Odokotela Bafunda Ekusindeni Kwami Ethunzini Lokufa
PHAKATHI no-May 1991, sathola ukuthi sizothola umntwana wethu wesine. Uthunjana wethu, uMikael, wayeneminyaka engu-9, futhi amadodakazi ethu angamawele, uMaria noSara, ayeneminyaka engu-13. Nakuba sasingakuhlelelanga ukuthola omunye umntwana, ngokushesha sawemukela umqondo wokuba naye.
Ngolunye usuku kusihlwa enyangeni yesithathu ngikhulelwe, ngezwa ubuhlungu obungalindelekile ephashini. Ngakusasa ngangingakwazi ngisho nokuhamba. Udokotela wathi ngine-pneumonia, wabe esenginikeza i-penicillin. Ngaqala ukuba ngcono ngemva kwezinsuku ezimbalwa, kodwa ngangibuthakathaka kakhulu. Khona-ke ngokungazelele ngezwa izinhlungu kwelinye iphaphu, futhi kwenziwa inqubo efanayo.
Phakathi nezinsuku ezalandela, ngangingakwazi ukulala ngenxa yokuphefumula kanzima. Esikhathini esingaphezu nje kwesonto ngemva kokuhlaselwa izinhlungu okokuqala, omunye wemilenze yami waba luhlaza futhi wavuvuka. Kulokhu ngalaliswa esibhedlela. Udokotela wangitshela ukuthi ubuhlungu emaphashini babungabangelwa i-pneumonia kodwa babubangelwa amahlule egazi. Wathi futhi nganginehlule embilapheni. Ngathola ukuthi amahlule egazi angenye yezimbangela zokufa ezivame kakhulu kwabesifazane abakhulelwe eSweden. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngathuthelwa eKarolinska Sjukhuset Hospital eStockholm, enomtholampilo okhethekile wokubelethisa abanezinkinga zokukhulelwa.
Odokotela banquma ukungipha umuthi wokuhlambulula igazi i-heparin. Bangiqinisekisa ngokuthi ingozi yokopha ngenxa yokusebenzisa i-heparin incane uma iqhathaniswa nengozi yokuba nelinye ihlule emaphashini. Ngemva kwamasonto ambalwa, ngaphindela ekhaya sengingcono kakhulu. Kwangijabulisa kakhulu ukuthi ngiyaphila nokuthi umntwana omncane uyakhula ngaphakathi kimi.
Isikhathi Sokubeletha
Kwanqunywa ukuthi ngibelethiswe ngaphambi kwesikhathi, kodwa ngaphambi kokuba kuthathwe izinyathelo zokuqala lenqubo, ngezwa ubuhlungu obunjunjuthayo esiswini. Ngakho ngaphuthunyiswa esibhedlela. Nokho, odokotela abazange babone lutho olungalungile.
Ngakusasa kusihlwa isisu sami sasivuvuke kakhulu, futhi ubuhlungu babungakapheli. Phakathi kwamabili, udokotela wangihlola futhi wathola ukuthi ngiyasikwa. Ngakusasa ekuseni isisu sami sasivuvuke nakakhulu, futhi ubuhlungu babungabekezeleleki. Udokotela wayebukeka ekhathazekile futhi wangibuza ukuthi ngigcine nini ukuzwa ukunyakaza komntwana. Ngokushesha ngaqaphela ukuthi kwase kuyisikhathi eside ngigcinile ukukuzwa.
Ngokushesha ngaphuthunyiswa egunjini lokubeletha. Ngangizwa izisebenzi zixoxa ngikude. “Uyenqaba ukumpontshelwa igazi,” kusho esinye. Khona-ke umhlengikazi othile wasondela kimi wayesethi ngezwi eliphakeme: “Uyazi ukuthi umntanakho ufile, akunjalo?” Ngezwa sengathi othile wayengihlabe ngesinqindi enhliziyweni.—IzAga 12:18.
Ukwenqaba Ngokuqinile Ukwamukela Igazi
Ngokushesha udokotela wami waqhamuka futhi wangitshela ukuthi isimo sami sasibucayi. Wangibuza ukuthi ngangisafuna yini ukunamathela esinqumweni sami sokungakwamukeli ukumpontshelwa igazi. Ngagcizelela ukuthi ngiyakwenqaba, kodwa akukuningi engikukhumbulayo ngemva kwalokho. Nokho, ngangikwenze kwacaca kudokotela wami ukuthi amaKristu ayalwa ukuba adede egazini nokuthi ngangifuna ukulalela umthetho kaNkulunkulu.—IzEnzo 15:28, 29; 21:25.
Phakathi naleso sikhathi babiza omunye udokotela, uBarbro Larson, udokotela onekhono ekuhlinzeni. Wafika masinyane futhi wangihlinza ngokushesha. Lapho bengivula isisu, bathola ukuthi ngase ngilahlekelwe amalitha amathathu egazi ngenxa yokophela ngaphakathi. Kodwa uDkt. Larson wasihlonipha isinqumo sami ngokuphathelene nokumpontshelwa igazi.
Kamuva, omunye udokotela wathi kwakusele nje imizuzu embalwa ngaphambi kokuba ngife. Kubikwa ukuthi wathi: “Angazi noma uyaphila yini njengamanje.” Kamuva kwatholakala ukuthi odokotela babengayitholi imbangela yalokhu kopha, ngakho bangifaka indwangu ethile esiswini. Odokotela nabahlengikazi abazange banginikeze nelincane ithemba lokusinda.
Lapho izingane zami zifika esibhedlela futhi zizwa ngesimo engangikuso, enye yazo yathi i-Armagedoni izofika ngokushesha futhi ngemva kwalokho zaziyongamukela ovukweni. Yeka ukuthi uvuko luyilungiselelo elihle nelinobulungisa kangakanani!—Johane 5:28, 29; 11:17-44; IzEnzo 24:15; IsAmbulo 21:3, 4.
Ukuphila Kwami Kulengele Eweni
I-hemoglobin yami yayehle yaba amagremu amane idesilitha ngalinye, kodwa ukopha kwakubonakala sengathi kwase kunqamukile. Ngaphambili ngangifake ikhophi kamagazini i-Phaphama! ka-November 22, 1991 embikweni wami wasesibhedlela. UDkt. Larson wayithola wayesephawula isihloko esithi “Ukuvimbela Nokubhekana Nokopha Ngaphandle Kokumpontshelwa Igazi.” Wayihlola ngentshiseko ukuze abone ukuthi akukho yini ayengakusebenzisa ukuze angisindise. Wabona igama elithi “erythropoietin,” okuwumuthi oshukumisa umzimba ukuba ukhiqize amangqamuzana abomvu egazi. Wabe esewusebenzisa. Kodwa lomuthi uyephuza ukusebenza. Ngakho umbuzo wawuwukuthi, Ingabe i-erythropoietin iyosebenza ngokushesha?
Ngakusasa i-hemoglobin yami yayehle yaba ngu-2,9. Lapho ngiphaphama futhi ngithola wonke umkhaya wami ungizungezile, ngazibuza ukuthi kwakwenzekeni. Ngangingakwazi ukukhuluma ngenxa yomshini wokwelekelela ukuphefumula. Kwakuthi angikhale ngenxa yosizi, kodwa ngangingakwazi ngisho nokukhala. Wonk’ umuntu wayengitshela ukuthi kwakumelwe ngonge amandla ami ukuze ngisinde.
Ngakusasa nganginomkhuhlane ngenxa yokuvuvuka okwakubangelwe indwangu eyayishiywe esiswini. I-hemoglobin yami yase yehle yaba ngu-2,7. Nakuba kuyingozi kakhulu ukubulala izinzwa zomuntu okuleso simo, uDkt. Larson wachaza ukuthi naphezu kwalengozi, babephoqelekile ukuba bangihlinze futhi ukuze bakhiphe lendwangu.
Ngaphambi kokuba ngihlinzwe izingane zami zavunyelwa ukuba zizongibona. Wonk’ umuntu wayecabanga ukuthi ngangivaleliswa. Amalungu amaningana ezisebenzi zezokwelapha ayekhala. Ayengakholelwa ukuthi ngangizosinda. Izingane zethu zazinesibindi kakhulu, futhi lokhu kwenza ukuba ngizole futhi ngibe nethemba.
Ngenxa yokuthi ngangingabulewe izinzwa ngokuphelele, ngezinye izikhathi ngangikuzwa lokho izisebenzi ezazikuxoxa. Ezinye zazikhuluma ngami njengokungathi ngase ngifile kakade. Kamuva, lapho ngilandisa engangikuzwile phakathi nokuhlinzwa, umhlengikazi othile waxolisa. Kodwa wathi wayeqiniseka ukuthi ngangizofa futhi wayengakaqondi ukuthi ngasinda kanjani.
Ngakusasa ngangizizwa ngingconywana. I-hemoglobin yami yayingu-2,9, futhi i-hematocrit yami yayingu-9. Abafowethu nodadewethu abangamaKristu bavakasha, belethela umkhaya wami ukudla nekhofi. Salwazisa uthando lwabo. Kusihlwa isimo sami sasisebucayi kodwa sithembisa, futhi ngathuthelwa kwelinye igumbi.
Odokotela Bayafunda
Amalungu amaningi ezisebenzi zezokwelapha ayefuna ukwazi ngami, futhi amaningi awo ayenomusa kakhulu. Umhlengikazi othile wathi: “Kumelwe ukuba uNkulunkulu wakho ukusindisile.” Udokotela othile welinye igumbi weza wayesethi: “Ngifuna nje ukubona ukuthi ubukeka kanjani umuntu one-hemoglobin ephansi kangaka. Angiqondi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uphapheme kangaka.”
Ngakusasa, nakuba kwakuwusuku ayengasebenzi ngalo, udokotela wami weza ezongibona. Wangitshela ukuthi wayezizwa ethotshisiwe ngenxa yalokho okwakwenzekile. Wathi uma ngilulama ngokuphelele, babeyoqala ukucwaninga okusha ngezinye izindlela zokwelapha iziguli ngaphandle kokumpompela igazi.
Ngalulama ngokuphawulekayo. Emasontweni amabili nengxenye ngemva kokubeletha kwami okuyinhlekelele, i-hemoglobin yami yenyuka yaba ngaphezudlwana kuka-8. Ngakho ngakhishwa esibhedlela. Ezinsukwini ezintathu kamuva saba nomhlangano wethu wesifunda waminyaka yonke woFakazi BakaJehova, futhi ngaya. Yeka ukuthi kwakukhuthaza kanjani ukuphinde ngibone abafowethu nodadewethu abangamaKristu ababesisekele kangaka phakathi nosizi lwethu!—IzAga 17:17.
Njengoba uDkt. Larson ayethembisile, umbiko okhuluma ngesimo sami othi “I-erythropoietin Ithatha Isikhundla Sokumpontshelwa Igazi,” kamuva wanyatheliswa ephephabhukwini lezokwelapha laseSweden i-Läkartidningen. Wawuthi: “Owesifazane othile oneminyaka engu-35 ubudala, ongomunye woFakazi BakaJehova, wayopha kakhulu ngenxa yokubeletha. Wakwenqaba ukumpontshelwa igazi kodwa wamukela ukwelashwa nge-erythropoietin. Ngemva kwezinsuku eziyisishiyagalolunye ehlinziwe kusetshenziswa i-erythropoietin eningi ekwelapheni, i-hemoglobin yenyuka isuka kumagremu angu-2,9 yaba amagremu angu-8,2 idesilitha ngalinye ngaphandle kwanoma imuphi umphumela omubi.”
Lesi sihloko saphetha: “Ekuqaleni lesi siguli sasibuthakathaka kakhulu, kodwa salulama ngokushesha ngendlela emangalisayo. Ngaphezu kwalokho, ngemva kokuhlinzwa akuzange kube nezinkinga nakancane. Lesi siguli sakhishwa esibhedlela ngemva kwamasonto amabili.”
Ngisho noma lokhu okuhlangenwe nakho kwakuyigalelo elinzima kithi, siyajabula ngokuthi ngenxa yakho, kungenzeka abanye odokotela baye bafunda okwengeziwe ngezinye izindlela zokwelapha ngaphandle kokumpompela igazi. Siyethemba ukuthi bayokulungela ukuzama izindlela zokwelapha eziye zabonakala ziphumelela.—Njengoba ilandiswa u-Ann Yipsiotis.
[Isithombe ekhasini 26]
Nginodokotela wami owusizo