Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 5/8 kk. 11-14
  • Ngikhubazekile—Kodwa Ngiyakwazi Ukushayela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngikhubazekile—Kodwa Ngiyakwazi Ukushayela
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Akulula Neze
  • Engikutusayo
  • Ukushayela Noma Cha—Isinqumo Esingathi Sina
  • Imoto Yami Nenkonzo Yami
  • Ingabe Ngikulungele Ukushayela?
    I-Phaphama!—1989
  • Hlakulela Imikhuba Yokushayela Ngokuphepha
    I-Phaphama!—1988
  • “Bangitshela Ukuthi Ngeke Ngiphinde Ngihambe!”
    I-Phaphama!—1990
  • Ngingabaqinisekisa Kanjani Abazali Bami Ukuthi Ngikulungele Ukushayela?
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 5/8 kk. 11-14

Ngikhubazekile—Kodwa Ngiyakwazi Ukushayela

“NGIYAKWAZI ukushayela imoto!” Lamazwi angezwakala engasho lutho kuwe, kodwa aba nethonya eliphawulekayo kimi. Indoda eneminyaka engu-50 ubudala eyawasho yayihlezi phansi phambi kwami. Ngenxa yokuthi yayingenwe uvendle isengumntwana, imilenze yayo ayizange ikhule. Njengoba imincane futhi ingasebenzi, yayigoqene ngaphansi komzimba wayo. Nakuba kunjalo, yayinezingalo namahlombe anamandla ngenxa yokuhamba ngezandla iminyaka eminingi. Futhi ukungaqhathi kwayo umunyu kwangenza ngaba namahloni—ikakhulukazi ukwenama kwayo lapho ithi iyakwazi ukushayela.

Phela, ngangingenwe uvendle lapho ngineminyaka engu-28 ubudala. Ngakhungatheka lapho ngizwa ukuthi ngangingeke ngisakwazi ukuhamba ngaphandle kokudondolozela. Amazwi alula alendoda angisiza ukuba ngibhekane nokucindezeleka kwami. Ngacabanga ukuthi uma lendoda, nakuba ikhubazeke kakhulu kunami, inganqoba usizi lwayo, kungani ngangingenakwenza okufanayo? Nganquma ngaso leso sikhathi ukuthi nami ngangizophinde ngiyishayele imoto!

Akulula Neze

Lokho kwakuseminyakeni engaba ngu-40 edlule. Emuva ngaleso sikhathi, ukushayela imoto ungumuntu okhubazekile kwakudinga isibindi. Imoto yami enezici ezikhethekile yayiyisimanga ngempela! Kwakunenduku efakwe ngaphansi kwekhwapha lami lesobunxele, eya phansi kuyi-clutch. Nganginyathela i-clutch ngokuyisa ihlombe lami lesobunxele phambili. Amafutha ayeyigiya elisebenza ngesandla le-Model T Ford yakudala, futhi amabhuleki ayesebenza ngegiya lesandla. Ungangicabanga ngishayela? Ihlombe lami laliya phambili nasemuva, isandla sami sesobunxele sasijikisa futhi sibhuleka, futhi isandla sami sokudla sasisebenza ukujikisa, ukunyathela amafutha, nokwenza izimpawu zesandla! (E-Australia sishayela ngakwesobunxele emgwaqweni.) Ngaleso sikhathi izimoto zazingenawo ama-indicator.

Ngiyajabula ngokuthi sezadlula lezo zinsuku zokushayela kanzima ngezinto ezifakwe emotweni. Namuhla, njengoba kunezimoto ezizishintshayo nama-indicator asebenza kalula, sekwenziwe kwaba lula ngempela ukushayela. Intuthuko yezobuchwepheshe iye yenza abantu abaningi abakhubazekile bakwazi ukushayela. Ezinye izinto ezivame ukusetshenziswa zichazwe ebhokisini elisekhasini 14.

Engikutusayo

Uma ukhubazekile futhi ucabangela ukufaka izici ezikhethekile emotweni ukuze ukwazi ukushayela, ngikucebisa ukuba ubonane nochwepheshe kulomkhakha. Angahlela ukuba kuhlolwe yonke imishini ukuze ulondeke njengomshayeli kanye nabagibeli bakho. Ngenxa yamathuba okuvela kwezingozi, kubalulekile ukuba nomshuwalense obanzi wenkampani eyaziwayo.

Ngokuvamile, kungase kube isinyathelo sokuhlakanipha ukuthatha omunye umuntu lapho ushayela. Isaga sasendulo ngokuhlakanipha siyeluleka: “Ababili bangcono kunoyedwa, ngoba ndawonye bangasebenza ngokuphumelela okukhulu. Uma omunye wabo ewa, omunye angamsiza amvuse. Kodwa uma othile eyedwa futhi ewa, kubi kakhulu, ngoba akekho ongamsiza.” (UmShumayeli 4:9, 10, Today’s English Version) Umuntu ohambisana naye angaba usizo olukhulu uma kwenzeka wehlelwa ingozi, kuphuka imoto, noma kuphantsha isondo. Abanye abashayeli abakhubazekile bagcina ucingo oluphathekayo emotweni. Ngakho uma kudingekile bangashayela bodwa bengasabi.

Kunengqondo futhi ukuba umshayeli okhubazekile ajoyine inhlangano esiza abashayeli abaphukelwe izimoto ukuze athole ukusabela okusheshayo lapho edinga usizo, emini noma ebusuku. Ngokuvamile imali ekhokhwa ngonyaka incane—izindleko ezincane nje ukuze ube nokuthula kwengqondo.

Kusobala ukuthi thina bashayeli abakhubazekile kufanele siqaphele ukulinganiselwa kwethu futhi sishayele ngendlela efanele. Akudingekile ukuba sishayele budedengu ukuze sibonise ukuthi singashayela njengabanye. Kunalokho, abashayeli abaningi abakhubazekile banezixwayiso ezimotweni zabo ezifundeka kanje: “Disabled Driver—Caution,” noma okuthile okunamazwi afanayo. Lokhu kumane nje kuyisixwayiso sokuthi umshayeli okhubazekile uqaphile futhi angase angasheshi njengabanye. Akusho ukuthi abanye kufanele bamgweme. Eqinisweni, kokuhlangenwe nakho kwami, umuntu okhubazekile uthatha isikhathi esifanayo nomshayeli ongakhubazekile ukumisa imoto, ikakhulukazi njengoba sekwasungulwa imishini yesimanje.

Ukushayela Noma Cha—Isinqumo Esingathi Sina

Uma ukhubazekile futhi ungathanda ukushayela imoto, kumelwe usingathe lendaba njengengathi sína ngempela. Okokuqala, xoxa nodokotela wakho kanye namalungu omkhaya. Ungase futhi ucabangele imibuzo enjengalena: Ingabe kudingekile ukuba ngishayele? Ingabe ngingabhekana nokwehlelwa ingozi? Ingabe ngingakunqoba ukwesaba enginakho? Ziyini izinzuzo? Ingabe ukukwazi kwami ukushayela kuyongenza ngikwazi ukuthola umsebenzi futhi? Ingabe kungangisiza ukuba ngisebenzelane nabanye abantu ngokwengeziwe?

Ukwazi ukuthi kufanele uyeke nini nakho kubalulekile. Noma imuphi umshayeli, kungakhathaliseki ukuthi ukhubazekile noma cha, angase abhekane nosuku lapho ukwahlulela okuhle nokushesha komzimba kuncipha khona futhi kudingeke ukuba enze isinqumo esinjalo. Uma kwenzeka ubhekana naleso sikhathi, khumbula ukuthi kufanele ungazicabangeli wena kuphela. Kuthiwani ngalabo obathandayo—umkhaya wakho kanye nomakhelwane wakho, omunye umuntu oshayelayo? Ingabe ukushayela kwakho okungafanele kungaba ingozi yangempela kuye?

Kwamanye amazwe, njengakwelakithi, e-Australia, umshayeli ngamunye okhubazekile oneminyaka engaphezu kuka-65 ubudala angavuselela izincwadi zakhe zokushayela njalo ngonyaka—futhi lokhu kwenziwa ngemva kokuthola incwadi kadokotela ebonisa ukuthi akanazo izinkinga ezingokwempilo ezingase zilikhubaze nakakhulu ikhono lakhe lokushayela.

Imoto Yami Nenkonzo Yami

Kulenkathi esheshayo, imoto isiyisidingo esibalulekile kumaKristu kwamanye amazwe. Izimoto ziye zawasiza ukuba afinyelele izinkulungwane, mhlawumbe izigidi zabantu ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Lokhu kunjalo ikakhulukazi ngabakhubazekile, njengami. Imoto yami, enezici ezikhethekile ukuze yanelise izidingo zami, inginikeza ithuba lokutshela abanye ngokuqiniseka kwami ngokuthi ngokushesha kuzofika izwe elisha elingeke libe nazo izingozi, ukugula, nakho konke ukukhubazeka. (Isaya 35:5, 6) Abanye abantu abakhubazekile baye bakwazi ngisho nokukhonza njengabashumayeli besikhathi esigcwele.

Omunye woFakazi BakaJehova osebenzisa isihlalo sabakhubazekile e-Iowa, e-U.S.A., sekuyiminyaka eminingi ekwenza lokhu. Ulandisa ukuthi iveni yakhe iye yamsiza kakhulu; uFakazi akanye naye waklama izici zayo ezikhethekile, njengesikhwelo esimphakamisayo simfake emotweni. Lapho esengaphakathi, uyasuka esihlalweni sakhe sabakhubazekile ahlale esihlalweni somshayeli. Uthi: “Ngalendlela ngiye ngakwazi ukuphuma futhi ngivakashele abantu njalo emakhaya abo, futhi ngokuvamile ngiyakwazi ukuqhuba izifundo zeBhayibheli eziningana.”

Kimina, nakuba ngingenakukwazi ukusebenza isikhathi esigcwele enkonzweni, imoto yami enezici ezikhethekile iye yaba impahla eyigugu emsebenzini wokushumayela. Iminyaka eminingi ngangiya endlini ngendlu ngidondolozela, kodwa ngokuhamba kwesikhathi, izingalo namahlombe ami kwase kukhathala. Ngakho kwadingeka ngithole indlela engakhathazi kakhulu. Kungakhathaliseki ukuthi ngisebenza edolobheni noma emaphandleni, ngikhetha izindlu ezinemigwaqo engena egcekeni engikwazi ukungena kulo ngisondele ngasemnyango.

Ekuhambeleni kwami kokuqala, ngokuvamile ngiyaphuma emotweni, ngiye emnyango ongaphambili ngidondolozela, bese ngichaza ngamafuphi injongo yokuhambela kwami. Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo esigijimini, ngizama ukwakha ubuhlobo ukuze kuthi ngokulandelayo ngishaye i-hooter ukuze ngimazise ukuthi sengikhona—khona-ke kuba nguye oza kimi.

Lendlela isebenza kahle. Kunokuba bazizwe bephazanyiswa, abaninikhaya abaningi bayavuma ukuhlala nami emotweni isikhashana ukuze sikhulume sinethezekile, singaphazanyiswa. Kunabaninikhaya abaningi abakujabulelayo ukuvakasha kwami futhi babheke phambili ekudingideni isigijimi seBhayibheli esikhuthazayo nokuthola omagazini bamuva INqabayokulink ne-Phaphama!

Yiqiniso, isimo somuntu ngamunye okhubazekile sihlukile. Kodwa mhlawumbe ukushayela kuyokulethela izinzuzo ezifanayo nengiye ngazithola—ithemba elivuselelwe, ukuzimela, ithuba lokusiza abanye, kanye nenjabulo enkulu ngokukwazi ukuthi, “Ngisathi ukushaywa umoya!”—Njengoba ilandiswa uCecil W. Bruhn.

[Ibhokisi ekhasini 14]

Indlela Izimoto Zabakhubazekile Ezifakelwa Ngayo Izici Ezikhethekile

ABASHAYELI abaningi abakhubazekile basebenzisa izandla zabo ukuze benze lokho izinyawo zabo ezingenakukwenza. Uhlobo oluthile Iwegiya lokuqondisa lusiza kakhulu. Leli igiya elingena lithi khaxa ngaphansi kwesondo lokujikisa bese livela ngaphezulu. Insimbi isuka kuleli giya ishone phansi emabhulekini. Ukusunduzela leli giya phambili kunyathela amabhuleki.

Kulomshini ofanayo, kunentambo eboshelwe kuyi-accelerator. Leli giya lisebenza ngezindlela ezimbili: uliyisa phambili lapho unyathela amabhuleki naphezulu lapho unyathela amafutha. Akudingeki amandla amaningi. Inzuzo eqinisekile yaleli giya lokuqondisa iwukuthi alibathiyi nakancane abanye ekushayeleni imoto ngendlela evamile. Ngaphezu kwalokho, lomshini ungakhishwa kalula ufakwe kwezinye izimoto.

Kulabo abanezandla ezingenamandla, uhlobo oluhlukile Iwaleli giya lokuqondisa luyatholakala. Leli giya lisebenza ngendlela efanayo, uliyisa phambili ukuze unyathele amabhuleki, kodwa uyalicindezela lapho unyathela amafutha ukuze ukulithinta nje ngesandla kunyathele amafutha.

Kuthiwani Ngezihlalo Zabakhubazekile?

Umshayeli okhubazekile ubhekene nenye inkinga: Kufanele enzenjani ngesihlalo sabakhubazekile? Abashayeli abaningi abasebasha bathenga izimoto ezivulekile ezineminyango emibili abakwazi ukufaka kuzo isihlalo sabakhubazekile ngemva kwesihlalo somshayeli. Yiqiniso, lokhu kudinga izingalo namahlombe anamandla. Abangenawo amandla kumelwe balinde umuntu odlulayo onobungane ukuze abafakele isihlalo sabo emotweni.

Okunye ongakukhetha umshini wokulayisha isihlalo sabakhubazekile, oyibhokisi elikhulu le-fiɓer-glass elifakwa ophahleni Iwemoto. Lapho ucindezela inkinobho, umshini omncane wehlisa leli bhokisi kancane kancane ukuze isihlalo sabakhubazekile silayishwe phezu kwalo ngamasondo. Lapho sesilayishiwe, leli bhokisi liyavaleka futhi libe isicaba. Omunye umshini onjalo wokulayisha e-Australia ungaxhunywa endaweni yokokhela ugwayi emotweni.

Into ehluphayo ngomshini wokulayisha isihlalo sabakhubazekile ukuthi unezela isisindo somoya emotweni, okukhuphula izinga likaphethiloli odliwa imoto ngamaphesenti angu-15 kuya kwangu-20. Ngaphezu kwalokho, intengo yalomshini ngokwayo ingase imbe eqolo. Nakuba kunjalo, abaningi basacabanga ukuthi imishini yokulayisha iyinzuzo ngenxa yokuzimela ekunikezayo. Owesifazane othile okhubazekile waphawula: “Manje ngingaya noma kuphi ngingedwa kungadingeki ukuba othile abe nami emotweni noma angillnde lapho ngiya khona ukuze ehlise isihlalo.”

[Isithombe ekhasini 13]

Ngingafakaza ngisemotweni yami

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela