“Akulona Iphutha Lami”
KUKANGAKI namuhla uzwa othile ethi, ‘Ngiyaxolisa. Kube iphutha lami. Ngiphazamile!’? Lamazwi abonisa ukuthembeka ayivelakancane. Eqinisweni, ezimweni eziningi, ngisho nalapho iphutha livunywa, kwenziwa wonke umzamo wokudlulisela icala komunye umuntu noma ezimweni ezenza kube nokubonelela lezo onecala athi ubengeke azilawule.
Abanye baze basole ngisho nezakhi zabo zofuzo! Kodwa ingabe lokhu kunengqondo? Incwadi ethi Exploding the Gene Myth iyazingabaza izinhloso nokusebenza kwezinye izici zokucwaninga ngezakhi zofuzo. Lapho ebukeza lencwadi, umlobeli wephephandaba wase-Australia uBill Deane, wenza lesi siphetho esinengqondo: “Kubonakala sengathi muva nje abakholelwa ekudalelweni kwabantu sebeqalé ukukholelwa ukuthi batholé ubufakazi cishe obungenaphutha bokusekela ifilosofi yabo yokuthi akukho muntu okufanele alandise ngezenzo zakhe: ‘Mhlonishwa, akukho abengakwenza ngaphandle kokunquma umphimbo wakhe—wazalwa nakho.’”
Akukhona Ukuthambekela Okusha
Njengoba lesi sizukulwane ngokushesha siphenduka lokho umlobi othile akubiza ngokuthi isizukulwane “esiphika amaphutha,” lokhu kuthambekela kungase kubonakale kwanda. Nokho, umlando olotshiwe wembula ukuthi ukudlulisela icala kwabanye, ngezaba zokuthi “Anginacala,” bekulokhu kukhona kusukela ekuqaleni komuntu. Ukusabela kuka-Adamu no-Eva ngemva kwesono sabo sokuqala, ukudla isithelo uNkulunkulu ayesinqabele, kwakuyisibonelo esivelele sokudlulisela icala komunye. Ukulandisa kukaGenesise kubika ngengxoxo eyaba khona, okwaqala kuyo uNkulunkulu ngokuthi: “Udlile kulowomuthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na? UAdamu wathi: Owesifazane, owangipha yena ukuba abe-nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla. UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: Yini lokhu okwenzileyo na? Owesifazane wathi: Inyoka ingikhohlisile, ngadla.”—Genesise 3:11-13.
Kusukela ngaleso sikhathi, abantu baye basungula izinkolelo ezihlukahlukene futhi bafuna izaba ezingavamile ezazingabakhulula kunoma isiphi isibopho sangempela sokulandisa ngezenzo zabo. Ephawulekayo kulezi zinkolelo inkolelo yasendulo yokumiselwa kusengaphambili. Owesifazane ongumBuddha ngobuqotho owayekholelwa kuyiKarma wathi: “Ngangicabanga ukuthi akunangqondo ukuhlupheka ngenxa yokuthile engazalwa nakho kodwa engangingazi lutho ngakho. Kwadingeka ngikwamukele ngokuthi ukumiselwa kwami kusengaphambili.” Njengoba kukhuthazwa imfundiso yokunqunyelwa kusengaphambili eyafundiswa uJohn Calvin, ukukholelwa ekudalelweni kuvamile nakweLobukholwa. Abefundisi bavame ukutshela izihlobo ezidabukile ukuthi ingozi ethile iyintando kaNkulunkulu. Kanti-ke amanye amaKristu anezisusa ezinhle amangalela uSathane ngakho konke okungahambi kahle ekuphileni kwawo.
Manje, sesiqala ukubona ukuziphatha okungenakulandisa okuvunyelwayo ngokomthetho nasemphakathini. Siphila enkathini yamalungelo andayo nemithwalo yemfanelo yomuntu enciphayo.
Ukucwaninga ngokuziphatha komuntu kuye kwaveza lokho okuthiwa ubufakazi obungokwesayensi abanye abanomuzwa wokuthi kungagunyaza izenzo ezisukela ekuziphatheni okubi kuya ekubulaleni. Lokhu kubonisa ukuzimisela komphakathi ukudlulisela icala kunoma yini noma kunoma ubani ngaphandle kwalowo muntu ngokwakhe.
Sidinga izimpendulo zemibuzo enjengalena: Yini ngempela etholwé isayensi? Ingabe ukuziphatha komuntu kulawulwa ngokuyinhloko izakhi zethu zofuzo? Noma ingabe amathonya angaphakathi nawangaphandle alawula ukuziphatha kwethu? Ubufakazi bubonisani ngempela?