Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 9/22 k. 26-k. 27 isig. 9
  • I-tinnitus Ingabe Iwumsindo Ongawubekezelela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • I-tinnitus Ingabe Iwumsindo Ongawubekezelela?
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sibangelwa Yini Lesi Sifo?
  • Ilashwa Kanjani?
  • Ukubekezelela Lesi Sifo
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1992
  • Vikela Izindlebe Zakho!
    I-Phaphama!—2002
  • Umsindo—Lokho Ongakwenza Ngawo
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 9/22 k. 26-k. 27 isig. 9

I-tinnitus Ingabe Iwumsindo Ongawubekezelela?

UBEETHOVEN, umlobi waseJalimane uGoethe, nomqophi wemifanekiso ongumNtaliyane uMichelangelo—kungenzeka bonke sasibaphethe. AbaseGibithe lasendulo kungenzeka ukuthi nabo babesazi, ngokunokwenzeka bebhekisela kulesi sifo ngokuthi “indlebe eloyiwe.” Namuhla sibizwa ngokuthi i-tinnitus, futhi kulinganiselwa ukuthi amaphesenti angu-15 abantu baseNtshonalanga siwahlupha kaningi noma ngaso sonke isikhathi. Cishe abantu abahlanu kwabangu-1000 sibahlupha ngokungathi sína.

Siyini ngempela lesi sifo esicasulayo? Igama elithi “tinnitus” livela kwelesiLatini elithi tinnire, elisho “ukukhenceza,” futhi sichazwa ngokuthi “umsindo osezindlebeni ongabangelwa izinto ezingaphandle.” Ngokwe-Merck Manual of Diagnosis and Therapy, singase sibe “ukuchwaza, ukunkeneneza, ukuduma, noma ukuklabalasa noma singase sihilele imisindo eyinkimbinkimbi ehlukahlukayo ngokuhamba kwesikhathi. Singase sibe ngezikhawu, ngokuqhubekayo, noma ngamandla.” Izinga lalomsindo lingasuka kongazwakali kuye kovala izindlebe. Futhi umsindo abangeke bawuvale labo obahluphayo. Ngakho lomsindo ophikelelayo ungabangela imiphumela emibi eminingi: ukucindezeleka ngokomzwelo, izinkinga zokulala, izinhlungu, ubunzima bokugxilisa ingqondo, ukukhathala, izinkinga zokukhulumisana, nokucindezeleka.

Sibangelwa Yini Lesi Sifo?

Ngemva kokuqalwa i-tinnitus, umuntu emphethe angase azibuze ngokumangala ukuthi konakelephi. Angase abe nomuzwa wokuthi uye wopha ebuchosheni, uphazamisekile engqondweni, noma unesimila. Ngenhlanhla, akuvamile ukuba i-tinnitus ibangelwe isifo esingathi sína. Abanye baye baphathwa i-tinnitus ngemva kokulimala ekhanda. Futhi uProfesa Alf Axelsson, waseGöteborg, eSweden, umcwaningi futhi onguchwepheshe endabeni ye-tinnitus, watshela i-Phaphama!: “Ezinye izidakamizwa, njenge-aspirin uma isetshenziswe kakhulu, zingabangela i-tinnitus njengomphumela okwesikhashana.”

Nokho, ngokuvamile i-tinnitus ibangelwa ukuphazamiseka kwezindlebe. UProfesa Axelsson wachaza: “Ngokuvamile inkinga isengxenyeni yendlebe engaphakathi okuthiwa i-cochlea, enamangqamuzana amancane anemizwa yoboya angaba ngu-15 000. Uma amanye awo eye alimala, angathumela futhi amukele uxhaxha lwezimpawu zezinzwa olungafani. Umuntu onalenkinga lokhu ukuzwa njengomsindo.”

Yini ebangela ukulimala kwezindlebe okunjalo? NgokukaProfesa Axelsson, enye imbangela ye-tinnitus ukuchayeka emsindweni ovala izindlebe. Ngokwesibonelo, labo abafaka ama-headphone e-stereo ngokuvamile bazigwaza ngowabo ngokuvulela phezulu umculo wabo. I-tinnitus ingomunye wemiphumela engase ivele.

Yiqiniso, kuhle ukukhumbula amazwi ashiwo uRichard Hallam encwadini yakhe ethi Living With Tinnitus: “Umzimba awuyona indawo ethule cwaka ngakho izinga elithile le-‘tinnitus’ lifanelekile. Imisindo ibangelwa ukunyakaza kwemisipha, amathambo, igazi nomoya. . . . Kucatshangwa ukuthi ezimweni zansuku zonke, lemisindo isithibezwa imisindo enamandla yendawo ezungezile—imane nje ayizwakali.” Ukufunda lesi sihloko kungenzeka kuye kwakwenza wayiqaphela leyo misindo. Nokho, ayiyona inkinga kubantu abaningi.

Ilashwa Kanjani?

Kuthiwani uma sikuhlupha ngempela lesi sifo? Isinyathelo sokuqala okufanele usithathe siwukuba ubonane nodokotela wakho. Uyokusiza ukuba uthole ukuthi ikhona yini indlela yokwelapha ukuphazamiseka okubangela izimpawu onazo. Ngeshwa, ezimweni eziningi ayikho indlela yokwelapha lomsindo. Kodwa ziningi izinto ezingenziwa ukuze ukwazi ukuwubekezelela.

▪ Ukuhlinzwa: Incwajana ethi Tinnitus, enyatheliswa i-British Tinnitus Association, ithi: “Ngezinye izikhathi i-tinnitus ibangelwa ukuphazamiseka endlebeni ngaphakathi, futhi ngezinye izikhathi ibangelwa ukungasebenzi kahle kwemithambo yegazi noma kwemisipha esendlebeni noma eseduze kwayo. Kulezi zimo ezingavamile kunethuba lokuyiqeda ngokuphelele i-tinnitus ngokuhlinzwa.”

▪ Imithi Yokwelapha: Uma ophethwe yilesi sifo enenkinga yokulala noma ehlushwa ukukhathazeka, noma ukucindezeleka, udokotela angase atuse isidambisa-zinhlungu noma umuthi onqanda ukucindezeleka ukuze uqede lezi zimpawu.

▪ Izinsiza-kuzwa Nama-“masker”: Uma kunenkingana yokuzwa, insiza-kuzwa ingaba usizo kakhulu. Kukhona nomshini okuthiwa i-masker, onjengensiza-kuzwa. Wenza umsindo osithibeza imisindo ebangelwa i-tinnitus. Nokho, ngezinye izikhathi ukudlala nje umsakazo noma ukuvula isiphephetha-moya kungaba nomphumela ofanayo.

▪ Ezinye Izindlela Zokwelashwa: UProfesa Axelsson watshela i-Phaphama!: “Indlela yokwelapha ngomoya-mpilo ophakeme ingaba usizo kwezinye iziguli. Lokhu kuhilela ukufaka ophethwe yilesi sifo egunjini elinomfutho, lapho ethola khona umoya-mpilo ongaxutshwe nalutho. Lokhu kungase kuthuthukise ukululama kwendlebe ngaphakathi.” Futhi njengoba izimpawu ze-tinnitus ziba zimbi kakhulu kwezinye iziguli lapho zicindezelekile noma zikhathazekile, abanye odokotela baye batusa izindlela ezihlukahlukene zokwelapha ngokuphumula.a Nokho, ukufunda ukuphumula nokukugwema ngangokunokwenzeka ukucindezeleka ngokomzimba nangengqondo kungaba usizo.

Ukubekezelela Lesi Sifo

Okwamanje, alikho ikhambi langempela le-tinnitus elizotholakala ngokushesha. Ngakho i-tinnitus iwumsindo okungase kudingeke ufunde ukuwubekezelela. Incwadi ethi Living With Tinnitus ithi: “Mina nengisebenza nabo sesikholelwa ngokuqinile ukuthi ukusabela okufanele kuyi-tinnitus kuwukuyibekezelela kancane kancane.”

Yebo, ungayifundisa ingqondo yakho ukuba iwushaye indiva lomsindo, iwubheke njengento okungafanele iyinake. Ingabe uhlala endaweni enomsindo? Noma ingabe uvulela isiphephetha-moya? Ekuqaleni, leyo misindo kungenzeka yayikucasula, kodwa ngemva kwesikhathi wamane wangayishaya mkhuba. Eqinisweni, kungenzeka ukuthi uye wafunda ngisho nokulala kunaleyo misindo! Ngokufanayo, ungafunda ukungayinaki kakhulu i-tinnitus ekuphethe.

I-tinnitus ingesinye sezifo eziningi okudingeka zibekezelelwe kuze kufike izwe elisha likaNkulunkulu elizayo, lapho ‘abakhé khona bengeke basho ukuthi: Ngiyagula.’ (Isaya 33:24) Okwamanje, i-tinnitus ingaba inkinga ekhungathekisayo, kodwa akudingekile ukuba yonakalise noma ibuse ukuphila kwakho. Qiniseka ukuthi lona umsindo ongafunda ukuwubekezelela!

[Umbhalo waphansi]

a UmKristu uyofuna ukuqiniseka ukuthi indlela enjalo yokwelapha ayephuli izimiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, bheka izihloko ezikhuluma ngokuzivivinya wena siqu (autogenic training) kumagazini i-Phaphama! yesiNgisi ka-February 22, 1984.

[Isithombe ekhasini 26]

Ukuxilongwa udokotela oqeqeshiwe kungaba isinyathelo sokuqala sokufunda ukubekezelela i-“tinnitus”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela