Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 6/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amathuluzi Okukhulekelwa KukaSathane—Izidakamizwa Nomculo Onesigqi Esinamandla
    I-Phaphama!—1994
  • Gwema Umculo Owonakalisayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ingabe Umculo Ungangilimaza Ngempela?
    I-Phaphama!—1993
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 6/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Inkolo Nempi Ngifisa ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngochungechunge luka-October 22, 1994 oluthi “Lapho Inkolo Ithatha Uhlangothi Empini.” Nakuba ngangiphila esikhathini sokubulawa kwamaSerb eCroatia, angikukhumbuli ngoba ngangisemncane kakhulu. Ngakho lesi simo esiyinkimbinkimbi nesidabukisayo singithinta kakhulu. Ngayazisa indlela enayikhanyisa ngayo indima yenkolo nokuzama kwayo ngokuqhubekayo ukubhebhethekisa ukwahlukana kanye nenzondo phakathi kwalamaqembu ezizwe.

M. K., United States

Sangithinta inhliziyo isihloko esithi “Asizange Siyisekele Impi KaHitler.” Sasibhalwe kahle kakhulu kangangokuba ngacishe ngakhala. Ngineminyaka engu-15 ubudala, futhi kuyangikhuthaza ukwazi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ngingase ngibhekane noshushiso oluncane kangakanani esikoleni noma emsebenzini wokushumayela, ngingakwazi ukubhekana nalo.

A. M., United States

Ngamane ngakhala lapho ngifunda ngovivinyo umkhaya wakwaWohlfahrt owabhekana nalo. Ukuvivinywa kwawo kwenza ukudumazeka kwami okuncane kubonakale kungelutho. Lesi sihloko sangikhuthaza ukuba ngiphikelele, ngazi ukuthi njengamaKristu, singase sibhekane nokuphikiswa okufanayo njengoba lesi simiso sisondela ekupheleni kwaso.

M. S., United States

Imizamo Yokusiza Ngangikhathazekile ngoFakazi BakaJehova baseRwanda. Njengoba sengifunde isihloko esithi “Ukunakekela Izisulu Zenhlekelele YaseRwanda” (December 22, 1994), sengazi okuthile ababhekana nakho. Lesi sihloko sathi baningi abafa lapho. Okwangisiza ngazizwa kangcono ngalokhu kwakuwukuba nethemba lokubabona ePharadesi. Okwamanje, ngizobathandazela engikholwa kanye nabo baseRwanda.

J. D., Japan

I-wolf Eyimpicabadala Ngiyabonga ngezihloko eziningi ezifundisayo futhi ngokuvamile ezihlekisayo enizinyathelisayo ngendalo kaJehova. Sasithakazelisa kakhulu isihloko esikhuluma nge-Canis lupus esithi “Isilwane Esiyimpicabadala—Siyazondwa Futhi Siyathandwa.” (September 8, 1994) Kodwa esithombeni esisekhasini lokuqala lalesi sihloko, lesi silwane sibonakala sisincane kakhulu ukuba singaba i-wolf.

S. W., Germany

Siyakwazisa ukuqaphela kwalomfundi oneso elibukhali. Kuyabonakala ukuthi lesi sithombe esiyisithunzi empeleni sasisekelwe esithombeni senkentshane, hhayi se-wolf. Siyaxolisa ngaleli phutha.—ED.

Ukukhulekelwa KukaSathane Ngikuthola kushaqisa ukugxila entweni eyodwa nokubopha ngabhande linye umculo onesigqi esinamandla ochungechungeni lwenu oluthi “Ukuheha Kokukhulekelwa KukaSathane.” (September 22, 1994) Nakuba kuyiqiniso ukuthi kunamaqembu afanelana nalokho enigxile kukho, isihloko senu siyehluleka ukusho ezinye izigijimi ezinhle zomculo onesigqi esinamandla.

C. C., United States

Kungase kube iqiniso ukuthi akuwona wonke umculo onesigqi esinamandla okhuthaza ngokuqondile ukukhulekelwa kukaSathane. Nakuba kunjalo, kwaziwa kahle kamhlophe ukubukeka okwesabekayo nokuziphatha kwamanye amaqembu anethonya omculo onesigqi esinamandla. Kungokufanayo nangobuhlobo obudala lolu hlobo lomculo oluye lwaba nabo nezidakamizwa nobudlova. Uma sicabangela lamaqiniso, sazizwa sinesibopho sokuxwayisa abafundi balomagazini ngokuhileleka kunoma iluphi uhlobo lwalomculo.—ED.

Konke enakubhala kwakunembile. Indodakazi yethu endala yakhuliswa njengomKristu. Kodwa-ke yaqala ukuvukela. Sathola ukuthi yayijwayelene nezingane ezilalela umculo onesigqi esinamandla. Yayifihla amakhasethi omculo onesigqi esinamandla bese ilalela lezi zingoma ebusuku ngama-headphone. Ezinye zezosha kwakungezamaculo obusathane! Kamuva sathola kufihlwe izimpawu zobusathane ekamelweni layo. Ekugcineni yahamba ekhaya futhi isafile ngokomoya. Konke lokhu kwaqala ngomculo onesigqi esinamandla.

D. B., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela