Indlela Ongakushintsha Ngayo Lokho Oyikho
YINI ebilokhu intuleka ezindleleni zokwakha nokushintsha ukuziphatha osekuxoxwe ngazo kakade? Izifiso zomuntu siqu nokusetshenziswa kokuzimisela kwakhe! Ukusetshenziswa kwenkululeko yakhe yokuzinqumela ngokuzikhethela kwakhe siqu enolwazi. Kafushane, ukuzithiba kwakhe kuyantuleka!
Abelaphi bokuziphatha baye bathola ukuthi banethuba elingcono lokuthola imiphumela ehlala njalo uma umuntu owelashwayo enezwi ekubekeni imigomo yakhe siqu yokuziphatha. UVance Packard encwadini yakhe ethi The People Shapers uyabhala: “Ngokusobala ngokwelulekwa okuncane, noma yimuphi umuntu ohlakaniphe ngokunengqondo manje angaba wumshintshi wokuziphatha kwakhe siqu.” Lokhu kubizwa ngokuthi ukuziqondisa. Ngamanye amazwi, lapho kusetshenziswa isilinganiso esithile sokuzithiba komuntu ngokwakhe, kuye kwaba khona intuthuko ephawulekayo.
AmaKristu ayasizakala lapho kudingeka ukuzithiba, ngoba aye afunda ukukusebenzisa njengesinye sezithelo eziyisishiyagalolunye zomoya ongcwele kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23) Lokhu kusho ukuthi amandla ayisiphekupheku kaNkulunkulu uMninimandla Onke angakubangela ukuba ushintshe ukuziphatha kwakho futhi akusize ukuba uphumelele.
Ngakho, yini ofuna ukuyenza ngokuziphatha kwakho? Ingabe uyakufuna ngempela ukushintsha? Uma kunjalo, kukuphi? Ushintshele kukuphi? Futhi kungani? Ingabe ungakwethemba ukulawula kwakho? Ungalutholaphi usizo olunikeza izinzuzo kuphela?
Ake sibheke ezinye zezindlela namasu okushintsha izindlela zokuziphatha.
Isinyathelo Sokuqala: Thola Lokho Oyikho Ngempela
Ungakwazi ukuziguqula ube yilokho ofuna ukuba yikho. Ubuwena obusha kumelwe bakhiwe ngokushintsha ubuwena obudala. Ngakho kumelwe uzazi kahle. Ingabe ungazichaza izici zokuziphatha kwakho ongathanda ukuzishintsha?
Njengoba kunzima ukubona ukuthi kunjani ukuziphatha kwakho siqu, udinga ukubheka indinganiso enokuhlonishwa nokwethenjelwa. Kulokhu kutuswa iBhayibheli Elingcwele. Sebenzisa iBhayibheli, futhi uyothola umbono ngawe okungenzeka awukaze uwubone ngaphambili. Kungenzeka ngisho nokuba ungakuthandi lokho elikubonisa khona, kodwa ungaqiniseka ngokuthi kuyoba umfanekiso oqondile.
IBhayibheli liye lafaniswa nesibuko, futhi abantu banxuswa ukuba bazibuke kulo. “Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani. Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba-ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.” (Jakobe 1:23-25) IBhayibheli, uma liqondwa kahle futhi lisetshenziswa kahle, linamandla okuhlaziya amakhulu najulile lawo angeke nje akubonise lokho oyikho njengomuntu kodwa futhi ayoveza ngisho nezisusa zakho nesimo sengqondo. Kanjalo, uPawulu wabhala: “Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika-nhlangothi zombili, . . . lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.” IZwi likaNkulunkulu lidlulela ngisho nangalé ngokunikeza isiqondiso ngokuphathelene nokuthi yini ngempela elungile nokuthi yini ngempela engalungile.—Heberu 4:12; 5:14.
IBhayibheli lingakwenzela konke lokhu ngenxa yokuthi liyiZwi likaJehova, uNkulunkulu weqiniso obona nokusithekile. NgokweHubo 139, uNkulunkulu uyakuhlola bese ehlaziya ngokuthe ngqo lokho oyikho. Njengoba ivesi lokuqala lisho: “Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.” UNkulunkulu ubelokhu ekuhlola kusukela unyoko akukhulelwa. Ukwazi ngaphakathi nangaphandle. Uye washo amazwi athile ngokuphila kwalo lonke uhlobo lwabantu abhalwe eBhayibhelini. Uyothola okuthile okufanelana nawe endaweni ethile emakhasini alo, kungaba okuhle noma okubi.
Khona-ke, ungakuthola lokho oyikho ngempela—uma ufuna.
Isinyathelo Sesibili: Nquma Lokho Ofuna Ukuba Yikho
Uma ufuna ukushintsha, qiniseka ngokuthi ushintsho luyoba olufanelekile. Qiniseka ngokuthi luyilokho okufunayo futhi kungcono kunalokho onakho njengamanje. Yimiphi imigomo yokuziphatha okuthuthukisiwe okumelwe uyibeke? Ungasitholaphi iseluleko esiqondile semikhuba efiselekayo yokuziphatha? Futhi, nakulokhu kutuswa iBhayibheli.
IBhayibheli likunxusa ukuba ushintshele kokungcono, wembathe “umuntu omusha.” UPawulu weluleka: “Nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso, nenziwe-basha emoyeni wengqondo yenu, nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.” (Efesu 4:22-24) IBhayibheli likubonisa lokho lemikhuba engcono eyikho. Ingabe uyalikhumbula izwe eliphelele elichazwe ekuqaleni? Uma ufuna ukuba yingxenye yalelozwe, kuyodingeka ukuba ubone isidingo sokuhlakulela izimfanelo ezichazwe kwabaseKolose 3:12-17, izimfanelo ezinjengobubele benhliziyo, umusa, ukuzithoba, ubumnene, ukubhekakade, ukuthethelela, uthando, ukuthula, nokubonga.
Ngakho ngemva kokuhlola iBhayibheli lakho, zibekele imigomo. Yibhale phansi. Nikeza umgomo ngamunye indawo yokuqala. Sebenzela kuwo!
Isinyathelo Sesithathu: Funa Izibonelo Ezifanele
Okuningi kokuziphatha kwakho kwakheka ngokwenza kwakho njengabanye—abangane, ojwayelene nabo, abazali, othisha besikole.
Khona-ke, kungani ngemva kokunquma imigomo yokuziphatha kwakho oyifisayo, ungabheki othile oziphatha ngendlela ofisa ukuyilingisa? Khona-ke funa usizo lwalowomuntu. Isaga seBhayibheli ngokuhlakanipha sithi: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha.”—IzAga 13:20.
IBhayibheli liqukethe ukulandisa kokuphila kwesibonelo sethu sonke esingcono kunazo zonke, uJesu Kristu ngokwakhe. Funda ngendlela aziphatha ngayo ngaphansi kwazo zonke izimo, ukuziphatha kwakhe, ukuqonda kwakhe nokuhlakanipha, isizotha sakhe, ukucabangela kwakhe nomusa oyingqayizivele kanye nokukhathalela abantu akanye nabo. Yeka indlela azwakala eqabula ngayo lapho ethi: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula”!—Mathewu 11:28-30.
Izigidi kuwo wonke amazwe kakade seziye zaphendukela kuKristu Jesu njengesibonelo sazo futhi zenza konke okusemandleni azo ukuze zilandele izinyathelo zakhe, njengoba nje naye, ayehamba endleleni ayeyifundiswe uYise, uJehova uNkulunkulu. Lezizigidi, nakuba ziye zazidelisa ngokuziphatha okubi kwezwe lilonke namuhla, ziye zaphendukela ebandleni loFakazi BakaJehova lendawo abakuyo ukuze zithole usizo nesiqondiso futhi azizange zidumale. EmaHholo azo oMbuso, kunezibonelo eziningi ezinhle ngokukhethekile ezifana noKristu, futhi kuye kwanikezwa usizo oluningi kulabo abafuna ukushintsha ukuziphatha kwabo siqu kube okuthile okungcono. Njengoba kungase kulindelwe, oFakazi banobuthakathaka sonke isintu esingaphelele esinabo; kodwa futhi banamandla angokomoya ashukumisa ingqondo.—Efesu 4:23.
Isinyathelo Sesine: Thola Amandla Owadingayo Ukuze Uphumelele
Kuyoba okududuzayo kulabo abafisa ukushintsha izindlela zabo ukwazi ukuthi usizo luyatholakala. “Umuntu omusha” uchazwa ‘njengowadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebunyeni.’ (Efesu 4:24) Lokhu kuqinisekisa ukuthi usizo olungaphezu kolomuntu luyatholakala kuNkulunkulu ngokwakhe kulabo abalufunayo. Ungaluthola kanjani usizo lukaJehova uNkulunkulu?
Olunye losizo olubaluleke kakhulu umthandazo wakho siqu. Umthandazo unikeza usizo olubalulekile ekuxhumaneni noMthombo wamandla owadingayo ukuze ushintshe izindlela zakho. Umthandazo ukuvumela ukuba ukhulume ngokukhululeka usho konke nganoma yisiphi isikhathi, ngisho naphakathi nosizi. Ukufinyelela okunjalo kuNkulunkulu wangempela nonakekelayo kudlula kakhulu ukufinyelela kunoma yiluphi usizo lomuntu futhi kusebenza ngokushesha. Kanjalo, umphostoli uJohane wayengabhala: “Yilesisibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Futhi amazwi omprofethi uIsaya ayasikhuthaza: “Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze. Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba-nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu.”—Isaya 55:6, 7.
Isifundo seBhayibheli futhi sinikeza amandla, sikunika ukuqabuleka, sikwenza ukuba nsuku zonke ukwazi ukuyibheka kabusha imigomo yakho. IBhayibheli linika ukuqina njengoba ulwela ukufinyelela umgomo owukhethile wokuziphatha. Ngaphezu kwalokho, lishukumisa umuzwa wokwenyanya izindlela zakho zakuqala. Ukungenisa nsuku zonke ulwazi lweBhayibheli nalokho elikuqukethe kuyosebenzela futhi ukuminyanisa noma yikuphi ukwaziswa okungeyikho okungase kungene kuvela kwezokuxhumana zezwe nasezimisweni zalo zemfundo.
Imihlangano yobuKristu eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova lasendaweni yakini, ayinikezi nje kuphela imfundo ngezindinganiso zeBhayibheli kodwa futhi inikeza nokusekela kweqembu nokukhuthazana ukuze kuthuthukiswe ukuziphatha. Lokhu kusekela okulungiselelwa ngebandla kuye kwasiza abaningi ukuba benze ushintsho lokuziphatha oluphumelelayo. Kungani ungaxoxi ngosizo olunjalo nomuntu othole kuye lomagazini?
Isinyathelo Sesihlanu: Melana Nokubuyela Ekuziphatheni Kwakudala
Abaningi baye bazama ukuthuthukisa izindlela zabo kodwa baye badunyazwa ukubuyela kuzo okungase kungagwemeki. Umphumela uye waba wukuthi abanye baphelelwa yithemba ngokuphelele. Abanjalo ngokuvamile bacabanga ukuthi uma lokho abebekubheka njengokuphela kwethemba abanalo manje kuye kwehluleka, alisekho nhlobo ithemba. Khona-ke bangase bazinikele emathonyeni ezwe. Ngokuvamile baba babi kunangaphambi kokuba bazame ukushintsha.
Hlala uziqinisekisa ngokwakho ngokuthi noma iyiphi inkambo engafiseleki yakuqala ikufanelekele ukubalekelwa. Umphostoli uPawulu wabhekisela ekuziphatheni kwakhe kwakuqala kanye nendlela yokuphila njengenqwaba yemfucumfucu, noma izibi. (Filipi 3:8) Ngakho uma wena, lapho wenza ushintsho, ukhutshwa isikhubekiso noma ukubuyela endleleni yakuqala, sukuma, futhi uqhubeke uye phambili. Qhubeka! Qhubeka ulwa! Kuyoba okuwufanele umzamo!
Khumbula, eziningi zezindlela zakho nezici nokuthambekela kwaphoqelelwa kuwe ngamandla angaphandle ngaphandle kokuzikhethela kwakho noma ukukulawula ngalesosikhathi. Lamandla asasebenza. Ingabe uzowavumela akulolonge ngendlela yawo? Cha? Khona-ke musa ukulahla ithemba!
Izigidi zabantu abavela emasikweni ahlukahlukene—ngisho nezaphulamthetho nabantu abahileleke kakhulu ekuziphatheni okubi—ziye zakushintsha ngokuphumelelayo ukuziphatha kwazo. Ziye zalondoloza izindinganiso zazo ezithuthukisiwe kuze kube namuhla, eziningi amashumi amaningi eminyaka, zinamathela ezindleleni zazo ezingcono ngobuqotho obuthandekayo bokuzithandela. Kodwa zibonga uNkulunkulu ngamandla nesikhuthazo sokukwenza. Njengoba umphostoli uPawulu asho: “Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.”—Filipi 4:13.
Ziyayinqoba impi yokwenza okulungile. Nawe ungalwenza ushintsho uma ukufuna ngempela, futhi ungajabulela ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu.—IHubo 37:29; 2 Petru 3:13.
[Isithombe ekhasini 7]
Isinyathelo Sokuqala: Thola lokho oyikho ngempela
[Isithombe ekhasini 8]
Isinyathelo Sesibili: Nquma lokho ofuna ukuba yikho
[Isithombe ekhasini 8]
Isinyathelo Sesithathu: Funa izibonelo ezifanele
[Isithombe ekhasini 9]
Isinyathelo Sesine: Thola amandla owadingayo ukuze uphumelele
[Isithombe ekhasini 9]
Isinyathelo Sesihlanu: Melana nokubuyela ekuzi-phatheni kwakudala
[Isithombe ekhasini 10]
Labo abashintshayo bangase bakwazi futhi ukudla ifa lomhlaba oshintshiwe