Izwe Elamukela Bonke Abantu
“Njengoba inkinga yababaleki isembulungeni yonke, ukufuna amakhambi kufanele kwenziwe embulungeni yonke.”—UGil Loescher, uprofesa wezokusebenzelana kwamazwe ngamazwe.
LO MBHANGQWANA osemusha waphuma ngobumnyama. Ekhathazeke ngokuphepha kwabo, umyeni akazange achithe sikhathi, ngisho noma babenomntwana omncane. Wayezwile ukuthi umashiqela wezwe ongenamusa wayehlela ukuhlasela leli dolobha aqothe imbokodo nesisekelo. Ngemva kohambo olukhandlayo lwamakhilomitha angaphezu kuka-160, ekugcineni lo mkhaya wawela umngcele wafika endaweni ephephile.
Kamuva lo mkhaya ophansi wagcina waziwa emhlabeni wonke. Igama lomntwana kwakunguJesu, futhi abazali bakhe kwakunguMariya noJosefa. Laba babaleki abazange bashiye izwe lakubo ngoba befuna ingcebo yezinto ezibonakalayo. Kunalokho, babebhekene nesimo esisongela ukuphila. Phela, kwakuzohlaselwa nje ngoba kufunwa yena kanye umntwana wabo!
Njengabanye ababaleki abaningi, uJosefa nomkhaya wakhe bagcina bebuyele ezweni lakubo lapho isimo sezombangazwe sesingcono. Kodwa akungabazeki ukuthi ukubaleka kwabo ngesikhathi esifanele kwasindisa ukuphila komntwana wabo. (Mathewu 2:13-16) Izwe abaya kulo, eGibithe, lalinomlando wokwamukela kokubili ababaleka ngenxa yezizathu zezombangazwe nezingokomnotho. Emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambi kwalokho, okhokho bakaJesu babalekela eGibithe lapho izwe laseKhanani lihlaselwa yindlala.—Genesise 45:9-11.
Balondekile Kodwa Abanelisiwe
Izibonelo ezingokomBhalo kanye nezibonelo zosuku lwanamuhla zibonisa ukuthi ukubalekela kwelinye izwe kungasindisa ukuphila. Nokho, kuyadabukisa kunoma yimuphi umkhaya ukushiya umuzi wawo. Nakuba ungase ube phansi, cishe kuthathe iminyaka eminingi nemali ukuwakha. Futhi kungenzeka uyifa lomkhaya eliwuhlanganisa nesiko nendawo yakubo. Ngaphezu kwalokho, lapho bebaleka, kuncane ababaleki abangakuthatha, uma bekwazi. Ngakho, cishe ababaleki babhekana nobumpofu, kungakhathaliseki ukuthi kwakunjani ukuphila kwabo ngaphambili.
Umuzwa wokuqala wokukhululeka ungase unyamalale ngokushesha uma ukuphila kwasekamu lababaleki kubonakala kungenalo ikusasa elingcono. Futhi uma isimo sokubaleka siqhubeka isikhathi eside, sibangela ukucindezeleka okukhulu, ikakhulukazi uma kungenabudlelwane nabantu bendawo. Njengawo wonke umuntu, ababaleki bafuna ukuzinza endaweni ethile. Ikamu lababaleki aliyona neze indawo yokukhulisa umkhaya. Ingabe siyoke sifike isikhathi lapho ekugcineni wonke umuntu eyoba nendawo ethi yena?
Ingabe Ukubuyiselwa Ezweni Lakini Kuyikhambi?
Phakathi nawo-1990, cishe abantu abayizigidi ezingu-9 ababefudukile bagcina bebuyele emakhaya. Kwabanye balaba bantu, kwakuyisikhathi esijabulisayo, futhi baqala ngokuzimisela ukuvuselela ukuphila kwabo. Kodwa kwabanye, isimo sasithena amandla. Babuya ngoba ukuphila kwase kunzima ezweni ababephephele kulo. Izinkinga ababhekana nazo ekudingisweni zazizimbi kangangokuba banquma ukuthi kwakungcono ekhaya, naphezu kokungalondeki ababezobhekana nako.
Ngisho noma izimo zizinhle, ukubuyela ekhaya kunezinkinga ngoba kusho ukwethula amadlangala okwesibili. I-State of the World’s Refugees 1997-98 iyachaza: “Ukuthutha ngakunye kuhambisana nokulahlekelwa yindlela yokuziphilisa, njengendawo, umsebenzi, umuzi nemfuyo. Futhi ukuthutha ngakunye kuyisiqalo senqubo enzima yokuvuselela.” Ukuhlolwa kwababaleki ababuyela ekhaya e-Afrika ephakathi kwabonisa ukuthi “kubabaleki ababethola usizo ekudingisweni, ukubuyela ekhaya kungase kube nzima kunokuphila kwasekudingisweni ngokwako.”
Nokho, okudabukisa nakakhulu isimo sababaleki abayizigidi abaphoqelelwa ngenkani ukuba baphindele emazweni akubo. Babhekana naziphi izimo? Umbiko weZizwe Ezihlangene uthi: “Ababuyela ekhaya kungase kudingeke baphile esimweni esingenamthetho, lapho kudlange khona ukuphanga nobugebengu obunobudlova, lapho amasosha aphelelwe umsebenzi exhaphaza khona umphakathi nalapho izikhali zithé chithi saka khona emphakathini.” Kusobala ukuthi izimo ezinjalo ezinokhahlo azizanelisi ngisho nezidingo eziyisisekelo zokulondeka zalaba bantu ababefudukile.
Ukwakha Izwe Lapho Bonke Abantu Belondekile Khona
Ukubuyiselwa kwabantu ngenkani noma ngokuncengwa emazweni akubo akusoze kwazixazulula izinkinga zababaleki uma kungaxazululwa izimbangela. UNkk. Sadako Ogata, owayenguKhomishane WeZizwe Ezihlangene Ophethe Ezababaleki, wathi ngo-1999: “Izenzakalo zaleli shumi leminyaka—kanye nezanyakenye—zibonisa ngokucacile ukuthi asinakukhuluma ngezinkinga zababaleki ngaphandle kokukhathazeka ngokulondeka kwabo.”
Futhi ukuntuleka okukhulu kokulondeka kuthinta izigidi zabantu emhlabeni wonke. UKofi Annan, unobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene, uyachaza: “Ezingxenyeni ezithile zomhlaba, kuye kwawa imibuso ngenxa yezingxabano zombango nezomphakathi, eziye zaphuca izakhamuzi isivikelo esifanele. Kwezinye izindawo, ukulondeka kwabantu kuye kwawohlozwa ohulumeni abenqaba ukuthatha izinyathelo ezizuzisa wonke umuntu, abashushisa abaphikisi babo futhi bajezise amalungu angenacala amaqembu amancane.”
Izimpi, ukushushiswa nobudlova bohlanga—izimbangela eziyinhloko zokungalondeki okuchazwa uKofi Annan—ngokuvamile zibangelwa yinzondo, ukubandlulula nokungabi nabulungisa. Lezi zimfanelo ezimbi ngeke kube lula ukuziqeda. Ingabe lokho kusho ukuthi inkinga yababaleki iyoqhubeka iba yimbi?
Uma izindaba bezishiyelwa ezandleni zabantu, ngokuqinisekile bekuyoba njalo. Kodwa eBhayibhelini, uNkulunkulu uthembisa ukuthi “uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba.” (IHubo 46:9) Ngomprofethi wakhe u-Isaya, uchaza nesikhathi lapho abantu ‘beyokwakha izindlu, bahlale kuzo; batshale izivini, badle izithelo zazo. . . . Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba nabo.’ (Isaya 65:21-23) Ngokuqinisekile izimo ezinjalo zingayiqeda inkinga yababaleki. Ingabe zingafinyeleleka?
Isethulo somthetho-sisekelo we-United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization sithi: “Njengoba izimpi ziqala ezingqondweni zabantu, kumelwe kwakhiwe izivikelo zokuthula khona kanye ezingqondweni zabantu.” UMdali wethu uyazi ukuthi kudingeka ushintsho endleleni yokucabanga. Yena kanye lo mprofethi uchaza ukuthi kungani ngolunye usuku wonke umuntu emhlabeni eyohlala ngokulondeka: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.
OFakazi BakaJehova sebetholile kakade ukuthi ukwazi uJehova kunganqoba ubandlululo nenzondo. Emsebenzini wabo wokushumayela emhlabeni wonke, bakhuthaza izindinganiso zobuKristu ezigcizelela uthando esikhundleni senzondo, ngisho nasemazweni akhungethwe yizimpi. Futhi basiza ababaleki ngazo zonke izindlela abangakwazi ngazo.
Ngakolunye uhlangothi, bayaqaphela ukuthi ikhambi eliphelele lenkinga yababaleki lisezandleni zeNkosi emiswe nguNkulunkulu, uJesu Kristu. Ngokuqinisekile uyaqonda ukuthi inzondo nobudlova kungakonakalisa kalula kangakanani ukuphila kwabantu. IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uyokwahluleka abampofu ngokulunga. (Isaya 11:1-5) Ngaphansi kokubusa kwakhe kwasezulwini, intando kaNkulunkulu iyokwenziwa emhlabeni, njengasezulwini. (Mathewu 6:9, 10) Lapho lolo suku lufika, akukho muntu oyophinde abe umbaleki. Futhi bonke abantu bayoba nendawo ethi bona.
[Ibhokisi ekhasini 12]
Yini Edingekayo Ukuze Kuxazululwe Izinkinga Zababaleki?
“Ukwanelisa izidingo zabantu abafudukayo emhlabeni—ababaleki kanye nabafudukayo kodwa bebe besezweni lakubo—kuyinkinga enkulu kunokuletha nje ukulondeka nosizo lwesikhashana. Kudingeka kuxazululwe ukushushiswa, ubudlova nezingxabano okubangela ukufuduka kwabantu. Kudingeka kuqashelwe amalungelo abo bonke abesilisa, abesifazane nezingane okujabulela ukuthula, ukulondeka nesithunzi ngaphandle kokubaleka emizini yabo.”—The State of the World’s Refugees 2000.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 13]
Yiliphi Ikhambi Elilethwa UMbuso KaNkulunkulu?
“Ezweni lonke kuyokwenziwa ukulunga nobulungisa. Ngenxa yokuthi wonke umuntu uyokwenza okufanele, kuyoba nokuthula nokulondeka kuze kube phakade. Abantu bakaNkulunkulu ngeke besakhathazeka, futhi imizi yabo iyoba nokuthula nokuphepha.”—Isaya 32:16-18, Today’s English Version.