Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 8/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqaphela Izinkinga Ezinkulu Zokulala
    I-Phaphama!—2004
  • Ingabe Uyahona?
    I-Phaphama!—1994
  • Ukutubeka—Kuyakunyonyobela?
    I-Phaphama!—1995
  • Ukutubeka—Ungabhekana Kanjani Nakho?
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 8/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukutubeka Ngiyabonga ngochungechunge oluthi “Ingabe Uhlushwa Ukutubeka?” (January 8, 1995) Nakuba ngikhonza njengephayona, sekuyizinyanga eziningi ngizizwa ngingenamandla futhi ngintula umdlandla. Lesi sihloko sanginikeza amaphuzu athile engizowasebenzisa, ikakhulukazi ukusikisela kokuba sigweme ukugxeka abanye.

M. S., Germany

Kimina lezi kwakuyizihloko ezimangalisayo ngoba ekugcineni ngayiqaphela inkinga yami. Ngiyinkosikazi, unina wezingane ezine, futhi kunokuningi okumelwe ngikwenze. Ngokudabukisayo, umkhaya wami awungincomi neze. Ngizizwa ngingcono ngokwazi ukuthi lena inkinga evamile kubantu abasheshe bathinteke. Ningayeki ukunyathelisa izihloko ezinjengalezi!

J. M., Italy

Bengilokhu ngihlushwa ukukhathala, ukuntula ugqozi, ukuphelelwa ithemba, nokucobeka. Ngemva kokufunda lesi sihloko, ngiyaziqonda izici ebezibangela lemizwa. Ngifisa ukuba nazi ukuthi kuhle kangakanani ukuqondwa nokwazi ukuthi uJehova nenhlangano yakhe basikhathalela ngokwanele ukuba babhale izihloko ezikhuthazayo.

Z. L., United States

Ukutubeka kwangenza ngashiya inkonzo yaseBethel futhi kamuva ngayeka ukuphayona. Kwakusele kancane ukuba ngiyeke ukukhonza njengomdala! Ngiyabona manje lapho ngiye ngahluleka khona ukuveza imizwa ezikhathini ezidlule. Ngiye ngathuthuka kulesi sici, futhi isimo sami sengqondo singcono kakhulu.

E. R., United States

Kwaba isikhuthazo ukwazi ukuthi ezinye izikhonzi ezingamaKristu ziye zayikhuthazelela lenkinga futhi zayinqoba.

C. L., Switzerland

Omama Abangashadile Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Omama Abangashadile Bangasisingatha Kanjani Ngokuphumelelayo Isimo Sabo?” (October 8, 1994) Niyavuma ukuthi ukukhulelwa kwabangelwa ukwenza okungalungile. Kodwa kunokuba nigxile kulokhu futhi nenze intombazane iphatheke kabi nakakhulu, ninikeza iziqondiso eziwusizo.

J. D., United States

Ngaba umzali ongayedwa eminyakeni eyishumi edlule. Kodwa ngosizo lukaJehova nabazali bami abangamaKristu, ngiye ngaphumelela. Ngemva kokuphothula esikoleni, ngakhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele iminyaka eyisithupha futhi ngashada nendoda engumKristu manje ekhonza njengomdala. Ngiye ngazuza kakhulu esiheni nasemseni kaJehova futhi ngiyakwazi ukusebenzisa okuhlangenwe nakho kwami ekusizeni abanye.

A. M., United States

Angikwazanga ukubamba izinyembezi njengoba ngifunda lesi sihloko. Ngabhekana naso kanye isimo enasichaza. Manje njengoba sengingumKristu, ngiyajabula ngokukwazi ukukhulisa indodakazi yami ngokuqonda.

C. R. S., Brazil

Ukuhona Isihloko esithi “Ingabe Uyahona?” (September 8, 1994) saxwayisa ngezingozi ezingase zibangelwe ukuhona. Kodwa nathi uma ungumuntu ohona kakhulu, usuke uphethwe i-sleep apnea. Akunjalo. Njengoba sikhula sivame ukuhona kakhulu. Kungase futhi kubangelwe ukungezwani nezinto ezithile nezinkinga zomgudu wokuphefumula. Kodwa uma ukuhona kakhulu kuhambisana nezikhathi zokuhluleka ukuphefumula, okulandelwa ukukhefuzela noma ukuthimula, futhi kuba khona ukozela emini noma ukukhathala, cishe imbangela i-sleep apnea. Indlela yokukwelapha evame kakhulu akukhona ukuhlinzwa, kodwa imishini esebenzisa umoya onomfutho ophakeme ogcina imigudu yokuphefumula ivulekile lapho ulele.

C. S., United States

Siyakwazisa lokhu kukhulumela futhi siyaxolisa uma isihloko sethu sabangela ukushayisana kwemibono. Izikhulu zezokwelapha ziyavuma ukuthi ukuhona ngezikhathi ezithile kungokwemvelo. Njengazo zonke izinkinga zezokwelapha, kudingeka ukuxilongwa udokotela ukuze umuntu athole ukwelashwa okufanele.—ED.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela