Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 8/8 k. 8-k. 9 isig. 5
  • Ukuziphendukela Kwemvelo Kanye Nawe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuziphendukela Kwemvelo Kanye Nawe
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uye Wavezani Umzamo Womuntu?
  • Lokho Okwabikezelwa IBhayibheli
  • Incwadi Imangalisa Izwe
    I-Phaphama!—1995
  • Imiphumela Yenkolelo-mbono Yokuziphendukela Kwemvelo
    I-Phaphama!—1995
  • Uma Kukhulunywa Ngesayensi—Ulalela Kanjani?
    I-Phaphama!—1998
  • Ukumelela Iqiniso Ezweni Elingamesabi UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 8/8 k. 8-k. 9 isig. 5

Ukuziphendukela Kwemvelo Kanye Nawe

PHAKATHI nekhulu le-19, i-Origin of Species yaqinisekisa abantu abaningi ukuthi umuntu wayekwaze ukuphila ngaphandle kokungenela kwaphezulu nokuthi wayeyoqhubeka enza kanjalo. Bevuswe amadlingozi intuthuko yezesayensi, abaningi baba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayengasadingeki nokuthi isayensi yayingalusindisa uhlanga lwesintu. Incwadi ethi Age of Progress yaphawula ukuthi ikhulu le-19 “lalishukunyiswa ukuqiniseka ngokuthi imizamo yomuntu enengqondo ingashintsha izwe.”

Nokho, ngasekupheleni kwalelo khulu leminyaka, ngisho noCharles Darwin wayengasaqiniseki ngombono wakhe wokuba nethemba. Ngokwesazi-mlando esithile, uDarwin wayekhathazeke ngokuthi inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo “yayisibulale uNkulunkulu nokuthi imiphumela yekusasa lesintu yayingenakulinganiswa.” U-Alfred Russel Wallace, osemusha owayephila esikhathini sikaDarwin, wakhumbula: “Phakathi nokuxoxa kwami kokugcina noDarwin [ngaphambi nje kokufa kwakhe] wazwakalisa ukungabi nathemba okukhulu ngekusasa lesintu.”

Uye Wavezani Umzamo Womuntu?

Umlando wekhulu lama-20 kusukela lapho uye wembula ukuthi ngempela izikhathi ezimbi kakhulu zaziseza. Okufinyelelwe ezobuchwepheshe kusukela esikhathini sikaDarwin kwamane kwafihla lokho okuye kwabonakala kuyinkathi emnyama, enobudlova kunazo zonke emlandweni wesintu. Siphila phakathi nalokho isazi-mlando uH. G. Wells esakuchaza ngokuthi “ukonakala kwangempela.”

Kusukela uWells asho lawo mazwi (eminyakeni engaba ngu-75 edlule), izwe liye laqhubeka lonakala ngokwengeziwe. Akukho okuye kwazanywa ososayensi, izazi zezomnotho, izinhlangano zomphakathi, ohulumeni babantu, noma izinkolo zalelizwe okuye kwalungisa lesi simo noma-ke kwavimbela leli gagasi. Izimo ziyaqhubeka ziwohloka.

Ngakho-ke, eqinisweni kumelwe kubuzwe: Uye wavezani umzamo womuntu? Ingabe isayensi nezobuchwepheshe kuye kwaveza izwe elingcono? “Lapho sivula iphepha lansuku zonke futhi sibheka ukuthi kwenzekani,” kusho isazi sesayensi yezinto eziphilayo uRuth Hubbard, “azikho izinkinga ezingokwesayensi. Izinkinga zokuhleleka komphakathi, zezinto ezikhungathekisayo, zabantu abaphishekela inzuzo bese bezishaya indiva izidingo zabantu.” UHubbard wanezela: “Empeleni angicabangi ukuthi ekwabiweni kahle kwezomnotho, isayensi ingase ixazulule izinkinga ezithile noma eziningi ezibakhathaza kakhulu abantu ezweni.”

Eqinisweni, kunanzuzoni uma umuntu engaya enyangeni kodwa engenakuzixazulula izinkinga eziyisisekelo zomkhaya wesintu? Ingabe ukusungulwa kwezikhali ezibhubhisa ngokwengeziwe, njengebhomu le-athomu, kwaziqeda izimpi nobudlova bobuhlanga? Ingabe okuye kwafezwa isayensi kuye kwabuqeda ngokuphawulekayo ubugebengu, ukuhlukana kwemikhaya, izifo ezithathelwana ngobulili, ukuziphatha okubi, ubuvezandlebe, ukonakala kwabasezikhundleni eziphakeme, ubumpofu, indlala, ukungabi namakhaya, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ukungcola? Cha, kunalokho isayensi iye yenza ezinye zalezi zinto zaba zimbi ngokwedlulele. Ngokumshaya indiva uNkulunkulu nokubeka ukuziphendukela kwemvelo nesayensi esikhundleni sakhe, umkhaya wesintu awuzange usilungise isimo sawo kodwa uye wasonakalisa.

Akumangalisi ukuthi abaningi bayayingabaza lenkolelo-mbono yokuthi umuntu wavela ezidalweni eziyizinkawu, ngokuphambene nokuthi kukhona uNkulunkulu owadala abantu bokuqala. Inhlolo-vo kaGallup e-United States yembula ukuthi amaMelika angamaphesenti angu-9 kuphela akholelwa ukuthi umuntu wavela ngaphandle kokungenela kwaphezulu; amaphesenti angu-47 ayawamukela umbono wokuthi uNkulunkulu wadala umuntu waba yilokhu ayikho.

Lokho Okwabikezelwa IBhayibheli

Nakuba i-Origin of Species yabikezela ukuthi umuntu wayeyoqhubekela ekupheleleni, iBhayibheli labikezela ukuthi lelizwe laliyozanyazanyiswa ukuwohloka kokuziphatha. (Mathewu 24:3-12; 2 Thimothewu 3:1-5) IBhayibheli labikezela futhi ukuthi lokhu kuwohloka kwakuyofinyelela umvuthwandaba, okwakuyokuthi ngemva kwawo isintu esikholekile sizuze ipharadesi, elingenazo zonke izinkinga zanamuhla.—IHubo 37:10, 11, 29; Isaya 11:6-9; 35:1-7; IsAmbulo 21:4, 5.

Leli themba liye lenza abaningi ukuba bahlole iBhayibheli ngesithakazelo esikhulu. Ingabe ngempela injongo yokuphila ayikhona nje ukulwela ukuba khona? Ingabe iBhayibheli aliphethe kuphela isihluthulelo somlando womuntu kodwa futhi nesesikhathi esizayo, kuhlanganise nesakho? Kuyoba usizo kakhulu ukuhlola lokho okufundiswa iBhayibheli ngempela ngoNkulunkulu nangenjongo yakhe ngalomhlaba nabantu abakuwo. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe, oFakazi BakaJehova bayokusiza ngenjabulo.

[Ibhokisi ekhasini 9]

Izigidi ziye zasizwa ukuba zihlolisise ubufakazi bokuba khona kukaNkulunkulu wendalo, zisebenzisa incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?a Kuze kube manje, kuye kwanyatheliswa amakhophi angaba izigidi ezingu-30 ngezilimi ezingu-27. Futhi, umagazini i-Phaphama! uyaqhubeka unyathelisa ukwaziswa okuphathelene nalokho okuboniswa amaqiniso esayensi yeqiniso ngokuba yiqiniso kwenkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Izithombe ekhasini 8, 9]

Ngokuphambene nenkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo, iBhayibheli labikezela ukuwohloka kokuziphatha kwanamuhla nekhambi lakho—ipharadesi elingenazinkathazo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

U.S. Coast Guard photo

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

Starving child: WHO photo by P. Almasy

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

Right: U.S. National Archives photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela