INgxenye 3
Obani Abahlala Endaweni Yomoya?
1. Izinkolo zendabuko ziye zafaniswa kanjani nombhoshongo ocijile?
IZINKOLELO zezinkolo zendabuko zase-Afrika ziye zafaniswa nombhoshongo ocijile. Phezulu kukhona uNkulunkulu, onamandla omoya aphakeme kunawo wonke. Emaceleni kukhona onkulunkulu abancane, noma imimoya, eyizinceku zikaNkulunkulu. Eceleni kwabo kukhona amadlozi, abheka imindeni yawo esemhlabeni futhi ayinakekele. Ekugcineni kukhona amandla omoya amancane: umlingo, ukubhula nobuthakathi.
2. Esinye isaga sase-Afrika sikubonisa kanjani ukuthi izinkolelo zendabuko ziyayithonya inkolo?
2 Lezi zinkolelo zendabuko ziye zazithonya kakhulu ezinye izinkolo e-Afrika. Esinye isaga sase-Afrika sikubeka kanje: “UkuKholwa (kobuKristu noma kobuSulumane) akusenzi siyeke ukukhulekela onkulunkulu bakithi.”
3. Singalitholaphi iqiniso ngalabo abahlala endaweni yomoya?
3 Ziyiqiniso kangakanani izinkolelo zendabuko zase-Afrika? IBhayibheli lisitshela iqiniso ngalabo abahlala endaweni yomoya.
UJehova, UNkulunkulu Weqiniso
4. Zivumelana ngani izinkolo ezinkulu zase-Afrika?
4 Izinkolo ezinkulu ezintathu zase-Afrika ziyavuma ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi uphakeme. IBhayibheli limchaza ngokuthi “unguNkulunkulu wonkulunkulu neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo.” (Duteronomi 10:17) AmaSulumane nawo akholelwa kuNkulunkulu oyedwa ophakeme. Ngokuqondene nezinkolo zendabuko zase-Afrika, uProfesa Geoffrey Parrinder uthi: “Abantu abaningi abaNsundu bebelokhu bekholelwa kuNkulunkulu ophakeme, uyise wonkulunkulu nabantu, umdali wendawo yonke.”
5. Yimaphi amanye amagama okubizwa ngawo uNkulunkulu?
5 Nokho, phezu kokuba yande kangaka inkolelo ngoNkulunkulu, abantu abaningi abanawo umbono ocacile ngokuthi uNkulunkulu ungubani. Isinyathelo sokuqala sokwazi umuntu siwukwazi igama lakhe. Izinkolo zididekile ngokuqondene negama likaNkulunkulu. KweLobukholwa, uvame ukubizwa ngokuthi uNkulunkulu, isiqu esisho ukuthi “Onamandla.” AmaSulumane athi u-Allah. Kulabo abasenkolweni yendabuko, igama okubizwa ngalo oPhakeme liyashintshashintsha kuye ngolimi. Encwadini yakhe ethi Concepts of God in Africa, uJohn S. Mbiti ubala amagama neziqu ezingaphezu kuka-500 okubizwa ngazo uNkulunkulu e-Afrika. Ngokwesibonelo, ngesiYoruba (eNigeria), uNkulunkulu ubizwa ngokuthi u-Olodumare; amaKikuyu (eKenya), athi uNgai; amaZulu (eNingizimu Afrika), athi uNkulunkulu (noma uMvelinqangi).
6, 7. Ubani igama likaNkulunkulu, futhi sazi kanjani?
6 Yena uNkulunkulu uthini ngegama lakhe? Ngenkathi uNkulunkulu eyala uMose ukuba ahole ama-Israyeli aphume eGibhithe, uMose wabuza: “Ake ngithi sengifikile kubantwana bakwa-Israyeli futhi ngathi kubo, ‘UNkulunkulu wokhokho benu ungithumé kini,’ bona bathi kimi, ‘Ngubani igama lakhe?’ Ngizothini kubo?”—Eksodusi 3:13.
7 UNkulunkulu waphendula: “Yilokhu okumelwe ukusho kubantwana bakwa-Israyeli, ‘UJehova uNkulunkulu wokhokho benu . . . ungithumé kini.’ Yileli igama lami kuze kube nini nanini, futhi lesi yisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.” (Eksodusi 3:15) Leli gama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaphezu kwezingu-7 000 eBhayibhelini, nakuba abanye abahumushi beBhayibheli beye bafaka iziqu ezithi “Nkulunkulu” noma “Nkosi” esikhundleni salo.
8. Unjani uJehova, futhi yini okumelwe siyenze uma sifuna asamukele?
8 Unjani ngempela uJehova? Ungumoya, ungumninimandla onke, uyakhazimula. Uphakeme, akanakuqhathaniswa namuntu, akalingani namuntu. (Duteronomi 6:4; Isaya 44:6) UJehova wathi kuMose: “Mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu ofuna ukuzinikela kimi kuphela.” Ngamanye amazwi, ukuze uJehova asamukele kumelwe sikhulekele yena yedwa. Akafuni sikhulekele noma yini enye nanoma ubani omunye.—Eksodusi 20:3-5.
UJesu Kristu, INkosi YoMbuso KaNkulunkulu
9. Kungani sithi uJesu akalingani noJehova?
9 Namuhla abaningi badidekile ngokuthi ungubani uJesu. Abaningi kweLobukholwa bakholelwa ukuthi uJesu uyingxenye kaZiqu-zintathu “Ongcwele.” Kodwa iBhayibheli alifundisi ukuthi uNkulunkulu ungabantu abathathu koyedwa. Futhi alifundisi ukuthi uJesu ulingana noJehova. UJesu ngokwakhe wathi: “UBaba mkhulu kunami.”—Johane 14:28.
10. Wayekuphi uJesu ngaphambi kokuba eze emhlabeni?
10 IBhayibheli lifundisa ukuthi ngaphambi kokuba uJesu aphile njengomuntu emhlabeni, wayephila ezulwini njengesidalwa somoya esinamandla. Njengoba nje uJehova adala u-Adamu no-Eva emhlabeni, wadala nabantu bomoya ezulwini. UJesu ungumuntu womoya wokuqala owadalwa uJehova.—Johane 17:5; Kolose 1:15.
11. Kwenzeka kanjani ukuba uJesu azalwe njengomuntu?
11 Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule uJehova wadlulisela ukuphila kwalesi sidalwa somoya esibelethweni sentombi uMariya. Ingelosi uGabriyeli yathi kuye: “Uzokhulelwa, ubelethe indodana, kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu. Futhi iyobusa njengenkosi . . . , nombuso wayo ngeke uphele.”—Luka 1:31, 33.a
12. Yisiphi isizathu sokuqala sokuba uJesu eze emhlabeni?
12 Ngakho uJesu wazalwa, wakhula waba indoda futhi wafundisa abantu intando nenjongo kaJehova. Wathi kumbusi waseRoma: ‘Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele [lesi sizathu] ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.’ (Johane 18:37) Ngokucabangela lokho uJesu akufundisa, singalithola iqiniso ngentando nangenjongo kaNkulunkulu. Singathola ukuthi singakuzuza kanjani ukwamukelwa uNkulunkulu.
13. Yisiphi isizathu sesibili sokuba uJesu eze emhlabeni?
13 Isizathu sesibili sokuba uJesu eze emhlabeni sasiwukuba anikele ukuphila kwakhe njengomuntu kube isihlengo sesintu. (Mathewu 20:28) Wenza lokhu ukuze sikhululeke esonweni esasizuza ngefa kukhokho wethu u-Adamu. Lokhu kwakuzokwenza ukuba sikwazi ukuphila phakade. Umphostoli uJohane wabhala: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.
14. (a) Kwenzekani kuJesu ngemva kokufa kwakhe njengomuntu? (b) UJesu unasiphi isikhundla ezulwini manje?
14 Ngemva kokufa kwakhe njengomuntu, uJesu wavuselwa ezulwini lapho aphinde aqala khona ukuphila njengesidalwa somoya esinamandla. (IzEnzo 2:32, 33) Kamuva, uJehova wamnika “ububusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze.” (Daniyeli 7:13, 14) UJesu usenziwe iNkosi enamandla; uyiNkosi kahulumeni osezulwini kaJehova. Maduze nje uzobonisa amandla akhe emhlabeni wonke.
Izingelosi, Izikhonzi ZikaNkulunkulu
15. Izingelosi zadalwa nini futhi kuphi?
15 UJehova noJesu akubona bodwa abahlala endaweni yomoya. UJehova wadala nezinye izidalwa zomoya, izingelosi. UGabriyeli owakhuluma noMariya ungomunye wazo. Izingelosi azizange ziqale ziphile njengabantu emhlabeni. Zadalelwa ezulwini kusasele isikhathi eside kudalwe abantu emhlabeni. (Jobe 38:4-7) Kunezigidi zezingelosi.—Daniyeli 7:10.
16. Kungani kungafanele abantu bakhulekele izingelosi?
16 Izingelosi ezithembekile azifuni sizikhulekele. Lapho umphostoli uJohane ezama kuze kube kabili ukukhulekela izingelosi, zamkhuza, zathi: “Qaphela! Ungakwenzi lokho! . . . Khulekela uNkulunkulu.”—IsAmbulo 19:10; 22:8, 9.
17. Yini ebonisa ukuthi izingelosi ziyakwazi ukuvikela izinceku zikaNkulunkulu, futhi kungani kududuza lokhu?
17 Izingelosi azisezi kubantu bakaNkulunkulu emhlabeni, njengoba zenza ngenkathi zikhulula abaphostoli bakaJesu etilongweni. (IzEnzo 5:18, 19) Noma zingasezi, uma uJehova simkhulekela ngokuvumelana neZwi lakhe, iBhayibheli, singaqiniseka ukuthi amabutho kaNkulunkulu ayizingelosi ezinamandla ezingabonakali ayosivikela. IBhayibheli lithi: “Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo, futhi iyabophula.” (IHubo 34:7; 91:11) Kungani kufanele kusiduduze lokhu? Ngoba endaweni yomoya kunezitha eziyingozi ezifuna ukusilimaza!
USathane, Isitha SikaNkulunkulu
18. (a) Kungani ingelosi ethile yahlubuka uNkulunkulu? (b) Yaqanjwa maphi amagama le ngelosi eyisihlubuki?
18 Akuzona zonke izingelosi zikaNkulunkulu ezahlala zithembekile kuye. Ezinye zamhlubuka. Zazenza zona ngokwazo izitha zikaNkulunkulu nezabantu emhlabeni. Kwenzeka kanjani lokhu? Zonke izidalwa eziyizingelosi uJehova azidala zazilungile futhi zizinhle. Kodwa eyodwa kula madodana omoya aphelele yafuna ukukhulekelwa abantu futhi yenza ngokuvumelana nalesi sifiso esibi. Leso sidalwa somoya saqanjwa ngokuthi uSathane, okusho ukuthi “uMphikisi [kaNkulunkulu].” Ubizwa nangokuthi uDeveli, okusho ukuthi “uMnyundeli,” ngoba uqambela uJehova amanga aluhlaza cwé.
19. Kungani uSathane ahlupha uJobe, futhi wamhlupha kanjani?
19 USathane ucindezela abantu ukuba bahlanganyele naye ekuhlubukeni uNkulunkulu. Cabanga ngalokho akwenza encekwini kaNkulunkulu ethembekile uJobe. UJobe wayeyisigwili. Wayenezimvu ezingu-7 000, amakamela angu-3 000, izinkomazi nezinkunzi ezingu-1 000, kanye nezimbongolokazi ezingu-500. Wayenezingane eziyishumi nenqwaba yezinceku. Okokuqala, uSathane wabulala imfuyo kaJobe nezinceku zakhe. Wabe esebangela “umoya omkhulu” ukuba ubhidlize indlu, zafa zonke izingane zikaJobe. Kamuva, uSathane wahlupha uJobe “ngamathumba abulalayo kusukela ematheni onyawo kwaze kwaba sokhakhayini.”—Jobe 1:3-19; 2:7.
20. (a) Wavuzwa kanjani uJobe ngokwethembeka kwakhe? (b) Nakuba uJobe athembeka kuNkulunkulu, uSathane wenzeni kwabanye abantu abaningi?
20 Naphezu kwalolu vivinyo olubuhlungu, uJobe wahlala ethembekile kuNkulunkulu. Ngakho uJehova wamphulukisa, “waqala ukwenezela kukho konke okwakungokukaJobe, ngokuphindwe kabili.” (Jobe 42:10) USathane wahluleka ukuphula ubuqotho bukaJobe, kodwa uphumelele ekuhlubuleni abanye abantu abaningi kuNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19.
21. (a) USathane wasibonisa kanjani isifiso sakhe sokukhulekelwa? (b) Kungani uJesu enqaba ukukhulekela uSathane?
21 USathane ufuna simkhulekele. Wakwenza kwacaca lokhu lapho elinga uJesu eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule. IBhayibheli liyalandisa: “UDeveli . . . wamthatha [uJesu] waya naye entabeni ephakeme ngokungajwayelekile, wambonisa yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo, wathi kuye: ‘Zonke lezi zinto ngizokunika zona uma uwa phansi wenze isenzo sokukhuleka kimi.’” UJesu wenqaba, wathi: “Hamba, Sathane! Ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’” (Mathewu 4:8-10) UJesu wayewazi kahle umthetho kaJehova, akakwenzanga lokho uSathane ayekufuna.
Amademoni, Imimoya Emibi
22. Amademoni abenzeni abantu?
22 Nezinye izingelosi zahlanganyela noSathane ekuhlubukeni kuNkulunkulu. Lezi zingelosi ezingamademoni ziyizitha zabantu emhlabeni. Zinonya nesihluku. Esikhathini esidlule zenza abantu abathile baba izimungulu nezimpumputhe. (Mathewu 9:32, 33; 12:22) Abanye zabagulisa noma zabahlanyisa. (Mathewu 17:15, 18; Marku 5:2-5) Zazihlupha ngisho nezingane.—Luka 9:42.
23. (a) Imimoya emibi ifunani kubantu? (b) USathane namademoni baye babenzisani abantu ngobuqili?
23 NjengoSathane, le mimoya emibi ifuna ukukhulekelwa. Esikhundleni sokuba yenqabe ukukhulekelwa abantu—iqaphele ukuthi nguJehova kuphela ofanelwe ukukhulekelwa—iyakuhahela, iyakufuna, futhi iyakukhuthaza. USathane namademoni baye benza abantu babakhulekela besebenzisa ubuqili, amanga nokubesabisa. Ababaningi-ke kodwa abantu abaziyo ukuthi bakhulekela uSathane namademoni akhe. Abantu abaningi bangashaqeka uma bezwa ukuthi inkolo yabo idumisa uSathane. Nokho, iBhayibheli liyaxwayisa: “Izinto izizwe ezizenza umhlatshelo zizihlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu.”—1 Korinte 10:20.
24. Yiliphi iqhinga uSathane alisebenzisela ukudukisa abantu?
24 Enye indlela uSathane namademoni akhe abadukisa ngayo abantu ukuba babakhulekele iwukusakaza imibono engamanga ngabafileyo. Ake sibone ukuthi iBhayibheli lifundisani ngalokhu.
[Umbhalo waphansi]
a IKoran ibhekisela ekuzalweni kukaJesu ngokuyisimangaliso kuyiSurah 19 (uMariya). Ithi: “Sathumela umoya Wethu [kuMariya] usesimweni somuntu omdala. Futhi lapho ewubona wathi: ‘Kwangathi Onesihe angangivikela kuwe! Uma uyesaba iNkosi, ngiyeke uhambe.’ ‘Ngiyisithunywa seNkosi yakho,’ kuphendula umoya, ‘futhi ngizele ukuzokunika indodana engcwele.’ ‘Ngingayithola kanjani ingane,’ ephendula, ‘ngoba ngiyintombi, angikaze ngithintwe yindoda?’ ‘Yileyo intando yeNkosi yakho,’ uphendula. ‘Akunzima lokho kuYo. INkosi ithi: “Iyoba isibonakaliso kubantu nesibusiso esivela Kithi. Yilowo umyalo Wethu.”’”
[Isithombe ekhasini 10]
Izingelosi ezithembekile ziyenqaba ukukhulekelwa