Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 2/8 k. 20-k. 22 isig. 5
  • Izenzo Eziphoqelelayo—Ingabe Zibusa Ukuphila Kwakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izenzo Eziphoqelelayo—Ingabe Zibusa Ukuphila Kwakho?
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubona Akukhona Ukukholelwa
  • Okuhlanzekile Akuhlanzekile Ngokwanele
  • Ukuhlushwa Ingqondo
  • Ukulawula Okungalawuleki
  • Ukukhululeka Emidlinzweni Nasezenzweni Eziphoqelelayo
  • 1 | Umthandazo—‘Phonsa Zonke Izinkathazo Zakho Kuye’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2023
  • Lapho Othandekayo Wakho Enesifo Sengqondo
    I-Phaphama!—2004
  • Ukusiza Labo Abanokuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla
    I-Phaphama!—1992
  • Ithemba Labagulayo
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 2/8 k. 20-k. 22 isig. 5

Izenzo Eziphoqelelayo—Ingabe Zibusa Ukuphila Kwakho?

“Ngivuka ngehora lesithupha njalo ekuseni,” kusho uKeith.a “Iwashi lami elinensimbi ekhalayo licushwe ukuba lizikhalele ngehora lesithupha. Ngiyazi ukuthi licushiwe. Angikaze ngilishintshe. Kodwa, kuye kudingeke ukuba ngilokhu ngilihlola. Ubusuku ngabunye ngilibheka okungenani izikhathi ezinhlanu ngaphambi kokuba ngilale. Futhi izinkinobho esitofini—kudingeka ngiqiniseke ukuthi ngayinye icishiwe. Ngingase ngibone ukuthi zicishiwe, kodwa kuyaye kudingeke ukuba ngibuyele emuva futhi ngibheke kanye, kabili, kathathu—ukuze nje ngiqiniseke. Khona-ke kudingeka ukuba ngihlole umnyango wesiqandisi, ngokuphindaphindiwe, ukuze ngiqiniseke ukuthi uvaliwe. Bese kuba isihluthulelo somnyango oyisisefo, nezihluthulelo ezimbili emnyango omkhulu wendlu . . .”

UKEITH uphethwe isifo esaziwa ngokuthi i-obsessive-compulsive disorder (OCD), esichazwa njengesimo esidangalisayo esiphawuleka ngemicabango (obsessions) nangezenzo (compulsions) okungalawuleki.b Umuntu ophethwe i-OCD unomuzwa wokuthi lemidlinzo nezenzo eziphoqelelayo kuzenzakalela ngokuphelele. Kunjengokungathi kungena ngendluzula futhi kuqale ukumlawula.

Wonke umuntu ngezikhathi ezithile uba nemicabango nemizwa ecindezelayo engathandeki. Kodwa ngokuqondene ne-OCD lokhu kuba okubeleselayo nokuphindaphindwe kangangokuba kuphazamisa ukuphila okuvamile futhi kubangele ukungakhululeki okukhulu, ngezinye izikhathi okuphumela ekucindezelekeni. “Impi eqhubekayo engokwengqondo yangishukumisela ukuba ngicabangele ukuzibulala,” kusho omunye ophethwe yilesi sifo. Cabangela ezinye izimpawu zalesi sifo esingaqondakali.

Ukubona Akukhona Ukukholelwa

Lapho uBruce eshayela imoto yakhe idlula endaweni eyisikhisi, ushaywa uvalo olwesabekayo. ‘Kungenzeka yini ukuthi ngishayise umuntu?’ ezibuza. Lowo muzwa uyakhula kuze kudingeke ukuba amane aphindele endaweni okwenzeke kuyo “icala” futhi ahlole—hhayi kanye nje kodwa ngokuphindaphindiwe! Yiqiniso, uBruce akamtholi umuntu olimele. Noma kunjalo, akaqiniseki! Ngakho lapho efika ekhaya, ubukela izindaba ukuze ezwe imibiko yengozi yemoto eshayise umuntu maqede yabaleka. Uze ashayele ngisho namaphoyisa ucingo ukuze “avume icala.”

NjengoBruce, abaningi abaphethwe i-OCD bahlushwa ukungabaza: ‘Ingabe ngilimaze umuntu? Ingabe ngisicishile isitofu lapho ngiphuma endlini? Ingabe ngiwuhluthulele umnyango?’ Abantu abaningi ngezinye izikhathi bangase babe nemicabango enjalo, kodwa umuntu ophethwe i-OCD uzohlola ephindelela futhi ebelokhu enganelisiwe. “Iziguli zami ezihlolayo kubonakala sengathi zithi ‘ukuqonda kuvela ezinzweni kuphela,’” kubhala uDkt. Judith Rapoport. “Yingakho inkinobho yomnyango kumelwe ijikiswe ngokuphindaphindiwe; isibani sikhanyiswe sicishwe, sikhanyiswe sicishwe. Lezi zenzo ziletha ukwaziswa okusheshayo, nokho akugculisi.”

Okuhlanzekile Akuhlanzekile Ngokwanele

Umfana oneminyaka engu-14 ogama lakhe linguCharles wayehlushwa ukwesaba ukungcoliswa amagciwane. Unina kwakudingeka ahlanze zonke izinto ayengase azithinte, ngoketshezi okuthiwa i-rubbing alcohol. Ngaphezu kwalokho, uCharles wayesaba ukuthi izivakashi zazizongena nokungcola kwasemgwaqweni.

UFran wayeba novalo lapho ewasha izingubo zakhe. “Uma izingubo zithinte uhlangothi lomshini wokuwasha lapho ngizikhipha,” esho, “kwakudingeka ziphinde ziwashwe.”

NjengoCharles noFran, abaningi abaphethwe i-OCD banemidlinzo ephathelene namagciwane nokungcoliswa. Lokhu kungase kuphumele ekugezeni umzimba noma izandla ngokweqile, ngezinye izikhathi kuze kube yilapho kuvela amabhamuza—noma kunjalo lowo muntu ulokhu ezizwa engahlanzekile.

Ukuhlushwa Ingqondo

U-Elaine uhlushwa imicabango ezifikelayo yokungabi nanhlonipho ngoNkulunkulu. “Lezi izinto engingasoze ngazihlosa futhi engingakhetha ukufa kunokuba ngizihlose,” esho. Nokho, lemicabango iyaphikelela. “Ngezinye izikhathi ngikhathala ngokoqobo ebusuku ngenxa yokulwisana nalemicabango nsuku zonke.”

USteven wenza “izifungo” kuNkulunkulu ezishukunyiswa imizwa yokuba necala ngenxa yamaphutha akhe. “Lokhu kuthambekela kungenza ngidabuke ngoba kubonakala kuphikisana nentando yami,” esho. “Kamuva, unembeza wami ungiphoqelela ukuba ngifeze lokho engikuthembisile. Ngenxa yalokhu, ngesinye isikhathi ngaphoqeleka ukuba ngishabalalise okuthile okwakuyigugu kakhulu kimi.”

Bobabili u-Elaine noSteven banemidlinzo eyenzeka ikakhulukazi engqondweni. Nakuba izimpawu zayo zingabonakali kalula, labo abanemidlinzo bahlala benomuzwa wecala nowokwesaba.

Lezi kumane nje kungezinye zezimpawu eziningi ze-OCD.c Yini ebangela lesi sifo? Ungakhululeka kanjani kuso?

Ukulawula Okungalawuleki

Omunye udokotela uchaza izenzo ze-OCD njengomphumela “wokuphazamiseka kwengqondo” lapho ukwaziswa kwezinzwa kungadluliselwa phambili bese kuthi “lesi simiso sibuye senzeke ngokuphindaphindiwe.” Yini ebangela lokhu kuphindaphindeka? Akekho oqinisekayo. Kubonakala sengathi kuhileleke i-neurotransmitter serotonin, kodwa kucatshangelwa nezinye izingxenye zobuchopho. Abanye bathi okuhlangenwe nakho kwasebuntwaneni kungase kuyivuse i-OCD, mhlawumbe kuhlanganise nokuthambekela kwezici zofuzo.

Nokho, kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela, kunephuzu elilodwa elicacile: Ukumane utshele labo abaphethwe i-OCD ukuba bayeke ukuwasha noma bayeke ukuhlola cishe ngeke kuphumelele. Kuhileleke okungaphezu kwesifiso sokuzimisela.

Ukwelashwa ngemithi kuye kwabonakala kuwusizo kwabaningi. Okunye okungase kwenziwe kuhilela ukubeka isiguli esimweni esisesabayo bese kuvinjelwa ukuba sisabele ngendlela evamile. Ngokwesibonelo, umuntu onomkhuba wokugeza, kungadingeka ukuba abambe okuthile okungcolile abese engagezi. Yiqiniso, uhlobo olunjalo lokwelapha alumelaphi ngokushesha umuntu. Kodwa ngokuphikelela, abanye banomuzwa wokuthi kunganikeza ukukhululeka.

Ochwepheshe baye bahlolisisa nethuba lokuthi, okungenani ezimweni ezithile, i-OCD ingase ibe nomsuka kokuhlangenwe nakho kwasebuntwaneni. Kuye kwaphawulwa ukuthi izingane eziningi eziphathwe kabi zikhula zizizwa zingento yalutho noma zingcolile ngokwemvelo, futhi ezinye zalezi zingane kamuva ziye zaba nomkhuba wokugeza oziphoqelelayo.

Ukukhululeka Emidlinzweni Nasezenzweni Eziphoqelelayo

Uma uphethwe i-OCD, ungabi nomuzwa wokuthi uhlukile noma mhlawumbe uyasangana. “Ngaphandle kokwesaba kwabo okuthile,” kubhala uDkt. Lee Baer, “abantu abaphethwe i-OCD baqhubeka beziqaphela izimo ezingokoqobo kuzo zonke ezinye izingxenye zokuphila kwabo.” Ungase usizwe! Khumbula, i-OCD umkhiqizo wokungapheleli. Ayilona uphawu lokuba buthaka ngokokuziphatha noma ukuhluleka okungokomoya! Futhi ayibonisi ukungamukelwa nguNkulunkulu. “UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.”—IHubo 103:8, 14.

Kodwa kuthiwani uma imidlinzo ibonakala ingenanhlonipho noma ihlambalaza? Ngokuphathelene ne-OCD, imicabango enengekayo ibanga umuzwa wecala, futhi umuzwa wecala ungase ubange imicabango enengekayo eminingi ngisho nangokwengeziwe. “Kungenza ngisheshe ukucasuka,” kusho u-Elaine. “Kungenza ngingakhululeki—ngihlale ngicabanga ukuthi kungenzeka ukuthi uJehova ungithukuthelele.” Abanye bangaze babe nanomuzwa wokuthi imicabango yabo ilingana nesono esingenakuthethelelwa!

Nokho, amazwi kaJesu aphathelene nesono esingenakuthethelelwa, ukona umoya ongcwele kaNkulunkulu, ngokucacile ayengabhekiseli emicabangweni yokuphamazela, eyimidlinzo. (Mathewu 12:31, 32) UJesu wayebhekise amazwi akhe kubaFarisi. Wayazi ukuthi ukuhlasela kwabo kwakuhloswe ngokuphelele. Izenzo zabo zamabomu zazivela ezinhliziyweni ezigcwele inzondo.

Yebo, ukukhathazeka komuntu ngokuthi wone uNkulunkulu kungase kube ubufakazi bokuthi akonanga ngokungenakuthethelelwa. (Isaya 66:2) Ngaphezu kwalokho, kunikeza ithemba ukwazi ukuthi uMdali uyasiqonda lesi sifo. Unesihe futhi “ungothethelelayo.” (IHubo 86:5; 2 Petru 3:9) Ngisho nalapho izinhliziyo zethu zisilahla, “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.” (1 Johane 3:20) Wazi izinga imicabango nemizwa ecindezelayo efinyelela kulo, ewumphumela walesi sifo umuntu angenakusilawula. Ngakho umuntu ophethwe i-OCD okuqaphelayo lokhu angayeka ukuzikhathaza ngomuzwa wecala ongafanele.

Yeka ukubonga esingaba nakho ngokuthi uJehova uthembisa izwe elisha okuyoba khona kulo ukukhululeka kukho konke ukuhlupheka okungokomzimba, okungokwengqondo, nokungokomzwelo! (IsAmbulo 21:1-4) Okwamanje, labo okumelwe bakhuthazelele lesi sifo bangase bathathe izinyathelo eziwusizo ukuze badambise ukuhlupheka kwabo.

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama kulesi sihloko aye ashintshwa.

b I-Phaphama! ayigunyazi noma iyiphi indlela yokwelapha. AmaKristu aphethwe yilesi sifo kuzodingeka aqaphele ukuthi noma yiluphi uhlobo lokwelashwa alufunayo alungqubuzani nezimiso zeBhayibheli.

c Izimpawu ezimbalwa kwezinye eziningi zihlanganisa ukubala nokuqongelela izinto noma umdlinzo ngokufana kwezinto ezimbili.

[Ibhokisi ekhasini 22]

Ukunikeza Ukusekela

NJENGOMNGANE noma ilungu lomkhaya, ungenza lukhulu ekusekeleni umuntu olwisana ne-obsessive-compulsive disorder (OCD).

• Okokuqala, hlola isimo sengqondo sakho siqu. Uma ukholelwa ukuthi ogulayo ubuthakathaka, uyivila, noma unenkani, uzokuqaphela njalo lokhu futhi ngeke ashukumiseleke ukuba athuthuke.

• Khuluma nogulayo. Thola into alwisana nayo. Ukuba nomuntu oseduze okhululekile nothembekile ngokuvamile kuyisinyathelo sokuqala sesiguli esiholela ekulawuleni izimpawu ze-OCD.—IzAga 17:17.

• Ungenzi ukuqhathanisa. I-OCD ibangela imizwa ecindezelayo ethena amandla engafani naleyo ezwiwa yilabo abangaphethwe yilesi sifo. Ngakho-ke ngokuvamile akusizi ukusho indlela wena obhekana ngayo nemizwa yakho.—Qhathanisa nezAga 18:13.

• Siza ogulayo ukuba azibekele imigomo efinyelelekayo futhi ayifinyelele. Khetha uphawu lwesifo, futhi uhlele uchungechunge lwemigomo yokunqoba lolo phawu. Qala ngomgomo okungenzima kakhulu ukuwufinyelela. Ngokwesibonelo, omunye umgomo ungase ube ukuba ukugeza umzimba kungeqi isikhathi esithile.

• Ncoma intuthuko. Ukuncoma kukhuthaza ukuziphatha okuqondile. Isinyathelo ngasinye sentuthuko—kungakhathaliseki ukuthi sincane kangakanani—sibalulekile.—IzAga 12:25.

Ukuhlala nomuntu ophethwe i-OCD kungase kukhathaze kakhulu ngokomzwelo emalungwini omkhaya. Ngakho-ke, abangane kufanele babe abaqondayo nabasekela ngazo zonke izindlela abangenza ngazo.—IzAga 18:24b.

[Izithombe ekhasini 21]

Ukuhlola nokugeza ngokweqile—izimpawu ezimbili ze-OCD

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela