Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 12/8 k. 3-k. 4
  • Isifo Senhliziyo—Usongo Ekuphileni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isifo Senhliziyo—Usongo Ekuphileni
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimangaliso Zesimiso Sokujikeleza Kwegazi
    I-Phaphama!—2001
  • Ingancishiswa Kanjani Ingozi?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukuqaphela Nokwenza Okuthile Ngezimpawu
    I-Phaphama!—1996
  • Ungakugwema Ukumelwa Yinhliziyo Ngokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 12/8 k. 3-k. 4

Isifo Senhliziyo—Usongo Ekuphileni

UNYAKA ngamunye amadoda nabesifazane abayizigidi emhlabeni wonke bahlaselwa isifo senhliziyo. Abaningi bayasinda futhi kungabi nemiphumela emibi kamuva. Abanye abasindi. Kwabanye inhliziyo ilimala kangangokuba “bangase bangaphinde bakwazi ukwenza imisebenzi ewusizo,” kusho isazi sezifo zenhliziyo uPeter Cohn, sinezela: “Ngakho-ke, kubalulekile ukunqanda isifo senhliziyo ngokushesha uma kungenzeka.”

Inhliziyo iyisitho esimpompa igazi emzimbeni. Lapho umuntu ehlaselwa isifo senhliziyo (myocardial infarction), ingxenye yenhliziyo iyafa lapho ingalitholi igazi. Ukuze ihlale iphilile, inhliziyo idinga umoya-mpilo nezinye izakhi ezisegazini. Lezi izithola ngemithambo yenhliziyo, ezungeze inhliziyo.

Izifo zingahlasela noma iyiphi ingxenye yenhliziyo. Nokho, isifo esivame kakhulu isifo esicashile semithambo yenhliziyo okuthiwa i-atherosclerosis. Lapho lokhu kwenzeka, kuba nongqimba lwamafutha ngaphakathi emithanjeni. Ngokuhamba kwesikhathi, lolu ngqimba lunganqwabelana, luqine futhi luvale imithambo, kanjalo luvimbe ukuya kwegazi enhliziyweni. Yilesi sifo semithambo yenhliziyo (CAD [coronary artery disease] ) esiyimbangela yesifo senhliziyo.

Ukuvaleka komthambo owodwa noma ngaphezulu kubangela isifo senhliziyo lapho inhliziyo idinga umoya-mpilo omningi kunalowo otholakalayo. Ngisho nasemithanjeni engavalekile kakhulu, ungqimba lwamafutha lungancibilika futhi lubangele ihlule (thrombus). Imithambo ethintekile nayo ingase ibe nemiqhabanyeko. Ihlule lingakheka lapho kunemiqhabanyeko khona, likhiphe ikhemikhali eyivala nakakhulu imithambo yegazi, okubangela isifo senhliziyo.

Lapho izicubu zenhliziyo zintula umoya-mpilo isikhathi eside, izicubu eziseduze zingase zilimale. Ngokungefani nezinye izicubu, izicubu zenhliziyo azivuseleleki. Lapho isifo sihlasela isikhathi eside, kulapho inhliziyo ilimala khona kakhulu futhi kuba namathuba engeziwe okufa. Uma isimiso sikagesi senhliziyo silimala, ukushaya kwenhliziyo okuvamile kungaba kubi futhi inhliziyo ingase iqale ukudikiza ngamandla (fibrillate). Lapho ukushaya kwenhliziyo kuphazamiseka ngalendlela, liyaphela ikhono lenhliziyo lokumpompela igazi ebuchosheni ngokuphumelelayo. Phakathi nemizuzu eyishumi ubuchopho buyafa bese umuntu efa.

Ngakho, kubalulekile ukuba abezokwelapha abaqeqeshiwe bangenele kungakephuzi. Bangasindisa inhliziyo emonakalweni oqhubekayo, bavimbele noma belaphe ukungashayi kahle kwayo, futhi basindise ngisho nokuphila komuntu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela