Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukwethemba Ngangizizwa ngicindezelekile ngenxa yokukhohliswa abangane bami abathile nezihlobo. Ngaqala ukungabaza ukwethembeka kwabo bonke abangizungezile. Kodwa uchungechunge oluthi “Ubani Ongamethemba?” (February 8, 1996) lwanginikeza umbono olinganiselayo wokwethemba. Ngiyabonga ngokwaziswa okufike ngesikhathi kangaka.
E. I., Korea
Eminyakeni edlule, ngiye ngakhohliswa ubaba, owayengixhaphaza, abayeni bami ababili, nomfowethu ongumKristu. Ngafinyelela ezingeni lapho nganquma khona ukungathembi muntu. Ngazitshela ukuthi angibadingi abantu. Kodwa lesi sihloko sangisiza ukuba ngilinganisele. Nakuba kunzima kakhulu ukuba ngithembe othile, ngizoqhubeka ngizama. Manje sengizoqaphelisisa ukuthi ubani engimethembayo.
C. H., United States
IMatterhorn Ngafunda isihloko esithi “IMatterhorn Eyingqayizivele.” (February 8, 1996) Isithombe salentaba enhle sangikhanga ngempela! Lesi sihloko sangenza ngayazisa ngokwengeziwe indalo kaNkulunkulu.
J. W., United States
Ama-apula Ngibonga ngiyanconcoza ngesihloko esithi “I-apula Elilodwa Ngosuku Likwenza Ungamdingi Udokotela.” (February 8, 1996) Sangithakazelisa kakhulu, njengoba sinezihlahla zama-apula ezingaphezu kwekhulu epulazini lakithi elincane. Siyakujabulela ukuthena nokulungisa lezi zihlahla ukuze zithele kahle. Siyakwazisa ukunemba kwazo zonke izihloko zenu. Zinikeza ukwaziswa okuqabulayo nokunokwethenjelwa.
P. B., United States
Izenzo Eziphoqelelayo Ngiyabonga ngesihloko esihle kakhulu esithi “Izenzo Eziphoqelelayo—Ingabe Zibusa Ukuphila Kwakho?” (February 8, 1996) Ngineminyaka engu-20 kuphela, futhi ngihlushwa izenzo eziphoqelelayo. Ngiye ngacela uJehova kaningi ngomthandazo ukuba angithumelele ukwaziswa ngalokho okwenzeka kimi.
M. A. C., Spain
Ngaqala ukukhathazwa imicabango engahlosiwe, engenanhlonipho ngoNkulunkulu phakathi nesikhathi engaqala ngaso ukuphayona, ngikhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele. Ngangicabanga ukuthi ngangenze isono esingenakuthethelelwa, futhi izikhathi eziningi ngangikhala. Ngeke niyikholwe indlela engizizwa ngayo manje, njengoba imizwa yami isichazwe ngokubhalwe phansi. Ngangingacabangi ukuthi ukhona omunye umuntu okhathazwa yilokhu. Ngiyanibonga bafowethu ngokusisiza njalo.
C. B., Nigeria
Ngasifunda ngokuphindaphindiwe lesi sihloko, ngikhala. Sasichaza ngokuningiliziwe isimo engikuso! Ngangiye ngizibuze ukuthi ngiyahlanya yini noma amademoni abusa ingqondo yami. Kwangilethela impumuzo ukwazi ukuthi nabanye kubafowethu bahlushwa ukuphazamiseka okufanayo.
K. T., Japan
Ngangiphendukela kuJehova njalo ukuze ngithole usizo ngalenkinga. Kodwa nganquma ukuyeka ngoba nganginomuzwa wokuthi akusizi futhi akukho lutho olungangisiza. Manje sengiyaziqonda, futhi ngizizwa ngingcono. Angingabazi ukuthi lesi sihloko sabhalwa ngothando olukhulu. Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova uyasikhathalela ngempela.
J. F., Czech Republic
Sekuyiminyaka engu-7 ngihlushwa imidlinzo ecindezelayo. Iye yangenza ngakhathala futhi ngacindezeleka. Ngiye ngazizwa nginamahloni futhi nginecala kakhulu ukuba ngingaxoxa ngakho nothile. Ngangicabanga ukuthi ngisangene ngempela. Lapho ngifunda lesi sihloko, ngasala ngikhexe umlomo. Kwangimangalisa ukuthi kukhona othile owayebhekané nalokho okwakungihlupha! Ngahlengezela izinyembezi. Ngangingasengedwa. Ngangingenzanga isono esingenakuthethelelwa, futhi uJehova wayengangithukuthelele.
S. B., South Africa