Intsha Iyabuza . . .
Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Kwenzeke Izinto Ezimbi?
ULIDIJA wayesemncane lapho kugqashuka impi ezweni lakubo—izwe elalaziwa ngokuthi iYugoslavia. Uyakhumbula: “Ngachitha izinsuku nobusuku obuningi endaweni emnyama. Ngangivame ukulingeka ukuba ngiphumele ngaphandle, ngisho noma kwakungase kusho ukubulawa! Ngaphambi kwempi, wawungantuli lutho, kodwa manje wawusujabulela nje ukuthi uyaphila.”
Ngokushesha ukucindezeleka nezinkathazo zempi kwaba nemiphumela engemihle ngokomoya kuLidija. Uthi: “Kwadlula amasonto amaningi singakwazi ukuya emsebenzini wokushumayela noma emihlanganweni. Ngangicabanga ukuthi ngempela uJehova wayengenandaba nathi. Ngangizibuza, ‘Kungani engasisizi manje?’”
Izimpi, ubugebengu, ubudlova, izifo, izinhlekelele, izingozi—izinto ezimbi njengalezi zingenzeka ngisho nakubantu abasebancane. Futhi lapho inhlekelele ikuthinta ngokuqondile, ngokuvamile ungase uzibuze, ‘Kungani uNkulunkulu evumela ukuba kwenzeke lezi zinto ezimbi?’
Abantu bakaNkulunkulu ezikhathini zasendulo babeyibuza imibuzo enjalo. Ngokwesibonelo, lapho umprofethi uHabakuki ebona isimo esinengekayo esasikhona phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, wabubula: “Ngiyakukuncenga kuze kube-nini, Jehova, ungezwa, ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na? Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na?” (Habakuki 1:2, 3) Enye intsha engamaKristu namuhla ibhekana nokucindezeleka okungokomzwelo okufanayo.
Cabangela indlela omunye umKristu osemusha azizwa ngayo ngemva kokushona kukayise ngokungalindelekile. Uthi: “Ngaphambana ikhanda, ngimemeza ngefasitela, ngithethisa uJehova uNkulunkulu. . . . Ngamsola ngakho konke. Kungenzeka kanjani lokhu? Ubaba wayengubaba omuhle futhi engumyeni onothando, kodwa manje kwenzeka lokhu—ingabe uJehova akanandaba?” Esimweni esinjengalesi, kumane kungokwemvelo ukudideka ngandlela-thile, ukuzwa ubuhlungu, noma ngisho nokuthukuthela. Khumbula, nomprofethi othembekile uHabakuki wayekhungathekile ngokuthi ububi babuvunyelwe ukuba bube khona. Noma kunjalo, uma umuntu eqhubeka efukamele imizwa yolaka, kunengozi. Angase ‘athukuthelele uJehova.’—IzAga 19:3.
Khona-ke, ungakugwema kanjani ukunqotshwa imizwa yentukuthelo nolaka? Okokuqala, kumelwe uqonde ukuthi ububi buvelaphi.
Izinto Ezimbi Aziveli KuNkulunkulu
IBhayibheli likwenza kucace ukuthi uNkulunkulu wayengahlosile ukuba sihlupheke ngalendlela. Wabeka umbhangqwana wokuqala ekhaya eliyipharadesi elalingenabo ubuhlungu nokuhlupheka. (Genesise 1:28) Ngokungangabazeki uyazi ukuthi izinto zonakala kanjani: Isidalwa somoya esingabonakali, esagcina saziwa ngokuthi uDeveli noSathane, sanxenxa u-Adamu no-Eva ukuba bangamlaleli uNkulunkulu. (Genesise, isahluko 3; IsAmbulo 12:9) Ngokwenza kanjalo, u-Adamu walahlela yonke inzalo yakhe esonweni nasemiphumeleni yaso ebhubhisayo.—Roma 5:12.
Ngokusobala, kwakungeyena uNkulunkulu owaletha ububi esintwini, kodwa umuntu ngokwakhe. (Duteronomi 32:5; UmShumayeli 7:29) Ngempela, zonke izinto ezimbi abantu ababhekana nazo namuhla—ukugula, ukufa, izimpi, ukungabi nabulungisa—zabangelwa isenzo sika-Adamu sokungalaleli ngamabomu. Ngaphezu kwalokho, sonke sibhekana nalokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘isikhathi nethuba.’ (UmShumayeli 9:11) Ababi nabalungile babhekana nezingozi nezinhlekelele ezingalindelekile.
Ukuvumela KukaNkulunkulu Ububi
Nakuba kududuza ukwazi ukuthi uNkulunkulu akawona umthombo wobubi, ungase uzibuze, ‘Kungani evumela ububi buqhubeke?’ Nalokhu kuhlobene nezimpikiswano ezaphakama e-Edene. UNkulunkulu watshela u-Adamu ukuthi uma engalaleli, wayezofa. (Genesise 2:17) Nokho, uDeveli watshela u-Eva ukuthi uma edla emthini onqatshelwe, wayengeke afe! (Genesise 3:1-5) Eqinisweni, uSathane wabiza uNkulunkulu ngokuthi umqambimanga. Ngaphezu kwalokho, uSathane wabonisa ukuthi umuntu wayeyozuza uma ezenzela izinqumo zakhe siqu futhi engatshelwa uNkulunkulu ukuthi enzeni!
UNkulunkulu wayengeke akushaye indiva lokhu kumangalelwa. Wake wambona umfundi ebekela igunya likathisha inselele? Uma uthisha emyeka, nabanye abafundi baqala ukweyisa. Ngokufanayo, kwakuyoba nesiyaluyalu endaweni yonke ukube uJehova akazange abhekane ngokuqondile nenselele kaSathane. UJehova wenza lokho ngokuvumela umuntu alandele indlela kaSathane yokwenza izinto. Ingabe umuntu ujabulela ukuzibusa okunjengokukaNkulunkulu uSathane akuthembisa? Cha. Ukubusa kukaSathane kuye kwaletha isiyaluyalu nosizi, kumbonisa engumqambimanga ononya!
Ingabe uNkulunkulu uyovumela ububi buqhubeke phakade? Cha. Ukuze axazulule izimpikiswano ezaphakanyiswa uSathane, maduzane uNkulunkulu uzoqeda bonke ububi. (IHubo 37:10) Kodwa okwamanje kufanele sibhekane kanjani nesimo?
Impikiswano Ekuhilelayo
Okokuqala, qaphela ukuthi uhilelekile kulempikiswano ephakathi kukaNkulunkulu noSathane! Kanjani? Cabangela incwadi yeBhayibheli ebizwa ngendoda elungile uJobe. Lapho uNkulunkulu ekhomba uJobe njengesibonelo somkhulekeli okholekile, uSathane wasabela ngokuthi: “Ingabe uJobe ubeyokukhulekela ukuba bekungamzuzisi ngalutho?” (Jobe 1:9, Today’s English Version) Ngempela, uSathane wathi uma ayengavunyelwa ukuba abacindezele, wayengasusa bonke abantu ekukhonzeni uNkulunkulu!—Jobe 2:4, 5.
Ngakho-ke, uSathane uye wanyundela bonke abantu abesaba uNkulunkulu. Uye wakunyundela. Nokho, izAga 27:11 zithi: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” Yebo, lapho ukhonza uNkulunkulu naphezu kobunzima obubuhlungu, empeleni ubonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga!
Kuyavunywa ukuthi lapho ubhekene nezinto ezimbi, akulula ukucabanga ngezimpikiswano ezihilelekile. UDiane, owayeneminyaka eyishumi kuphela lapho kushona unina, uthi: “Nganginovalo lokuthi ngizothuntubala noma ngibe nolaka ngenxa yokuvivinywa ekuphileni kwami.” Nokho, ukwazi ukuthi kungani uNkulunkulu evumele ububi kuye kwamsiza ukuba abe nombono ofanele ngezinkinga zakhe. Manje uthi: “Nakuba kunezinto okunzima ukubhekana nazo ekuphileni kwami, isandla sikaJehova siye sangisekela ngaso sonke isikhathi.”
UDiane usikhumbuza iqiniso elibaluleke kakhulu: UJehova akalindele ukuba sibhekane nalezi zingcindezi sisodwa. IHubo 55:22 liyasiqinisekisa: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.” UKotoyo osemusha wakuthola kuyiqiniso lokhu. Wabhekana nenhlekelele lapho kushona abazali bakhe ekuzamazameni komhlaba okwagadla eKobe, eJapane, ngo-1995. Ekhulumela yena nezingane zakubo ezincane, uthi: “Njengoba umama asifundisa ukuthembela kuJehova, singakhuthazela.”
Kuthiwani ngoLidija, intombazanyana okukhulunywe ngayo ekuqaleni? Ngokuhamba kwesikhathi, waqaphela ukuthi uJehova wayengamlahlile neze. Manje uthi: “UJehova wayesisekela njalo. Wayesihola futhi eqondisa izinyathelo zethu.”
UJehova—UNkulunkulu Onothando Okhathalelayo
Nawe ungathola usizo lukaNkulunkulu lapho wehlelwa izinto ezimbi. Ngani? Ngoba uJehova uyakukhathalela! Futhi nakuba evumela ukuba abantu abalungile behlelwe izinto ezimbi, unikeza nenduduzo yothando. (2 Korinte 1:3, 4) Enye indlela enza ngayo kanjalo kungebandla lobuKristu. Lapho, ungathola “abangane ababambelela kuneselamani,” abangakuqinisa lapho kugadla inhlekelele. (IzAga 18:24) UKotoyo uyakhumbula: “Kusukela osukwini lokuqala ngemva kokuzamazama komhlaba, saya endaweni abafowethu ababehlangene kuyo, futhi sathola isikhuthazo nezinto esizidingayo. Lokho kwangenza ngazizwa ngilondekile. Uma nje sisenoJehova nabafowethu, nginomuzwa wokuthi singakhuthazelela noma yini.”
Ngenxa yokuthi uJehova ukwazi ngokomuntu siqu, anganakekela nezidingo zakho lapho kwenzeka izinto ezimbi. UDaniel ucabanga indlela aye wabhekana ngayo nokulahlekelwa uyise, ethi: “UJehova uba ubaba kuwe, futhi inhlangano yakhe inezibonelo zamadoda angokomoya afanelwe ukulingiswa. Ngaso sonke isikhathi uJehova uphendula imibuzo enginayo ngokuvamile ebengingaxoxa ngayo nobaba.” UDiane naye uye wabona ukukhathalela kukaJehova kothando selokhu kwashona unina. Uthi: “Esebenzisa abantu abadala, abavuthiwe ngokomoya abaye banikeza isikhuthazo, isiqondiso, neseluleko, uye wangiqondisa futhi wangisiza ukuba ngibhekane nanoma ikuphi ukudangala.”
Yiqiniso, ukubhekana nezinto ezimbi akumnandi neze. Kodwa thola induduzo ngokwazi isizathu sokuba uNkulunkulu avumele izinto ezinjalo. Njalo zikhumbuze ukuthi maduzane uNkulunkulu uzoyixazulula lenkinga. Phela, yonke imikhondo yezinto ezimbi esiye sabhekana nazo iyosuswa ekugcineni! (Isaya 65:17; 1 Johane 3:8) Ngokusebenzisa wonke amalungiselelo uNkulunkulu awenzayo ukuze asisize sibhekane nesimo, ungafeza indima yakho ekuboniseni ukuthi uSathane ungumqambimanga. Ekugcineni, ‘uNkulunkulu uyosula zonke izinyembezi emehlweni akho.’—IsAmbulo 21:3, 4.
[Izithombe ekhasini 19]
Maduzane uJehova uzoqeda zonke izinto ezimbi