Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 11/8 k. 31
  • Ukudla Okwanele Kwabo Bonke!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukudla Okwanele Kwabo Bonke!
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inala Yokudla Kwabo Bonke
  • Ingabe Udla Kahle Ngokomoya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Kunomsoco Kangakanani Ukudla Kwakho?
    I-Phaphama!—1995
  • Ukudla Okuphephile Kwabo Bonke Abantu
    I-Phaphama!—2001
  • Ukulwa Nezinhlekelele Kunqotshiwe
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 11/8 k. 31

Ukudla Okwanele Kwabo Bonke!

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRAZIL

KUNGENZEKA ukujabulela inala yokudla okungcono kakhulu nokho uqhubeke ungajabuli. Ukuze uthole injabulo yeqiniso nehlala njalo, kunokunye okudingekayo—ukudla okungokomoya. UJesu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.”—Mathewu 4:4.

Ngakolunye uhlangothi, ukwenqaba iZwi likaNkulunkulu kuholela endlaleni engokomoya, njengoba kwabikezelwa ku-Amose 8:11: “Ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi-yindlala yesinkwa, kungabi-ngukomela amanzi, kepha kube-ngeyokuzwa amazwi kaJehova.” Nokho, ukungondleki ngokomoya kungagwenywa. UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya. . . Bayajabula abalambele futhi bomele ukulunga, ngoba bayosuthiswa.” (Mathewu 5:3, 6) Njengoba ukudla okunomsoco okunikezwa ngezilinganiso ezifanele kwanelisa imizimba yethu, ukudla okungokomoya okunempilo kuqinisa ukholo nethemba lethu ngekusasa. Hlobo luni lwezwe esingaba nethemba lalo?

Inala Yokudla Kwabo Bonke

Cabanga ngezwe elinensada yokudla okuconsisa amathe nokunempilo. Izwe elingenazo izimpi, izinhlekelele, noma izimo ezidabukisayo ezibangela indlala noma ukungondleki, okwenza abantu babe buthaka noma bacindezeleke. Ngeke kusaba khona abantu abangenamakhaya noma imisebenzi abathembela ezindaweni zokondliwa kwabampofu noma ekuphiweni, futhi ngeke amanani okudla amba eqolo aphoqelele abantu ukuba badle noma yini nje ukuze bagcwalise isisu. “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.” (IHubo 72:16) Kodwa lokhu kuyokwenzeka kanjani? Ubani oyoxazulula inkinga yokungondleki?

UMdali wethu uyosinikeza ukunakekela kothando isidingo sesintu sokudla okwanele. Ngisho nesimo sezulu somhlaba siyoba ngaphansi kokulawulwa, kanjalo kuqinisekiswe ukuthi ngeke kusaba khona noma ikuphi ukungaphumeleli kwesivuno. “UJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.” (IHubo 85:12) Ngaphezu kwalokho, nakuba umhlaba ukwazi ukukhiqiza ukudla okwanele, uMbuso kaNkulunkulu kuphela oyoqeda ukuhaha nokucindezelwa, okuholela ekwabiweni kokudla okungenele, ukungondleki, nosizi.

Yebo, uhulumeni kaJehova wasezulwini uyoqiniseka ukuthi noma iziphi izimiso zezolimo nezokuthutha ezitholakalayo zinikeza ukudla okunempilo lapho kudingeka khona. Uhlelo lokuphathwa koMbuso ngeke lucebise abambalwa bese lushiya iningi liphila ngengcacamezela. Kunokuphelelwa ithemba, izibusiso zoMbuso ziyoletha injabulo ebonakala edilini elikhulu lezinto ezinhle elabikezelwa ku-Isaya 25:6: “UJehova-Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kulentaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha.”

Manje, bheka ngamehlo engqondo indlela yokuphila yanamuhla enokuncintisana, ecindezelayo, engenazwela isingasekho phakade. Akekho oyobe engondlekile noma egula. Ngakho-ke, uma ufuna ngempela ukujabulela ukuphila kulelozwe elisha, lalela amazwi kaJesu: ‘Ungasebenzeli ukudla okubhubhayo, kodwa ukudla okuhlalayo kube ukuphila okumi phakade.’—Johane 6:27.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela