Bathengi Qaphelani! Ukwenza Umgunyathi Kungabangela Ukufa
IZISULU ezingaqeqeshiwe, ezingasoli lutho zingase zikhohliswe. Iwashi elibonakala libiza olithengiselwa umuntu emgwaqweni ngemadlana nje encane—ingabe elangempela noma elomgunyathi? Ingabe uyolithenga? Ijazi loboya olithengiselwa ngefasitela lemoto emgwaqweni—umthengisi uthi lenziwe ngoboya obubizayo. Ingabe ubuhle nentengo yalo ephansi kuyophazamisa ukwahlulela kwakho ngokuhluzeka? Indandatho yedayimane emunweni wowesifazane osanda kuhlukanisa—manje ongenamali nakhaya, olinde isitimela esiteshini esingaphansi komhlaba eNew York—ungayithola ngemadlana nje ewubala. Ingabe ubungacabanga ukuthi lomtitilizo muhle kakhulu ukuba ungawuyeka? Ngenxa yokuthi lemibuzo ibuzwa kulesi sihloko esiphathelene nokwenziwa komgunyathi nangenxa yezimo ezikhulunyelwayo, cishe uzophendula ngokuthi “ANGISOZE!”
Ah, kodwa ake sishintshe izindawo nezimo futhi sibone ukuthi ubungaphendula kanjani. Kuthiwani ngesikhwama esibizayo, esihle esithengiswa esitolo sezimpahla ngentengo ephansi? Kuthiwani nge-whiskey eyaziwayo ethengiswa esitolo sotshwala esiseduze? Ngokuqinisekile bekungeke kube nenkinga lapha. Cabangela futhi ifilimu lezithombe elinegama elaziwayo elisendalini ekhemisi noma esitolo samakhamera. Kulokhu iwashi elibizayo elidla izinkulungwane zamaRandi awulithengiselwa umthengisi wasemgwaqweni, kodwa ulithengiselwa isitolo esinedumela elihle. Intengo yalo yehliswe ngokuphawulekayo. Uma ubungathola leli washi elibizayo emakethe, ubungalithenga? Bese kuba khona izicathulo ezinhle ngentengo ephansi esitolo esithile osiboniswa abangane bakho. Ingabe uyaqiniseka ukuthi aziwona umgunyathi oshibhile?
Emkhakheni wezobuciko, ezindaweni zokubukisa ngezithombe, kuba nendali enkulu yabaqongeleli bezinto zobuciko ezibizayo. “Qaphela,” kuxwayisa omunye uchwepheshe wobuciko. “Ongoti abanokuhlangenwe nakho kweminyaka eminingi bayakhohliswa. Kanjalo nabathengisi. Ngokufanayo nabaphathi bamamnyuziyamu.” Ingabe uhlakaniphe kangangokuthi ubuyokwazi ukubona ukuphamba kwabenzi bomgunyathi? Qaphela! Kungenzeka zonke lezi zinto ezisemfanekisweni ziwumgunyathi. Ngokuvamile kunjalo. Khumbula, uma into iyivelakancane futhi iyigugu, othile ndawana-thile uyozama ukwenza umgunyathi wayo.
Ukwenza izinto ezithengiswayo zomgunyathi kuyibhizinisi lamaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-725 emhlabeni wonke futhi “kwanda ngokushesha kunezimboni eziningi eziyizisulu zako,” kubhala umagazini i-Forbes. Izinsimbi zemoto eziwumgunyathi zibiza abenzi bezimoto baseMelika nabathengisi ama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-12 (amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-43) ngonyaka emhlabeni wonke ngenxa yokulahlekelwa. Lomagazini wathi: “Imboni yezimoto yase-United States ithi ibingaqasha abanye abantu abangu-210 000 uma ibingakwazi ukuqeda ibhizinisi labathengisi bezinsimbi zomgunyathi.” Kubikwa ukuthi cishe ingxenye yezimboni ezenza umgunyathi zingaphandle kwelase-United States—cishe kuyo yonke indawo.
Izinto Zomgunyathi Ezingabulala
Ezinye izinhlobo zemikhiqizo yomgunyathi ziyingozi kakhulu. Amabhawodi, nezikulufu ezithengwe kwamanye amazwe zakha amaphesenti angu-87 enzuzo yemakethe yase-United States yama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha (amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-22). Nokho, ubufakazi obutholakele kuze kube manje bubonisa ukuthi amaphesenti angu-62 awo wonke lamabhawodi anamagama aqanjiwe noma izitembu zomkhiqizo zomgunyathi. I-Forbes yabika ukuthi umbiko ka-1990 we-General Accounting Office (GAO) wathola ukuthi okungenani izikhungo ezingu-72 zaseMelika “zamandla enuzi zazifake amabhawodi angafanele, ezinye ezimisweni ezicisha umshini ophehlayo lapho kuvela ingozi yenuzi. I-GAO ithi lenkinga iba yimbi nakakhulu. . . . Ubukhulu balenkinga, izindleko kubakhokhi bentela noma izingozi ezingase zivele ngenxa yokusebenzisa imikhiqizo enjalo [ephansi] akwaziwa.”
Amabhawodi ensimbi, angenamandla anele injongo asetshenziselwa yona, aye enziwa ngomgunyathi futhi ashushumbiselwa e-United States abakhi abangathembekile. Ngokwe-American Way, “angasongela ukulondeka kwezakhiwo zamahhovisi, izikhungo zamandla kagesi, amabhuloho nezinto zempi.”
Kwasolwa amabhuleki omgunyathi lapho kwenzeka ingozi yebhasi eyabulala abantu abangu-15 eCanada eminyakeni embalwa edlule. Kubikwa ukuthi kuye kwatholwa izinsimbi zomgunyathi ezindaweni ezingalindelekile njengezindiza zempi ezinophephela emhlane nomkhumbi-mkhathi wase-United States. “Umthengi ovamile akakhathazeki lapho ukhuluma ngewashi le-Cartier noma le-Rolex eliwumgunyathi,” kusho umphenyi ovelele womgunyathi, “kodwa lapho kusongelwa impilo nokulondeka kwakho, kuba isimo esihlukile.”
Uhlu lwezinto zomgunyathi ezingaba ingozi luhlanganisa nemishini yokusiza inhliziyo eyathengiselwa izibhedlela zase-United States ezingu-266; amaphilisi omgunyathi okuvimbela inzalo ayethengiswa eMelika ngo-1984; nezibulala-sikhunta, ezenziwe ngokuyinhloko ngoshoki, ezabulala isivuno sekhofi saseKenya ngo-1979. Kunemithi yomgunyathi esakazekile engasongela ukuphila kwabathengi. Inani labantu ababulawa imithi yomgunyathi emhlabeni wonke lingase lishaqise.
Kunokukhathazeka okwandayo ngenxa yempahla encane kagesi yasendlini eyenziwe ngomgunyathi. I-American Way yabika: “Eminye yalemikhiqizo inamagama omkhiqizo awumgunyathi noma uhlu olugunyazwe i-Underwriters Laboratory.” Unjiniyela othile wokuphepha wathi: “Kodwa ayenziwanga ngokuvumelana nezindinganiso zokuphepha ezifanayo, ngakho ingaqhuma, ibangele umlilo endlini futhi yenze ukuba konke okufakiwe kungaphephi.”
E-United States naseYurophu, izinkampani zezindiza zishaqeke ngendlela efanayo. Ngokwesibonelo, eJalimane izinkampani zezindiza ziye zathola izinsimbi zomgunyathi zezinjini namabhuleki empahleni yazo. Izikhulu zezokuthutha zithi ‘kwenziwa uphenyo eYurophu, eCanada nase-United Kingdom, lapho kuthiwa khona izinsimbi ezingagunyaziwe (amabhawodi engxenye yomsila wendiza) zibangele ingozi embi yendiza enophephela emhlane muva nje.’ I-Flight Safety Digest yabika: “Abaphenyi baye bathola inqwaba yezingxenye eziwumgunyathi zezinjini zezindiza, amasethi amabhuleki, amabhawodi ezinga eliphansi, izingxenye zesimiso samafutha nokundiza ezonakele, amathuluzi okushayela indiza angagunyaziwe abalulekile ukuze indiza ihambe ngokuphepha.”
Ngo-1989 indiza enabagibeli eyayilibangise eJalimane isuka eNorway ngokungalindelekile yehla ngesivinini esikhulu ekuphakameni okungamamitha angu-6600. Ingxenye yomsila yanqamuka, okwenza lendiza yawa ngesivinini esikhulu kangangokuba womabili amaphiko aphuka. Bonke abantu abangu-55 ababeyigibele bafa. Ngemva kophenyo lweminyaka emithathu, ochwepheshe bezindiza baseNorway bathola ukuthi lengozi yabangelwa amabhawodi angalungile, abizwa ngokuthi ama-locking pin, ayexhuma ingxenye yomsila emzimbeni wendiza. Ukuhlaziywa komfutho kwabonisa ukuthi lamabhawodi ayenziwe ngensimbi ebuthaka kakhulu ukuba imelane nomoya onamandla wokundiza. Lama-locking pin angalungile ayengawomgunyathi—igama abalijwayele kakhulu ochwepheshe bokulondeka kwezindiza kuyo yonke indawo, ngenxa yokuthi ukwenza umgunyathi kuyinkinga eyandayo esongela ukuphila kwabashayeli bezindiza nabagibeli.
Lapho isiteshi sezwe sethelevishini sixoxa nomhloli-jikelele woMnyango Wezokuthutha e-United States, wathi: “Zonke izinkampani zezindiza ziye zathola izinsimbi zomgunyathi. Zonke zinazo. Zonke zinenkinga.” Wathi lemboni iyavuma “ukuthi inempahla engasebenziseki engadla cishe ama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezimbili noma ezintathu [amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-7 kuya kwezingu-11].”
Engxoxweni efanayo, uchwepheshe wokulondeka kwezindiza, oye wabikela i-FBI ngokwenziwa kwezinsimbi zomgunyathi okuningana, waxwayisa ngokuthi izinsimbi zomgunyathi ziwusongo lwangempela. Wathi: “Ngicabanga ukuthi ngokuqinisekile singalindela inhlekelele enkulu yendiza esikhathini esizayo esiseduze ngenxa yalokhu.”
Usuku lokulandisa luzofika ngokushesha kulabo ukuhaha kwabo okubenza babeke isifiso sabo sobugovu ngaphambi kokuphila kwabanye. IZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe lisho ngokucacile ukuthi abantu abahahayo ngeke bawuzuze njengefa uMbuso kaNkulunkulu.—1 Korinte 6:9, 10.
[Izithombe ekhasini 9]
Izingubo zokugqoka, izinto zokuhloba eziyigugu, imithi yokwelapha, izinsimbi zezindiza—noma yini eyigugu ingasetshenziswa umenzi womgunyathi ukuze azuze
[Isithombe ekhasini 10]
Izinsimbi zenjini zomgunyathi, amabhawodi angalungile, amathuluzi okuqondisa indiza, izingxenye ze-computer, nezinye izinsimbi zomgunyathi kuye kwabangela ukuphahlazeka kwezindiza okubulala abantu