubunzima besikhashana bomzalwane wakhe njengethuba lokubonisa uthando. Kufanele amsize ngangokuba engaphumelela, ngisho nasezingeni lokukhipha izipho noma ukuboleka okungafuni nzuzo. Ngokungangabazeki, uma obolekisa ngemali oshiwo ekuqaleni ayesebenzisa izimiso zobuKristu, wayeyokubheka ngalendlela.
Ukukhokhelana
Kulokhu, umtshelekwa akakhululekile. UPawulu weluleka amaKristu: “Ningabi-nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.” (Roma 13:8) Ngakho-ke, umtshelekwa kumelwe aphaphamele isibopho sakhe sokukhokha isikweleti ngokushesha ngangokunokwenzeka. Akumelwe acabange ukuthi, ngoba lowo amboleke imali ucebile kunaye, asikho isidingo sokukhokha. Ngendlela efanayo akumelwe alindele umKristu akanye naye, njengodokotela noma ummeli, ukuba amenzele izinkonzo ezithile zakhe siqu ngaphandle kwembuyiselo.
UJesu wathi: “Kepha izwi lenu malibe-ngelokuthi: Yebo, yebo; Qhabo, qhabo.” (Mathewu 5:37) Ngamanye amazwi, umKristu kumelwe agcine izwi lakhe. Uma eboleka imali futhi ethembisa ukukhokha, noma ngenye indlela edala isikweleti, khona-ke kumelwe enze konke angakwenza ukuze akhokhe lesosikweleti. Ukuze umsize kulokhu, futhi ukuze kuqinisekwe ukuthi akukho ukungaqondisisi kini nobabili, kuwukuhlakanipha ukuba nombhalo olotshiwe, obonisa inani, indlela okumelwe ikhokhwe ngayo, nokunye.
Ukubolekana Ngenzuzo
Ingabe ngaso sonke isikhathi akusikho ukuba nothando ukucela inzuzo? Hhayi ngempela. Kuyaphawuleka ukuthi, nakuba amaJuda ayengenakucela inzuzo kwamanye amaIsrayeli, kwakwehlukile ngabafokazi. “Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo,” kusho umthetho. (Duteronomi 23:20) Kwakungani kunalomehluko? Kungoba umfokazi kwaIsrayeli cishe kwakungumuntu webhizinisi, futhi ukuboleka ngokunokwenzeka kwakuyoba ngenjongo yebhizinisi. Ngakho-ke, kwakunengqondo kuphela ukuthi owayebolekisa imali kumelwe ahlanganyele kunoma iyiphi inzuzo eyayizokwenziwa, futhi wayengakwenza lokhu ngokucela inzalo.
UJesu akamelananga nesimiso sokubolekisa imali ngenzalo. Wakubonisa lokhu komunye wemifanekiso yakhe. Walandisa ngomuntu owayeyisikhulu owahamba okwesikhashana futhi washiya imali ezincekwini zakhe. Lapho ebuya wabala imali, futhi wathola ukuthi iningi lezinceku laliyizalisile imali. Lezi zanconywa. Nokho, enye inceku yayingayizalisanga imali; yayingenanzuzo yokuyibonisa. Yayingazange iyifake nasebhange-kanjalo iyibolekise ebhange ukuze isetshenziswe ngokwebhizinisi—bese ithola inzalo. Lenceku yajeziswa inkosi yayo.—Luka 19:11-24.
Kuthiwani namuhla? Abesifazane ababili abangamaKristu babenelungiselelo lebhizinisi. Omunye wayeboleke omunye cishe amaRandi angama-20 ngosuku. Obolekiwe wayethenga ukudla akuthengise emakethe. Ekupheleni kosuku wayeba nama-R25, kuwona wayebuyisela u-R21,00 kowayembolekile, futhi azigcinele u-R4,00. Kulelozwe u-R4,00 akulona iholo elingajwayelekile ngomsebenzi wosuku.
Kwenye ingxenye yalelozwe, indoda engumKristu yayiqhuba ibhizinisi lomkhaya. Ngenxa yokuthuthuka kwezobuchwepheshe, yabona ukuthi ibhizinisi lalizokuwa ngokushesha. Kodwa kwakunethuba lokushintshela komunye umsebenzi. Inkinga okwakuwukuphela kwayo, yayidinga imali eyengeziwe. Ngakho-ke yaboleka komunye umKristu, futhi ithembisa ukukhokha inani elithile lenzuzo ngemali ebolekiwe inyanga ngayinye.
Ingabe likhona kulamalungiselelo elaphikisana nomoya womthetho kaNkulunkulu kumaIsrayeli ngokuthi akumelwe afune inzuzo kwamanye? Lutho neze! Uma umuntu engaswele ngokuphuthumayo, kodwa efuna ukuboleka imali—mhlawumbe ngenxa yebhizinisi—akukho sizathu ngombolekisi sokuba angayifuni inzalo. Inzalo engakanani? Lokho kuyoxhomeka, phakathi kwezinye izinto, ohlotsheni lokubolekisana olwenziwe, ngalokho abavumelene ngakho, nomthetho wezwe. Elungiselelweni lokuqala elisanda kushiwo, inzuzo yamaphesenti ama-5 ngosuku ingase ibonakale iphakeme kakhulu. Kodwa obolekiwe ngokuqinisekile wayenza inzuzo yamaphesenti angama-25 futhi wayejabulela ukuhlanganyela enye yayo nombolekisi.
Yebo, uma izinkinga ziphakama kamuva, akubonakali kunengqondo ukuthi onesikweleti kumelwe akhononde ngokuthi isilinganiso senzuzo siphakeme kakhulu, uma avuma ekuqaleni ngokukhululekile nangokuzithandela. Lapha futhi, kuwukuhlakanipha ukuba nokuvumelana ngesikweleti okubhaliwe ukuze kugwenywe ukungezwani kamuva.
Amathuba Okubonisa Uthando
Uma ukuvumelana okunjalo kuqhubeka kahle, kungaba yinzuzo kuwo wonke umuntu. Kodwa lelizwe alinasiqiniseko, futhi izinto ngokuvamile ziyonakala. Ngokwesibonelo, bekungenzekani uma intokazi eshiwo ngaphambili eyayiboleka u-R20, usuku ngalunye yagetshengwa? Noma ake sithi elungiselelweni lebhizinisi phakathi kwamadoda amabili ukuqaliswa kwebhizinisi akusebenzanga njengoba kwakwethenjwa futhi umbolekwa wangakwazi ukukhokha inzuzo okwathenjiswana ngayo?
IBhayibheli alinikezi-mthetho ngendlela izinkinga ezinjalo okumelwe zisingathwe ngayo, kodwa umthetho usasebenza: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Uma bobabili belinganisela ekukhathaleleni okuqotho ngezithakazelo zomunye ngomoya wokuhlakanipha okuwusizo, bebheka lesisimo ngokoqobo futhi bemukela ukutusa okunengqondo, khona-ke izinto ngokuvamile zingaxazululwa ngendlela enhle.
Ngokuqinisekile, umphostoli uPawulu akazange akutuse ukuba amaKristu ayise abazalwane bawo enkantolo ngenxa yezimali. Wathi: “Ngempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?”—1 Korinte 6:7.
UmKristu onesikweleti ‘ongahaheli inzuzo embi,’ kumelwe ngempela afune ukukhokha isikweleti sakhe. (1 Thimothewu 3:8) IBhayibheli lisitshela ukuthi “omubi uyatsheleka, angabuyiseli.” (IHubo 37:21) Ngisho nakuba ubunzima obungalindelekile kungenzeka buye baphakama, akafuni ukubalwa ‘nababi.’ Kumelwe afune ukuba umuntu ongena“cala lani nakubani, kuphela uthando.” (Roma 13:8) Ngakho-ke, kumelwe enze ngobuqotho futhi angafuni izintuba zokuphunyula ezingokomthetho ukuze abalekele izibopho zakhe.
Ngakolunye uhlangothi, umbolekisi udinga ukuqiniseka ekulindeleni kwakhe. Uyaqaphela ukuthi ukubolekisa kuhilela ukuzifaka engozini okuthile. Ngakho-ke, akumelwe amcindezele ngokungabekezeli obolekile. Kungase kube ukuthi imali ayikho nje kwaphela ukuze akhokhelwe. AmaKristu amaningi ezimweni ezinjalo aye abonisa ukuthi ‘awathandi imali’ ngokwelula isikhathi sokukhokhelwa, noma ngokwemukela isivumelwano sokuzwelana nesinengqondo. (1 Thimothewu 3:3) Amanye aye asisula isikweleti ngokuphelele.
Okushiwo ngezinkinga ezingaphakama ekubolekeni nasekubolekiseni ngemali kuphakamisa lombuzo owengeziwe: “Ingabe kudingeke ngempela?” IBhayibheli alikusoli ukuboleka imali uma kudingekile. Kodwa ngokuvamile kusuke kungadingekile. Ezikhathini eziningi “inkanuko yamehlo” inamandla kunokungenziwa imali onayo, ngakho abantu baboleka imali ukuze bathenge izinto zokunethezeka abangazidingi ngempela. (1 Johane 2:16) Ekugcineni isikweleti kumelwe sikhokhwe. Ngakho-ke iBhayibheli lixwayisa ngokuqondile: “Nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.”—IzAga 22:7.
Nokho, uma kubolekiswana phakathi kwamaKristu, lokhu ngokuvamile kunikeza ithuba lokubonisa izimfanelo zobuKristu. Ngokwesibonelo, isifiso esiqotho sokugcwalisa izibopho, ukukhathalela okuqotho ngenhlala-kahle yabanye nangokubalekela uthando lwemali kuyosiza ukuba kuqinisekise ukuthi ukubolekisana ngemali kwenziwe ngothando lobuKristu. Ngalendlela umyalo weBhayibheli uyolalelwa: “Konke enikwenzayo makwenziwe ngothando.”—1 Korinte 16:14.
“Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla. Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.”—IHubo 37:25, 26.