Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 11/22 k. 12-k. 14 isig. 5
  • Ingabe Ukuba Umngane KaNkulunkulu Kuyongisiza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukuba Umngane KaNkulunkulu Kuyongisiza?
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubungane NoNkulunkulu
  • “Ithemba Lami Kwasebusheni Bami”
  • UNkulunkulu Usisiza Ukuba Silandele Indlela Efanele
  • “Idwala Lenhliziyo Yami”
  • Ingabe Umthandazo Uyasiza Ngempela?
    I-Phaphama!—1987
  • Ukuhlakulela Ubungane Obuhle Kakhulu Ezulwini Nasemhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ungaba Umngane KaJehova
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Kungani Ngingakwazi Ukuhlala Nginabangane?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 11/22 k. 12-k. 14 isig. 5

Intsha Iyabuza . . .

Ingabe Ukuba Umngane KaNkulunkulu Kuyongisiza?

INTSHA eningi namuhla ikhula ngaphansi kokucindezeleka okwakungeke neze kukholakale esizukulwaneni esidlule. Abalobi bokuhlolwa kwesizwe kwentsha engu-160 000 bachaza: “Abeve eshumini nambili basitshela ukuthi usizi oluningi ababhekana nalo lubangelwa ukucindezeleka abangenamandla okubhekana nakho; lubangelwa ukudikibala nokudabuka okuqeda ukuzethemba kwabo; lubangelwa nangabazali abangazinaki izinkinga zabo.” Nawe ngokufanayo ungase ube nomuzwa wokuthi abanye bamane nje abayiqondi indlela ukuphila okungaba buhlungu ngayo ngezinye izikhathi kosemusha.

Yiqiniso, ungase ube nomngane oseduze ongaphendukela kuye ukuze uthole ukusekelwa ngokomzwelo, futhi lokhu kungase kukunikeze impumuzo ethile. Kodwa ingabe akulona yini iqiniso ukuthi kunobunzima obubuhlungu okumelwe ubhekane nabo wedwa? Yeka ukuthi kuyiqiniso kangakanani ukuthi ngezinye izikhathi ‘inhliziyo yakho kuphela eyazi ubumunyu bayo.’ (IzAga 14:10) Kodwa kukhona Othile okuqonda ngokuphelele, futhi ufuna wakhe ubungane naye. Intsha eningi ithole ukuthi ukuba umngane naye kuwusizo kakhulu ngisho nasezikhathini ezibuhlungu kakhulu.

Ubungane NoNkulunkulu

Omunye osemusha wabuzwa ukuthi yini ambonga ngayo kakhulu uJehova uNkulunkulu. Impendulo yakhe yathi: “Ukuthi singakwazi ukumazi futhi sibe abangane bakhe abaseduze.” Yebo, kungenzeka ukuba nobungane obuhle kunabo bonke endaweni yonke! Umhubi wabhala: “Ubuhlobo noJehova bukubo abamesabayo.”—IHubo 25:14, qhathanisa ne-NW.

“Ubuhlobo noJehova”—yeka ithuba eliyigugu! Igama lesiHeberu lokuqala lidlulisela umqondo wenkulumo yokuthululelana izifuba nothile ongumngane okhethekile. Ngakho, kuwubuhlobo obusondelene obuyilungelo obusekelwe othandweni, ubuhlobo obuyilungelo obubangelwa ukwethembana. Njengomngane kaNkulunkulu, unomuzwa wokuthi ukubaluleka kwakho kwangempela njengomuntu kwaziswa yilomuntu okuqonda ngempela. Kodwa ziyini izinzuzo zalobu bungane?

“Ithemba Lami Kwasebusheni Bami”

Intsha eningi, naphezu kobuqha bangaphandle, ayinakho ukuzethemba kwangaphakathi. “Ngisho imibono yami bese abathile befika neyabo futhi bayishintshe ngokuphelele eyami,” kukhala uJudy oneminyaka engu-13. “Angizethembi.” Nokho, uMngane wethu wasezulwini usinikeza isiqondiso esiqondile eZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli, ukuze siphumelele ekuphileni. Eqinisweni, iseluleko esisencwadini yeBhayibheli yezAga siklanyelwe ukunikeza ‘insizwa ukwazi namasu,’ kuyenze ikwazi ukuqondisa izindlela zayo. (IzAga 1:1-4; 3:1-6) Lokhu kungakunika ukuzethemba! Ungayazi indlela engcono kakhulu yokuphila.

IBhayibheli, kanye nezincwadi zeBhayibheli ezinjengalomagazini, linikeza iseluleko cishe kuzo zonke izici zokuphila—kusukela endleleni yokukhetha abangane kuya esimweni sengqondo esifanele ngakubazali bakho. (IzAga 1:8, 9; 13:20) Labo abalalela isiqondiso esinjalo ‘bangadeda ezingibeni zokufa.’ (IzAga 14:27) Ngokwesibonelo, intombazane egama layo nguMae yabona udadewabo wenyama edelela izimiso zeBhayibheli. Lowo dadewabo washona enhlekeleleni kungakabi sikhathi ngenxa yendlela yakhe yokuphila exekethile. UMae uchaza indlela akwazi ngayo ukumelana nokuziphatha okubi okunjalo: “Ngicabanga ngokucacile ngezimiso zikaJehova zokuziphatha, futhi lokhu kuyangiqinisa. Lezi zimiso ziyangisiza ngibone indlela uJehova angokoqobo ngayo nokuthi indlela yakhe ingcono kakhulu.”

Nokho, ukuba umngane kaJehova kuhilela okungaphezu nje kokufunda izindinganiso zakhe. Ungasiphawula isithakazelo sakhe somuntu siqu ekuphileni kwakho. IBhayibheli lisitshela ngeNkosi uDavide, eyafundiswa uNkulunkulu ebusheni bayo. UDavide waba umngane kaNkulunkulu, futhi nakuba abhekana ‘nezinhlupheko eziningi,’ eqinisweni wambona uNkulunkulu emsebenzela ekuphileni kwakhe. UDavide wakhuluma ‘ngezimangaliso’ uNkulunkulu ayemenzela zona ‘nangengalo’ kaJehova, noma amandla, ayebonakaliswa ekuphileni kwakhe. Ngesisekelo sokuhlangenwe nakho okunjalo komuntu siqu, uDavide wabhala: “Uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami.” (IHubo 71:5, 17, 18, 20, omalukeke sizenzele.) Ungaba nethemba elifanayo njengoba ubona isibusiso sikaJehova ekuphileni kwakho. Njengoba ulwela ukulandela isiqondiso sakhe—naphezu kwezinselele—ngempela uyobe uhamba noNkulunkulu nisebuhlotsheni obuyigugu.—Qhathanisa noGenesise 6:9.

UNkulunkulu Usisiza Ukuba Silandele Indlela Efanele

Njengoba ekuphileni kunezilingo nokucindezeleka okuningi, ukulandela isiqondiso sikaNkulunkulu akulula. Kwakunjalo ngokukhethekile ngoPeggy, owathi lapho esemusha waba umlutha wezidakamizwa nesifebe. Wakwazi ukunqoba ukuba umlutha futhi wenza izinguquko zokuziphatha ngokutadisha iBhayibheli, futhi ngaleyo ndlela wakha ubungane noNkulunkulu. Kodwa uPeggy waqhubeka ebhekana nokucindezeleka okufanayo okwakumenze waphephela ekusebenziseni izidakamizwa. Lapho ebuzwa ukuthi waqhubeka kanjani elwa, waphendula: “Ngingathi nje, kungomoya kaJehova.”

UPeggy wayazi ukuthi uNkulunkulu uyabanikeza abangane bakhe umoya wakhe ongcwele, noma amandla asebenzayo, nokuthi lomoya ungabanika amandla okuphila ngokwezindinganiso zakhe. (IzEnzo 5:32; 1 Korinte 6:9-11) “Kunezinye izikhathi manje lapho ibuya khona leyo mizwa yakudala, ikakhulukazi uma ngingedwa,” kuvuma uPeggy, “kodwa ngivele ngiqale ukuthandaza masinyane. Ikhono lokunqoba lezi zinkinga lingijabulisa ngaphezu kwanoma yini engake ngayifeza ekuphileni kwami.” Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi njengomngane, uNkulunkulu angasisiza “ngokwamandla akhe asebenza kithi [futhi angenza] okungaphezu kokudlula ngokuchichimayo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangelayo.”—Efesu 3:20.

Umoya kaNkulunkulu usisiza ukuba sihlakulele izimfanelo ezinjengokubheka kade, ubumnene, nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Futhi, emabandleni oFakazi BakaJehova, abadala, noma abelusi, abamiswe umoya ongcwele, balungiselelwe uNkulunkulu ukuba banikeze usizo olungokoqobo. UPeggy uyenezela: “Ibandla langisekela kakhulu, ikakhulukazi abadala. Laba wusizo olukhulu kakhulu.”

“Idwala Lenhliziyo Yami”

“Umngane uthanda ngezikhathi zonke, futhi uba umfowethu ngezikhathi zosizi.” Zisho njalo izAga 17:17 kuyi-Basic Bible. Umngane udingeka ngokukhethekile “ngezikhathi zosizi.” Umhubi u-Asafa wabhekana nosizi olunzima olungokomzwelo, nokho wayeye wasondela kuNkulunkulu njengomngane. Ngakho, nakuba ‘inhliziyo yakhe yaba-nomunyu’ ngenxa yobuhlungu bangaphakathi, wathi: “UNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami.” (IHubo 73:21, 26, 28) UJehova, owayekuqonda ngempela lokho u-Asafa ayekuzwa, wamsekela ngokomzwelo. UJehova wayeyithonya eliqinisayo ku-Asafa ukuze angalahlekelwa ithemba nesibindi.

UMngane wethu wasezulwini ngokufanayo angaba isisekelo sakho esifana nedwala ngezikhathi zosizi. Omunye oweve eshumini nambili wakubona lokhu kokuhlangenwe nakho kwakhe siqu. Lapho uBonnie eneminyaka engu-13, amanye amantombazane esikoleni esincane sasemaphandleni ayefunda kuso asakaza inzwabethi embi, enyundelayo ngaye. KuBonnie kwabonakala sengathi wonk’ umuntu wayewakholelwa lamanga. Iningi lezingane ayefunda nazo ekilasini labonisa ukungamthandi, limbiza ngisho nangamagama alulazayo. “Njalo ebusuku ngangifika ekhaya ngikhale,” kuchaza uBonnie. “Ngaze ngafisa nokuzibulala ngoba ngangiphatheke kabuhlungu kakhulu ngaphakathi.” Waphendukela kwabanye babangane bakhe ukuze bamsekele. “Ngazama ukukhuluma nabantu, kodwa ababonakalanga beqonda. Benza inkinga yami yabonakala ingelutho. Ngezinye izikhathi ngangizizwa nginesizungu kakhulu.” Yini eyamsiza wangaphelelwa ithemba phakathi nosizi olunjalo? Uyaqhubeka: “Ukube kwakungengenxa kaJehova, ngabe ngazibulala. Ngimthanda kakhulu. Ungumngane wami omkhulu.” Manje uyazi ukuthi ubungane ayenabo noNkulunkulu obamsiza ukuba akhuthazelele lokho okuhlangenwe nakho okucindezelayo ngokomzwelo.

Ukwazi ukuthi uJehova uyaziqonda izimo zethu nokuthi ukwazi kahle okwenzekile kuyinduduzo enkulu lapho abanye bengasibonisi uzwela esingase silulindele. Futhi, ukwazi ukuthi uMngane wethu ‘unguYise wesihe sesisa’ kuwusizo olukhulu lapho siphathwa kabi ngisho noma sixhashazwa. Ngezinye izikhathi izinhliziyo zethu siqu zingase zisilahle, kodwa “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.” (2 Korinte 1:3, 4; 1 Johane 3:20) Ukuba nombono kaJehova ngendaba kungaduduza ngempela. Ngokwesibonelo, umfana othile oneminyaka engu-13 wanukubezwa amadoda amathathu ngonya. “Kamuva, nganginamahloni futhi ngazisola mina ngalokho okwakwenzekile kimi,” evuma. “Ngangicindezeleke kakhulu.” Wabe eseqala ukwenza ukucwaninga mayelana nokudlwengulwa ezincwadini ze-Watch Tower Society ezisekelwe eBhayibhelini. “Lapho ngifunda lokhu kwaziswa, ngavele ngakhala. Ngezwa sengathi kwakususwe umthwalo osindayo emahlombe ami. Ngangiyisisulu. Ngokuthembela kuJehova, emkhayeni, nakubangane, ngakwazi ukudlula kulesi sikhathi sosizi.” Yeka ukusekelwa engakunikezwa yilawo mazwi asekelwe eBhayibhelini!

Ubungane noNkulunkulu bungasiza ngezindlela eziningi! Singaba nethemba langempela ekuphileni, sibe namandla angaphakathi okulandela indlela kaNkulunkulu, futhi sibe nokusekelwa okusadwala phakathi nosizi. Kodwa singabakha kanjani ubungane obunjalo? Isihloko esilandelayo kulolu chungechunge sizochaza.

[Isithombe ekhasini 13]

UNkulunkulu angaba ‘idwala lenhliziyo yakho’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela