Intsha Iyabuza . . .
Ukuhlukunyezwa Ngokobulili—Ngingazivikela Kanjani?
U-ANITA uyintombazane eneminyaka engu-16 ubudala enobungqabavu futhi ehlala imomotheka. Nokho, uyahwaqabala lapho echaza izenzakalo zamuva zasesikoleni afunda kuso. Uyakhumbula: “Umfana othile odumile wangivalela ekhoneni ephasishini wabe eseqala ukungithinta ngendlela engafanele. Wayesekwenze emantombazaneni amaningi lokhu—kwawajabulisa ukuwanaka kwakhe, kodwa akungijabulisanga mina! Ukumtshela ngendlela enomusa ukuba angiyeke akuzange kusize. Wayecabanga ukuthi ngiyadlala.”
Inkinga ka-Anita ngokuqinisekile ivamile. Ngokusobala ukuhlukunyezwa ngokobulili kwakuvamile ezikhathini zeBhayibheli. (Qhathanisa noRuthe 2:8, 9, 15.) Futhi kwande ngendlela eshaqisayo namuhla. “Abanye besilisa emsebenzini baye basho amazwi angcolile ngomzimba wami,” kusho enye intombazane eseyintsha. Kodwa ezikhathini eziningi ukuhlukunyezwa kuba ngaphezu kwenkulumo nje. Iyanezela: “Abanye baye bazama ukungithinta noma ukungibamba.” Intombazane eseyintsha okuthiwa uRené yatshela i-Phaphama!: “Ukuhlukunyezwa kwadlondlobala emsebenzini kangangokuba kwadingeka ngiyeke.”
Okunye ukuhlola kwamuva nje kubike ukuthi amaphesenti angu-81 abafundi bebanga lesithupha kuya kwelesishiyagalolunye athi ayeke ahlukunyezwa ngokobulili okungenani kanye. “Kulabo,” kubika i-U.S.News & World Report, “amaphesenti angu-65 amantombazane namaphesenti angu-42 abafana athi ayeke athintwa, abanjwa noma ancizwa ngendlela engokobulili.” Yebo, abafana kanye namantombazane bayizisulu. Njengoba umzali womunye umfana oneminyaka eyeve eshumini nambili ekhumbula: “Iye yangishaqisa indlela agange ngayo amantombazane asesikoleni okufunda kuso indodana yami. Kusukela lapho ineminyaka engaba ngu-12 ubudala, siye sathola izingcingo ezibeleselayo, izimemo zokuyophola, amazwi asikisela ubulili—njalonjalo.”
Kulula ukuba ukushaye indiva lokhu kuziphatha okucasulayo. Omunye osemusha wathi: “Ngezinye izikhathi kwenziwa ngendlela esahlaya.” Kodwa akulona ihlaya kumaKristu! Ayazi ukuthi ukuhlukunyezwa ngokobulili ngokuvamile kuwumzamo wokuyengela othile ekuziphatheni okubi ngokobulili, lokho uJehova uNkulunkulu akulahlayo. (1 Korinte 6:9, 10) Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu liyala ukuba abesifazane abasebasha baphathwe “ngabo bonke ubumsulwa.” (1 Thimothewu 5:2) Futhi liyakwenqabela “ukuntela okuyichilo.” (Efesu 5:3, 4) Ngakho-ke intsha engamaKristu akufanele ikubekezelele ukuhlukunyezwa ngokobulili! Umbuzo uwukuthi, Ungazivikela kanjani ekubeni isisulu sakho? Ake sikhulume ngezinyathelo zokukuvimbela.
Izindlela Zokuvimbela Ukuhlukunyezwa
Hlakulela idumela lokuziphatha kobuKristu. UJesu wayala: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu.” (Mathewu 5:16) Ukuhlanganyela lokho okukholelwayo kanye nofunda nabo nosebenza nabo kungenye indlela yokwenza lokhu. Lapho waziwa ukuthi ungumuntu onezinkolelo ezijulile nezindinganiso zokuziphatha eziphakeme, akuvamile ukuba ube isisulu sokuhlukunyezwa.
Qaphela indlela ogqoka futhi uzilungise ngayo. Ezikhathini zeBhayibheli izembatho ezithile zazibonakalisa owesifazane njengoziphethe kabi. (Qhathanisa nezAga 7:10.) Ngokufanayo nanamuhla, izitayela ezivusa inkanuko yobulili zingase zikwenze uthandeke kontanga yakho, kodwa zingase zidlulisele isigijimi esingafanele. Ungase uzithole ubakhanga ngokungafanele abobulili obuhlukile. Inkinga efanayo ingaphakama uma intombazane isebenzisa izimonyo zayo ngendlela eyenza ibukeke indala kunalokho eyikho ngempela. Iseluleko seBhayibheli siwukuthi ‘uzihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo.’—1 Thimothewu 2:9.
Khetha ngokucophelela abantu ozihlanganisa nabo. (IzAga 13:20) Phela, abantu bayokwahlulela ngabantu ozihlanganisa nabo. Futhi uma abangane bakho baziwa ngokuchitha isikhathi esiningi bekhuluma ngabobulili obuhlukile, abantu bangase babe nombono omubi ngawe.—Qhathanisa noGenesise 34:1, 2.
Gwema ukudlala ngothando. Kuyiqiniso ukuthi akukho okungalungile ngokuba nobungane, kodwa kulula ukuba abobulili obuhlukile bakuqonde kabi ukubuka nokuthinta. Akudingekile ukuba umthinte umuntu ukuze nixoxe. Sebenzisa uMthetho Wegolide futhi uphathe abobulili obuhlukile ngendlela othanda ukuphathwa ngayo—ngobumsulwa nangenhlonipho. (Mathewu 7:12) Gwema ukuzama ukukhanga abobulili obuhlukile ukuze nje uzijabulise. Ukwenza kanjalo ngeke kube ukungabi namusa futhi kudukise nje kuphela kodwa kungaba yingozi. IBhayibheli liyabuza kuzAga 6:27: “Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na?”
Uma Uba Isisulu
Yiqiniso, ngisho noma kufanele wenze izinguquko ezithile ekugqokeni, ekuzilungiseni, noma ekuziphatheni kwakho, abanye abanalo ilungelo lokukuthinta noma lokusho amazwi asikisela ubulili. Futhi ngisho nenye intsha ebiyisibonelo ekubukekeni nasekuziphatheni iye yaba izisulu. Kufanele wenzeni uma lokhu kwenzeka kuwe? Nakhu okunye ukusikisela.
Yenqaba ngokuqinile. Kwaziwa kahle kamhlophe ukuthi abanye abantu bathi bayakwenqaba ukweshela kokuziphatha ngokobulili kuyilapho empeleni beqonde ukuthi bayakwamukela. Ngakho-ke abahlaseli bangase bacabange ukuthi ukwenqaba ngokunqikaza empeleni kusho ukuvuma—noma okungenani kungenzeka—kuze kube yilapho ubabonisa ngenye indlela. Iseluleko sikaJesu sokuba ucha wakho asho ucha siwusizo ngempela kulendaba. (Mathewu 5:37) Ungagigitheki noma uchobozele. Futhi akufanele uvumele ukushukuma komzimba, izwi, noma ukubukeka kobuso bakho kuphikisane namazwi akho.
Vuka indlobane. Ngokuvamile abahlukumeza ngokobulili bathembela ekutheni izisulu zabo azimelani nabo. Nokho, ezikhathini zeBhayibheli, abesifazane bakwa-Israyeli babenikezwe ilungelo, empeleni isibopho, sokumelana nokuhlaselwa ngokobulili. (Duteronomi 22:23, 24) Ngokufanayo namuhla, umKristu akufanele abe nomuzwa wokuthi ukuthintwa noma ukuphululwa ngokungafanele akuyona into engathi sína. Akulungile, ukuhlaselwa kwesithunzi sakho njengomuntu nanjengomKristu. Akumelwe ukwamukele! IBhayibheli liyayala: “Yenyanyani okubi”!—Roma 12:9.
Enye indlela ephumelelayo yokunqanda lokhu kuziphatha kabi kuwukuvuka indlobane bese umthela ngehlazo umhlaseli; mhlawumbe uzoyeka. Khumbula okuhlangenwe nakho kuka-Anita, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Ukucela kwakhe ngesizotha umhlaseli ukuba ayeke ukumthinta akuzange kusebenze. U-Anita uyasitshela: “Kwadingeka ngimphoxe phambi kwabangane bakhe ngokumemeza ngimtshele ukuthi ANGANGITHINTI ngaleyo ndlela!” Waba yini umphumela? “Bamhleka bonke abangane bakhe. Wathi ukungishalazela okwesikhashana, kodwa ezinsukwini ezimbalwa kamuva, waxolisa ngendlela ayeziphathe ngayo futhi kamuva wangivikela ngisho nokungivikela lapho othile ezama ukungikhathaza.”
Uma amazwi engasebenzi, kungase kudingeke ukuba umane umshiye—noma ngisho umbalekele—umhlaseli. Futhi uma ingekho indlela yokuphunyuka, unelungelo lokusebenzisa noma iyiphi indlela yokugwema ukuhlukunyezwa. Enye intombazane engumKristu yalimisa ngesihloko ngalendlela: “Lapho umfana othile ezama ukungibamba, ngamshaya ngesibhakela kakhulu ngangokunokwenzeka, ngase ngibaleka!” Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi umhlukumezi ngeke azame futhi. Ngakho ngokunokwenzeka kuyodingeka uthole usizo oluthile.
Tshela othile. “Yilokho ekugcineni okwadingeka ngikwenze,” kuvuma u-Adrienne oneminyaka engu-16 ubudala. “Ngacela iseluleko kubazali bami ngalendaba lapho umfana engangicabanga ukuthi ungumngane wami engafuni ukungiyeka. Lapho ngenqaba, kulapho ayephikelela khona, njengokungathi kwakuwumdlalo.” Abazali baka-Adrienne bamnikeza iseluleko esiwusizo esamsiza ukuba abhekane kangcono nalenkinga.
Abazali bakho bangakusiza nawe ukuba ubhekane nanoma imiphi imiphumela engokomzwelo engase ivele ngokuba isisulu, njengokuphoxeka, ukwesaba, noma ihlazo. Bangakuqinisekisa ukuthi ukuhlaselwa bekungelona iphutha lakho. Bangase futhi bathathe izinyathelo zokukuvikela esikhathini esizayo.
Ngokwesibonelo, bangase banqume ukuthi kunenzuzo ukutshela uthisha wakho noma abaphathi besikole ngalenkinga. Izikole eziningi e-United States zizithatha ngokungathi sína izikhalazo futhi zinezinkambiso ezicacile zokusingatha ukuhlukunyezwa kwabafundi ngokobulili.
Yiqiniso, akubona bonke abaphathi bezikole abanozwela. “Esikoleni engifunda kuso,” kusho u-Earlisha oneminyaka engu-14 ubudala, “ngezinye izikhathi othisha bayahlambalaza futhi baziphathe kabi kunezingane. Awazi ukuthi ungalufunaphi usizo.” Khona-ke, akumangalisi ukuthi lapho ebika ngokuhlukunyezwa kwakhe, wamangalelwa ngokuthi usheshe athinteke. Nokho, u-Earlisha akazange adangale. Wahlangana namanye amantombazane ayisithupha ayebanjwe futhi ancinzwa umfana ofanayo. Uthi: “Kwadingeka sibe yisithupha ukuze siqinisekise uthisha-nhloko ukuthi kwakunenkinga ngempela.” Ekugcineni, u-Earlisha wakwazi ukwenza ukuba lokhu kuziphatha okubi kunqandwe.
Funa ukusekelwa uNkulunkulu. Uma ngezinye izikhathi lapho usesikoleni uzizwa sengathi uvalelwe emphandwini wezingonyama, khumbula ukuthi uJehova uNkulunkulu wavikela umprofethi uDaniyeli emphandwini wezingonyama ongokoqobo. (Daniyeli 6:16-22) Nawe uJehova angakusiza. Uyakuqonda ukucindezela obhekana nakho esikoleni. Futhi uma isimo sishuba, ungacela usizo kuye—ngokuzwakalayo uma kudingekile! Ungesabi noma ube namahloni ngokwaziwa njengenceku kaNkulunkulu weqiniso. IBhayibheli lithembisa izinceku zikaNkulunkulu ezikholekile: “Uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi.”—IHubo 97:10.
Lokhu akusinikezi isiqinisekiso sokukhululwa ngendlela eyisimangaliso. Kumelwe wenze lokho ongakwenza ukuze uzivikele. Landela izimiso zeBhayibheli. Yiba nesizotha enkulumweni nasekubukekeni kwakho. Qaphela lapho usebenzelana nabobulili obuhlukile. Ngokwenza kanjalo, ungazivikela kakhulu ekuhlukunyezweni.
[Isithombe ekhasini 18]
Unganqikazi lapho wenqaba ukweshela kokuziphatha okungcolile; ucha wakho makasho ucha!