Obani Abahlala Endaweni Yomoya?
IZWE ‘seliyimakethe’ yezinkolelo ezingokwenkolo nezivumo zokholo. E-Afrika kuphela kunezinkulungwane zamaqembu angokwenkolo, ngalinye linemibono yalo ngalokho okwenzeka endaweni yomoya. Kodwa ukuze sithole ukwaziswa okucacile nokuyiqiniso, kudingeka sibheke eBhayibhelini. Liyayichaza imimoya—emihle nemibi—ehlala endaweni yomoya. Libonisa nokuthi obani esingacela futhi sithole kubo usizo nesivikelo.
UJehova, UNkulunkulu OnguMninimandla Onke
Inkolo engokwesiko e-Afrika ifundisa ukuthi uNkulunkulu umninimandla onke wengamele bonke okhokho nonkulunkulu. Incwadi ethi African Mythology ithi: “Akungabazeki ukuthi cishe bonke, abantu base-Afrika bakholelwa kuMuntu othile Ophakeme, umdali wazo zonke izinto.” Incwadi ethi African Religion in African Scholarship ithi: “Njengoba uNkulunkulu elawula indawo yonke, zonke ezinye izidalwa nawo wonke amandla akhona ngenxa yaKhe. Unalo lonke igunya namandla.”
IBhayibheli liyavuma ukuthi kunoMuntu oyedwa obusa konke endaweni yomoya. Limchaza ngokuthi “unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi-buso bamuntu, nongamukeli-mvuzo.”—Duteronomi 10:17.
Kuyo yonke i-Afrika kunamakhulukhulu amagama neziqu abizwa ngawo lowo ocatshangelwa njengophakeme. Nokho, lithini iZwi likaNkulunkulu ngegama laphezulu? Umhubi wabhala: “Nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Leli gama elingcwele livela izikhathi ezingu-7000 eBhayibhelini, nakuba abanye abahumushi beBhayibheli beye balikhipha bafaka iziqu ezinjengokuthi “Nkulunkulu” noma “Nkosi” esikhundleni salo.
Ngenxa yokuthi uJehova unawo wonke amandla, angasisiza. Uzichaza ngokuthi ‘unguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala.’—Eksodusi 34:6, 7; 1 Samuweli 2:6, 7.
Izingelosi, Izikhonzi ZikaNkulunkulu Ezinamandla
Ngaphambi kokuba uJehova adale abantu nomhlaba ngokwawo, wadala abantu bomoya ezulwini. IBhayibheli lithi lapho uNkulunkulu ‘esekela umhlaba wonke amadodana kaNkulunkulu [ayizingelosi] ajabula.’ (Jobe 38:4-7) Kunezigidigidi zezingelosi. Inceku kaJehova uDaniyeli yaloba ngombono wezinto zasezulwini eyabona kuwo ‘izinkulungwane zezinkulungwane zimkhonza [uNkulunkulu], nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zimi ngaphambi kwakhe.’—Daniyeli 7:10.
Umuntu wokuqala womoya uJehova amdala kwakuyilowo owaziwa ngokuthi uJesu Kristu. (Johane 17:5; Kolose 1:15) Ngaphambi kokuba aphile emhlabeni njengomuntu, uJesu wayephila ezulwini njengesidalwa somoya esinamandla. Ngemva kokufa kwakhe njengomuntu, uJesu wavuselwa ezulwini, lapho aqhubeka khona ephila njengesidalwa somoya esinamandla.—IzEnzo 2:32, 33.
UJesu unamandla amakhulu ezulwini. KuJude 9, uJesu owaziwa nangokuthi uMikayeli, ubizwa ngokuthi ‘ingelosi enkulu,’ okusho ukuthi uyingelosi eyinhloko, noma ephakeme. (1 Thesalonika 4:16) Unanegunya phezu komhlaba. UJehova umnikeze ‘ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bamkhonze.’ (Daniyeli 7:13, 14) Naphezu kwegunya lakhe elikhulu, uJesu uyazithoba kuYise, uJehova.—1 Korinte 11:3.
Nakuba izingelosi ezithembekile zikhonza uJehova, ziyazikhonza nezinceku zikaNkulunkulu emhlabeni. Umphostoli uPawulu wabhala: “[Izingelosi] aziyona yini zonke imimoya enikela inkonzo yasobala, ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso njengefa?” (Heberu 1:14) Zikhathalela ngokuyinhloko ukuba abantu bafunde iqiniso ngoJehova. Umphostoli uJohane wabona embonweni “ingelosi indiza emkhathini, futhi yayinezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu, ithi ngezwi elikhulu: ‘Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo.’”—IsAmbulo 14:6, 7.
USathane Namademoni, Izitha ZikaNkulunkulu Nomuntu
Kuyadabukisa ukuthi akuzona zonke izingelosi eziye zathembeka kuNkulunkulu. Ezinye zamhlubuka, zaba izitha zikaNkulunkulu nezesintu. Isihlubuki esikhulu uSathane uDeveli.
Nakuba abaningi namuhla bephika ukuthi uSathane ukhona, akekho ophikayo ukuthi ububi bukhona. Ukukholelwa ukuthi kunobubi kuyilapho ungakholelwa ukuthi kukhona okububangelayo kuholela ‘enkingeni engenakubalekelwa,’ kuphawula incwadi ethi The Death of Satan. “Sinomuzwa wokuthile isiko lethu elingenagama lokukuchaza.”
Ngokuphambene, iBhayibheli linalo lelo gama futhi lilichaza ngokucacile iqiniso ngomthombo wobubi. Lichaza ukuthi izidalwa eziyizingelosi uJehova azidala zazilungile zizinhle; akazange azidale izingelosi ezimbi. (Duteronomi 32:4; IHubo 5:4) Nokho, izingelosi, njengabantu, zanikezwa ikhono lokukhetha phakathi kokuhle nokubi. Enye yalamadodana omoya aphelele yaba nesifiso sobugovu sokuzithathela ukukhulekelwa okungokukaJehova. Ngaleyo ndlela yathola igama elithi Sathane, elisho “uMphikisi.” (Qhathanisa noJakobe 1:14, 15.) USathane akayena nje umphambi, njengoba ezinye izinkolo zase-Afrika zifundisa; engeyena “nomvikeli” ovikela labo abenza imihlatshelo kuye njalo. IBhayibheli limchaza ngokuthi ungumuntu okhohlakele nononya.
Ezinye izingelosi zahlanganyela noSathane ekuhlubukeni kuNkulunkulu. Lezi zingelosi ezingamademoni nazo ziyizitha zabantu emhlabeni. Nazo zinonya futhi zimbi. Ezikhathini ezidlule, zenza abanye abantu baba izimungulu nezimpumputhe. (Mathewu 9:32, 33; 12:22) Abanye, kuhlanganise nezingane, zabahlupha ngokugula noma ngokusangana. (Mathewu 17:15, 18; Marku 5:2-5) Ngokusobala, akekho umuntu onengqondo ongathanda ukuba nanoma ikuphi ukuxhumana noSathane noma lawo mademoni.
Bakuphi Okhokho?
Izigidi zabantu e-Afrika nakwezinye izindawo zikholelwa ukuthi ukufa akukunqamuli ukuphila kodwa kumane nje kuwukushintshela kwesinye isimo, indlela yokudlulela ekuphileni endaweni yomoya, indawo yonkulunkulu nokhokho. Isazi uJohn Mbiti, uchwepheshe kwezezinkolo zase-Afrika, ubhala mayelana nokukholelwa kokhokho, ababiza ngokuthi “abaphila befile”: “Lena ‘imimoya’ abantu base-Afrika abayikhathalela kakhulu . . . Iyakwazi futhi inesithakazelo kulokho okuqhubeka emkhayeni [emhlabeni]. . . . Iyizingqapheli zezindaba zomkhaya, amasiko, izimiso zokuhle nokubi nokunye okwenziwayo. Ukwephula lezi zimiso kuwukona kobaba mkhulu, abathi bekuleso simo, basebenze njengamaphoyisa angabonakali emikhaya nemiphakathi. Ngenxa yokuthi ‘basengabantu,’ laba abaphila befile bayiqembu elikahle kakhulu elingabaxhumanisi phakathi kwabantu noNkulunkulu: bayazazi izidingo zabantu, ‘akukudala’ behlukene nabantu, ngesikhathi esifanayo bayakwazi ngokuphelele ukufinyelela izindlela zokukhulumisana noNkulunkulu.”
Lithini kodwa iBhayibheli ngesimo sabafileyo? Libonisa ukuthi ayikho into okuthiwa “ukuphila ufile.” Abantu bayaphila noma bafe—ngeke bakwenze kokubili. IZwi likaNkulunkulu lifundisa ukuthi abafileyo abakwazi ukuzwa, ukubona, ukukhuluma noma ukucabanga. Abantu abafileyo abakwazi ukuba amaphoyisa abaphilayo. IBhayibheli lithi: “Abafileyo abazi-lutho . . . Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile . . . akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo [ithuna], lapho uya khona.” (UmShumayeli 9:5, 6, 10) ‘Umuntu ubuyela emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.’—IHubo 146:4.
Ukubuyela Othulini
Uma ukuthola kunzima ukukwamukela lokhu, cabangela lokho okwenzeka kumuntu wokuqala, u-Adamu. UJehova wenza u-Adamu “ngothuli lomhlabathi.” (Genesise 2:7, NW) Lapho u-Adamu engawulaleli umyalo kaJehova, isijeziso saba ukufa. UNkulunkulu wathi kuye: “Ubuyele emhlabathini‚ ngoba wathathwa kuwo. Ngoba uluthuli wena futhi uzobuyela othulini.”—Genesise 3:19, NW.
Ngaphambi kokuba uJehova adale u-Adamu ngothuli, u-Adamu wayengekho. Ngakho lapho ‘ebuyela emhlabathini,’ waphinde wangaphila, njengothuli. Akazange adlulele endaweni yomoya yokhokho. Akazange aye ezulwini noma esihogweni. Lapho efa, kwaba ukuphela kwakhe.
Ingabe kwenzeka okufanayo kwabanye abantu lapho befa? Yebo, kunjalo. IBhayibheli lithi: “Konke [kokubili abantu nezilwane] kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.” (UmShumayeli 3:20) IBhayibheli lithembisa ukuthi abantu abafile uNkulunkulu uyobavusela ekuphileni emhlabeni oyipharadesi, kodwa leso sikhathi siseza. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Okwamanje, akufanele sesabe abafileyo noma sibenzele imihlatshelo, ngoba ngeke basisize noma basilimaze.
USathane namademoni akhe bafuna ukudukisa abantu ngokuphathelene nesimo sokhokho babo abafile, ngakho basakaza amanga okuthi bayaqhubeka bephila ngemva kokufa. Enye indlela abakwenza ngayo lokhu izinganekwane ezingamanga. (1 Thimothewu 4:1) Basebenzisa nemibono, amaphupho, nabasebenzelana nemimoya ukuze bakhohlise abantu ukuba bacabange ukuthi baye bakhuluma nabafileyo. Kodwa basuke bengakhulumi nabafileyo. Kunalokho, amademoni azenza abantu abafile. Yingakho uJehova ebalahla ngokuqinile labo abafuna ulwazi kwabafileyo, kungaba ngokuqondile noma ngokungaqondile, ngezinye izindlela ezinjengokubhula.—Duteronomi 18:10-12.
[Isithombe ekhasini 6]
Ngemibono, amaphupho, nangabasebenzelana nemimoya, amademoni akhohlisa abantu futhi abesabise
[Izithombe ekhasini 7]
Ukuze adukise abantu, amademoni azenza labo abaye bafa