Umphumela Wosizi
KUNJANI ukuba umbaleki? Zama ukuzicabanga uphila ngokuthula, kodwa ngokungazelele ukuphila kwakho kushintsha ngokuphelele. Ngokuphazima kweso, omakhelwane baba izitha. Kuza amasosha azophanga futhi ashise ikhaya lakho. Unemizuzu eyishumi yokuba upakishe futhi ushaye uchithe ukuze usinde. Ungathatha isikhwanyana nje kuphela, njengoba kuyodingeka usithwale ibanga elide. Uzofakani kuso?
Unqamula endaweni eqhuma izibhamu nombayimbayi. Uhambisana nabanye nabo ababalekayo. Kudlula izinsuku; uyazihudula ulambile, womile, futhi ukhathele uyingcuba. Ukuze usinde, kumelwe uzihudule nakuba ukhathele. Ulala phansi. Ukhothoza esigangeni ufuna okokudla.
Usondela ezweni elilondekile, kodwa onogada bomngcele abakuvumeli ukuba ungene. Baphequlula isikhwama sakho bese bethatha konke okuyigugu. Ufika kwenye indawo okuseshwa kuyo bese uwela umngcele. Ufakwa ekamu lababaleki elingcolile, elibiyelwe ngocingo olunameva. Nakuba uzungezwe abanye abasosizini olufanayo, uzizwa uwedwa futhi ukhungathekile.
Ukhumbula ubudlelwane bomkhaya wakho nabangane. Uzithola uncike ngokuphelele osizweni lwangaphandle. Umsebenzi awukho futhi akukho ongakwenza. Ulwa nemizwa yokuphelelwa ithemba, ukudangala, nentukuthelo. Ukhathazeke ngekusasa lakho, njengoba wazi ukuthi ukuhlala kwakho kuleli kamu cishe kuyoba okwesikhashana. Phela, ikamu alilona ikhaya—linjengegumbi lokulinda noma indawo yokugcina abantu okungekho muntu obafunayo. Uyazibuza ukuthi kazi uyothunyelwa ngempoqo emuva lapho uvela khona yini.
Lesi isimo izigidi ezibhekana naso namuhla. Ngokwe-United Nations High Commissioner for Refugees (UNHCR), abantu abayizigidi ezingu-27 emhlabeni wonke baye babalekela impi noma ushushiso. Abanye abantu abayizigidi ezingu-23 bathuthele kwezinye izindawo emazweni akubo. Sekukonke, umuntu oyedwa kwabangu-115 emhlabeni uye waphoqeleka ukuba abaleke. Iningi abesifazane nabantwana. Njengoba bewumphumela wempi nosizi, ababaleki bazithola besezweni elingabafuni, izwe elibenqabayo, hhayi ngenxa yokuthi bangobani, kodwa ngenxa yalokho abayikho.
Ukuba khona kwabo kuwuphawu lodweshu olukhulu olusemhlabeni wonke. I-UNHCR ithi: “Ababaleki bawuphawu oluvelele lokuhlukana kwezenhlalo. Bawuphawu lokugcina, olusobala kakhulu, lwezimbangela nemiphumela eveza ubukhulu bokuwohloka kwezenhlalo nezombangazwe zezwe. Lapho bebhekwa embulungeni yonke, bayisibonakaliso sesimo samanje sempucuko yabantu.”
Ochwepheshe bathi lenkinga ayinakulinganiswa futhi yanda ngokuqhubekayo. Yini eye yabangela isimo esinjalo? Ingabe likhona ikhambi? Izihloko ezilandelayo zizohlola lemibuzo.
[Imithombo Yesithombe ekhasini 3]
Boy on left: UN PHOTO 159243/J. Isaac
U.S. Navy photo