Ekugcineni—Uhulumeni Oyoqeda Ubugebengu
IBHAYIBHELI labikezela ukuthi osukwini lwethu abantu babeyoba “abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle.” (2 Thimothewu 3:2, 3) Abantu abanjalo benza ubugebengu.
Njengoba ubugebengu benziwa abantu, lapho beshintsha beba ngcono, ubugebengu buyancipha. Kodwa akukaze kube lula ukuba abantu baguquke. Namuhla kunzima kunanini ngaphambili, ngoba kusukela ngo-1914, isikhathi esiqinisekiswa ukubalwa kwezikhathi kweBhayibheli, besilokhu siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso sezinto. Njengoba iBhayibheli labikezela, lenkathi iphawuleka ‘ngezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ Lezi zikhathi ezibucayi zibangelwa uSathane uDeveli, isigebengu esikhulu kunazo zonke, ‘onentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.’—2 Thimothewu 3:1; IsAmbulo 12:12.
Lokho kunikeza isizathu sokudlanga kobugebengu namuhla. USathane uyazi ukuthi yena nesimiso sakhe bazobhujiswa ngokushesha. Phakathi nesikhathi esifushane esisele, ufuna ngazo zonke izindlela ezikhona ukufaka kubantu izici ezimbi ezishiwo kweyesi-2 Thimothewu isahluko 3. Ngakho, ukuze uhulumeni uqede ubugebengu, kumelwe uqede ithonya likaSathane futhi usize abantu ukuba baguquke ukuze bangabe besenza ngendlela echazwe ngenhla. Kodwa ingabe ukhona uhulumeni ongenza lomsebenzi ongaphezu kwamandla omuntu?
Awukho uhulumeni wabantu ongakwenza lokhu. UJ. Vaskovich, uthisha wezomthetho e-Ukraine, usikisela ukuthi kunesidingo “senhlangano ebumbene enekhono, eyohlanganisa futhi ixhumanise imizamo yazo zonke izinhlangano zikahulumeni nezomphakathi.” Futhi uMongamel’uFidel Ramos wasePhilippines wathi emhlanganweni womhlaba wonke ngobugebengu: “Ngenxa yokuthi impucuko iye yawenza waba mncane umhlaba wethu, ubugebengu buye bakwazi ukudlulela kwamanye amazwe futhi sebuyinkinga yomhlaba wonke. Ngenxa yalokho, amakhambi nawo kufanele ahlanganise umhlaba wonke.”
“Inhlekelele Yomhlaba Wonke”
IZizwe Ezihlangene ziyinhlangano yomhlaba wonke (yamazwe ngamazwe). Kusukela ekubunjweni kwayo, iye yafuna ukulwa nobugebengu. Kodwa ayinawo amakhambi angcono kunawohulumeni bamazwe. Incwadi ethi The United Nations and Crime Prevention iyaphawula: “Ubugebengu bezwe ngalinye buye baba ngaphezu kokulawula kwamazwe amaningi futhi ubugebengu bomhlaba wonke buye badlondlobala baba ngalé kwamandla afinyelelwa umphakathi womhlaba wonke. . . . Ubugebengu bamaqembu ezigebengu ahleliwe buye banda ngamazinga ashaqisayo, baba nemiphumela engathi sína yobudlova, ukwesabisa nokonakala kwezikhulu zomphakathi. Ubuphekula buye babulala amashumi ezinkulungwane zezisulu ezingenacala. Ukushushumbisa izidakamizwa okubulalayo kuye kwaba inhlekelele yomhlaba wonke.”
UJames Madison, umongameli wesine wase-United States, wake wathi: “Ekubumbeni uhulumeni oqondiswa abantu obusa abantu, ubunzima obukhulu yilobu: kumelwe uqale wenze uhulumeni ukwazi ukulawula ababuswayo; bese uwuthwesa isibopho sokuzilawula wona ngokwawo.” (Qhathanisa nomShumayeli 8:9.) Ngakho ikhambi elifanele kungaba ukuthi ohulumeni ‘abaqondiswa abantu ababusa abantu’ bathathelwe isikhundla isimiso lapho kuyobusa khona uNkulunkulu. Kodwa ingabe ikhambi elinjalo lingatholakala?
Uhulumeni Oyoqeda Ubugebengu
AmaKristu eqiniso ayakukholelwa okushiwo iBhayibheli ngoMbuso kaNkulunkulu.a Unguhulumeni ongokoqobo. Nakuba loMbuso ungabonakali ngenxa yokuthi usezulwini, lokho okufezile emhlabeni kuyabonakala. (Mathewu 6:9, 10) Ubunjwa uKristu Jesu nabantu abangu-144 000 ‘abavela kuzo zonke izizwana nezilimi nabantu nezizwe . . . abazobusa njengamakhosi phezu komhlaba.’ Lohulumeni onamandla uyobusa phezu ‘kwesixuku esikhulu’ sezikhonzi, iBhayibheli elibikezela ukuthi naso “siphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi.” (IsAmbulo 5:9, 10; 7:9) Ngakho, kokubili ababusi nezikhonzi banezizinda zezizwe ngezizwe, abantu abanobunye ngempela abavela ezizweni zonke, abanokuvunyelwa kwaphezulu.
Njengoba bamukela ukubusa kukaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova baye bayinqoba ngezinga elikhulu inkinga yobugebengu phakathi kwabo. Kanjani? Ngokufunda ukwazisa ukuhlakanipha kwezimiso zeBhayibheli, ngokuzisebenzisa ekuphileni kwabo, nangokuvumela ukushukunyiswa amandla amakhulu kunawo wonke endaweni yonke, umoya kaNkulunkulu, nesithelo sawo—uthando. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kolose 3:14) Emazweni angaphezu kwangu-230, oFakazi BakaJehova basebenzisa lolu thando nobunye, bebonisa indlela uMbuso kaNkulunkulu kakade osuthatha ngayo izinyathelo zokuqeda ubugebengu.
Lokhu kungabonakala ngemiphumela yokuhlola kwango-1994 okwenziwa koFakazi BakaJehova baseJalimane abangu-145 958. Abaningi kubo bavuma ukuthi kwadingeka ukuba banqobe izenzo ezimbi kakhulu ukuze babe oFakazi. Bashukunyiselwa ukuba benze kanjalo ngokutadisha kwabo iBhayibheli. Ngokwesibonelo, abangu-30 060 banqoba ukuluthwa ugwayi noma izidakamizwa; abangu-1437 bayeka ukugembula; abangu-4362 balungisa ukuziphatha kobudlova noma kobugebengu; abangu-11 149 banqoba imikhuba enjengomhawu nenzondo; futhi abangu-12 820 baba nokuthula komkhaya emikhayeni eyayinokuphila okuphazamisekile.
Nakuba lemiphumela yokuhlola yayihilela oFakazi BakaJehova ezweni elilodwa kuphela, isimo sinjalo koFakazi emhlabeni wonke. Ngokwesibonelo, cabangela osemusha wase-Ukraine okuthiwa uYuri. Esikhathini aqala ngaso ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, wayengumkhuthuzi. Wayeke waya ngisho naseMoscow lapho ayazi khona ukuthi izixuku zaziyowenza ube lula “umsebenzi” wakhe.
Ngo-1993, uYuri wayeseMoscow futhi, phakathi kwezixuku zabantu. Kodwa akekho kubantu abangaphezu kuka-23 000 ababeseLocomotive Stadium ngoLwesihlanu, ngo-July 23, okwakufanele amesabe, ngoba manje wayesengomunye woFakazi BakaJehova. Empeleni, uYuri wayesesiteji ehlanganyela esimisweni esasinikezwa abantu ababeyizilaleli zezizwe ngezizwe. Njengoba eseguqukile, ulalela umyalo weBhayibheli othi: “Owebayo makangabe eseba.”—Efesu 4:28.
Abanye abaningi abanjengoYuri baye bayeka ukuphila kobugebengu ukuze bafanelekele ukuphila ezweni elisha lokulunga likaNkulunkulu. Lokhu kugcizelela ubuqiniso balokho uSir Peter Imbert, owayeyisikhulu samaphoyisa aseBrithani, akusho: “Ubugebengu bebungalawulwa ngokushesha ukuba wonke umuntu ubezimisele ukwenza umzamo.” Isimiso semfundo yeBhayibheli esinikezwa uhulumeni kaNkulunkulu sinikeza abantu abanhliziyo ziqotho isikhuthazo abasidingayo ‘ukuze benze umzamo.’
Izwe Elingenabo Ubugebengu
Ubugebengu banoma yiluphi uhlobo bubonisa ukuntula uthando ngabanye. AmaKristu alandela isibonelo sikaJesu, owathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke.” Futhi, “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”—Mathewu 22:37-39.
Okuwukuphela kukahulumeni ozinikele ekuqedeni ubugebengu ngokufundisa abantu ukuba balalele lemiyalo emibili uMbuso kaNkulunkulu. Namuhla, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezinhlanu bayazuza kulokhu kufundiswa. Bazimisele ukungavumeli imikhuba yobugebengu ukuba igxile ezinhliziyweni zabo, bazimisele ukwenza noma yimuphi umzamo womuntu siqu odingekayo ukuze babe nengxenye ezweni elingenabo ubugebengu. Lokho uNkulunkulu akufezile ekuphileni kwabo kumane kuyisandulela salokho ayokwenza ezweni lakhe elisha ngaphansi kokubusa kukahulumeni wakhe wasezulwini. Cabanga ngezwe elingenaso isidingo samaphoyisa, amajaji, abameli, noma amajele!
Ukufeza lokhu ngokwezinga lomhlaba wonke kuyohilela izinguquko ezinkulu kunazo zonke kuhulumeni emlandweni, eziyolethwa uNkulunkulu ngokwakhe. UDaniyeli 2:44 uthi: “Ezinsukwini zalawomakhosi [akhona namuhla] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso [wasezulwini] ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” Futhi uNkulunkulu uyochoboza uSathane, aqede ithonya lakhe elibi.—Roma 16:20.
Lapho ohulumeni babantu sebethathelwe isikhundla uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini, abantu ngeke baphinde babuse abanye. Amakhosi asezulwini—amakhosi aphakeme ngisho kunezingelosi—ayofundisa isintu ngezindlela zokulunga. Khona-ke, ngeke kusaba khona ukubulala, ukuhlasela ngesisi esinobuthi, noma amabhomu amaphekula! Ngeke kusaba khona emphakathini ukungabi nabulungisa okubangela ubugebengu! Ngeke kube khona abacebe ngokweqile nabampofu!
UProfesa S. A. Aluko, wase-Obafemi Awolowo University eNigeria, waphawula: “Abampofu abalali ebusuku ngoba balambile; abacebile abalali ebusuku ngoba abampofu baphapheme.” Kodwa ngokushesha wonke umuntu uyokwazi ukulala ngokuthokomala azi ukuthi uhulumeni—uhulumeni kaNkulunkulu—ekugcineni ubuqedile ubugebengu!
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole incazelo eningiliziwe yalokho uMbuso kaNkulunkulu oyikho nokuthi uyosizuzisa kanjani isintu esinokholo, siza ufunde incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 10]
Owayeyisela nesisulu sakhe, manje abanobunye njengabazalwane abangamaKristu