Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isehlukaniso Ngathinteka kakhulu lapho ngifunda isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli . . . Hlobo Luni Lokwehlukanisa UNkulunkulu Aluzondayo?” (February 8, 1994) Njengoba ngisanda kwehlukanisa nomngane womshado ongathembekile ngemva kweminyaka engu-20 sishadile, ngaqaphela ukuthi uJehova akasizondi isinqumo sami sokwehlukanisa futhi akudingekile ukuba ngizizwe nginecala. Yiqiniso, imizwa yokucindezeleka, isizungu, nomuzwa wecala “ingazivelela nje.” Kodwa ukudlula kwesikhathi nokuncika kuJehova kuyelapha.
B. M., United States
Ngesikhathi ngisashadile umyeni wami wayemelene ngempela nokuba kwami omunye woFakazi BakaJehova. Ekugcineni wahlala nentombi yakhe futhi wafaka isehlukaniso. Ngempela ngaba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu ‘wayengibizele ekuthuleni.’ (1 Korinte 7:15) Lesisehlukaniso sabakhungathekisa abantwana bami, futhi izikhathi eziningi eminyakeni edlule, ngiye ngafunda uMalaki 2:16 ngase ngizibuza ukuthi ngenza into efanele yini. Isihloko senu siye sangisiza ukuba ngibe nombono olinganiselwe ngalombhalo.
J. C., United States
Ukuthutha Ngiswele amazwi okunitshela indlela engabonga ngayo lapho ngithola izihloko zenu ezithi “Intsha Iyabuza . . .” eziphathelene nokuthutha. (February 22, 1994, no-March 8, 1994) Ngineminyaka engu-16 ubudala futhi sengizothuthela kude nabo bonke abangane bami abakhulu. Ngangikhala njalo ebusuku, ngifisa sengathi ngingahlala. Khona-ke ngafunda izihloko zenu. Nganquma ukuba ngigxile kakhudlwana ngasohlangothini oluhle lokuthutha. Nakuba ngisadabukile ngoba kufanele ngithuthe, isimo sami sengqondo siye saba ngcono kakhulu.
A. D., United States
Lezizihloko zaziyikho kanye engangikudinga. Iseluleko esihle kakhulu esanikezwa kwakungesokuthi siqhubeke sihamba ngokufaneleyo kulowomkhondo uma kuziwa ezintweni ezingokomoya. Kwadingeka ukuba ngiqaphele ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ngithuthelaphi, uJehova uyohlala ekhona. Ngakho kungani ngingalweli ukumazi kangcono ngokutadisha okujulile komuntu siqu? Ukwenza kanjalo kwakuyingxenye enkulu yokuzinza ekhaya elisha.
T. T., United States
Ukuba Ongafundile Bengilokhu ngifuna ukunibhalela ngibonge ngemva kokufunda isihloko esithakazelisayo. Kodwa ekugcineni uchungechunge oluthi “Ukugqashula Amaketanga Okuba Ongafundile” (February 22, 1994) luye lwangishukumisela ukuba ngenze kanjalo. Ngesonto elizayo ngizoqala ukufunda iBhayibheli nowesifazane ongakwazi ukuzifundela noma ukubhala. Bengingazi ukuthi ngiyokwenza kanjani, kodwa manje sengiyazi, ngenxa yalezizihloko. Zifike ngesikhathi esifanele!
M. A. C., Italy
Amadolobha Ngineminyaka engu-17 ubudala futhi ngiye ngachitha iminyaka yokuqala engu-14 yokuphila kwami eNew York City. Ngakho ngazijabulela kakhulu izihloko zenu eziphathelene namadolobha amakhulu. (January 8, 1994) Ngayithanda imibuzo eyinselele ezaziyiqukethe.
S. H., United States
I-cassava Isihloko esithi “Ake Sidle I-cassava!” (November 8, 1993) sasithakazelisa ngempela. Njengesakhamuzi saseNigeria, ngiphakathi kwezigidi zaboMdabu eziyithanda kakhulu i-cassava, ikakhulukazi i-foofoo ne-gari. Eqinisweni, ngibonga uMdali wethu ngokusinikeza i-cassava. Ngaphandle kwayo, izigidi zaboMdabu beziyokufa.
O. N. Y. I., Nigeria
Isithunywa Sevangeli Esinesibindi Kwangithinta inhliziyo okuhlangenwe nakho kuka-Annama Abraham endabeni yakhe ethi “Ukunqoba Izinselele Zokuphila ENingizimu Asia.” (January 22, 1994) Walahlekelwa umyeni wakhe othandekayo kodwa usaqhubeka ekhonza uJehova ngobuqotho. Ngifisa ukumtshela ukuthi okuhlangenwe nakho kwakhe kungikhuthaze kakhulu.
I. I. C. S., Brazil