Ungayithola Injabulo Ezweni Elicindezelayo!
UMARIE unesimo sokujabula. Kunzima ukukholelwa ukuthi eminyakeni embalwa nje edlule, lona wesifazane oneminyaka engu-32 ubudala wayezichaza njengofile ngaphakathi. UMarie wayeyisisulu sokucindezeleka okukhulu. Uyachaza: “Kwakunjengokungathi ifu elikhulu elimnyama liyasuka kancane kancane.” Yebo, ngokujabulisayo wasimama futhi wabuye wayizuza injabulo.
Unyaka ngamunye abantu abayizigidi eziyikhulu emhlabeni wonke bakhutshazwa ukucindezeleka okukhulu! Lokhu kuphazamiseka akuwona nje umuzwa odlulayo wokuba phansi sonke esiwuzwayo ngezikhathi ezithile. Ukucindezeleka okukhulu kuhilela ukuba lusizi okungadambi. Umuntu ocindezelekile uphelelwa isithakazelo ekuphileni, akukho lutho alujabulelayo, futhi unemizwa yokungabi nathemba okuvamile nowokungabi yinto yalutho. Ngo-1983 iNhlangano Yezwe Yezempilo yathi: “Njengamanje kunokungabaza okuncane ngokuthi iziphazamiso ezibangela ukucindezeleka zenzeka kuzo zonke izingxenye zomhlaba.”
Lombiko awubamangalisi abafundi beBhayibheli abacophelelayo. IBhayibheli lichaza isikhathi sethu ‘njengezinsuku zokugcina,’ ezihambisana ‘nezikhathi ezinzima.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Izinhlangano zezenhlala-kahle lezo esikhathini esidlule eziye zanikeza usizo ezikhathini ezibucayi ngokomzwelo ziye zawohloka. Esihlokweni esithi “Ingabe Yinkathi Yosizi?”, uDkt. Gerald Klerman uthi ukwanda kokucindezeleka okukhona manje kubangelwe yilolushintsho. Uyachaza: “Izimiso ezintathu ezivame kakhulu ezisekelayo kwezenhlalo kuye kwaba umkhaya, isonto, nomakhelwane abaseduze. . . . Kuyisici sesikhathi samanje ukuthi zontathu lezozimiso ezisekelayo kwezenhlalo ziphazamiseké ngamazinga ahlukahlukene.”
Kwakuwukuphazamiseka komkhaya wakubo kaMarie okwaholela ekucindezelekeni kwakhe. “Lapho umama wami omusha esishiya ngaphandle kwezwi, ngazizwa ngilahliwe futhi ngingedwa. Ngangineminyaka eyi-12 ubudala, futhi ngokushesha umhlaba engikuwo wabonakala ubheke phansi,” kukhumbula uMarie. Ngokushesha ngemva kwalokho kwadingeka ukuba ahambe ekhaya ngenxa yokuthi uyise wayezama ukuziphatha kabi naye, futhi uyavuma: “Ngazizwa ngingafani nabanye abantu futhi ngalahlekelwa yikho konke ukuzethemba.” Kwaqala kanjalo ukucwila ekucindezelekeni okukhulu.
Ngolunye usuku uMarie ayecindezeleke kakhulu ngalo, oFakazi BakaJehova ababili bamvakashela ekhaya. Ngokushesha wabonisa isithakazelo esikhulu esigijimi sabo seBhayibheli esijabulisayo. “Ngaphambili, ngangibona nje izinga elikhulu lobuze bokuphila nezinto eziningi kangaka ezimbi, kodwa manje ngaqiniseka ukuthi ngingaphila ezweni elisha lapho uNkulunkulu eyolungisa khona konke lokhu kungalungi. Ngosizo lukaNkulunkulu ngingasifaneleka isibusiso esinjalo; kanjalo, ukuphila kwami kwaqala ukuba nenjongo yangempela.” Njengoba ayeba khona emihlanganweni yoFakazi, wathola uthando loqobo nokusekelwa ngokomzwelo. (Johane 13:34, 35) Ukweluleka okunekhono kwabadala bebandla nakho kwamsiza ukuba aqale ukushintsha ukucabanga kwakhe okuphambene. (Jakobe 5:14) Ukucindezeleka kwakhe kwaqala ukudamba. Uquqaba lwabanye abantu labo, njengoMarie, abacindezelekile ngenxa yezimo zezwe luye lwathola “injabulo kaJehova” ngokuba nolwazi oluqondile lweqiniso leBhayibheli.—Nehemiya 8:10; 1 Thimothewu 2:4.
Nokho, ingabe ukucindezeleka kukaMarie kwaphela ngokushesha? Ingabe kufanele sicabange ukuthi amaKristu awanakuhlaselwa ukucindezeleka? Ukuze siphendule lemibuzo, akumelwe sikuthi halamuzi phezulu lokho kuphazamiseka nezimbangela zakho eziyinkimbinkimbi. Ukwazi iminyombo yangempela yokucindezeleka kungakwenza uphumelele ngokwengeziwe ekubhekaneni nakho wena ngokwakho noma usize othile ohlaselwe yikho.
Iminyombo Yokucindezeleka Okukhulu
Ngezinye izikhathi ukucindezeleka kubangelwa izinto ezisemzimbeni, njengesifo esithile, ukungondleki kahle, nezinkinga zamahormone. Kungase futhi kube ngenxa yokusabela kushevu othile, ezintweni ezingcolisayo, emithini yokwelapha, nasezintweni ezingezwani nomzimba.a Nokho, iBhayibheli lembula ukuthi ‘nemicabango yenhliziyo’ yomuntu siqu ingase ibe imbangela.—IHubo 94:19.
Abantu abaningi abacindezelekayo, njengoMarie, baye baba nokuhlangenwe nakho okuningi okungajabulisi ngendlela ebuhlungu noma baye babhekana nezimo ezicindezelayo. Abaningi bazizwa njengomhubi: “Umphefumulo wami ugcwele izinsizi . . . kungikaka kanyekanye. Isihlobo nomngane [Jehova] ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami.” (IHubo 88:3, 17, 18) Ngakho njengomhubi, bazizwa becindezelwe izinkinga noma ukulahlekelwa futhi babheka ukuphila kwabo konke njengokungenathemba. Bangase bazizwe sengathi babodwa endaweni emnyama nokuthi ngisho noNkulunkulu ubalahlile.
Kungani befinyelela esiphethweni esidumaza kanjalo, eqinisweni bakha umoya odabukile? Akungenxa nje yezinkinga zabo ezingaphandle; kungenxa futhi yemizwa ebuhlungu noma ukuzingabaza bona ngokwabo. Bazizwa bengenamandla anele okubhekana naleyonkinga noma ukulahlekelwa. “Ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya,” kuchaza izAga 15:13. Ubuhlungu benhliziyo obunjalo bungase buhlanganise nomuzwa wokuthi umuntu uyisehluleki noma wokuthi abanye bacabanga kanjalo. Ngisho nomKristu wekhulu leminyaka lokuqala uEphafrodithu, ngemva kokusimama ekuguleni kwakhe okukhulu phakathi nohambo olwaluhlelwe ibandla lakubo, ‘wayaluza [wacindezeleka, NW] ngokuba [ibandla] lalizwile ukuthi wayegula.’—Filipi 2:25-30.
Njengoba ‘umoya owaphukileyo womisa amathambo,’ noma wenza umuntu abe buthaka, imizwa yokungazethembi ngokwanele ngokuvamile iyimbangela yokucindezeleka okukhulu. (IzAga 17:22) Ubuhlungu benhliziyo futhi bungase bubangelwe wukukhathalela ngokweqile ukuthi abanye basibheka kanjani, ukufuna ukuphelela, intukuthelo engabhodlwanga, ukucasuka, izingxabano nabanye ezingaxazululwanga, nomuzwa wokuba necala (ngokoqobo noma owenziwe ihaba.)
Ngakho izimbangela zokucindezeleka okukhulu ziningi. Nokho, uMarie wathola injabulo yangempela ngemva kokuba umKristu. Wathi: “Ngaqala ukuba nethemba.” Kodwa kwadingeka aqhubeke isikhathi esithile ebekezelela ukucindezeleka. Abantu abanjalo bangagcina bekunqobe kanjani?
[Umbhalo waphansi]
a Bheka esithi “Ukucindezeleka: Konke Kusekhanda Lomuntu?” kumagazini iPhaphama! kaNovember 8, 1987.