Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 12/8 k. 11-k. 13 isig. 2
  • Indlela Yokululama

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokululama
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukululama
  • Akekho Onesizungu
  • Imikhaya Idinga Ukusekelwa
  • Ukuqaphela Nokwenza Okuthile Ngezimpawu
    I-Phaphama!—1996
  • Ukunqoba Impi Yokucindezeleka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ungayithola Injabulo Ezweni Elicindezelayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Buyisela Inhliziyo Yakho KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 12/8 k. 11-k. 13 isig. 2

Indlela Yokululama

NGEMVA kwesifo senhliziyo, kungokwemvelo ukuba umuntu esabe futhi akhathazeke. Ingabe sizophinde sihlasele? Ingabe ngizokhubazeka noma ngiphazanyiswe ubuhlungu nokuphelelwa amandla?

UJohn, okukhulunywe ngaye esihlokweni sethu sesibili, wayenethemba lokuthi ngokuhamba kwesikhathi, ukungaphatheki kahle kwansuku zonke nobuhlungu besifuba kwakuzodamba. Kodwa ngemva kwezinyanga ezimbalwa, wathi: “Kuze kube manje akukadambi. Lokho, kanye nokukhathala ngokushesha nokudikiza kwenhliziyo yami, kungenza ngihlale ngizibuza, ‘Ingabe lesi sifo sesizohlasela futhi?’”

UJane, wase-United States, owayengumfelokazi osemusha lapho ephathwa isifo senhliziyo, wavuma: “Ngangicabanga ukuthi ngeke ngiphile noma ukuthi ngangizophinde ngiphathwe inhliziyo futhi ngife. Ngaba novalo, njengoba kwakufanele nginakekele abantwana abathathu.”

UHiroshi, waseJapane, walandisa: “Kwangishaqisa ukutshelwa ukuthi inhliziyo yami yayingenakuphinde isebenze njengakuqala; amandla okumpompa igazi ayenciphe ngamaphesenti angu-50. Cishe ngangiqiniseka ukuthi kwakuyodingeka nginciphise eminye imisebenzi yami njengesikhonzi soFakazi BakaJehova, ngoba ngangikwazi ukwenza okungaphansi kwengxenye yalokho engangikwenza.”

Lapho umuntu enamandla alinganiselwe, angase ahlaselwe ukucindezeleka nemizwa yokuba yize. UMarie, owesifazane wase-Australia oneminyaka engu-83 ubudala owazinikela isikhathi esigcwele emsebenzini wokushumayela woFakazi BakaJehova, wakhala: “Ukuhluleka kwami ukuba matasa njengangaphambili kwangidumaza. Kunokuba ngisize abanye, ngase ngidinga usizo.” ENingizimu Afrika, uHarold waphawula: “Kwaphela izinyanga ezintathu ngingakwazi ukusebenza. Okuwukuphela kwento engangiyenza ngaleso sikhathi kwakuwukuhambahamba engadini. Lokho kwakukhungathekisa!”

UThomas, wase-Australia, kwadingeka ahlinzwe kuxhunyelelwe imithambo yenhliziyo ngemva kokuhlaselwa kwakhe isifo senhliziyo okwesibili. Wathi: “Angikwazi ukubekezelela ubuhlungu, futhi ukuhlinzwa okukhulu kwakungisabisa ngempela.” UJorge, waseBrazil, waphawula ngomphumela wokuhlinzwa inhliziyo: “Ngenxa yesimo sami somnotho esingesihle, nganginovalo lokuthi ngizoshiya umkami yedwa engenalo usizo. Nganginomuzwa wokuthi ngeke ngiphile isikhathi eside.”

Ukululama

Yini eye yasiza abaningi ukuba balulame futhi baphinde bazinze? UJane waphawula: “Lapho ngishaywa uvalo, njalo ngangiya kuJehova ngomthandazo futhi ngiphonse imithwalo yami kuye ngiyishiye khona.” (IHubo 55:22) Umthandazo usiza umuntu ukuba athole amandla nokuthula kwengqondo okudingekayo lapho ebhekene nokukhathazeka.—Filipi 4:6, 7.

UJohn noHiroshi bahlanganyela ezinhlelweni zokubasiza balulame. Ukudla okunomsoco nokuvivinya umzimba kwabaqinisa, kangangokuba bobabili baphinda basebenza. Futhi bathi ukululama kwabo ngokwengqondo nangokomzwelo kwabangelwa amandla asekelayo omoya kaNkulunkulu.

Ngokusekelwa abafowabo abangamaKristu, uThomas wathola isibindi sokubhekana nokuhlinzwa kwakhe. Wathi: “Ngaphambi kokuhlinzwa, ngavakashelwa umbonisi, futhi wathandaza nami. Enxusa ngobuqotho, wacela uJehova ukuba angiqinise. Ngalobo busuku ngazindla ngomthandazo wakhe futhi ngazizwa ngibusisiwe ngokuba nabadala abanjengaye ababubele babo phakathi nokukhathazeka buyingxenye yokululama.”

U-Anna, wase-Italy, wabhekana nokucindezeleka ngalendlela: “Lapho ngidumele, ngicabanga ngazo zonke izibusiso esengizitholile kakade njengomunye wezinceku zikaNkulunkulu nangezibusiso ezizofika ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Lokhu kungisiza ukuba ngibe nokuthula futhi.”

UMarie uyalwazisa usizo lukaJehova. Umkhaya wakhe uye wamsekela, futhi uthi: “Abafowethu nodadewethu abangokomoya, ngamunye onomthwalo wakhe okufanele awuthwale, babekela eceleni isikhathi sokungivakashela, sokungishayela ucingo, noma sokuthumela amakhadi. Ngangingahlala kanjani ngidumele ngiboniswa uthando olungaka?”

Akekho Onesizungu

Ngokuvamile kuthiwa inhliziyo elulamayo akufanele ibe nesizungu. Ukusekela komkhaya nabangane kufeza indima enkulu, ewusizo ekululameni kwalabo izinhliziyo zabo okufanele zilulame ngokoqobo nangokomfanekiso.

UMichael, waseNingizimu Afrika, waphawula: “Kunzima ukuchazela abanye ukuthi kunjani ukudumala. Kodwa lapho ngingena eHholo LoMbuso, ukukhathalela abafowethu abakubonisayo kududuza kakhulu futhi kuyangikhuthaza.” UHenry, wase-Australia, naye waqiniswa uthando olujulile nokuqonda okwaboniswa ibandla lakubo. Wathi: “Ngangiwadinga ngempela lawo mazwi amnene esikhuthazo.”

UJorge wakwazisa ukukhathalela okujulile abanye abakubonisa ngokusiza umkhaya wakhe ngokwezimali kwaze kwaba yilapho esekwazi ukusebenza. U-Olga, waseSweden, naye walwazisa usizo olukhulu yena nomkhaya wakhe abalunikezwa abafowethu nodadewethu abaningi abangokomoya. Abanye babemthengela izinto, kuyilapho abanye babehlanza indlu yakhe.

Ngokuvamile, abantu abaphethwe inhliziyo kudingeka balinganisele ukuhlanganyela kwabo emisebenzini abayithandayo. USven, waseSweden, walandisa: “Ngezinye izikhathi kufanele ngigweme ukuhlanganyela enkonzweni lapho kuvunguza umoya kakhulu noma kumakhaza, njengoba kubangela imiqhabanyeko yemithambo yegazi. Ngiyakwazisa ukuqonda iningi loFakazi engikanye nabo elikubonisayo kulendaba.” Futhi lapho elaliswe ukugula, uSven uyakwazi ukulalela isimiso semihlangano ngoba abafowethu ngothando bamqophela yona ekhasethini. “Bangazisa konke okwenzekayo ebandleni, futhi lokhu kungenza ngizizwe njengomuntu ohlanganyelayo.”

UMarie, olaliswe ukugula, uzizwa ebusisiwe ngokuthi labo afunda nabo iBhayibheli beze kuye. Ngalendlela angakwazi ukuqhubeka exoxa ngekusasa elimangalisayo abheke phambili kulo. UThomas uyakwazisa ukukhathalela akuboniswayo: “Abadala baye bangicabangela kakhulu futhi baye banciphisa inani lezabelo abanginikeza zona.”

Imikhaya Idinga Ukusekelwa

Isimo singase sibe nzima emalungwini omkhaya njengoba kunjalo nangezisulu. Abhekana nokucindezeleka nokwesaba okukhulu. Ngokuphathelene nokukhathazeka komkakhe, u-Alfred, waseNingizimu Afrika, waphawula: “Lapho ngifika ekhaya ngivela esibhedlela, umkami wayevame ukungivusa kaningi phakathi nobusuku ukuze aqiniseke ukuthi konke kusahamba kahle yini, futhi wayephikelela ngokuthi ngivakashele udokotela njalo ezinyangeni ezintathu ukuze ngiyohlolwa.”

IzAga 12:25 zithi ‘ukukhathazeka enhliziyweni kuyayithobisa.’ UCarlo, wase-Italy, uphawula ukuthi selokhu aphathwa isifo senhliziyo, umkakhe onothando nosekelayo “uye wacindezeleka.” ULawrence, wase-Australia, wathi: “Enye yezinto okufanele uziqikelele ukuthi umngane wakho womshado anakekelwe. Ukucindezeleka kwakhe kungaba kukhulu ngempela.” Ngakho, kufanele sikhumbule izidingo zabo bonke emkhayeni, kuhlanganise nezingane. Isimo singabacindezela ngokomzwelo nangokwenyama.

UJames, okukhulunywe ngaye esihlokweni sethu sesibili, waba unkom’idla yodwa ngemva kokuphathwa kukayise isifo senhliziyo. Wathi: “Ngaba nomuzwa wokuthi ngeke ngisazijabulisa ngoba ngangicabanga ukuthi uma nje ngenza kanjalo, kwakuzokwenzeka okuthile okubi.” Ukutshela uyise ngokwesaba kwakhe nokusebenzela ekuhlakuleleni ukukhulumisana okuhle nabanye kwadambisa ukukhathazeka kwakhe. Phakathi naleso sikhathi uJames wenza okunye okwaba nethonya elikhulu ekuphileni kwakhe. Wathi: “Ngathuthukisa isifundo sami seBhayibheli somuntu siqu nokulungiselela imihlangano yethu yobuKristu.” Ezinyangeni ezintathu kamuva wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi wakubonakalisa ngobhapathizo lwamanzi. Uthi: “Kusukela ngaleso sikhathi, ngiye ngaba nobuhlobo obuseduze kakhulu noJehova. Ngempela kuningi engingambonga ngakho.”

Ngemva kokuphathwa isifo senhliziyo, umuntu uthola isikhathi sokuhlaziya ukuphila. Ngokwesibonelo, umbono kaJohn washintsha. Wathi: “Ubona ubuze bokuphishekela izinto zezwe futhi uqaphele ukuthi lubaluleke kangakanani uthando lomkhaya nabangane nokuthi sibaluleke kangakanani kuJehova. Ubuhlobo bami noJehova, umkhaya wami, nabafowethu nodadewethu abangokomoya sebuza kuqala kunanini ngaphambili.” Ecabanga ngokushaqisa kwesimo abhekana naso, wanezela: “Angiboni ukuthi bengiyobhekana kanjani nalokhu ngaphandle kwethemba lethu lesikhathi lapho lezi zinto ziyolungiswa khona. Lapho ngicindezelekile, ngicabanga ngesikhathi esizayo, futhi okwenzekayo manje kubonakala kungelutho.”

Njengoba bebhekana nezingqinamba lapho belulama, ithemba lalaba bantu abasinde esifweni senhliziyo liyaqina eMbusweni uJesu Kristu asifundisa ukuba siwuthandazele. (Mathewu 6:9, 10) UMbuso kaNkulunkulu uyolethela abantu ukuphila okumi phakade bephelele emhlabeni oyipharadesi. Khona-ke isifo senhliziyo nazo zonke ezinye izifo ziyoqedwa phakade. Leli lizwe elisha seliseduze. Ngempela, kuseza ukuphila okungcono kakhulu!—Jobe 33:25; Isaya 35:5, 6; IsAmbulo 21:3-5.

[Isithombe ekhasini 13]

Ukusekela komkhaya nabangane kunendima ewusizo ekululameni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela