Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 7/22 k. 9-k. 11 isig. 6
  • Inkululeko Yokukhuluma Ekhaya—Ingabe Iyisimo Esisongelayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkululeko Yokukhuluma Ekhaya—Ingabe Iyisimo Esisongelayo?
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Abazali Abangakwenza
  • I-TV​—‘Uthisha Ofundisa Buthule’
    I-Phaphama!—2006
  • Ingabe Ithelevishini Ikushintshile?
    I-Phaphama!—1991
  • Ukubuka Ithelevishini Ngokuqapha
    I-Phaphama!—2000
  • Inkululeko Yokukhuluma—Ingabe Isetshenziswa Kabi?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 7/22 k. 9-k. 11 isig. 6

Inkululeko Yokukhuluma Ekhaya—Ingabe Iyisimo Esisongelayo?

LAPHO umuntu ememeza ngeze ethi “Kuyasha!” enkundleni yemidlalo yaseshashalazini egcwele abantu futhi abanye bafe lapho benyathelana bebaleka, ingabe omemezile akufanele abekwe icala ngokufa kwabantu nezingozi ezivelayo? Lapho othile ethi, “Angivumelani nalokho okushoyo, kodwa ngizolivikela ilungelo lakho lokukusho,” ingabe unikezwa imvume, inkululeko engenamingcele, yokusho obala noma yini oyifunayo, kungakhathaliseki ukuthi imiphumela iba yini? Bakhona abacabanga kanjalo.

Ngokwesibonelo, lapho abaculi be-rap besekela ukubulawa kwamaphoyisa eFrance, futhi amaphoyisa abulawa abathile abezwa lomculo, ingabe laba baculi kwakufanele babekwe icala ngokushoshozela kwabo ubudlova? Noma ingabe kwakufanele bavikelwe ngaphansi kwamalungelo obuntu? Lapho abasakazi bomsakazo nethelevishini nezimiso zama-computer benza izingane zithole izigcawu zobudlova nezithombe zobulili ezingcolile, ezizenzayo lezi zinto futhi zizilimaze zona nabanye, ingabe abathengisi bezinto ezinjalo kufanele nabo babekwe icala?

Ukuhlola kwe-American Psychological Association “kulinganisela ukuthi umntwana ovamile, obuka i-TV amahora angu-27 ngesonto, uyobona ukubulawa kwabantu abangu-8000 nezenzo zobudlova ezingu-100 000 kusukela lapho eneminyaka engu-3 kuya kwengu-12,” kubika umagazini i-U.S.News & World Report. Ingabe abazali bangasho ngokufanele ukuthi lokhu akunathonya ezinganeni zabo? Noma ingabe kungenzeka kuhilela “ingozi esobala nekhona”? Ingabe lapha kufanele kubekwe umngcele enkululekweni yokukhuluma?

Ukuhlola okuthile okwenziwa izazi zokusebenza kwengqondo zaseyunivesithi kwembula ukuthi lapho iqembu lezingane ezineminyaka emine liboniswa njalo opopayi “bamaqhawe athanda impi” futhi elinye liboniswa “izinhlelo ezinhle,” lezo ezabona amaqhawe empi zazithambekele kakhulu ekulweni noma ekujikijeleni izinto ngemva kwalokho. Futhi imiphumela yobudlova be-TV ayipheli lapho umuntu esekhulile. Okunye ukuhlola kwaseyunivesithi, ngemva kokulandelela izingane ezingu-650 kusukela ngo-1960 kuya ku-1995 futhi kuhlola imikhuba yazo yokubuka ithelevishini nokuziphatha, kwathola ukuthi lezo ezazibuka izinhlelo zethelevishini ezinobudlova kakhulu lapho zisakhula zakhula futhi zahileleka ekuziphatheni okunonya kakhulu lapho sezikhulile, kuhlanganise nokuxhaphaza umngane womshado nokushayela zidakiwe.

Nakuba ezinye izingane zingase zingawavumi amathonya ithelevishini nezithombe zebhayisikobho ezinawo kuzo, ezinye zingawavuma. Ngo-1995, i-Children Now, iqembu lokusekelana laseCalifornia, yaxoxa nezingane ezingu-750 ezineminyaka eyishumi kuya kwengu-16. Lokhu kuhlola kwabonisa ukuthi eziyisithupha kweziyishumi zathi ubulili kuyi-TV buthonya izingane ukuba zibe nobuhlobo bobulili zisencane kakhulu.

Abanye bangase bagomele ngokuthi izingane zingase zingabubheki njengento engokoqobo ubudlova bethelevishini nezithombe zebhayisikobho nokuthi zonke lezo zithombe zebhayisikobho ezithusayo azinathonya kuzo. “Uma kunjalo, kuphawula iphephandaba elithile laseBrithani, “kungani abaphathi besikole esithile entshonalanga ephakathi eMelika kwadingeka batshele izinkulungwane zezingane ukuthi awekho ama-Teenage Mutant Ninja Turtle emapayipini endawo okukhuculula ukungcola? Isizathu siwukuthi laba balandeli bama-Turtle abasebancane babegaqa beya kulamapayipi bewafuna.”

Namuhla kunempikiswano eshubile ngokuqondene nalokho abanye abakubheka njengomehluko ongacacile phakathi kwenkululeko yokukhuluma nobudlova obubangelwa ukumelana nokukhishwa kwezisu ezindaweni eziningi zase-United States. Abamelene nokukhishwa kwezisu bakhononda obala ngokuthi odokotela nezisebenzi zasemithola-mpilo abakhipha izisu bangababulali futhi abanalo ilungelo lokuphila bona ngokwabo. Idlanzana labashisekayo lifuna ukuba labodokotela nabasizi babo babulawe. Kukhethwa izimpimpi ukuba zithole izinombolo zezimoto zabantu abanjalo, bese kukhishwa amagama namakheli abo. Ngenxa yalokho, odokotela nezisebenzi zasemithola-mpilo baye badutshulwa babulawa.

“Lena akuyona impikiswano yenkululeko yokukhuluma,” kusho umongameli we-Planned Parenthood Federation of America. “Lokhu kunjengokumemezela ukuthi ‘Kuyasha!’ enkundleni yemidlalo yaseshashalazini. Kufana nenkundla egcwele abantu; ake ubheke nje ukubulala okungaka emithola-mpilo kuleminyaka embalwa edlule.” Labo abasekela lobu budlova bagomela ngokuthi bamane basebenzisa ilungelo labo eliqinisekiswe eSichibiyelweni Sokuqala saseMelika—inkululeko yokukhuluma. Futhi lesi simo siyaqhubeka. Ukulwela leli lungelo kuyoqhubeka kwenziwa obala, futhi izinkantolo kuyodingeka zixazulule lempikiswano, ngeshwa okungeke kwanelise bonke abantu.

Lokho Abazali Abangakwenza

Amakhaya kufanele abe izindawo zokukhosela kubantwana, hhayi indawo lapho bengaba khona izisulu zalabo abangabanukubeza futhi babaxhaphaze, noma lapho abantu abanokuthula bengashoshozelwa khona ukuba babe nobudlova obungalawuleki ngezikhathi ezithile. “Ungase uqiniseke ngokuthi umntanakho akasoze abe nobudlova nakuba ebubuka njalo ubudlova be-TV,” kusho uprofesa waseyunivesithi ethile e-United States lapho exoxa nabazali. “Kodwa awunakuqiniseka ngokuthi umntanakho ngeke abulawe noma akhutshazwe ingane yomunye umuntu, ekhuliswe ngendlela efanayo.” Khona-ke wayala: “Ukunciphisa ukuchayeka kwezingane ebudloveni be-TV kufanele kube ingxenye yomkhankaso wempilo yomphakathi, kuhlanganise kanye nezihlalo zokulondeka, izigqoko zebhayisekili, ukugoma nokondleka kahle.”

Uma ungeke uvumele umfokazi angene kwakho futhi asebenzise ulimi olunenhlamba asho nezinto ezingcolile kumntanakho ngobulili nobudlova, khona-ke ungawuvumeli umsakazo nethelevishini kube yilowo mfokazi. Yazi ukuthi kufanele uyicishe noma ushintshe isiteshi nini. Yazi ukuthi umntanakho ubukelani, kokubili kuthelevishini nakuyi-computer, ngisho nalapho esekamelweni lakhe. Uma eyazi i-computer nezimiso zayo ezitholakalayo, ungase ushaqeke lapho uthola ukuthi yini ayifaka engqondweni njalo ebusuku. Uma ungavumelani nalokho umntanakho akubukayo, mane wenqabe futhi uchaze isizathu. Ngeke afe uma ebekelwa imingcele.

Ekugcineni, fundisa izingane zakho ukuphila ngezimiso zokwesaba uNkulunkulu futhi hhayi ngemikhuba yalesi simiso sezinto esibi—esinenkulumo nezenzo ezinenhlamba nobudlova. (IzAga 22:6; Efesu 6:4) Umphostoli uPawulu wanikeza amaKristu iseluleko esifike ngesikhathi okufanele sonke siphile ngaso. “Ubufebe nokungahlanzeki kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele; noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma ukuntela okuyichilo, izinto ezingafaneleki, kodwa kunalokho makube ukubonga.”—Efesu 5:3, 4.

[Izithombe ekhasini 10]

Ezinye izinhlelo ze-TV zingase ziholele ebugebengwini nasekuziphatheni okubi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela