Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 7/8 k. 20-k. 21
  • Amacembe Omdumbula—Ukudla Kwansuku Zonke Kwezigidi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amacembe Omdumbula—Ukudla Kwansuku Zonke Kwezigidi
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zama I-ngunza
  • Ungathanda Ukuzama I-ngukassa Noma I-kanda?
  • Ake Sidle I-cassava!
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 7/8 k. 20-k. 21

Amacembe Omdumbula—Ukudla Kwansuku Zonke Kwezigidi

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECENTRAL AFRICAN REPUBLIC

KONKE kwaqala cishe ngonyaka ka-1600, lapho amaPutukezi eza nomdumbula (cassava), noma i-manioc, e-Afrika evela eNingizimu Melika. Kucatshangwa ukuthi umdumbula owaseBrazil ngenxa yokuthi igama elithi “manioc” livela ezizwaneni zamaTupi zaseBrazil ezise-Amazon Valley.

Izimpande zithandwa kakhulu abantu base-Afrika, kodwa kuthiwani ngamacembe awo aluhlaza? Abanye bawasebenzisa njengomuthi ezilondeni ezivulekile noma ukwelapha upokisi. Nokho, ezigidini eCentral African Republic nakwamanye amazwe amaningi ase-Afrika, lamacembe awukudla kwansuku zonke, njengoba engenziwa isidlo esehl’esiphundu. Eqinisweni, elinye lamagama okuqala izithunywa zevangeli ze-Watch Tower ezintsha ezilifundayo lapha elithi ngunza. Lesi isitshulu esehl’esiphundu esenziwa ngamacembe omdumbula futhi siyisidlo sesizwe saseCentral African Republic—isidlo okumelwe nakanjani isivakashi sase-Afrika emaphakathi sisizame.

Iningi labantu baseYurophu elihlala e-Afrika ngeke likudle ukudla okwenziwe ngalamacembe, ngoba likubheka njengokudla kwabomdabu, hhayi okwabantu bakwamanye amazwe. Kodwa amaqiniso abonisani? Emazweni anjengeCentral African Republic, Sierra Leone, neZaire, lamacembe awukudla okuyisisekelo kwansuku zonke kwemikhaya eminingi.

Lapho uhamba ngendiza noma uhamba phansi udabula eCentral African Republic, ubona izwe elihle eliluhlaza—imithi, amahlathi, indawo enotshani, futhi, phakathi nendawo, amasimu amancane omdumbula namacembe awo ahlukile aluhlaza. Yonke imizana emincane izungezwe izivande zomdumbula. Abantu bawutshala eduze namakhaya abo, ngisho nasenhloko-dolobha, iBangui, uyothola umdumbula kuzo zonke iziqeshana zezwe nasezindaweni ezincane ezinde eziseduze kwezindawo zokuhlala noma umgwaqo omkhulu. Ngokuqinisekile, uwukudla okubalulekile kulengxenye yezwe.

Zama I-ngunza

Lapho zifika, izithunywa zevangeli ezintsha ngokushesha zimenywa abazalwane ukuba zize zizodla ingcosana ye-ngunza. Lokhu ukudla okuhlanganisa isidlo esithandwayo esenziwe ngamacembe omdumbula. Abesifazane bomdabu bayakwazi ukuyipheka ngendlela eyehl’esiphundu. Kubonakala sengathi owesifazane ngamunye unendlela yakhe siqu yokuyipheka. Enye yezinto zokuqala amantombazane asemancane azifunda konina ngokuphathelene nokupheka, indlela yokupheka i-ngunza.

Bayaziqhenya lapho bechaza ukuthi iyini nokuthi bayipheka kanjani. Abesifazane bayajabula uma ubonisa isithakazelo kulesi sidlo somdabu. Okokuqala, bazokutshela ukuthi amacembe omdumbula awabizi kakhulu futhi ayinala nokuthi ungawakha kokubili ngesikhathi sezimvula nalapho lomisile. Ngezikhathi zezinkinga zomnotho nokwehla kwamandla emali, amacembe omdumbula afeza indima ebalulekile ekondleni umkhaya. Futhi khumbula-ke ukuthi imikhaya yabantu base-Afrika ngokuvamile mikhulu. Kunemilomo eminingi okumelwe yondliwe nezisu eziningi okumelwe zigcwaliswe. Ukupheka i-ngunza kuthatha amahora amaningana. Kudingeka ukuba amacembe aphume ukubaba ngaphambi kokuba adliwe. Akhishwa ubuthi ngendlela yokuwalungisa engokwesiko, ehlanganisa ukuwagaya nokuqhubeka uwabilisa.

Amafutha abesifazane base-Afrika abakhetha ukuwasebenzisa lapho bepheka i-ngunza amafutha esundu. Amafutha abomvu klebhu enziwe kuleyo ndawo abalulekile. I-ngunza nengcosana yebhotela lamantongomane, mhlawumbe no-anyanisi nogaliki kuwukudla kwansuku zonke komkhaya. Kodwa kuthiwani uma ulindele izivakashi? Khona-ke i-ngunza kumelwe ibe okuthile okukhethekile, okuthile ezizokukhumbula. Ngakho omemile uzonezela isithako sakhe asithandayo—inhlanzi noma amaqatha enyama efusiwe—nogaliki no-anyanisi omningi kanye nebhotela lamantongomane elisha, eliningi elenziwe ekhaya. Konke lokhu kufakwa ebhodweni elilodwa elikhulu. Okusele nje isineke nokukubilisa kakhulu.

Namuhla abasimemile bazophaka i-ngunza nelayisi. Inqwaba yelayisi nesipunu esisodwa noma ezimbili ze-ngunza eshisayo ethelwe phezu kwalo yinto ejabulisayo kubantu base-Afrika nakwabaningi bakwamanye amazwe. Yenezela upelepele kancane, futhi manje usuyazi ukuthi iyini i-ngunza. Lapho ujabulela lokhu kudla nengilazi yewayini elibomvu, ukunambitheka kwakho kuzwakala ngokuphelele.

Ungathanda Ukuzama I-ngukassa Noma I-kanda?

Lapho uhamba kulelizwe usuka empumalanga uya entshonalanga, uzothola ukuthi abantu bapheka i-ngunza ngezindlela ezihlukahlukene. Futhi kuthiwani nge-ngukassa? Ngosuku olubandayo olunethayo, i-ngukassa, isobho noma isitshulu esiphekwe nakho konke okutholakala engadini noma ensimini, ingase ibe into ekufanele. Amafutha esundu, ukhova, amantongomane, ubhatata, okusanhlamvu (ummbila), yebo, namacembe omdumbula konke kuphekwa ndawonye, kodwa awufakwa usawoti—ngisho nohlamvu olulodwa lukasawoti. Yileyo-ke imfihlo! Umphumela uba ukudla okwehl’esiphundu nokunomsoco. Futhi uma uthatha uhambo olude, phatha i-kanda. Lokhu kwenziwa ngamacembe omdumbula agaywe nenhlanzi noma inyama efusiwe. I-kanda ilungiswa ngokusonga lengxube ngamacembe nokuyipheka emlilweni onentuthu amahora athile ize iqine futhi yome. Ihlala izinsuku futhi ingajatshulelwa nocezu lwesinkwa. Ibafanela kahle abantu abathatha uhambo.

Noma nini lapho uvakashela e-Afrika, kungani ungaceli umdumbula? Wuzame, futhi ube phakathi kwezigidi eziwujabulelayo!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela