Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 9/22 k. 8-k. 10 isig. 6
  • Lawula Ukuphila Kwakho Manje!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lawula Ukuphila Kwakho Manje!
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini Umbono WeBhayibheli?
  • Usizo Olungcono Kakhulu Esingaluthola
  • “IZwi LikaNkulunkulu Liphilile, Linamandla”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Iphutha Likabani—Elakho Noma Elofuzo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?
    Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?—1976 (gc)
  • Indlela Ongakushintsha Ngayo Lokho Oyikho
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 9/22 k. 8-k. 10 isig. 6

Lawula Ukuphila Kwakho Manje!

UKUCWANINGA okungokwesayensi ngokuziphatha kwabantu nezisusa kuye kwasizuzisa ngezindlela eziningi. Mhlawumbe siye sasizwa ukuba sibhekane nokugula ngokuthola ukuqonda okujulile ngakho. Ngesikhathi esifanayo, kuwukuhlakanipha ukuqapha uma kuziwa ezinkolelweni-mbono zokuthatheka, ikakhulukazi lezo ezibonakala ziphikisana nezimiso ezicacile.

Ngokuphathelene nezakhi zofuzo nokuziphatha, kuphakama imibuzo: Ingabe singayilahla imithwalo yethu yemfanelo futhi singamukeli cala ngezenzo zethu? Ingabe singahoxa noma ngisho sisole othile noma okuthile ngokuphazama noma ngephutha elithile, kanjalo sihlanganyele namanani andayo kulesi sizukulwane “esiphika amaphutha”? Lutho neze. Abantu abaningi bayakujabulela ukunconywa nganoma ikuphi ukuphumelela kwabo ekuphileni, ngakho kungani kungafanele bazimisele ukuthwala icala ngamaphutha abo?

Ngakho-ke, singase sibuze, IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli Elingcwele, lithini ngokuphathelene nokuthi ubani noma yini elawula ukuphila kwethu namuhla?

Uyini Umbono WeBhayibheli?

Into yokuqala okudingeka siyiqaphele ukuthi sonke sizalelwa esonweni esasizuza njengefa kubazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva. (IHubo 51:5) Ngaphezu kwalokho, siphila esikhathini esikhethekile, esibizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina,’ lapho abantu bebhekana khona ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Lokhu kubonisa ukuthi sisonke sibhekana nezinkinga ezengeziwe ekulawuleni ukuphila kwethu ngendlela efanele kunokuba kwakunjalo ngokhokho bethu.

Noma kunjalo, bonke abantu bayizidalwa ezikhululekile, ezingazikhethela ngokomuntu siqu. Ngenxa yalokho balawula ukuphila kwabo. Lokhu bekunjalo kusukela ezikhathini zasendulo futhi kungabonakala emazwini kaJoshuwa esizweni sakwa-Israyeli: “Khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza.”—Joshuwa 24:15.

IBhayibheli liyavuma ukuthi uSathane uDeveli ukhishiwe emazulwini futhi manje, kunanini ngaphambili, unethonya elibi elinamandla kulo lonke uhlanga lwesintu. Libuye lisitshele ukuthi ngisho nasezinsukwini zomphostoli uJohane, lonke izwe lalisemandleni omubi. (1 Johane 5:19; IsAmbulo 12:9, 12) Nokho, njengoba uNkulunkulu uMninimandla onke engalawuli zonke izenzo zethu noma asinqumele kusengaphambili isiphetho esaziwa nguye yedwa, akufanele sisole uSathane ngokuqondile ngawo wonke amaphutha ethu noma ukuhluleka. Iqiniso elingokomBhalo elilinganiselayo liwukuthi “yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa isifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesivundile, sizala isono.” (Jakobe 1:14, 15) Umphostoli uPawulu wabhala lamazwi aphefumulelwe: “Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa insini. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”—Galathiya 6:7.

Ngakho uJehova uNkulunkulu ulindele ukuba ngabanye silandise ngezenzo zethu. Kumelwe siqaphelisise singazami ukuzithethelela ngenxa yokwakheka kwezakhi zethu zofuzo nokungapheleli esakuzuza njengefa. UNkulunkulu wayelindele ukuba umphakathi onobudlova, wongqingili waseSodoma neGomora lasendulo ulandise ngezenzo zawo ezonakele. Ngokusobala, akazange abheke lezo zakhamuzi njengezidalwa ezilusizi, ezineshwa ezazizimbi ngenxa yephutha lezakhi zofuzo elicatshangelwayo. Ngokufanayo, abantu ababephila ezinsukwini zikaNowa babezungezwe amathonya amabi amaningi; nokho, kwakufanele bakhethe, benze isinqumo somuntu siqu, ukuze basinde kuZamcolo owawuzofika ngokushesha. Bambalwa abakhetha ngendlela efanele. Abaningi abazange.

Umprofethi ongumHeberu uHezekeli uyavuma ukuthi kudingeka ukuzilawula ukuze sithole umusa kaNkulunkulu: “Kepha wena, uma umxwayisa omubi, engaze ebuya ebubini bakhe nasendleleni yakhe embi, uyakufela ezonweni zakhe, kepha wena uwophulile umphefumulo wakho.”—Hezekeli 3:19.

Usizo Olungcono Kakhulu Esingaluthola

Yiqiniso, sonke sidinga usizo ukuze silawule ukuphila kwethu kwansuku zonke, futhi kwabaningi bethu, lokhu kuyinselele yangempela. Kodwa akufanele sidangale. Nakuba ukuthambekela kwethu kwesono esakuzuza njengefa kungamukeleki kuNkulunkulu, uma sifuna ukushintsha ukuziphatha kwethu, uyosinikeza usizo olungcono kakhulu esingaluthola—umoya wakhe ongcwele neqiniso eliphefumulelwe, uma sifuna ukulungisa ukuziphatha kwethu. Naphezu kwanoma ikuphi ukuthambekela kwezakhi zofuzo okungenzeka sinakho nanoma imaphi amathonya angaphandle angase asithinte, ‘singabuhlubula ubuntu obudala nemikhuba yabo, futhi sigqoke ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala.’—Kolose 3:9, 10.

AmaKristu amaningi ebandleni laseKorinte enza izinguquko ezinkulu ekuziphatheni kwawo. Umbhalo ophefumulelwe uyasitshela: “Izifebe, noma abakhonza izithombe, noma iziphingi, noma amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, noma amadoda alala namadoda, noma amasela, noma abantu abahahayo, noma izidakwa, noma izithuki, noma abaphangi ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu. Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka, kodwa seniye nangcweliswa, kodwa sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.”—1 Korinte 6:9-11.

Ngakho uma silwa nokungapheleli kwethu, masingakuvumeli kusinqobe. AmaKristu amaningi osuku lwanamuhla aye abonisa ukuthi ngosizo lukaJehova, akwazi ‘ukuguqulwa ngokushintsha ingqondo yawo nangokuzitholela ngokwawo intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.’ Ondla izingqondo zawo ngazo zonke izinto eziyiqiniso, ezilungileyo, ezimsulwa, ezithandekayo, ezinhle, ezidunyiswayo; futhi ‘ayaqhubeka ecabanga ngalezi zinto.’ Adla ukudla okungokomoya okuqinile futhi ngokukusebenzisa amandla awo okuqonda aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.—Roma 12:2; Filipi 4:8; Heberu 5:14.

Kuyakhuthaza ukwazi ngezinkathazo zawo, ukuhluleka kwawo kwesikhashana, nokuphumelela kwawo ekugcineni ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu. UNkulunkulu uyasiqinisekisa ukuthi ukushintsha ukuziphatha kwethu ngokuvamile kuhilela inhliziyo nesifiso sayo: “Ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube-mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine, ukuze wophulwe endleleni yobubi.”—IzAga 2:10-12.

Ngakho-ke, uma ufuna ukwenza ukuphila okumi phakade umgomo wakho—ukuphila okungenazo izinkathazo zezwe elibi futhi okungenakho ukungapheleli okuthena amandla—‘zikhandle’ ekulawuleni ukuphila kwakho manje futhi uqondiswe ukuhlakanipha kwasezulwini. (Luka 13:24) Zenze utholakalele usizo lomoya ongcwele kaJehova ukuze ube nesithelo sokuzithiba. Kwenze isifiso senhliziyo yakho ukuvumelanisa ukuphila kwakho nemithetho kaNkulunkulu, futhi ulalele lesi seluleko: “Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.” (IzAga 4:23) Ukubamba “ukuphila kwangempela” ezweni elisha likaNkulunkulu—lapho uJehova uNkulunkulu eyolungisa khona konke ukusilela kwezakhi zofuzo ngesisekelo sokholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu—kuyifanele yonke imizamo oyenzayo yokulawula ukuphila kwakho kulelizwe!—1 Thimothewu 6:19; Johane 3:16.

[Isithombe ekhasini 9]

Ukutadisha iBhayibheli kungasinikeza amandla okunqoba ubuthakakatha obujulile

[Isithombe ekhasini 9]

Ukufunda iBhayibheli kungasisiza ukuba sithembeke ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokuziphatha

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela