Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 1/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphwulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 1/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Imboni Kagwayi Uchungechunge olunesihloko esithi “Kubulawa Izigidi Ukuze Kuzuzwe Izigidi” (May 22, 1995) lwalufundisa futhi lubekwe ngendlela ekhaliphile. Umdwebo osesembozweni (“Ugebhezi Olunosikilidi”) kaVincent van Gogh wawushayisa uvalo! Mhlawumbe lomfanekiso uwodwa uzoba owanele ukwenza abanye abantu bayeke ukubhema noma okungenani uvimbele abanye ekubeni baqale.

M. B., United States

Njengoba ngisebenzela i-American Cancer Society, ngangikulangazelela ngokukhethekile ukufunda lezi zihloko. Ngathumela ikhophi kowesifazane ongusihlalo wegatsha lendawo lenhlangano elwa nogwayi. Wahlatshwa umxhwele yizinga lokubhala nokucwaninga futhi wacela amakhophi angu-35 ayezowanika labo asebenza nabo.

J. O., United States

Mina nomyeni wami sase sinezinyanga ezicishe zibe zintathu siyekile ukubhema, kodwa ngangisawuqalekela ugwayi. Ngabe sengifunda lesi sihloko, futhi sangenza ngaqaphela ukuthi ezinye zezithako ezikugwayi zinoshevu kangangokuba kwenqatshelwe ngokomthetho ukuzilahla endaweni yezibi egqitshwayo! Lokhu kwangiqinisela ukuba ngizonde okubi.

L. T., South Africa

Ophethwe I-lupus Ngiyabonga kakhulu ngokwaziswa okuphathelene ne-lupus okusesihlokweni esithi “Manje UMia NoJehova Kuphela.” (February 22, 1995) Ngineminyaka engu-18 ubudala, futhi lesi sifo sesingiphathe cishe iminyaka emibili. Kuyakhuthaza ukwazi indlela lesi sifo esikhuthazelelwa ngayo abanye abazalwane nodade ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba nokubona indlela uMdali wethu asisekela ngayo ngothando ngazo zonke izikhathi.

J. A. Y., Italy

Abazali Abayinkinga Ngangithandazela ukuthola isihloko esifana naleso esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Umzali Wami Eshiyeka?” (May 22, 1995) Yeka indlela engangilusizi futhi ngidumele ngayo lapho umama esuswa ekuhlanganyeleni ebandleni lobuKristu! Ngacishe ngayeka ukuphayona, ukushumayela ivangeli isikhathi esigcwele. Lesi sihloko sangiqinisela ukuba ‘ngikhandlekele ukusindiswa kwami siqu ngokwesaba nangokuthuthumela’ kunokuba ngikhathazeke ngokweqile ngobuhlobo bukamama noJehova. (Filipi 2:12) Ngiyabonga kakhulu.

J. P., Philippines

NgingumKristu obhapathiziwe, kodwa ngiye ngakuthola kunzima kakhulu ukuhlonipha ubaba ofika ekhaya edakiwe nsuku zonke. Ngesikhathi ngifunda lesi sihloko, angikwazanga ukuyeka ukukhala. Manje njengoba sengisifundile, imizwa nemicabango yami ephambene ngobaba kuye kwadamba ngokuphawulekayo, futhi ngizizwa nginokuthula ngokwengeziwe ngaphakathi.

N. M., Japan

I-Christian Science Isihloko esithi “Imihlangano Yokuthuthukisa Ubuhlobo Phakathi Kodokotela NoFakazi BakaJehova” (March 22, 1995) sinokukhulumela okuphathelene nendlela inkolo ye-Christian Science esingatha ngayo ukugula. Ngenxa yesifiso sokwakha ukuqondana okuhle phakathi kwezinkolo zethu, ngithanda ukuqinisekisa abafundi benu ukuthi ngokuthembela ekuphulukiseni okungokomoya, ama-Christian Scientist ayakwazisa futhi akuvikele ukuphila komuntu njengoba sikholelwa ukuthi uKristu Jesu wasibonisa ukuba sikwenze. Umbhalo wokuphulukiswa okuqinisekisiwe onyatheliswe komagazini bethu eminyakeni engaphezu kweyikhulu ubonisa ukuthi isisusa sethu siwukukhulekela uNkulunkulu, hhayi ukufela ukholo. Ngokungaguquguquki umphumela uba inhlala-kahle engokomoya, engokokuziphatha, nengokomzimba.

M. V. W., Manager, Committees on Publication, The First Church of Christ, Scientist, United States

Siyabonga ngalokhu kukhulumela. Inhloso yethu ekucaphuneni amazwi kadokotela wezokwelapha yayiwukukhanyisa iphuzu lokuthi oFakazi BakaJehova bayakwamukela ukwelashwa ngemithi. Nakuba siwahlonipha amalungelo abanye okukholelwa ngendlela abathanda ngayo, eqinisweni uJesu Kristu wathi: “abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa abagulayo abamdingayo.” (Mathewu 9:12) Futhi lapho uPawulu exoxa ‘ngokugula kukaThimothewu kaningi,’ akazange atuse ukwelashwa okungokomoya kodwa wasikisela ukwelashwa ngemithi okuvamile. (1 Thimothewu 5:23) Ngakho, umbono weBhayibheli ngokwelapha ngemithi uyaphikisana nezimfundiso ze-Christian Science.—ED.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela