Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 11/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ama-Aztec—Umshikashika Wawo Othakazelisayo Wokulwela Ukusinda
    I-Phaphama!—1999
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 11/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukunqamuka Kokuya Esikhathini Ngibonga ngokusuka enhliziyweni ngochungechunge oluthi “Ukukuqonda Kangcono Ukunqamuka Kokuya Esikhathini.” (February 22, 1995) Ngineminyaka engu-43 ubudala, futhi nanginikeza izimpendulo ezanelisayo emibuzweni yami. Abesifazane ababili engisebenza nabo bacela amakhophi, kodwa kwadingeka ngibaboleke ikhophi yami. Ayesephelile ebandleni lakithi!

M. H. S., Brazil

Lezi zihloko zavula ingqondo nenhliziyo yami ukuba ngibone ukuthi ushintsho olunjani umama abhekene nalo. Ngiyethemba ukuthi ngizoqhubeka ngiluqonda lolu shintsho ekuphileni kwakhe futhi ngibe usizo ngokwengeziwe.

A. K., United States

Ngineminyaka engu-47 ubudala, futhi ngaphambi kokuba ngithole lowo magazini we-Phaphama!, ngangingayiqondi lendaba, ngisho nangemva kokubonana nodokotela. Niye nangisiza ukuba ngiqonde ukuthi lolu shintsho lungokwemvelo. Manje ngikulungele ukubhekana nezinkinga.

E. M., Sierra Leone

Muva nje ngiye ngaya emhlanganweni wamahora amathathu ophathelene nalendaba. Wawuhlelwe iminyango yezemfundo yezibhedlela ezimbili ezinkulu. Lolu hlelo lwalufundisa kakhulu, kodwa ngafunda okuningi ngemizuzu engu-30 ngokufunda i-Phaphama! kunalokho engakufunda ngamahora amathathu kulomhlangano.

J. B., United States

Izihloko Ezingekho? Ngiyintombazane eneminyaka engu-11 ubudala. Ngaqaphela ukuthi anisalunyathelisi uchungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . .” Kungani kunjalo? Ngangiyijabulela ngempela leyo ngxenye. Eminye imibuzo yayingithinta, futhi ngangithanda ukuyifunda! Ngangibheka yona kuqala lapho sithola i-Phaphama! Ngiyaqiniseka ukuthi ezinye izingane zizizwa ngendlela efanayo. Ingabe nizoyinyathelisa leyo ngxenye esikhathini esizayo?

E. K., United States

Ingxenye ethi “Intsha Iyabuza . . .” iyoqhubeka inyatheliswa kanye ngenyanga. Iyovela kumagazini womhla ka-22 wenyanga ngayinye. Selokhu lolu chungechunge lwaqala ngo-1982, kuye kwanyatheliswa izihloko ezingaphezu kuka-300 kulolu chungechunge. Sikhuthaza abafundi abasebasha balomagazini ukuba babheke ezinye zalezi zihloko ezindala. Nokho, qiniseka ngesithakazelo sethu esiqhubekayo ezinkingeni zentsha.—ED.

Ukuqulwa Kwamacala Ezihlubuki Esihlokweni senu esithi “Ukuqulwa Kwamacala Ezihlubuki EMexico—Kwenzeka Kanjani?” (October 8, 1994), nakhuluma ‘ngenkosi yama-Aztec, uNetzahualcóyotl.’ Nokho, uNetzahualcóyotl wayengeyona inkosi yama-Aztec kodwa wayeyinkosi yamaChichimeca.

E. R. C. L., Mexico

Ngempela uNetzahualcóyotl wayengumChichimeca, hhayi umAztec. Nokho, ngokuthakazelisayo, ezinye izincwadi, njenge-“Nueva Enciclopedia Cultural IEPSA,” ziyabhekisela kuye ngokuthi “inkosi yama-Aztec.” Njengoba kuchaza incwadi ethi “Historia de México,” uNetzahualcóyotl wayebusa “ebambisene nama-Aztec,” kakade ayesebusa abantu abangamaChichimeca.—ED.

Intsha “Yolahleko” Ngiswele amazwi okuchaza ukuvuseleleka okungokomoya engakuthola lapho ngifunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingakulungisa Kanjani Ukuphila Kwami?” (January 8, 1995) Sanginikeza isibindi sokuthandaza kuJehova ngicele intethelelo yakhe ngenxa yezono engazenza esikhathini esidlule. Ngaphambi kokuba ngifunde lesi sihloko, inhliziyo yami yayidabuka ubusuku nemini ngenxa yalezi zono. Kaningi ebusuku ngangicambalala embhedeni nginomuzwa wokuthi ukuzibulala kwakuwukuphela kwekhambi. Manje ngiyazi ukuthi izimiso zikaJehova zingokwenzuzo yethu, futhi ngiyofunda emaphutheni ami angesikhathi esidlule.

Q. B., United States

Njengomuntu osemusha, ngashiya uJehova nenhlangano yakhe. Nakuba sengineminyaka engaba mihlanu ngibuyile, ngezinye izikhathi ngangiba nomuzwa wokuthi uJehova wayengeke angithethelele ngokugcwele. Manje ngiyazi ukuthi nganginephutha; umuzwa wokungabaza ojulile nobeleselayo enganginawo ekugcineni sewuye wadamba.

R. D., Trinidad

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela