Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 10/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • I-Robin Enobungane
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 10/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Amazwe Acebile Axhaphaza Ampofu Ngineminyaka engu-14 ubudala, futhi nginibonga kakhulu ngochungechunge oluthi “Ingabe Amazwe Acebile Ayohlala Exhaphaza Ampofu?” (November 22, 1995) Uthisha osifundisa isayensi yokwakheka komhlaba wasinikeza isabelo sokubhala ngesihloko esithi “Usizi.” Ngahlola emaphephandabeni nakomagazini kodwa angitholanga lutho olwalufaneleka ukuba ngilusebenzise. Khona-ke, lomagazini wafika ngaso kanye isikhathi engangiwudinga ngaso ukuze ube isisekelo sendaba yami. Ngathola amamaki aphakeme kunawo wonke ekilasini, futhi ngibonga kakhulu ngalezi zihloko.

A. O., Brazil

Izenzo Eziphoqelelayo Ngiyabonga ngesihloko esakhayo esithi “Izenzo Eziphoqelelayo—Ingabe Zibusa Ukuphila Kwakho?” (February 8, 1996) Ngihlushwa izenzo eziphoqelelayo, futhi kukhuthaza kakhulu ukwazi ukuthi akumina ngedwa. Ziye zangihlupha kakhulu kusukela ebuntwaneni. Kusukela ngaqala ukutadisha iBhayibheli, bengihlushwa umcabango wokuthi ngiye ngona umoya ongcwele. Kancane kancane ngiye ngakwazi ukulawula izinkinga zami. Yeka ukuthi kuhle kanjani ukwazi ukuthi uJehova uyaziqonda izinceku zakhe ezingaphelele!

A. B., Germany

Ngakwazisa kakhulu ukuthi uMdali wethu uyasiqonda lesi sifo nokuthi “mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi izinto zonke.” (1 Johane 3:20) Sizani niqhubeke ninyathelisa izihloko zalolu hlobo; ziyisikhuthazo kakhulu kithi.

W. E., Switzerland

Ngeke nikukholelwe ukuthi lesi sihloko sangiduduza kangakanani. Ngiye ngaba nemicabango emibi, ehlambalazayo, eye yangibangela ukucindezeleka futhi ngezinye izikhathi imicabango yokuzibulala. Kodwa manje kusengathi kususwe umthwalo omkhulu emahlombe ami, njengoba ngiqaphela ukuthi uJehova akangilahlile kodwa ungithanda ngokujulile.

I. B., France

Kusukela ngisemncane, ngangizigeza ngokuphindaphindiwe izandla zami. Ngihlola isitofu izikhathi ezintathu, ngisho noma kudingeka ngibuye phandle. Ngihlola ukuthi amabhodwe ngiwavalile yini, nokuthi ngiyivale ngcí yini yonke iminyango. Ngilala sengikhathele ngenxa yokulwa nezenzo eziphoqelelayo. Ngiyabonga ngesihloko senu.

M. P., Venezuela

Ama-robin Sangithokozisa isihloko esithi “I-robin Enobungane.” (February 8, 1996) Eminyakeni embalwa edlule, lapho ngimba umsele engadini, ngezwa iculo elimnandi le-robin eyayimi otshanini obuseduze ingibhekile. Ngesikhathi nje ngiqala ukulingisa iphimbo layo yabe isimi eduze kwami emseleni. Le-robin yayikujabulela ukucosha izinambuzane ezazivela enhlabathini engangiyimba ngefosholo. Sizani niqhubeke ninyathelisa izihloko ezikhuluma ngezilwane!

F. S., Germany

Izinguzunga Zeqhwa Ngiyabonga ngesihloko esithi “Izigodlo Ezikhazimulayo Zasolwandle.” (December 8, 1995) Ngokufunda nje lendaba nokuzibona ngeso lengqondo ngiphambi kwenye yalezo zinguzunga zeqhwa, ngahlatshwa umxhwele izinto ezimangalisayo uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, asenzele zona ukuze sijabule. Njengoba umhubi asho ngoJehova kumaHubo 104:24, “umhlaba ugcwele izidalwa [zakhe].”

A. I. B., Brazil

Indaba Yasesikoleni Isihloko sendaba ka-Eric yasesikoleni esithi “Uma Ngangingashintsha Umzuzwana Kusengaphambili” (February 22, 1996) sangihlaba umxhwele kakhulu. Sangishukumisela ukuba ngazise futhi ngibonge abazali bakhe. Kumelwe ukuba baye basebenzisa isikhathi esiningi namandla ekukhuliseni indodana enesibindi nothando oluphawuleka kangaka ngoJehova, nakuba isencane.

C. N., Italy

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela