Ikhemisi Lasolwandle
Ngumlobeli we-Phaphama! eCanada
ZIVELAPHI izidakamizwa ezingokwemvelo? Akungabazeki ukuthi ngokushesha sicabanga ngezitshalo namakhambi. Nokho, uDkt. Michael Allen, ebhala kuyi-Medical Post, uchaza izidakamizwa ezitholakala emthonjeni ongajwayelekile neze—ulwandle.
Yiqiniso, lokhu akukusha; sekungamakhulu eminyaka amaShayina esebenzisa izinto ezikhishwe ezinhlanzini ukuze elaphe izifo. Futhi sekuyisikhathi eside i-cod-liver oil ikhona, njengoba abantu abadala abaningi bengakufakazela lokho. Nokho, kuncane okwaziwayo ngamandla okwelapha ezilwane zasolwandle uma kuqhathaniswa nalokho okwaziwayo ngamandla okwelapha ezitshalo namakhambi.
Nakuba kunjalo, okuye kwatholakala, kuhlaba umxhwele. Ngokwesibonelo, ikhemikhali ekhiqizwa inhlanzi i-puffer ingasetshenziswa ekwelapheni isifuba somoya. Ukuba khona kwama-nucleoside eziponjini kwaholela ekuthakweni kwe-vidarabine, isidakamizwa esibulala amagciwane. Ulwelwe olunsundu luye lwaveza i-stypoldione, evimbela ukuhlukana kwamangqamuzana engase isetshenziswe ekwelapheni umdlavuza. Futhi lokhu kuyisiqalo nje.
Nokho, ikhambi eliphelele lokwelapha izifo alinakutholakala ekhemisi lasolwandle. Kunalokho, uMbuso kaNkulunkulu kuphela ongagcwalisa lesi siprofetho esishukumisayo: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”—Isaya 33:24.