Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 2/1 kk. 26-29
  • Yiphutha Likabani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yiphutha Likabani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinkinga Zezimali
  • Ukudunyazwa Abantwana
  • Ukwehluleka Ukuthuthuka Ngokomoya
  • Izaba Ezinkulu Kunazo Zonke
  • Ukubhekana Namaqiniso
  • Ngingakunqanda Kanjani Ukubhacekwa Ngecala Njalo?
    I-Phaphama!—1997
  • Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?
    Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?—1976 (gc)
  • UJehova Akumelwe Asolwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • “Akulona Iphutha Lami”
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 2/1 kk. 26-29

Yiphutha Likabani?

UMUNTU wokuqala, u-Adamu, uyena owaqala lolukhondo. Ngemva kokuba onile wathi kuNkulunkulu: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe-nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.” Eqinisweni wayethi: “Akulona iphutha lami!” Owesifazane wokuqala, u-Eva, wenza okufanayo lapho ethi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.”—Genesise 3:12, 13.

Kanjalo ensimini yase-Edene kwabekwa isandulela sokwenqaba kwabantu ukwamukela umthwalo we-mfanelo ngezenzo zabo si-qu. Ingabe wake waba necala lalokhu? Lapho kuvela izinkinga, ingabe ngokushesha ulibeka kwabanye icala? Noma ingabe uyasihlaziya isimo ukuze ubone ukuthi iphutha likabani ngempela? Ekuphileni kwansuku zonke, kulula kakhulu ukungena ogibeni lokusola abanye ngamaphutha ethu nokuthi, “Akulona iphutha lami!” Ake sibheke izimo ezivamile sibone lokho abanye abantu abathambekele ekukwenzeni. Okubaluleke kakhulu, cabanga ngalokho wena obungakwenza ezimweni ezifanayo.

Izinkinga Zezimali

“Akulona iphutha lami—isimo sezomnotho, abantu bamabhizinisi abangathembekile, izindleko eziphakeme zokuphila,” abanye bangasho njalo lapho bezithola bengene shí enkingeni enkulu yemali. Kodwa ingabe ngempela lezizici izona ezinecala? Mhlawumbe izimo ezingaqinisekile ziye zabaholela emisebenzini engabazekayo noma eyingozi. Ngezinye izikhathi ukuhaha kusithibeza ukwahlulela ngengqondo ehluzekile, bese abantu bezithola bengene emabhizinisini abangawazi, babe ukudla kwezingwenya. Bayasikhohlwa isaga esithi: “Ababulali benyathi balala uncwayimbana.” Bathungatha uhlobo lweseluleko abafuna ukusizwa, kodwa lapho kuvela ubunzima bezomnotho, bafuna omunye umuntu abazombeka icala. Ngeshwa, lokhu kuyenzeka ngezinye izikhathi ngisho nasebandleni lobuKristu.

Abanye baye babambeka ezinhlelweni zokwenza imali ezingekhona ukuhlakanipha ngisho nezomgunyathi, njengokuthenga amadayimani angekho, ukuxhasa ngezimali izinhlelo zethelevishini okuthiwa zivuth’ uphondo eziye zabhuntsha ngokushesha, noma ukusekela izimiso zokuthuthukiswa kwezindawo eziye zaphelelwa imali. Kungenzeka ukuthi ukukhanukela ukuceba kuye kwafiphaza inkumbulo yabo ngeseluleko seBhayibheli esithi: “Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni‚ nasesihibeni‚ . . . bazigwaza ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.

Ukusebenzisa imali ngokungenasimiso nakho kungaholela enhlekeleleni engokwezimali. Abanye banomuzwa wokuthi kufanele babukeke njengabantu abakomagazini bamuva bemfashini, kufanele baye emaholidini abizayo, badle ezindaweni zokudlela zikanokusho, futhi bathenge “amathoyizi” amuva abantu abadala—izimoto zokungcebeleka, izikebhe, amakhamera, nemisakazo ye-stereo. Yiqiniso, ngokuhamba kwesikhathi abanye bangase bakwazi ukuba nazo lezizinto ngokuhlela ngokuhlakanipha nangokubeka imali. Nokho labo abajahe ukuba nazo bangase bazithole besezikweletini ezinkulu. Uma bengena ezikweletini ezinkulu, yiphutha likabani? Ngokusobala baye bangasinaka iseluleko esinengqondo sezAga 13:18: “Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.”

Ukudunyazwa Abantwana

Abanye abazali bangase bathi: “Yiphutha labadala ukuthi abantwana bami balishiya iqiniso. Abazange babanake ngokwanele abantwana bami.”

Abadala banawo umthwalo wemfanelo wokwelusa nokunakekela umhlambi, kodwa kuthiwani ngabazali ngokwabo? Ingabe bayasibeka isibonelo ekuboniseni izithelo zomoya kaNkulunkulu kukho konke ukusebenzelana kwabo nabanye? Ingabe isifundo seBhayibheli somkhaya sasiqhutshwa njalo? Ingabe abazali bebeyibonisa intshiseko enkonzweni kaJehova futhi besiza abantwana ukuba bayilungiselele? Ingabe bebebaqaphela abangane babantwana babo?

Ngokufanayo, kulula ngomzali ukuba athi ngomsebenzi wesikole: “Yiphutha lothisha ukuthi indodana yami ayiphumelelanga esikoleni. Bebengayithandi indodana yami. Futhi, vele akufundwa kulesiyasikole.” Kodwa ingabe umzali uye waxhumana ngokuseduze nesikole? Ingabe umzali ubenaso isithakazelo ezifundweni zomntwana? Ingabe ubenaso isimiso esihleliwe sokwenza umsebenzi wesikole wasekhaya, futhi ingabe ubelunikwa usizo lapho eludinga? Kungenzeka yini ukuthi inkinga eyisisekelo indaba yesimo sengqondo noma ubuvila bomntwana noma bomzali?

Esikhundleni sokuba abazali babeke isikole icala, kuzuzisa kakhulu uma bethatha isinyathelo esiqondile ukuze baqiniseke ukuthi abantwana babo banesimo sengqondo esifanele nokuthi bayawasebenzisa amathuba okufunda abawatholayo esikoleni.

Ukwehluleka Ukuthuthuka Ngokomoya

Ngezinye izikhathi sizwa umuntu ethi: “Ngabe ngiqinile ngokomoya, kodwa akulona iphutha lami ukuthi angiqinile ngokomoya. Abadala abanginaki ngokwanele. Anginabangane. Umoya kaJehova awukho kulelibandla.” Ngesikhathi esifanayo, abanye ebandleni banabo abangane, bayajabula, futhi bathuthuka kahle ngokomoya; futhi ibandla libusiswa ngokwanda nangokuchuma ngokomoya. Pho kungani abanye benezinkinga?

Bambalwa abantu abathanda ukuba abangane abaseduze nalabo ababonisa isimo sengqondo esiphambene nesokukhononda. Ulimi oluhlabayo, oluphoxayo nokukhononda njalo kungadumaza kakhulu. Abanye, bengafuni ukwenziwa buthaka ngokomoya, bangase bakunciphise ukuhlangana nabantu abanjalo. Ebheka lokhu njengokungabi namfudumalo kwebandla, umuntu angase aqale umkhuba wokuthutha, okokuqala aye kuleliyabandla, bese eya kwelinye, aye nakwelinye. Njengemihlambi ethuthayo yasemathafeni ase-Afrika ehlale ithungatha amadlelo aluhlaza, lamaKristu ‘athuthayo’ ahlale ethungatha ibandla elizwana nawo. Yeka ukuthi abengajabula kangakanani ukuba, esikhundleni salokho, abengathungatha izimfanelo ezinhle kwabanye abantu futhi alwele ukuzibonakalisa ngokwengeziwe izithelo zomoya kaNkulunkulu ekuphileni kwawo siqu!—Galathiya 5:22, 23.

Abanye benza kanjalo ngokwenza umzamo okhethekile wokukhuluma nomuntu ohlukile emhlanganweni ngamunye eHholo LoMbuso nangokumtusa ngobuqotho ngesici esithile esihle. Kungase kube ngokuphathelene nabantwana bakhe abaziphatha kahle, ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, izimpendulo ezilungiselelwe kahle eSifundweni Se-Nqabayokulinda, ukungenisa izihambi ngokuvula ikhaya lakhe ukuze kuqhutshwe iSifundo Sencwadi Sebandla nemihlangano yenkonzo yasensimini, njalonjalo. Ngokukwenza kube umgomo wakho ukubheka ngalé kwesembozo sokungapheleli, nakanjani uyothola izimfanelo ezinhle kubafowenu nodadewenu abangamaKristu. Lokhu kuyokwenza ukuba uthandeke kubo, futhi uyothola ukuthi awubaswele neze abangane abaqotho.

Izaba Ezinkulu Kunazo Zonke

“Yintando kaNkulunkulu.” “UDeveli.” Cishe izaba ezinkulu kunazo zonke ilezo zokuthi uNkulunkulu noma uDeveli onecala ngokwehluleka kwethu. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu noma uSathane bangase bazithonye izenzakalo ezithile ekuphileni kwethu. Nokho, abanye bakholelwa ukuthi cishe yonke into, enhle noma embi, ekuphileni kwabo iwumphumela wokungenela kukaNkulunkulu noma uSathane. Kusengathi akukho lutho oluye lwenzeka kubo obeluwumphumela wezenzo zabo siqu. “Uma uNkulunkulu efuna ukuba ngibe nayo leyamoto entsha, uzoqiniseka ukuthi ngiyayithola.”

Abantu abanjalo ngokuvamile baphila ukuphila kwabo ngokunganaki, benza izinqumo eziphathelene nezimali kanye nezinye ngesisekelo sokuthi uNkulunkulu uyobasindisa. Uma umphumela wezenzo zabo ezintula ukuhlakanipha uba inhlekelele, ngokwezomnotho noma ngenye indlela, basola uDeveli. Ukwenza okuthile okuwukugagamela ngaphandle ‘kokubala izindleko’ kuqala bese sisola uSathane ngokwehluleka, noma okubi nakakhulu, silindele ukuba uJehova angenele, ngeke nje kuphela kube ukugabadela kodwa futhi kungaba okuphambene nemiBhalo.—Luka 14:28, 29.

USathane wazama ukubangela uJesu ukuba acabange ngaleyondlela futhi angawuthathi umthwalo wemfanelo wezenzo zaKhe. Ngokuqondene nesilingo sesibili, uMathewu 4:5-7 uyabika: “Khona uSathane wamthatha‚ wamyisa emzini ongcwele‚ wammisa esiqongweni sethempeli‚ wathi kuye: Uma uyiNdodana kaNkulunkulu; ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi: Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe‚ zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.” UJesu waqaphela ukuthi wayengeke alindele ukuba uJehova angenele uma engathatha inkambo yokungakhathali, yokuzibulala ngisho nokuzibulala. Ngakho, waphendula: “Kulotshiwe futhi ukuthi: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.”

Labo abathambekele ekusoleni uDeveli noma uNkulunkulu ngezenzo zabo ezingabazekayo banezinto eziningi abafana ngazo nabalandeli bokubhula ngezinkanyezi, abamane nje babeke izinkanyezi esikhundleni sikaNkulunkulu noma uDeveli. Bekholiseke ngokuphelele ukuthi akukho lutho abangalwenza cishe nganoma yini eyenzekayo, abasinaki isimiso esilula esikwabaseGalathiya 6:7: “Lokho akuhlwanyelayo umuntu‚ lokho wokuvuna.”

Ukubhekana Namaqiniso

Akekho ongaphika ukuthi siphila ezweni elinokungapheleli. Izinkinga okukhulunywe ngazo lapha zingokoqobo. Abantu bayosizakala ngathi ngokwezimali. Abanye abaqashi bayokwenza ukungathembeki. Abangane bangazithonya kabi izingane zethu. Abanye othisha nezikole bayakudinga ukuthuthukiswa. Ngezinye izikhathi abadala basengalubonisa uthando nokukhathalela okwengeziwe. Kodwa kumelwe silivume ithonya lokungapheleli nokuthi, njengoba iBhayibheli liveza, “izwe lonke limi ebubini.” Ngakho akunangqondo ukulindela ukuthi ukuphila kwethu kuyoshelela ngaso sonke isikhathi.—1 Johane 5:19.

Ngaphezu kwalokho, kumelwe siqaphele ukungapheleli nokulinganiselwa kwethu futhi sazi ukuthi ezikhathini eziningi izinkinga zethu ziwumphumela wamaphutha ethu. UPawulu waluleka amaKristu eRoma: “Ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga.” (Roma 12:3) Lesoseluleko sisasebenza ngendlela efanayo kithi namuhla. Uma okuthile konakala ekuphileni kwethu, ngeke ngokushesha silandele okhokho bethu u-Adamu no-Eva sithi: “Akulona iphutha lami!” Esikhundleni salokho siyozibuza, ‘Yini ehlukile ebengingase ngiyenze ukuze ngigweme lomphumela obuhlungu? Ingabe ngisebenzise ukwahlulela okuhle kulendaba ngafuna iseluleko emthonjeni ohlakaniphile? Ingabe ngiye ngakucabangela ukuthi kungenzeka lona omunye noma abanye kulendaba abanazo izinhloso ezimbi, kanjalo ngibanike isithunzi?’

Uma silandela izimiso zobuKristu futhi sisebenzisa ukwahlulela okuhle, siyoba nabangane abengeziwe nezinkinga ezimbalwa. Eziningi zezinkinga ezingadingekile ekuphileni kwethu ziyoxazululeka. Siyothola injabulo ekusebenzelaneni nabanye futhi ngeke sihlushwe umbuzo othi: “Yiphutha likabani?”

[Izithombe ekhasini 28]

Kuningi abazali abangakwenza ukuze basize abantwana babo bakhule ngokomoya

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela