Ukubhekana Nenhlekelele Ngokuphumelelayo Ngamandla KaJehova
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN
NGO-FEBRUARY walonyaka, abaningi eBandleni LoFakazi BakaJehova laseBailén eSpain bajabulela usuku oluhle bendawonye eziNtabeni zaseSierra Nevada eziseduze nalapho. Kodwa lapho sekusele nje amakhilomitha amahlanu ukuba bafike ekhaya, imoto eyayiza ngaphambili yeqela engxenyeni yomgwaqo owawuhamba ibhasi labo, zashayisana ngaphambili. Kwaba nokuqhuma, futhi ibhasi lambozwa amalangabi. Abanye babagibeli bakwazi ukuphuma kusenesikhathi, kodwa abaningi ababengemuva ebhasini bahilwa intuthu futhi bafa.
Sebebonke, kwashona oFakazi abangu-26, kuhlanganise nezikhonzi zesikhathi esigcwele ezine nezingane ezithile—cishe ingxenye yesine yeBandla laseBailén. Inkosi yaseSpain, uJuan Carlos, yazwakalisa imizwa yeningi labantu baseSpain lapho ibhala encwadini yayo yocingo eya kumphathi-dolobha waseBailén: “Sishaqeke kakhulu ngalengozi ehlasimulisayo. Qinisekani ngenduduzo yethu eqotho. Sizani nidlulisele emikhayeni yezisulu imizwa yethu ejulile yokudabuka nokusekela kwethu phakathi nalezi zikhathi ezibuhlungu.”
Umbuzo owawusezingqondweni zabanye phakathi kwezinkulungwane ezazikhona enkonzweni yomngcwabo wawuwukuthi, Kungani izinhlekelele ezinjengalezi zenzeka? Ngokusobala, izingozi ezibangelwa ‘isikhathi nethuba’ zingathinta abantu bakaJehova njengabo bonke abanye abantu. (UmShumayeli 9:11, 12) Nokho, uJehova uthembisa ukuthi ngokushesha izinhlekelele ezinjengalezi zizoqedwa.—IsAmbulo 21:4, 5.
Amalungu amaningi omkhaya wegatsha loFakazi BakaJehova eSpain nezinkulungwane zoFakazi ezivela kwezinye izingxenye zezwe zaya eBailén ukuyonikeza abazalwane bendawo induduzo nokusekela. Abantu baseBailén, bekanye neziphathimandla zendawo nezesifunda, nabo bahlanganyela osizini lwemikhaya yoFakazi. Abaningi ababebukele bahlatshwa umxhwele ukuqina koFakazi abashonelwe.
“Ngineminyaka eminingi ngibazi oFakazi,” kuphawula u-Antonio Gómez, umphathi-dolobha waseBailén, “futhi nakuba mina ngokwami ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu akaziwa, ngiyayincoma inkolo yenu. Lapho kwenzeka lengozi, ngokushesha ngicabangé ukuthi ubunye benu obungokwenkolo nobobuntu buzonenza nikwazi ukubhekana nalenhlekelele kangcono kunamanye amaqembu. Ngiye ngabona indlela lonke idolobha eliye lanikeza ngayo ukusekela kwalo emikhayeni esosizini. Mhlawumbe ngaphambili, abantu bebenemibono eyiphutha ngalokho eniyikho, kodwa ngiyajabula ukusho ukuthi lokhu kuye kwanyamalala. Ninamandla angaphakathi okunzima ngothile ongeyena uFakazi ukuba awaqonde.”
UJosé Borrell, undunankulu wemisebenzi yomphakathi oweza emngcwabeni njengommeleli kahulumeni waseSpain, wavuma: “Ungathini kulabo abalahlekelwe cishe yiwo wonke umkhaya wabo ngegalelo elilodwa? Akukho lutho lokho bona ngokwabo abangenakukuthola enkolweni yabo. . . . Ninenkolo emangalisayo.”
“Qhubekani Niduduzana”
Yini ‘abayithole enkolweni yabo’? Ngaphezu kwakho konke, bathole induduzo evela kuJehova, ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.’ (2 Korinte 1:3, 4) Naphezu kosizi lwabo, bathole amandla okududuzana, belalela amazwi kaPawulu kwabaseThesalonika: “Qhubekani niduduzana futhi nakhana.”—1 Thesalonika 5:11.
Kwakungokuhlangenwe nakho okushukumisayo ukubona abazalwane nodade abangamaKristu, abanye babo ababelahlekelwe izihlobo ezifinyelela ku-8, bevakashela amanye amalungu ebandla ayeshonelwe. “Lapho sibonana, sasikhala. Kodwa ngezinyembezi sasizikhumbuza ngethemba lovuko, futhi sizizwe siduduzekile,” kuchaza uFrancisco Saez, umbonisi owengamele, naye owalahlekelwa izingane zakhe ezimbili okwakuwukuphela kwazo.
“Asizange siwudebeselele umsebenzi wethu wokushumayela, futhi siye senza umzamo okhethekile wokuvakashela izihlobo zabashonile ezingebona oFakazi, sisebenzisa incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo.” UFrancisco waqhubeka: “Mina ngokwami, ngangifuna ukushumayela, ngoba ngangazi ukuthi ngokushumayeza abanye ngangizozizwa ngingcono. Futhi ngempela, nakuba ngangiphuma ngikhala, ngangibuyela ekhaya ngiduduzekile.”
Abantu baseBailén basabela kahle kakhulu kulomsebenzi wokufakaza. Ngemva kwesonto elilodwa ingozi yenzekile, u-Encarna, owayesosizini lokulahlekelwa amadodakazi amabili nabazukulu abane, wavakashela owesifazane ayesanda kuqala naye isifundo seBhayibheli. U-Encarna wayelokhu enikeza induduzo engokomBhalo kulowo wesifazane, owayeshonelwe umyeni wakhe ezinyangeni ezine ngaphambili. “Manje kufanele siduduzane,” esho, njengoba babeqhubeka becabangela incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo.
Ukusekela okuvela ebuzalwaneni bomhlaba wonke nakho kwalandela ngokushesha. “Lonke ibandla lizizwa likhuthazwe kakhulu izinkulungwane zezincwadi nezincwadi zocingo esiye sazithola,” kuchaza uFrancisco Capilla, unobhala webandla. “Kuye kwadingeka ukuba abaseposini bathumele iveni ngokuqondile emzini wethu nsuku zonke ukuze izilethe zonke. Sibonga kakhulu ngokukhathalela kothando kwabazalwane.”
Inhlekelele Iveza Ithemba
Ingabe kukhona okuhle okungavela enhlekeleleni enjengalena? “Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila,” kubhala iNkosi yasendulo uSolomoni. (UmShumayeli 7:4) Ngokuvumelana nalesi simiso, inhlekelele yaseBailén iye yenza ukuba abanye abantu bacabange ngokungathi sína ngokwengeziwe ngobuhlobo babo noNkulunkulu. UFaustino, umyeni ongakholwa owalahlekelwa ezimbili zezingane zakhe eziyisithupha kulengozi, watshela umkakhe uDolores: “Nginezindaba ezinhle engizokutshela zona. Ngizoqala ukufunda iBhayibheli, ngoba ngifuna ukubona izingane zami ezweni elisha.”
Nakuba abafowethu nodadewethu eBailén bengenakulunqoba ngokushesha usizi lwabo, baduduza abanye futhi bayaduduzwa. UJehova uyabaqinisa ngomoya wakhe nangokusekela kwabazalwane nodade abaningi abanothando. Imithandazo yethu ngabo iyaqhubeka ikhuphukela kuBaba wethu wasezulwini.
[Izithombe ekhasini 26]
Abane balabo abashona