Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 2/22 k. 20-k. 22 isig. 8
  • “Manje UMia NoJehova Kuphela”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Manje UMia NoJehova Kuphela”
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwelashwa
  • Ukusekela Kothando
  • Ukucindezelwa Ukuba Ngamukele Igazi
  • Ukuphila Kwami Kwakusengozini
  • Inkathi Yenguquko
  • Odokotela Bafunda Ekusindeni Kwami Ethunzini Lokufa
    I-Phaphama!—1995
  • Ngasindiswa Ethunzini Lokufa Ngokwelashwa Ngaphandle Kwegazi
    I-Phaphama!—1992
  • Ukubaluleka Kwangempela Kwegazi
    I-Phaphama!—2006
  • Ukubhekana Nesimo Esiphuthumayo Sezokwelapha
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 2/22 k. 20-k. 22 isig. 8

“Manje UMia NoJehova Kuphela”

NGO-MAY 1991, umzimba wami wawusungibonisa izimpawu zokuthi kukhona okungalungile. Ngemva kokuhamba ngezinyawo noma ukugibela ibhayisekili ibanga elide, ngangizwa izinhlungu ezinkulu ezingalweni nasemilenzeni, futhi amalunga ami ayevuvukala. Lapho ngisemshadweni womunye wabafowethu ngo-July 1991, ngagula. Ngemva kwalokhu, ngangihlala ngilele isikhathi esiningi, futhi ngavela amashashazi abomvu angavamile ebusweni nasemzimbeni.

Umama wangiyisa kudokotela owangiphuthumisa esibhedlela esiseduze nasekhaya e-Askim eNorway. Kwatholakala ukuthi ngangiphethwe isifo sokungasebenzi kahle kwezinso nomfutho wegazi ophakeme kakhulu. Izinga le-hemoglobin yami lalingamagremu angu-7,3 idesilitha ngalinye, uma kuqhathaniswa nelivamile elingu-11,5 kuya ku-16. Ngemva kwezinsuku ezimbili ngadluliselwa esibhedlela esikhulu esinegumbi elikhethekile lokwelapha izifo zezinso. Ngemva kokubona imiphumela eminingana yokuhlolwa kwegazi, udokotela waphetha ngokuthi ngiphethwe i-systemic lupus erythematosus, nokuthi isimiso sokuzivikela somzimba wami sasikhiqiza amasosha omzimba ayehlasela igazi lami nezicubu zezinso. Nganikezwa ama-corticosteroid futhi ngelashwa ngamakhemikhali.

Njengoba kokubili lesisifo nokunye kwalendlela yokwelapha kunciphisa igazi, kwaphakama indaba yokumpontshelwa igazi. Ngakhokha umoya ngase ngithi: “NginguFakazi ozinikezele futhi obhapathiziwe, angilifuni igazi.” (Genesise 9:4; IzEnzo 15:28, 29) Lodokotela wabe esekhuluma nomama ngasese, futhi umama wachaza ukuthi singathanda ukusebenzisa ezinye izindlela zokwelapha ngaphandle kokumpontshelwa igazi. Lodokotela wathi uzimisele ukuhlonipha ukuma kwami futhi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuze angisize.

Umbiko wokwelapha, kamuva esathola ikhophi yawo, uthi: “Lesisiguli sikhulile, sihluzekile futhi sinolwazi. Ngakho-ke, kuyadingeka ukuba kuhlonishwe umbono waso.” Futhi uthi: “Igumbi lokwelapha lizimisele ukuhlonipha isinqumo salesisiguli sokungalamukeli igazi, ngisho noma kungase kuphumele ekutheni sife.”

Ukwelashwa

Ezinsukwini ezilandelayo, kwazanywa izindlela zokwelapha eziningana ukuze kwehliswe umfutho wami wegazi futhi ngaleyondlela kwehliswe ukucindezeleka kwezinso. Umzimba wami wawungavumelani nalezizindlela zokwelapha, futhi engikukhumbulayo ngalesosikhathi ukuthi ngangihlanza ngokuphindaphindiwe. Ngezinye izikhathi ngangizizwa ngicindezeleke kakhulu, futhi mina nabazali bami sasivame ukuthandaza kuJehova sicele usizo namandla. Ngemva kwenyanga ngisesibhedlela, ngavunyelwa ukuba ngiye ekhaya ngempelasonto. Kamuva, phakathi nokuvakasha kwesibili, ngaphathwa isithuthwane ngokunamandla kwabuye kwalandela iziqubu ezine esingangiphathanga ngokunamandla kuzo. Lesisifo sasihlasela isimiso sami sezinzwa. Ngaphuthunyiswa emuva esibhedlela.

Odokotela banquma ukusebenzisa enye indlela yokwelapha. Kwakhishwa i-plasma egazini, ngaleyondlela kwakhishwa amasosha omzimba ayehlasela amangqamuzana omzimba egazi lami nezicubu zezinso. Ngase ngijovwa nge-Ringer’s solution kanye ne-albumin. Ngangixoxile nodokotela ngalendlela yokwelapha futhi ngangibanikeze imvume ebhalwe phansi yokuyisebenzisa.a Naphezu kwalendlela yokwelapha isimo sami saba sibi kakhulu. Ngabanikeza nemvume yokungelapha ngama-immunoglobulin, kodwa ngalesosikhathi abazange bayisebenzise lendlela.b

Ukusebenza kwezinso zami kwehla kakhulu. I-serum creatinine yami yaba ngu-682, uma iqhathaniswa nevamile engu-55 kuya ku-110. Umfutho wami wegazi wahlala uphakeme futhi i-hemoglobin yami yahlala iphakathi kwamagremu amahlanu nayisithupha idesilitha ngalinye. Ngolunye usuku inani lezinhlayiyana zegazi lalingu-17 000 i-cubic milimitha ngalinye (inani elivamile lingu-150 000 kuya ku-450 000), liyenyusa kakhulu ingozi yokopha. Ngenhlanhla, inani lezinhlayiyana zegazi laqala ukwenyuka ngokushesha. Ngakusasa inani lalingu-31 000, futhi ukwenyuka kwaqhubeka.

Ukusekela Kothando

Izisebenzi zasesibhedlela zahlatshwa umxhwele izimbali, izincwadi, amakhadi, nezingcingo engangizithola zivela kubafowethu nodadewethu abathandekayo abangamaKristu kulo lonke elaseNorway. Zamangala ukuthi kwakungenzeka kanjani ukuba umuntu oneminyaka engu-18 ubudala abe nabangane abaningi kangaka. Lokhu kwasinikeza ithuba lokuzitshela ngethemba lethu lobuKristu nangenhlangano kaJehova enothando.—Johane 5:28, 29; IsAmbulo 21:3, 4.

Phakathi nalesisikhathi, iKomiti Yokubonisana Nezibhedlela yoFakazi BakaJehova yayizikhandla ukuze ithole ukwaziswa okwengeziwe okuphathelene nendlela yokwelapha i-lupus. Ihhovisi lethu legatsha laseNorway lasithumelela isihloko esasinyatheliswe ephephabhukwini lezokwelapha. Lachaza izimo ezimbili eziyinkimbinkimbi ze-systemic lupus erythematosus okwasetshenziswa kuzo ama-immunoglobulin kwabesifazane ababili—kwaba nemiphumela emihle. Phakathi nomhlangano nodokotela, abazali bami babacela ukuba bafunde lesisihloko ukuze babone ukuthi kwakungaba usizo yini lokho kwaziswa esimweni sami. Odokotela babenemibono ehlukahlukene ngalokho okumelwe kwenziwe. Ngokwesibonelo, babekhathazekile ngokuthi kwakunokwaziswa okuncane ngemiphumela emibi yendlela yokwelapha ngama-immunoglobulin.

Ukucindezelwa Ukuba Ngamukele Igazi

Ngalesosikhathi ngase nginamasonto angaba ngu-8 ngilele esibhedlela. Ngobunye ubusuku ngezwa ubuhlungu obuhlabayo esiswini, futhi ngangikhipha indle enegazi ngenxa yokophela ngaphakathi. Kwabizwa udokotela ohlinzayo. Wathi kudingeka ngihlinzwe ngokushesha futhi ngimpontshelwe igazi, ngaphandle kwalokho ngizokufa phakathi namahora ambalwa. Lodokotela watshela udadewethu, engangihlezi naye, ukuthi kumelwe angiphoqelele ukuba ngamukele igazi ngaphandle kwalokho uyoba necala uma ngifa. Lokhu kwangithukuthelisa, ngoba kwakuyisinqumo sami ukwenqaba ukumpontshelwa igazi.

Odokotela bafuna ukukhuluma nami ngingedwa ukuze baqiniseke ukuthi isinqumo kwakungesami ngempela nokuthi ngangikuqaphela ngokugcwele yini lokho ababecabanga ukuthi kwakungaba imiphumela yokwenqaba igazi. Ngemva kwemizuzu engu-15 base beqiniseka ukuthi ngangingenakuwushintsha umqondo wami. Esikhundleni sokungihlinza, odokotela basebenzisa imithi elwa namagciwane ukuze balwe nalesisifo.

Ngo-September 30, okuwusuku olwalungemva kokuxoxa nodokotela, isilinganiso se-hemoglobin yami sehla sisuka ku-6,5 saya ku-3,5. Ngadluliselwa egunjini labembulwa bembeswa. Ngangibuthaka kangangokuba ngangidinga umshini owawunganginikeza umoya-mpilo. Nakuba cishe ngangihlala ngibhekile kuso sonke lesisikhathi phakathi nalenkathi ebucayi, akukho engikukhumbulayo. Ngakho okwenzeka phakathi nezinsuku ezimbalwa ezalandela ngakulandiswa kamuva umkhaya wakithi nabadala ababili abangamaKristu.

Ukuphila Kwami Kwakusengozini

Kulesisikhathi odokotela bavuma ukuzama ukungifaka umjovo wama-immunoglobulin ngemithambo. Kusukela ngo-October 9 kuya ku-11, nganikezwa umthamo owodwa wamagremu ayisithupha ama-immunoglobulin ngosuku. Ngangingakwazi ukulawula ukuchama nokuzikhulula, futhi abahlengikazi babehlala beshintsha izingubo zokulala. Isilinganiso se-hemoglobin yami saqhubeka sehla. Umbiko wokwelapha wawuthi: “Isilinganiso esiphansi kunazo zonke se-hemoglobin yakhe sasingu-1,4, ngemva kwalokho wakhipha [indle enegazi], futhi kwanqunywa ukuba kuyekwe ukuhlolwa kwesilinganiso segazi. Kulesisikhathi [wayesefa] ngempela.”

Manje odokotela base bephelelwe ithemba lokuthi ngizolulama, bethi uma ngilulama, ngiyolimala ingqondo futhi mhlawumbe ngikhubazeke ngokwengxenye. Babeqiniseka ukuthi akukho okungenziwa kangangokuba ngo-October 12 kwanqunywa ukuba kumiswe konke ukwelashwa okuqondile kumane nje kusetshenziswe uketshezi. Ubaba, owayeqhubeka engikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngilwa, wayeseduze kombhede wami, ethi: “Manje uMia noJehova kuphela.”

Ngaso sonke isikhathi kwakuba nothile wasebandleni eduze kombhede wami kanye nomkhaya wakithi phakathi nalenkathi ebucayi. Omunye wabo walandisa: “NgoMgqibelo kusihlwa, ngo-October 12, akekho owayekholelwa ukuthi uMia wayengasinda ngalobobusuku. Kodwa ngeSonto ekuseni wayesaphila. Ntambama wayephefumula kanzima, futhi wonke umuntu wayelindele ukuthi afe. Umkhaya wonke wangunga umbhede wakhe. Wadonsa umoya kakhulu, futhi ngemva kwesikhathi eside, wawukhipha. Abazali bakhe bezwa ubuhlungu obukhulu kunabo bonke obungazwiwa abazali—ukubona ingane yabo ethandekayo ifa kancane kancane. Uyise wathi kufanele sonke siphendukele kuJehova ngomthandazo. Ngemva kwalokho sahlebeza, sinethemba lokuthi uMia wayengeke ahlupheke isikhathi eside.

“Kodwa uMia akazange afe. Odokotela nabahlengikazi babengakaze bakubone okufana nalokhu—umuntu ophila ngesilinganiso segazi esiphansi kangaka. Ukopha kwanqamuka, ngakho isimo asizange sibe sibi kakhulu. Ubusuku bangeSonto badlula, futhi uMia wayesaphila.”

Inkathi Yenguquko

NgoMsombuluko ekuseni, ngo-October 14, omunye wodokotela weza ukuzongibona. Ngangozela futhi angikukhumbuli okwenzeka. Lodokotela wama ngasembhedeni wami, futhi umama wathi: “Udokotela uzokubingelela.” Ngathi “sawubona” ngokuzwakalayo. Wayengakulindele lokho, futhi wabamba ongezansi.

Ingqondo yami yayiphila, futhi ngangingakhubazekile. Kwaphinde kwaqaliswa indlela yokwelapha. Ngafakwa i-erythropoietin ne-iron dextran ngemithambo, kanye nemithamo emibili yama-immunoglobulin ngosuku. Kancane kancane isimo sami saba ngcono. Ngo-October 16 isilinganiso se-hemoglobin yami senyuka saba ngu-2,6 futhi ngomhlaka-17 saba ngu-3,0. Ngaqhubeka ngiba ngcono. Ngo-November 12 ngakhishwa esibhedlela nginesilinganiso se-hemoglobin esingu-8,0.

Asazi ngempela ukuthi kungani ukubhujiswa kwamangqamuzana abomvu egazi lami kwanqamuka nokuthi kungani isilinganiso segazi lami senyuka ngokushesha kangaka. Ukujovwa ngama-immunoglobulin, i-erythropoietin, ne-iron dextran ngokusobala kwafeza indima enkulu. Ngasekuqaleni kuka-May 1992, isilinganiso se-hemoglobin yami sasingesijwayelekile esingu-12,3, futhi siye saqhubeka sikulelozinga.

Manje ngiyaqhubeka ngelashwa ukuze kugcinwe isimo sami sikahle, futhi ngiphila kahle. Ngo-November 28, 1992, ngashada nomKristu esikanye naye, futhi manje sikhonza uJehova ndawonye. Ukugula kwami, kanye nokulalela umthetho kaJehova ngokuqondene negazi, kuye kwangisondeza eduze kakhulu noJehova. Manje ngibheke phambili ekumkhonzeni ngawo wonke amandla ami kuze kube phakade.—Njengoba ilandiswa uMia Bjørndal.

[Imibhalo yaphansi]

a Lenqubo ibizwa ngokuthi i-plasmapheresis futhi ihilela ukujikeleziswa kwegazi ngaphandle komzimba. Isinqumo sokusebenzisa lenqubo sishiyelwa kunembeza womuntu ngamunye, njengoba kwadingidwa ku-Nqabayokulinda ka-March 1, 1989, amakhasi 30 no-31.

b Isinqumo sokusebenzisa ama-immunoglobulin, aqukethe ingxenye encane kakhulu yegazi, sishiyelwa kunembeza womuntu ngamunye, njengoba kwadingidwa ku-Nqabayokulinda ka-June 1, 1990, amakhasi 30 no-31.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela