UKUHAMBELA KUKAPAPA KUYI-UN KWAFEZANI?
LAPHO esendizeni enqamula i-Atlantic eya kuyi-UN eNew York City, uPapa John Paul II wahlanganisa amakhilomitha angu-1000 000 ehambela amazwe omhlaba. Kwakungo-October 4, 1995, futhi lolu kwakuwuhambo lwakhe lwama-68 njengopapa emazweni angaphandle. Ngokungangabazeki, ungupapa ohamba kakhulu kunabo bonke emlandweni weSonto LamaRoma Katolika.
Wafika eNewark International Airport, eNew Jersey, kunguLwesithathu izulu lina, ezungezwe onogada abaningi kunabo bonke abake bavikela noma imuphi umhlonishwa. Kulinganiselwa ukuthi kwabelwa izikhulu zikahulumeni nezedolobha ezingaba ngu-8000 ukuba zivikele lopapa. Omunye umbiko wakubiza ngokuthi “isivikelo sokulondeka esikhulukazi,” esasihlanganisa nezindiza ezinophephela emhlane nezinhlambi zama-scuba.
Kungani Ahambela Lapha?
Enkulumweni yakhe esikhumulweni sezindiza, upapa waveza ukuthi umanduleli wakhe, uPapa Paul VI, wayekhulume ne-UN General Assembly enxusela ukuthula: “Ngeke isaba khona impi, ngeke iphinde ibe khona!” UJohn Paul II wathi wayezele “ukuzozwakalisa ukuqiniseka [kwakhe] okujulile ngokuthi imibono nezinhloso ezasungula i-UN eminyakeni eyingxenye yekhulu edlule zibaluleke kakhulu kunanini ngaphambili ezweni elifuna injongo.”
Emithandazweni yakusihlwa eSacred Heart Cathedral, eNewark, upapa waphinda wabonisa ukuthi usekela i-UN, ethi: “Leyo nhlangano ikhona ukuze ilethe okuhle kuwo wonke umkhaya wesintu, ngakho-ke kufanelekile ukuba upapa akhulume lapho njengofakazi wethemba leVangeli.” Wanezela: “Ngakho-ke umthandazo wethu wokuthula ungumthandazo futhi owenzelwa iNhlangano Yezizwe Ezihlangene. USanta Francis wase-Assisi . . . uvelele njengomthandi nengcweti yokuthula. Ake simnxuse ukuba asekele ukusebenzela kweZizwe Ezihlangene ubulungisa nokuthula kuwo wonke umhlaba.”
Lapho ekhuluma kuyi-UN, wancoma izinguquko zezombangazwe ezingenabudlova ezenziwa ngo-1989 eMpumalanga Yurophu, lapho kwabuyiselwa khona inkululeko emazweni amaningana. Wakhuthaza abantu ukuba “bashisekele izwe ngeqiniso” kunokuba babe “nobuzwe obulinganiselwe nobukhethayo.” Wakhuluma ngokungabi nabulungisa kwesimiso samanje, ethi: “Lapho izigidi zabantu zihlushwa ubumpofu bendlala, ukungondleki, ukugula, ukungafundi, nokuwohloka, kumelwe . . . sikhumbule ukuthi akukho muntu onelungelo lokusizakala ngokuxhaphaza omunye.”
Khona-ke wathi: “Njengoba sibhekene nalezi zinselele ezinkulu, singahluleka kanjani ukuqaphela indima yeNhlangano Yezizwe Ezihlangene?” Wathi i-UN kudingeka “ibe umnyombo wezindinganiso ezinhle lapho zonke izizwe zomhlaba zamukeleke khona.” Wagcizelela isidingo sokuthuthukisa “ubunye bawo wonke umkhaya wesintu.”
Ukuthula Kweqiniso —Kuvela Kumuphi Umthombo?
Ngokungangabazeki, upapa waveza imibono eminingi emihle. Nokho, enkulumweni yakhe ende, ingabe sikhona isikhathi lapho abhekisela abaholi bomhlaba ekhambini likaNkulunkulu lezinkinga zesintu—ukubusa koMbuso wakhe ngoKristu Jesu? (Mathewu 6:10) Cha. Eqinisweni, akazange neze acaphune iBhayibheli enkulumweni yakhe kuyi-UN. Ngokuphambene nalokho, wathi “ngosizo lomusa kaNkulunkulu, ekhulwini elizayo naseminyakeni eyinkulungwane ezayo singakha impucuko efanele umuntu, impucuko yangempela yenkululeko.” Kubafundi beBhayibheli, lowo mbono ungase ufane nombono wabaseBabele lasendulo eminyakeni engaphezu kwengu-4000 edlule, ababecabanga ukuthi bangagcina isintu sinobunye ngemizamo yomuntu: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama.” (Genesise 11:4) Ngakho, ngokwalombono, abaholi besintu bezombangazwe, abanabameleli kuyi-UN, abazokwakha impucuko entsha esekelwe enkululekweni.
Kodwa yini eprofethwa yiBhayibheli ngekusasa lohulumeni babantu bezombangazwe nange-UN ngokwayo? Incwadi kaDaniyeli neyesAmbulo zinikeza umbono ocacile wekusasa labo. UDaniyeli waprofetha ukuthi ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wayeyomisa ukubusa koMbuso wakhe, njengetshe elikhulu ‘elingaqheshulwanga ngezandla zomuntu.’ Uyothatha siphi isinyathelo? “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” Ohulumeni babantu bayothathelwa indawo ukubusa okukodwa kokulunga kuso sonke isintu.—Daniyeli 2:44, 45.
Kuyokwenzekani kuyi-UN? IsAmbulo isahluko 17 siveza i-UN (nomanduleli wayo owaphila isikhathi esifushane, iNhlangano Yezizwe) njengesilo esibomvu ‘esizoya ekubhujisweni.’ (IsAmbulo 17:8)a Umthombo kaJehova wokuthula kweqiniso awulona noma iliphi inxusa labantu elingaphelele, kungakhathaliseki ukuthi baqotho kangakanani abasekeli balo. Ukuthula kweqiniso kuyolethwa uMbuso kaNkulunkulu othenjisiwe, ngaphansi kukaKristu Jesu ovusiwe emazulwini. Leso isisekelo sokugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu esikusAmbulo 21:3, 4: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”
Lokhu Kuhambela—Kwaba Nethonya Elingakanani?
Lapho upapa ebhekisela eBhayibhelini ezinkulumweni zakhe, ingabe amaKatolika aqotho akhuthazwa ukuba akhiphe amaBhayibheli awo abheke izikhombo? Iqiniso liwukuthi iningi lalingaliphethe ngisho neBhayibheli. Upapa akazange abhekisele nakowodwa umbhalo ngokuqondile ukuze akhuthaze izilaleli zifunde iBhayibheli.
Isibonelo salokhu kulapho ayekhuluma nabangu-83 000 eGiants Stadium, eNew Jersey, ethi: “Silindele ukubuya kweNkosi njengomahluleli wabaphilayo nabafileyo. Silindele ukubuya kwayo ngenkazimulo, ukuza kombuso kaNkulunkulu ngokugcwele. Leso isimemo samahubo esingaguquki: ‘Lindela iNkosi ngesibindi; yima isibindi, futhi ulindele iNkosi.’” Kodwa wayecaphuna muphi umbhalo kumahubo? Futhi wayebhekisela kuyiphi iNkosi—uJesu noma uNkulunkulu? (Qhathanisa neHubo 110:1.) Ngokwephephandaba laseVatican, i-L’Osservatore Romano, wayecaphuna iHubo 27:14, elifundeka kangcono kanje: “Beka ithemba lakho kuYahweh, qina, inhliziyo yakho mayibe nesibindi, beka ithemba lakho kuYahweh.” (The Jerusalem Bible) Yebo, kufanele sibeke ithemba lethu kuYahweh, noma uJehova, uNkulunkulu weNkosi uJesu.—Johane 20:17.
Phakathi nawo wonke umlando, ingabe abefundisi nabaholi bamaKatolika baye bakhuthaza ukuthula phakathi kwezizwe? Ingabe izimfundiso zamaKatolika ziye zaxazulula ukungezwani kobuhlanga nokobuzwe? Ukubulawa kwabantu ngo-1994 eRwanda, empumalanga emaphakathi ne-Afrika, kanye nezimpi zokubulalana kuleminyaka embalwa edlule ezweni elaliyiYugoslavia konke kubonisa ukuthi izinkolelo ezingokwenkolo ngokuvamile ziyahluleka ukuxazulula inzondo ejulile nobandlululo olusezinhliziyweni zabantu. Ukuvuma izono okuyize masonto onke noma ukuba khona njalo eMiseni ngeke kuyishintshe indlela abantu abacabanga futhi benze ngayo izinto. Kufanele kube nethonya elijulile, ithonya eliba khona kuphela lapho iZwi likaNkulunkulu livunyelwa ukuba lingene lijule enhliziyweni nasengqondweni yekholwa.
Ukuziphatha okushintshile komKristu weqiniso akusekelwe ekusabeleni okungokomzwelo okubangelwa imicikilisho engokwenkolo, kodwa kusekelwe ekuyiqondeni kahle intando kaNkulunkulu ngomuntu ngamunye. Umphostoli uPawulu wathi: “Ningazilolongi ngokuziphatha kwezwe elinizungezile, kodwa ukuziphatha kwenu makushintshe, kulolongwe ingqondo yenu entsha. Lena ukuphela kwendlela yokuthola intando kaNkulunkulu nokwazi okuhle, lokho uNkulunkulu akufunayo, lokho okuyinto ephelele okufanele yenziwe.” (Roma 12:1, 2, JB) Lokhu kuziphatha okusha kufinyelelwa ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu okuholela olwazini olunembile ngentando yakhe. Kwakha amandla angokomoya ashukumisa ingqondo futhi aholele ekuziphatheni kobuKristu.—Efesu 4:23; Kolose 1:9, 10.
Ingabe ISonto Lifinyelele “Kwangqingetshe”?
Iphephandaba leSpanishi i-País lachaza ukuthi uPapa John Paul II “unogqozi olungavamile” nakuba eneminyaka engu-75, futhi iphephandaba elithile lase-United States lambiza ngokuthi “ingcweti yemithombo yezindaba.” Unekhono lokusingatha abacosheli bezindaba nokuzwana nezixuku nabantwana bazo. Ekuhambeni kwakhe usimelela ngekhono iSifunda SikaPapa esiseVatican City. Nakuba iVatican iyiqaphela ngokomthetho i-UN, ukubusisa kukapapa leyo nhlangano ngeke kulethe isibusiso sikaJehova uNkulunkulu.
Ukuhambela kukapapa kwabhekana nokusabela okuhlukahlukene. Iningi lamaKatolika athola amathikithi okungena eMiseni elalenzelwa ngaphandle lazizwa likhuthazekile ngokomzwelo ngalesi senzakalo. Nokho, abanye abaholi bamaKatolika babenombono ongemuhle ngalokhu kuhambela nemiphumela okwakungase kuyiveze. I-New York Times yacaphuna uTimothy B. Ragan, umongameli we-Catholic National Center for Pastoral Leadership, ethi “ukuhambela kukaPapa kwakube ithuba elingasetshenziswanga ngenzuzo. Nakuba lolu hambo ‘lwalukhuthaza futhi luyingqopha-mlando engokwenkolo kubantu abaningi,’” kubaholi abaningi bamaKatolika aluzange lumnikeze upapa “ithuba lokulalela nesisekelo sengxoxo.” AmaKatolika amaningi anomuzwa wokuthi ezindabeni ezinjengobumpohlo, ukuvimbela inzalo, nesehlukaniso, aphoqeleke ukuba alalele imiyalo.
Ezinye izikhulu zamaKatolika ziyavuma ukuthi “isonto lifinyelele kwangqingetshe,” futhi zinovalo lokuthi amaKatolika amaningi, “ikakhulukazi intsha, aphelelwa umqondo ophelele walokho okushiwo ukuba umKatolika.” UJames Hitchcock, isazi samasiko obuKatolika, “ubheka lenkinga njengempi yomshoshaphansi ebhubhisayo phakathi kwesigungu sabefundisi esisadla ngoludala kanye ‘nabaphathi abangaphansi’ abathanda ukuyekelela.”
Ngokuphathelene nokuthi ukuhambela kukapapa kwakuyokuthinta kanjani ukungqubuzana kwezigaba zesonto, uHitchcock wathi: “Ufika lapha, abungazwe, aphindele ekhaya—kodwa akwenzeki lutho. Ngokubona kwami imiphumela iyadumaza.” Ngokuqinisekile upapa waphuthelwa ithuba lokutshela abaholi bezombangazwe kuyi-UN ukuthi ungatholakalaphi umthombo wokuthula kweqiniso.
Nakuba uMthetho-sisekelo we-UN nenkulumo-ze yabantu kugcizelela umgomo “wokuthula nokulondeka,” ungakhohliswa. IBhayibheli liyaxwayisa: “Noma nini lapho bethi khona: ‘Ukuthula nokulondeka!’ khona-ke imbubhiso engazelelwe iyofika ngaso lesosikhathi phezu kwabo njengomhelo wokucindezeleka phezu kowesifazane okhulelweyo; futhi abasoze baphunyuka nganoma iyiphi indlela.” (1 Thesalonika 5:3) Ukuthula kweqiniso nokulondeka kuyolethwa kuphela intando kaNkulunkulu futhi ngendlela yakhe—ngokubusa koMbuso wakhe, hhayi nge-UN.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okuningiliziwe ngalesi siprofetho sesAmbulo, bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, amakhasi 240-51, eyanyatheliswa ngo-1988 i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 22]
UN photos