Ukuthola Ikhambi Eliphelele
IZWI likaNkulunkulu, iBhayibheli, likhuluma ngesikhathi lapho uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini uyobe usuxazulule zonke izinkinga zesintu, manje ezihlanganisa nenkinga yokungcolisa kwezimoto. Ingabe loMbuso wobuMesiya, abaningi abaye bafundiswa ukuba bawuthandazele, uyonikeza ikhambi eliphelele ngokukhiqiza imoto engakubangeli nakancane ukungcola? Noma ingabe ikhambi eliphelele liyotholakala ngokuqeda zonke izimoto emhlabeni? Njengoba iBhayibheli lingasinikezi impendulo eqondile, akukho esingakwenza ngaphandle kokuba silinde size sibone.—Mathewu 6:9, 10.
Kodwa singaqiniseka ngalokhu: Uhulumeni kaNkulunkulu ngeke uvumele ukungcola kulimaze ubuhle bendalo ePharadesi elibuyiselwe eliyolethwa uMbuso.—Isaya 35:1, 2, 7; 65:17-25.
Njengoba labo abanamathela eZwini likaNkulunkulu kakade sebeqeqeshelwa ukuphila ezweni elisha elingenakho ukungcola, kufanele bazizwe kanjani ngokusebenzisa izimoto namuhla? I-Phaphama! yesiNgisi ka-June 22, 1987, yadingida isihloko esithi “Kwenzekani Emahlathini Ethu?” Yabika ukuthi abanye ososayensi bacabanga ukuthi kukhona ukuhlobana phakathi kwezinto ezingcolisa umoya eziqukethwe intuthu yemoto namahlathi afayo. Lokhu kwabangela ukuba umfundi othile okhathazekile abhalele i-Watchtower Society ebuza ukuthi ngenxa yaleli qiniso kungaba okufanele yini ukuba amaKristu ashayele izimoto. Wayezibuza ukuthi ukwenza kanjalo ngeke yini kubonise ukungayihloniphi indalo kaJehova.
Ngokwengxenye incwadi yakhe yaphendulwa, ngendlela elandelayo: “OFakazi BakaJehova bayihlonipha ngokwethembeka imithetho yendawo ezungezile emiswe iziphathimandla zikahulumeni ukuze kuncishiswe ukungcola. (Roma 13:1, 7; Thithu 3:1) Ukuthatha izinyathelo ezingaphezu kwalokho okufunwa uhulumeni kuyisinqumo somuntu. Uma umuntu enquma ukuba angaphinde ashayele imoto, indaba yakhe siqu leyo. Nokho, lesi sihloko se-Phaphama!, ekhasini 8, sabonisa indlela abanye abantu abazizwa ngayo, ngokuthi: ‘Abaningi bathatha izinyathelo eziwusizo zokunciphisa ukungcola komoya ngangokunokwenzeka. Bashayela ngejubane eliphansi, abahambi njalo, basebenzisa imoto eyodwa njengeqembu, basebenzisa uphethiloli ongenawo umthofu, futhi balalela imithetho emelene nokungcola ebekwe uhulumeni.’”
Ukulinganisela KobuKristu
Lempendulo yabonisa ukulinganisela kobuKristu. Kumelwe kukhunjulwe ukuthi akuzona izimoto kuphela ezingcolisayo. Izindiza nezitimela—eqinisweni, izinto eziningi zokuthutha zanamuhla—ziyangcolisa. Kodwa lezi zinto zokuthutha zazingenzelwanga injongo ekhethekile yokungcolisa. Ukungcola kuwumphumela omubi, odabukisayo kodwa obangelwa ulwazi olulinganiselwe nezimo zengqondo zokungapheleli.
INqabayokulinda ka-January 1, 1993, ekhasini 31, yadingida lendaba, ithi: “NjengoFakazi BakaJehova, sikhathazeke ngokujulile ngezinkinga eziningi zendawo manje ezithinta ikhaya lethu elingumhlaba. Ngaphezu kwabantu abaningi kakhulu, siyaqonda ukuthi umhlaba wawudalelwe ukuba ube yikhaya elihlanzekile, elinempilo lomkhaya wabantu abaphelele. (Genesise 1:31; 2:15-17; Isaya 45:18) . . . Ngakho kufanelekile ukwenza imizamo elinganiselayo, nenengqondo ukuze sigweme ukwenezela ngokungadingekile ekonakaliseni komuntu okuqhubekayo imbulunga yethu. Nokho, phawula, igama elithi ‘ngokunengqondo.’ . . . Abantu bakaNkulunkulu akufanele babe abangazinaki izindaba zendawo ebazungezile. UJehova wayefuna ukuba abantu bakhe basendulo bathathe izinyathelo zokulahla ukungcola, izinyathelo ezazinokubaluleka kwendawo ebazungezile kanye nokuhlanzeka. (Duteronomi 23:9-14) Futhi njengoba siwazi umbono wakhe ngalabo ababhubhisa umhlaba, ngokuqinisekile akufanele singazinaki izinto esingazenza ukuze sigcine indawo esizungezile ihlanzekile. . . . Nokho, izinga umKristu ayokwenza ngalo lokho kuyindaba yomuntu siqu ngaphandle uma kudingwa umthetho. . . . Abantu abangaphelele bawela kalula ogibeni lokuba abeqisayo. . . . Imizamo yabantu yokususa emhlabeni izinkinga ezinkulu zendawo esizungezile, kuhlanganise nokungcola, ngeke iphumelele ngokugcwele. Ingase ibe khona intuthuko ethile lapha nalaphaya, kodwa okuwukuphela kwekhambi eliyohlala njalo lidinga ukungenela kukaNkulunkulu. Ngenxa yalesi sizathu sigxilisa imizamo yethu nezimali ekhambini laphezulu, kunokuzama ukususa izimpawu ezingaphandle.”
AmaKristu ayalinganisela njengoba egcina izimiso zeBhayibheli, ekhumbula ukuthunywa kwaphezulu aye akuthola kokushumayela isigijimi soMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14) Akukho okubaluleke kakhulu noma okuphuthuma ngaphezu kwakho! Uma izinto zanamuhla zokuthutha nezokuxhumana zingawasiza amaKristu ukuba agcwalise lesi sibopho, ngokuqinisekile ayozisebenzisa. Ngesikhathi esifanayo, ayakugwema ukungcolisa ngokungadingekile noma ngamabomu. Ngakho alondoloza unembeza omuhle phambi kwabantu noNkulunkulu.
Ngakho nakuba namuhla singayazi ngempela indlela inkinga yokungcola nezimoto eyoxazululwa ngayo ekugcineni, siyazi ukuthi iyoxazululwa. Eqinisweni, ikhambi eliphelele liseduze.
[Ibhokisi ekhasini 9]
Ukulwa Nokungcola
• Ukuhamba ngezinyawo noma ngebhayisikili uma kunokwenzeka
• Ukusebenzisa imoto eyodwa njengeqembu
• Ukusevisa izimoto njalo
• Ukuqikelela ukuba usebenzise uphethiloli ohlanzekile
• Ukugwema ukuhamba ngokungadingekile
• Ukuhamba ngejubane elisesilinganisweni ngokungaguquguquki
• Ukusebenzisa izinto zomphakathi zokuthutha uma kunokwenzeka
• Ukucima imoto lapho imile esikhundleni sokuba idume isikhathi eside