Inhlamvu Yashintsha Ukuphila Kwami
INTO enhle kakhulu abazali abangayenzela abantwana babo ukugxilisa kubo ulwazi ngoMdali wabo nesifiso sokumkhonza. Usizi olwangehlela lapho sengeve eshumini nambili nje kuphela luye lwangisiza ukuba ngilazise leli qiniso.
Ngaphambi kokuba ngichaze lokho okwenzeka ngaleso sikhathi—eminyakeni engaphezu kwengu-20 edlule—ake ngithi fahla ngokuphila kwami njengoba ngakhulela eningizimu ye-United States. Kuyithinta ngokuqondile indlela engiye ngakwazi ngayo ukubhekana nobunzima obukhulu.
Okwalolonga Ukuphila Kwami
Ngazalelwa eBirmingham, e-Alabama—ingxenye eMaphakathi neNingizimu eyayihlukaniswe ngokobuhlanga—ngo-January 1955. Lapho ngineminyaka engu-8 kuphela, ukuqhuma kwebhomu eduze nasekhaya kwabhodloza isonto phakathi namakilasi kaSonto-sikole. Abantwana abansundu ababethukile, abaningi babo ababecishe balingane nami, baphuma bephulukundlela bememeza; abanye babopha futhi bekhala. Abane babefile—bebulawe abamhlophe.
Izigemegeme ezinjalo zazingenzeki ezindaweni eziseNingizimu kuphela. Ngehlobo elalandela izisebenzi ezintathu ezilwela amalungelo omphakathi zabulawa eMississippi. Lezo kwakuyizinsuku ezisabekayo zesiyaluyalu sobuhlanga esasisithinta sonke.
Umama wayengomunye woFakazi BakaJehova, futhi ubaba waba omunye wabo ngo-1966. Ngokushesha wonke umkhaya wakithi wase uhlanganyela nomakhelwane bethu ithemba lethu elisekelwe eBhayibhelini lezwe elisha elinokuthula. (IHubo 37:29; IzAga 2:21, 22; IsAmbulo 21:3, 4) Njalo ngeMigqibelo phakathi nezikhathi zasehlobo zangasekupheleni kwawo-1960, sasihamba siyoshumayela ensimini okwakungakaze kusetshenzwe kuyo engaphandle kweBirmingham. Lapho, abantu babengakaze bezwe ngoFakazi BakaJehova noma ngesigijimi soMbuso esasisishumayela. Babengalazi ngisho negama likaNkulunkulu elithi Jehova. (IHubo 83:18) Phakathi nalezo zikhathi zezinkathazo, ngangikujabulela ngempela ukukhuluma nabantu ngenjongo kaJehova yokuletha ipharadesi lasemhlabeni esikhundleni salelizwe elidala elonakele.—Luka 23:43.
Ukuzibekela Umgomo Ekuphileni
Ngo-December 1969, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. Ngathandaza kuJehova futhi ngazwakalisa isifiso sami esiqotho sokuphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele njengomsebenzi wokuphila. Emasontweni ambalwa kamuva, ubaba wabelwa ukuba ayosiza ibandla elincane elalise-Adamsville, eqhele ngamakhilomitha ambalwa ukusuka eBirmingham. Lokhu kushintsha insimu kwajulisa isifiso sami sokuba iphayona, noma isikhonzi sesikhathi esigcwele. Ngawo wonke amathuba kuyo yonke iminyaka yami yasesikoleni esiphakeme, ngangithatha ubuphayona besikhashana, obabuhilela ukuchitha okungenani amahora angu-75 enkonzweni inyanga ngayinye.
Nganquma ukufunda umsebenzi othile ukuze ngizilungiselele inkonzo yesikhathi esigcwele ngemva kokuphothula. Kodwa onyakeni wami wokugcina esikoleni esiphakeme, ngabhekana nenselele. Ngangiphakathi kweqembu elalithole amamaki aphakeme, ngakho ngolunye usuku ngayiswa ekolishi eliseduze ukuze ngivivinywe ezifundweni ezithile. Ngemva kwalokho ngabizelwa ehhovisi likameluleki. Wayesese futhi engijabulele. “Uphume ngamalengiso!” ebabaza. “Ungaya kunoma yiliphi ikolishi olithandayo!” Wayefuna ukuba ngiqale ukugcwalisa amafomu esicelo somfundaze ngaso leso sikhathi.
Ngangikhathazekile ngoba ngangingakulungele lokhu. Ngokushesha ngachaza izinhloso zami zokuba isikhonzi sesikhathi esigcwele nokwenza umsebenzi wokuziphilisa wesikhashana ukuze ngizisekele enkonzweni. Ngamtshela ngisho nokuthi kamuva, njengoba abanye oFakazi babeye benza, ngingase ngikwazi ukukhonza njengesithunywa sevangeli kwelinye izwe. Kodwa kwakunjengokungathi akangizwanga. Wasikisela ukuba ngithathe izifundo zesayensi nokuthi uma ngingafunda ekolishi lendawo, wayezoqikelela ukuthi ngithola umsebenzi esikhungweni sesayensi.
Wathi: “Yibekele izimpelasonto inkolo yakho, Gloria, abazali bakho bazoqhubeka beziqhenya ngawe.” Ngazizwa ngithukwa ngokuthi wayengacabanga ukuthi umgomo wami wenkonzo yesikhathi esigcwele wawubangelwe ukushoshozelwa abazali bami. Wangenza ngazizwa ngicindezelekile, njengokungathi ngangifulathela lonke uhlanga olunsundu ngokwenqaba leli thuba elihle. Nokho, ngaqina. Ngemva kokuphothula, kunokuba ngiphishekele imfundo yasekolishi, ngaqala ukubamba itoho njengonobhala.
Ngafuna umuntu engangingaphayona naye kodwa angizange ngimthole. Lapho umbonisi ojikelezayo evakashele ibandla lethu, ngamtshela ngenkinga yami. Wathi: “Awumdingi umuntu ongaphayona naye.” Wabe esebhala isimiso engangingase ngikwazi ngaso ukufeza imithwalo yami yemfanelo yomsebenzi wokuziphilisa futhi ngibe nesikhathi esanele sokuphayona. Ngaba nomuzwa wokuthi lesi simiso sikahle kakhulu. Ngangijabule kakhulu kangangokuba ngabeka u-February 1, 1975, njengosuku lwami lokuqala ukuphayona.
Nokho, ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngo-December 20, 1974, lapho ngiya ekhaya ngivela esitolo esiseduze, ngashaywa inhlamvu eyayinhlanhlatha.
Ngilengela Egodini Lokufa
Njengoba ngangilele phansi, ngangilibona ngokoqobo igazi lami lokuphila ligobhoza. Ngiyakhumbula ngicabanga ukuthi ngizofa. Ngacela uJehova ukuba angivumele ngiphile isikhathi eside ngokwanele ukuba ngisize umama aqonde ukuthi ingozi enjalo ebhubhisayo yayingenzeka ngisho nasemkhayeni ogxile ngokuphelele ekukhonzeni uJehova. Nakuba sasijwayelene nombhalo weBhayibheli othi “bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba,” ngangingacabangi ukuthi sasikulungele ukusingatha usizi olukhulu ngaleyo ndlela.—UmShumayeli 9:11.
Lenhlamvu yangishaya ohlangothini olungakwesobunxele lwentamo, yanqamula imithambo emfunkulwini wami. Ukukhuluma nokuphefumula kwami kwathinteka. Kwakungalindelekile ukuba ngiphile izinsuku ezingaphezu kwezimbili. Khona-ke bathi “amasonto amabili.” Kodwa ngaqhubeka ngiphila. Njengoba ngase ngingenwa yi-pneumonia, ngadluliselwa emshinini wokuphefumula oyinkimbinkimbi kakhulu. Ekugcineni ngasimama, futhi kwahlelwa ukuba ngisizwe ngilulame.
Uvivinyo Lokululamiswa
Emasontweni ambalwa okuqala angizange ngizizwe ngidangele. Ngangizizwa ngindikindiki nje. Wonke umuntu eSpain Rehabilitation Center eBirmingham wayenomusa futhi ezikhandla ngenxa yami. Ngathola ezisebenzini ukuthi odokotela babelindele ukuba ngikhubazeke ngokuphelele, ngilale ngomhlane, kukho konke ukuphila kwami. Ngafakwa esigabeni esingu-C2 quadriplegic, okwakusho ukuthi babenomuzwa wokuthi ngangizoba semshinini wokuphefumula ukuphila kwami konke, ngingakwazi ukukhuluma, ngihlebeza nje kuphela.
Odokotela babengifake ipayipi kuqhoqhoqho engangiphefumula ngalo. Kamuva udokotela wamaphaphu wafaka ipayipi elincanyana ukuze abone ukuthi lalingangisiza yini ukuba ngikhulume. Nokho, ubukhulu abuzange benze mahluko. Ngakho baphetha ngokuthi ukungakwazi kwami ukukhuluma kwakubangelwa ukonakala kwenzwa. Cishe ngaleso sikhathi ngaqala ukucindezeleka, futhi kwakungekho lutho olwalungashiwo yinoma ubani olwalungangenza ngizizwe kangcono. Wonke amazwi omusa ayengihlaba njengenhlamba. Ngakho ngangikhala kaningi.
Ngaqaphela ukuthi uma okuthile kuphazamisa ingokomoya lakho, zimbili izinto ezingasiza—ukuthandaza kuJehova ngokuphikelelayo nokuzinikela enkonzweni, utshele abanye ngamaqiniso eBhayibheli. (IzAga 3:5) Nokho, kwakulula ukuthandaza. Ngangingakwenza lokho. Kodwa ngangingashiseka kanjani ngokwengeziwe enkonzweni, ngisesimweni engangikuso?
Ngacela umkhaya wakithi ukuba ungilethele amakhophi kamagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! nezinye izinsiza-kufundisa zeBhayibheli esasizisebenzisa ensimini ngaleso sikhathi, njengethi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade, Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Kuvela Kumuphi Umthombo?, nethi Ingabe Lokhu-Kuphila ukuphela kwakho? Lezi zincwadi zabekwa ezingxenyeni ezihlukene zegumbi lami. Izisebenzi ngokuvamile zazingibheka ngokungihawukela bese zibuza: “Sithandwa, ikhona into engingakwenzela yona?”
Ngangiphonsa amehlo encwadini, bese kuthi ngokunyakazisa umlomo, ngicele umuntu ukuba angifundele. Ngangibala isikhathi lowo muntu ayesichitha efunda njengamahora ami enkonzweni. Ukuze ngibonise ukubonga kwami kulowo muntu ngenxa yokungifundela, ngangivame ukumnikeza leyo ncwadi noma umagazini njengesipho. Lezi zincwadi ngangizibala njengokuhanjisiwe. Lapho othile engifundela okwesibili, ngangibala impindelo. Ukuhlanganyela enkonzweni ngalendlela kwakungigcina ngikhuthazekile, njengoba kwakwenza amakhadi ayefudumeza inhliziyo, izimbali, nokuvakasha kwabafowethu nodadewethu abaningi abangamaKristu.
Ngemva kwezinyanga eziningi zokusizwa ukuba ngilulame, ngakwazi ukuphakamisa ikhanda kancane nje kuphela. Kodwa ngangizimisele ukunyakaza kakhudlwana. Ngakho ngacela isikhathi esengeziwe sokwelashwa ngokubhucungwa umzimba nokuwunyakazisa. Lapho ngicela ukufakwa esihlalweni sabakhubazekile, ngatshelwa ukuthi akunakwenzeka, ukuthi anginakukwazi ukuphakamisa ikhanda ngokwanele ukuze ngihlale ngiqonde. Ngacela ukuba bazame nakuba kunjalo.
Ngemva kokuba odokotela sebevumile, owayengelapha wangisiza ngokungiphakamisa angifake esihlalweni sabakhubazekile. Bangibopha ngamabhandeshi anwebekayo kusukela esifubeni kuya okhalweni, kusukela ethangeni kuya edolweni, nasedolweni kuya onyaweni. Ngangibukeka njengesidumbu esomisiwe. Lesi kwakuyisinyathelo sokuphepha ukuze kuqikelelwe ukuthi umfutho wegazi lami awuguquki futhi kuvinjelwe nokuphela amandla. Kwasebenza! Nakuba kunjalo, ngangivunyelwe ukuhlala ihora kuphela isikhathi ngasinye. Kodwa ngase ngihlala—ngemva kokulala ngomhlane izinsuku ezingu-57!
Ngiphindela Ekhaya Ekugcineni!
Ekugcineni, ngemva kwezinyanga ezinhlanu ezinde, ipayipi elalikuqhoqhoqho wami lakhishwa, futhi ngavunyelwa ukuba ngiye ekhaya. Kwakungu-May 1975. Kamuva, ngangehla ngenyuka ngiya kulesi sikhungo sokululamiswa ukuze ngelashwe. Ngasekuqaleni kwehlobo lika-1975, ngaqala ukuya enkonzweni yobuKristu ngesihlalo sami sabakhubazekile. Ngangingenakwenza okuningi, kodwa okungenani ngangiphumile nabafowethu.
Ngesinye isikhathi ekuqaleni kuka-1976, ngacelwa ukuba ngiphinde ngiyohlolwa yi-VRS (Vocational Rehabilitation Services [Umnyango Owelapha Ngokunikeza Umsebenzi]), okuyinhlangano eyayixhasa ngokwezimali ukwelashwa kwami. Ngangicabanga ukuthi ngiyathuthuka. Ngangifunda ukudweba ngebhulashi engangilibamba ngamazinyo. Ngisebenzisa uthi ngendlela efanayo, ngangiqala ukubhala ngomshini ngisho nangokubhala ngepeni lomsizi. Njengoba i-VRS yayikhokhela ukwelashwa kwami okuningi, babefuna ukuthola indlela yokuba ngithole umsebenzi futhi ngibe yilungu elikhiqizayo lomphakathi.
Umqondisi wayebonakala enokucabangela ekuqaleni, kodwa waqala ukungicela ukuba ngikhulumele phezulu. Ngaleso sikhathi ngangikwazi ukukhuluma ngaphezudlwana kokuhlebeza nje kuphela. Wabe esebuza: “Awukwazi ukuhlala uqonde?”
Ngangingakwazi.
“Nyakazisa umunwe owodwa nje,” esho.
Lapho ngingakwazi ukwenza ngisho nalokho, walahla ipeni lakhe etafuleni wabe esethi ngezwi lokukhungatheka: “Awuyinto yalutho!”
Ngatshelwa ukuba ngiye ekhaya ngilindele ucingo lwakhe. Ngangiyiqonda inkinga yakhe. Kwakungakaze kube khona isiguli ngaphambi kwami eSpain Rehabilitation Center esasinokulinganiselwa okunzima njengokwami. Izindleko zempahla esetshenziswa lapho ziphakeme kakhulu, futhi umuntu onomthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo wayengenazo iziqondiso zokuthi enzenjani ngesiguli esinokulinganiselwa okunjengokwami. Nokho, kwakubuhlungu ukubizwa ngento engelutho, njengoba kakade ngase ngiqalile ukuzizwa ngaleyo ndlela.
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngathola ucingo futhi ngatshelwa ukuthi ngangingaseyona ingxenye yohlelo lokusizwa. Ngazizwa ngilahliwe. Futhi lokho kwaphumela kwenye inkathi yokucindezeleka.
Ukunqoba Ukucindezeleka
Ngabe sengicabanga ngombhalo weHubo 55:22, othi: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa.” Into engangikhathazeke ngayo kwakuwumthwalo ongokwezimali kubazali bami, futhi ngathandaza ngalokhu.
Isimo sami sokucindezeleka sangilimaza ngokomzimba, ngakho phakathi nomhlangano wesigodi ngalelo hlobo angikwazanga ukuhlala ngiqonde. Ngalalela isimiso ngilele phansi. Kulowo mhlangano ka-1976 kwethulwa lokho okubizwa ngokuthi umsebenzi wamaphayona asizayo, futhi kwadonsa ukunakekela kwami. Ukuba yiphayona elisizayo kudinga ukuba uchithe amahora angu-60 kuphela ngenyanga enkonzweni, isilinganiso samahora amabili kuphela ngosuku. Ngaba nomuzwa wokuthi ngangingakwenza lokho. Kamuva, ngacela udadewethu u-Elizabeth ukuba angisize ngibe iphayona elisizayo. Wayecabanga ukuthi ngiyadlala, kodwa lapho ngifaka isicelo sami sokuphayona ngo-August, naye wasifaka.
U-Elizabeth wayevuka ekuseni anakekele izidingo zami. Khona-ke sasibe sesiqala ukufakaza ngocingo. Lokhu kwakuhilela ukushayela abantu ucingo nokuxoxa nabo ngezibusiso uNkulunkulu azigcinele abantu ngaphansi kokubusa koMbuso wakhe. Futhi sasibhala izincwadi, sibhalela ikakhulukazi abantu ababedinga induduzo. Ngezimpelasonto umkhaya wakithi noma abangane babehamba nami enkonzweni yendlu ngendlu ngesihlalo sami sabakhubazekile. Yiqiniso, njengoba amalunga ami engasebenzi, ayikho into engingayenza ngaphandle kokukhuluma ngesigijimi soMbuso, ngicaphune imibhalo, noma ngicele abanye ukuba bafunde eBhayibhelini.
Ngosuku lokugcina lwenyanga, ngangisadinga amahora ayisithupha ukuze ngihlanganise imfuneko yami yamahora angu-60. U-Elizabeth wayengekho ukuze angisize, ngakho ngacela umama ukuba alungise umhlane wesihlalo sami sabakhubazekile ukuze ngihlale ngiqonde. Khona-ke, ngisebenzisa uthi lomlomo, ngabhala izincwadi ngomshini amahora ayisithupha. Akuzange kube nemiphumela emibi! Engikwaziyo nje ukuthi ngangikhathele ngempela!
Umthandazo Wami Waphendulwa
Ngesonto elilandelayo, ngihlezi ngiqondile esihlalweni sami sabakhubazekile, ngaya e-Spain Rehabilitation Center ukuze ngiyohlolwa. Udokotela wami, owayengazange angibone kusukela lapho ngikhishwa kulolu hlelo ekuqaleni konyaka, wamangala. Akazange ayikholelwe intuthuko yami. “Bewenzani?” ebuza. Ngisho nangaphambi kokuba ngiqede ukukhuluma ngenkonzo yami, wanginikeza umsebenzi.
Umsizi wakhe waxoxa nami futhi wahlabeka umxhwele ngalokho engangikwenza enkonzweni. Wangicela ukuba ngihlanganyele kulokho okubizwa ngokuthi uhlelo lweziguli eziyisibonelo. Lokhu kwakuyokwenza ukuba ngisebenzelane nesinye isiguli engangiyosisiza. Ebhekisela enkonzweni yethu, wathi: “Vele, yilokho abantu bakini abakwenzayo, akunjalo?” Ngabelwa ukuba ngisize isiguli cishe esasinokulinganiselwa okunjengokwami.
Ngandlela-thile lokho engangikufeza enkonzweni ngosizo lomkhaya wakithi kwafika ezindlebeni ze-VRS. Bahlabeka umxhwele kakhulu kangangokuba kwatuswa ukuba ngiphinde ngamukelwe ohlelweni lwayo. Lokhu kwakusho ukuthi umkhaya wakithi wawuyothola imali yokukhokhela impahla ekhethekile nokunakekela engikudingayo ukuze ngiqhubeke nomsebenzi wami. Ngaba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayeyiphendulile imithandazo yami.
Isimo Sami Sasimama
Ukululama kwami okungokomzimba kuye kwafinyelela ezingeni lapho ngingase ngikwazi khona ukuphakamisa ikhanda, ngilijikise, futhi ngihlale ngiqonde. Ngiyabonga ngokuthi cishe lonke ikhono lami lokukhuluma libuyile. Ngisebenzisa uthi lomlomo, ngingabhala, ngibhale ngomshini, ngisebenzise umbhobho oxhunywe ocingweni, futhi ngidwebe. Eminye yemifanekiso yami edwetshiwe iye yafakwa ezindaweni zokukhangisa ngemifanekiso edwetshwe ngomlomo. Ngihamba ngesihlalo sabakhubazekile esinenjini engisishayela ngesilevu. Umshini kagesi uphakamisa isihlalo sami singene evenini yethu, futhi ngaleveni ngingaya cishe noma kuphi lapho ngifuna ukuya khona.
Ngiye ngaba nezinkinga eziningi zokuphefumula—i-pneumonia iwusongo lwasikhathi sonke. Ngezinye izikhathi ngiye ngidinge umoya-mpilo ebusuku. Ngo-1984, ngacishe ngafa ngenxa yezinkinga ezabangelwa ukungenwa isifo esithile. Ngangiphuma ngingena esibhedlela izikhathi eziningana. Kodwa kusukela ngaleso sikhathi impilo yami iye yathuthuka. Kusukela ngo-1976, ngakwazi ukuthatha ubuphayona obusizayo kanye noma kabili ngonyaka. Kodwa angizange ngizizwe ngenelisekile. Ngangilokhu ngicabanga ngezinhloso enganginazo ngisemusha ezaziye zaphazanyiswa inhlamvu.
Umgomo Wami Uyafezeka
Ekugcineni, ngo-September 1, 1990, ngangena ezinhlwini zamaphayona esikhathi esigcwele, ngaleyo ndlela ngigcwalisa isifiso sami sasebuntwaneni. Phakathi nezinyanga zasebusika lapho kubanda, ngifakaza ngokubhala izincwadi nangokusebenzisa umbhobho oxhunywe ocingweni. Kodwa lapho isimo sezulu sifudumala, nami ngihlanganyela enkonzweni yendlu nendlu. Phakathi nawo wonke unyaka, ngiqhuba izifundo zeBhayibheli ngisekhaya ngokusebenzisa umbhobho oxhunywe ocingweni.
Ngibheke phambili ngokulangazela ekusaseni elimangalisayo emhlabeni oyiPharadesi lapho uKristu Jesu noJehova uNkulunkulu bengikhulula kulesi sihlalo sabakhubazekile. Nsuku zonke ngibonga uJehova ngezithembiso zakhe zempilo enobungqabavu nangamandla ‘okutshekula njengendluzele.’ (Isaya 35:6) Ngiyogijima isikhathi eside ngangokusemandleni ami ukuze ngikhokhe sonke lesi sikhathi esilahlekile ngingagijimi, khona-ke ngiyobe sengifunda ukugibela ihhashi.
Njengoba ngilindele leso sikhathi, nginenjabulo engachazeki ngisho kwamanje ngokuba omunye wabantu bakaJehova abajabulayo nangokuba nengxenye egcwele enkonzweni.—Njengoba ilandiswa uGloria Williams.
[Izithombe ekhasini 15]
Inkonzo yami yobuKristu—ukuhamba indlu nendlu, ukufakaza ngocingo, ukubhala izincwadi
[Izithombe ekhasini 16]
Imifanekiso yami edwetshiwe iye yafakwa ezindaweni zokukhangisa ngemifanekiso edwetshwe ngomlomo