Ukubuka Okwezwe
Ukweba Emasontweni AseBrithani
“Izindawo zokukhulekela azisabhekwa njengezingcwele,” kubika i-Sunday Times yaseLondon. Izitsha zamakhandlela, izihlalo zababhishobhi, amadeski ethusi, izitsha zewayini zenkathi ephakathi, nezitsha zokubhapathizela kuyebiwa emasontweni aseNgilandi bese kudayiswa njengemihlobiso yasengadini. Leli bhizinisi elingekho emthethweni lenziwa emhlabeni wonke, kwebiwa izinto zobuciko kuye ngokwesidingo. Enye ingilazi yefasitela ehlotshisiwe eyayilahlekile yatholakala ethilomu lokudla laseTokyo. Izimpahla ezilahlekayo kulamasonto zilinganiselwa emaRandini ayizigidi ezingu-25 ngonyaka. Manje kufakwa imishini eyinkimbinkimbi yokugada lezi zakhiwo ezingcwele futhi kuqashwa amafemu ezokulondeka ukuze zigadwe.
Kuyanda Ukukhishwa Kwezisu ECanada
Kwaba nenani eliphakeme labakhipha izisu elingu-104 403 eCanada ngo-1993, okuwukwanda ngamaphesenti angu-2,3 kunangonyaka odlule. Ngokwe-Toronto Star, “lokho kulingana nokukhishwa kwezisu ezingu-26,9 ezinganeni eziyikhulu ezibelethwayo.” Kungani kunalokhu kwanda? Nakuba abanye bethi lokhu kubangelwa ukwanda kwenani lemitholampilo yokukhipha izisu engeyona ekahulumeni kulelizwe, izikhulu ze-Planned Parenthood Federation of Canada zithi ukucindezela kwezomnotho “kuyisizathu esiyinhloko esinikezwayo sokukhishwa kwezisu.” U-Anna Desilets, umqondisi ophethe we-Alliance for Life, iqembu elimelene nokukhishwa kwezisu okusemthethweni, unomuzwa wokuthi “ukukhipha izisu kalula kwenza abantu bakusebenzise njengendlela yokuvimbela inzalo, ngezindleko zabakhokhi bentela.”
Abantwana Abanengculaza
Inani labantwana baseVenezuela abanengculaza landa ngokushaqisayo, kubika i-Universal yaseCaracas. “Ngaphambili kwakubikwa abantwana abanengculaza abaphakathi kwababili nabayisithupha minyaka yonke,” kuchaza omunye uchwepheshe, “kodwa manje kubikwa ababili kuya kwabayisithupha ngesonto.” Inani labesifazane abanaleli gciwane, nabo abalidlulisela kubantwana babo, landa nsuku zonke. Umbiko waleli phephandaba uyaphetha: “Kubalulekile ukukhumbula ukuthi izibalo ezisingathwa uMnyango Wezempilo zibonisa kuphela ingxenye encane kakhulu yalokhu.”
Bayanda Abesifazane Abanobudlova
“Abesifazane bahileleke ngokwengeziwe ebudloveni kunangaphambili,” kusho isazi sobugebengu sase-University of Ottawa uTom Gabor. “Ubudlova,” kubika iphephandaba i-Globe and Mail, “benziwa kakhulu abesifazane abaholayo kunabesifazane abangaholi. Laba abazona izisebenzi zesigelekeqe sesilisa.” Amacala obudlova abekwe abesifazane asebekhulile aye enyuka kusuka kwangu-6370 ngo-1983 kuya kwangu-14 706 ngo-1993. Nokho, abesilisa basenengxenye emacaleni amaningi obudlova. Ngokwe-Globe, “ngo-1993, amaphesenti angu-88,6 abantu abadala namaphesenti angu-76,3 entsha abekwa amacala obudlova kwakungabesilisa.”
Abapristi Nomshado
Iphephandaba lase-Australia i-Sydney Morning Herald labika ukuthi inani elandayo lamaKatolika anethonya libonisa ukuthi “ukuqedwa kobumpohlo obuyisibopho kunganqanda ukulahlekelwa abapristi.” Ubumpohlo bubhekwa njengesithiyo esiyinhloko esivimbela izinsizwa ekubeni zingenele ubupristi. Iqokomisa lenkinga, i-Herald yaveza izibalo ezithile ezikhanyiselayo. Isikhungo esiyinhloko esiqeqesha abapristi saseNew South Wales sasinesilinganiso esiphakeme esingu-60 sabangenela ubupristi ngonyaka kusuka ngo-1955 kuya ku-1965. Kodwa inani elifanayo labangenela ubupristi phakathi kuka-1988 no-1994 lalingabangu-9 kuphela ngonyaka. Isekela lomqondisi welinye ikolishi eliqeqesha abapristi eSydney lathi ngokombono walo, ukuvumela abefundisi ukuba bashade kungase kube “ikhambi elisheshayo” kodwa hhayi lesikhathi eside lokuntuleka okukhulu kwabapristi e-Australia.
“Ababulali Abanesineke”
I-International Herald Tribune ibika ukuthi iZizwe Ezihlangene zizama ukuqongelela amaRandi ayizigidi ezingu-272 ukuze ziqale ukuvumbulula amabhomu agqitshwayo alinganiselwa ezigidini ezingu-110 emazweni angu-64. Kubiza amaRandi angu-11 kuphela ukukhiqiza ibhomu lempi eligqitshwayo (AP [antipersonnel]) elingaphansi kwephakethe likagwayi. Kodwa ukuthola nokuvumbulula ibhomu elinjalo enhlabathini kubiza amaRandi aphakathi kwangu-1100 nangu-3600. Ukuvunjululwa kwamabhomu kuthiywa enye inkinga. Umkhulumeli weZizwe Ezihlangene wathi: “Unyaka ngamunye kugqitshwa izigidi ezimbili zamabhomu amasha e-AP ngaphezu kwamabhomu angaphezu kwezigidi eziyikhulu asegqitshiwe kakade.” Ochwepheshe bayavuma ukuthi kuyothatha amashumi eminyaka ukuhlanza umhlaba kulokho ujenene waseCambodia akuchaza ngokuthi “ababulali abanesineke abangehluleki.”
Ukuzibulala Ebhulohweni
Abantu abangaphezu kwenkulungwane baye bazibulala ngokuziphonsa phansi eGolden Gate Bridge edumile yaseSan Francisco selokhu yavulwa ngo-1937. “Ukuzibulala ngokuziphonsa phansi eGolden Gate Bridge kuyakhanga, kuyaheha. Kuhle kakhulu kuleyo ndawo. Kuhilela ukwakha amaphupho ngokukhethekile,” kusho ucwepheshe wezokuzibulala uRichard Seiden. Bambalwa abaziphonsayo abasindayo ukuze balandise indaba, okungamangalisi ngoba bangena emanzini ngejubane elingamakhilomitha angu-120 ngehora futhi ngokuvamile baqhuma izitho zangaphakathi. Ukuhlolwa kwabantu abangu-500 abanxuswa ukuba bangaziphonsi phansi kwembula ukuthi abangaphansi kwamaphesenti amahlanu babegcina bezibulele kamuva.
Ukubulawa Izimoto
Njengoba kufa abantu abangu-26 ezakhamuzini ezingu-100 000, i-Argentina isihamba phambili emhlabeni ngenani labantu ababulawa izimoto, ngokwephephandaba lase-Argentina i-Clarín. Phakathi no-1993 abantu abangu-8116 bafa ngaleyo ndlela kulelizwe. Leli nani lenyuka laba ngu-9120 ngo-1994. Kodwa phakathi nezinyanga zokuqala eziyisithupha ngo-1995, kakade kwase kufe abantu abangaphezu kuka-5000 bebulawa izimoto. Ngo-1994 izisulu ezingamaphesenti angaba ngu-25 kwakungabantu abahamba ngezinyawo. Esifundazweni saseBuenos Aires kuphela, inani labantu ababulawa izimoto lenyuka ngamaphesenti angu-79. Ingxenye enkulu yalezi zingozi yayibangelwa ukuhluleka kwabashayeli ukubhekisisa lapho bedlula ezinye izimoto.
Izingane Ezibhemayo
Umbiko ka-1993/94 ubonisa ukuthi kunezingane ezengeziwe ezibhemayo eBrithani. Inani lababhemayo abaneminyaka engu-11 kuya kwengu-15 ubudala liye landa lisuka kumaphesenti ayishumi liya kwayishumi nambili. Iphephandaba i-Independent liphawula ukuthi lokhu kwanda kukuphinda kabili lokho okwakulindelwe izikhulu zikahulumeni zezempilo ngo-1994. Nakuba beye bancipha abantu abadala ababhemayo, amaphesenti angu-29 abantu besilisa baseBrithani namaphesenti angu-27 abesifazane asabhema. Lombiko uyaphetha: “Kungase kudingeke ukuncipha okuphawulekayo kwabantu abadala ababhemayo ngaphambi kokuba isimo sengqondo sentsha sithinteke ngokuphawulekayo.”
Ukuhlanzeka Komlomo Kwasebegugile
“Ukuhlanzeka komlomo kungaba indaba yokufa nokuphila kubantu asebekhulile,” kusho i-Asahi Evening News. Ososayensi baseJapane baphetha ngokuthi “abantu asebekhulile banganciphisa ingozi yokungenwa i-pneumonia ngokumane baxubhe amazinyo abo.” Ekuhlolweni kwabantu asebekhulile abangu-46, elinye iqembu labangu-21 lalixujwa amazinyo ngesineke abahlengikazi nsuku zonke ngemva kokudla kwasemini. Futhi lalihlolwa ukuhlanzeka kwamazinyo kabili noma kathathu isonto ngalinye. Ngemva kwezinyanga ezintathu kwatholakala ukuthi kulaba abangu-21 kwakunciphe izinsuku eziyishumi zokuphathwa umkhuhlane kunabangu-25 abangazange bayilandele lenkambiso. Kuthiwa impilo engcono yayibangelwa ukungabibikho kwamagciwane emlonyeni. Ukuhlola kwangaphambili kwaphetha ngokuthi “amathe noma izinhlayiyana zokudla ezihogelwe ngengozi zangena emaphashini ngokuvamile zibangela i-pneumonia,” kusho leli phephandaba.
Ukungafi Okuthengiswayo?
“Ungathola Ukungafi Ngo-$35 [R125],” kusho i-Register-Guard yase-Eugene, e-Oregon, e-U.S.A. Isazi se-microbiology uJames Bicknell sithembisa ukulondoloza i-DNA yakho, ukuze njengoba leli phepha likubeka, “ekhulwini leminyaka elithile elizayo, isizukulwane esithile esithandekayo sikwazi ukusebenzisa ukwaziswa okutholakala kule-DNA ukuze senze umfanekiso wakho.” UDkt. Bicknell uthengisa ithuluzi le-DNA elinezingcezu ezimbili ze-gauze ebulewe amagciwane nesitsha esincane soketshezi. Uthi: “Uhlikihla le-gauze ngaphakathi ezihlathini zakho, uyifake oketshezini, bese uyithumela kimi.” Ube esekhipha le-DNA ezingqamuzaneni ezazihlikihlwe kuyi-gauze ayifake epheshaneni elithile lokucwenga. Khona-ke leli phepha lilondolozwa epayipini ebhokisaneni le-aluminum eligxivizwe igama lakho ukuze uhlobise ngalo ngokuthanda kwakho. I-Guard ithi: “Uphetha ngokuthi abantu balondoloza umlotha wabafile, inqwaba yezinwele nezinzipho zeminwe ezinqunyiwe. Ibhokisi le-DNA lingokuthile ongakudlulisela ezizukulwaneni.”
Ukwelapha Ngezakhi Zofuzo Kuyagxekwa
Amathemba ayemakhulu eminyakeni eyisithupha edlule lapho kuqala ukwelapha ngezakhi zofuzo. Ngokuhamba kwesikhathi ososayensi babenethemba lokwelapha izifo ezingokwemvelo zezakhi zofuzo ngokujova iziguli zabo ngezakhi zofuzo zokwelapha. Futhi babenethemba lokufaka izakhi zofuzo ngomjovo ezaziyobangela ukuba izingqamuzana eziyingozi, njengezingqamuzana zomdlavuza, ukuba zizibulale zona. Nokho, ngemva kokucwaningisisa ngentshiseko, lendlela yokwelapha iyagxekwa. I-International Herald Tribune ithi: “Kulo lonke lolu gqozi, akukaze kube nanowodwa umbiko onyathelisiwe wesiguli esasizwa ngokwelashwa ngezakhi zofuzo.” Ososayensi abaphambili besaba ukuthi lokhu kucwaninga kushoshozelwa kakhulu izithakazelo zezentengiselwano nezomuntu siqu, esikhundleni sokushoshozelwa ukukhathalela iziguli. Enye inkinga iwukuthi izingqamuzana ezilashwe ngezakhi zofuzo zingase zihlaselwe futhi zibhujiswe isimiso somzimba sokuzivikela, esizibheka njengezingafuneki emzimbeni.