Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 10/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • I-autism—Ukuhlangabezana Nezinselele Zokuphazamiseka Okuphicayo
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphwulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 10/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ingxoxo Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ukuxoxa Kuwubuciko.” (April 8, 1995) Sekuyisikhathi eside ngilwa namahloni. Kodwa manje sengiyaqaphela ukuthi angingedwa enginalenkinga. Ngizokusebenzisa ukusikisela kwenu.

A. L., United States

Ukusikisela kwenu kokufunda izihloko ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! kuyasebenza ngempela. Uyomangala ukuthi kuningi kangakanani ongaxoxa ngakho uma uzifunda!

V. M. J., United States

Ikamu Lokuhlushwa Umuntu engimjwayele wafunda isihloko esithi “Inzondo Yami Yaphenduka Uthando.” (January 8, 1995) Uthi ngokuphambene nalokho okwashiwo yilesi sihloko, lwalungekho uphawu oluthi “Arbeit Macht Frei” (Umsebenzi Uyakhulula) ekamu laseBuchenwald.

H. J. Z., Germany

Siyaxolisa ngaleli phutha. Uphawu olusekungeneni eBuchenwald lusekhona namanje, futhi eqinisweni lufundeka kanje “Jedem das Seine” (Umuntu Ngokwalokho Okumfanele). Amakamu ase-Auschwitz naseSachsenhausen ayenophawu oluthi “Arbeit Macht Frei.”—ED.

I-Autism Ngiyabonga kakhulu ngesihloko esithi “I-autism—Ukuhlangabezana Nezinselele Zokuphazamiseka Okuphicayo.” (February 8, 1995) Ekugcineni, sengiyasiqonda isifo esihlupha indodakazi yami futhi sengiyazi ukuthi asibangelwanga okuthile engakwenza lapho ngiyikhulisa. Inkonzo yami kuJehova inginika amandla okubhekana nesimo sayo.

M. H., Switzerland

Ziningi izimbangela eziyinkolelo-ze okuye kwathiwa zibangela i-autism, njengesiqalekiso sokhokho noma isishayo sezenzo ezidlule. Lokho enikubhalile kuzosiza ekuqondeni kangcono lokhu kuphazamiseka. Ngiyabonga kakhulu ngezihloko ezinjena ezifundisayo.

M. A., Nigeria

Ama-orchid Ngiyawathanda ama-orchid! Eqinisweni, nginawo ama-orchid engadini yami neqoqo lezithombe zawo. Ngiyabonga ngokushicilela isihloko esithi “Ukufuna Ama-orchid EYurophu.” (January 22, 1995) Ngithemba ukuthi akusona isihloko sokugcina enisishicilele ngalendaba.

R. M., Philippines

Ukushayela Ngokuphephile Ngineminyaka engaphezu kwengu-40 futhi angikaze ngivunyelwe ukuba ngishayele ngoba nginesifo sokuwa. Ngemva kokuhlinzwa ubuchopho, ngathola imvume kudokotela wami wemizwa yokuba ngifune ilayisensi yokushayela! Isihloko esithi “Ingabe Ushayela Ngokuphepha?” (February 8, 1995) sangisiza ukuba ngiqonde ukubaluleka kokuba nesimo esihle sengqondo lapho ushayela. Safika lapho ngiyithola nje ilayisensi yami!

G. S., United States

Isono Esingenakuthethelelwa Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ngenze Isono Esingenakuthethelelwa?” (November 8, 1994) Ngahlengezela izinyembezi lapho ngisifunda ngoba nami futhi ngilwa nalomkhuba ongahlanzekile wokushaya indlwabu. Ngalandela izibonelo zikaMarco no-Alberto, okukhulunywe ngabo esihlokweni, ngamunye owaba nesibindi sokukhuluma nomdala. Lokhu kungisize kakhulu.

A. M. C., Brazil

Ukushaya indlwabu kungenye yezimpi ezinzima kakhulu umKristu osemusha angabhekana nazo. Ngiye ngaba lusizi futhi ngadangala izikhathi eziningi. Lesi sihloko sangikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngilwa ukuze nginqobe lempi.

F. G. M., Mexico

Ngahileleka ekuziphatheni okuxekethile nensizwa enganginethemba lokushada nayo; kwabuqeda ubuhlobo bethu. Ngacindezeleka kakhulu futhi ngangikhala ezimathonsi ubusuku nemini. Ngempela ngangicabanga ukuthi ngangingeke ngithethelelwe. Ukufunda lezi zihloko kwangenza ngaba nokholo futhi kuJehova nasekhonweni lakhe lokuthethelela futhi akhohlwe.

L. C., Australia

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela